Kungakapholi maseko kwenzeke inhlekelele yengozi ePinetown abezepolitiki sebephendule lesi sibhicongo sengozi udaba lombango.
|||CELANI SIKHAKHANE
KUNGAKAPHOLI maseko kwenzeke inhlekelele yengozi ePinetown nemindeni eshonelwe isazilile, abanye kusembulwa kwembeswa kubo ezibhedlela, abezepolitiki sebephendule lesi sibhicongo sengozi udaba lombango kulandela ukuqubuka komsindo phakathi kwe-ANC neDA ngeziphambano ezibekwe lapho le ngozi yenzeka khona. Isibalo sabafe kule ngozi namanje esengundabuzekwayo sesifinyelele ku-23.
I-ANC esifundeni iTheku ifuna lezi ziphambano zisuswe ngoba ikhala ngokuthi kwephulwe umthetho kamasipala ngokugxu-nyekwa kwazo futhi zibekwe yi-DA ngoba ihlekisa ngemindeni eyashonelwa kule ngozi.
Le ngozi yenzeka ezimpambanweni zomgwaqo uRichmond no-M13 ngesikhathi iloli eyayishayelwa uMnuz Sanele Goodness May waseSwazini imphunyuka kuField’s Hill yayoshaya izimoto ezaziserobhothini.
UNobhala we-ANC eThekwini u-Mnuz Bheki Ntshangase uthe baca-suke kakhulu ngalezi ziphambano ngoba azihambisani nemigomo ka-masipala futhi i-DA izibeke ngoba ibukisa ngemindeni eyashonelwa.
“Sifuna zisuswe futhi sizoxhumana nomasipala ukuba azisuse ngoba i-DA yenze into esingayazi nephambana nosiko lwama-Afrika ngokuthi ngesikhathi kufihlwa imindeni bese yona iyogiya endaweni yesigameko ihlekise ngokwenzekile igxumeke nezipha-mbano esingazazi ukuthi ngezani.
“Okokuqala asibazi ukuthi bebehlanganiseni emindenini eshonelwe njengoba benza lokhu,” kusho uNtshangase.
Uthe lesi sikhathi akusisona esokuziveza ngokwepolitiki kodwa ngesokuba amaqembu ahlangane akhalisane nemindeni .
Ngakolunye uhlangothi nenhlangano yamatekisi iSantaco ithe ayizifuni lezi ziphambano ngoba ziphazamisa abashayeli, ze-nza bavukwe umunyu bese bephazamiseka emgwaqweni becabanga ozakwabo abashone kule ngozi.
UMnuz Mdu Xaba wale nhlanga-no uthe okubacika kakhulu wuku-thi i-DA iyona ebeke lezi ziphamba-no ekubeni ihlasela noNgqongqo-she wezokuThutha esifundazweni uMnuz Willies Mchunu ifuna asule esikhundleni ngenxa yale ngozi.
Uthe ngisho umuntu ongazi ukuthi kwenzekeni uvele avukwe umunyu bese kuba muncu etekisini ngenxa nje yalezi ziphambano, futhi ziphazamisa ukuhamba kwezimoto.
Lezi ziphambano zifakwe zaba ngu-23 ngenhloso yokukhumbula bonke labo abadlula kule ngozi.
I-ANC neSantaco bakhala ngalokhu nje kuzothi ngeSonto bayokhuleka kuyo le ndawo yengozi kanti abacacisanga noma bazozisusa yini lezi ziphambano kodwa abamatekisi bathe bona bayobiza abantu sebezisusile.
Le nkonzo izoqala ngo-12 emini ePinetown Civic Centre.
Umholi we-DA eThekwini uMnuz Zwakele Mncwango, uthe akazi ukuthi i-ANC ikuthathaphi lokhu ngoba akuyona i-DA eyabeka lezi ziphambano kodwa umphakathi wasePinetown owawuhlangene khona.
Uthe wethukile ngesikhathi uNobhala we-ANC emthethisa ebuza ukuthi bazibekeleni lezi ziphambano kuleya ndawo ekubeni kwaziwa kahle ukuthi umphakathi owaqoqana uyokhalaza nangamaloli ahamba kulowa mgwaqo kwaba yiwo owabeka lezi ziphambano.
Uthi kwayena wayengekho kulowa mbuthano kodwa wayesemngcwabeni wabashona.
Oyisikhulu sikaMasipala we-Theku kwezamaPaki namaNgcwa-ba uMnuz Thembinkosi Ngcobo uthe akukho emthethweni ukubeka noma yini eduze komgwaqo.