Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ufuna incazelo owafelwa yindodana

$
0
0

Ukhala ngokulinda umnyama ongenafu umndeni wowesilisa waseMini Town owagaywa wumshini waze washona.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UKHALA ngokulinda umnyama ongenafu umndeni wowesilisa waseMini Town, ngaseHammarsdale, owagaywa wumshini waze washona kwaRainbow nyakenye.

UMnuz Mlungisi Mntungwa onguyise kaNtokozo Mntungwa (21) owangena emshinini wamgaya waze washona ngesikhathi ewuhlanza, uthi sekuphele unyaka nezinyanga ezintathu indodana yakhe yashona kodwa inkampani noMnyango wezabaSebenzi abakaze babanike umbiko ogcwele ngokuthi yini eyaholela ekufeni kukamufi.

“Sengifisa ngathi uNgqongqoshe woMnyango wabaSebenzi, uNkk Mildred Oliphant, angangenelela kulolu daba, mhlawumbe kuzoshesha,” usho kanje.

UMntungwa uthe bafaka isicelo sokuthi banxeshezelwe eMnyangweni wezabaSebenzi kodwa nakhona abayitholi impendulo.

“Sifisa ukuthi siyithathele izinyathelo zomthetho inkampani kodwa manje asikwazi ukuqhubeka nalolo hlelo ngoba izinhlaka zangaphakathi emnyangweni ziyasivimba,” usho kanje.

UMntungwa uthe ngeke aze aphumule bungakenzeki ubulungiswa ngokushona kwendodana yakhe.

“Inkampani yagcina isinike u-R25 000 yathi owezindleko zomngcwabo kwaba sesigcinile ukuxhumana,” usho kanje.

Uthe uyabona ukuthi inkampani noMnyango bafuna ukuthi baze bakhohlwe ngalesi sigameko.

“Yize indodana yami ingeke isavuka emathuneni kodwa akumele kucwebe isiziba,” kusho uMntungwa.

UNtokozo washona ngoJuni 12, nyakenye ngemuva kokugaywa ngumshini phambi kozakwabo.

Wangena emshinini ngomlenze wesinxele, wamgaya kancane kancane elokhu engena emshinini waze wafika ngezansi kwedolo.

UNtokozo kuthiwa wangena emshinini ngabo-2 entathakusa waze washona ngabo-3.40 khona ekuseni. Abasebenzi kuthiwa babebukela ngesikhathi umshini umgaya.

Omunye wabasebenzi oweyekhona kwenzeka lesi sigameko kuthiwa waphakamisa ukuthi umiswe ngokunqanyulwa umshini, omunye wabaphathi wathi umshini uyabiza.

Lezi zinsolo azimphethe kahle uyise kamufi. “Kuyacaca ukuthi umshini wawubaluleke kakhulu kunempilo yengane yami ngoba ngiyathola ukuthi yahlala isikhathi eside emshinini iphila ingakakhishwa. Ukube kwawona umshini washeshe wacishwa mhlawumbe yayingahlengeka impilo yakhe umufi,” usho kanje.

AbakwaRainbow banqabile ukuphawula, bathi akuthintwe uMnyango wabaSebenzi.

Okhulumela uMnyango wezabaSebenzi, uMnuz Nhlanhla Khumalo, uthe uphenyo mayelana nalesi sigameko seluphothuliwe, wengeza ngokuthi bazowuhambisa umbiko kwezokushushisa kube yibona abathatha isinqumo sokuthi benzenjani.


‘Abantu abasazilandeli izimfundiso zikaBiko’

$
0
0

UMnuz Strike Thokoane uthi izimfundiso zikaSteve Biko sezaqedwa wumkhuba womona nokulangazelela amathenda nezikhundla kuhulumeni.

|||

LEBOHANG SEALE

Iphini likaMengameli we-Azanian People’s Organisation, uMnuz Strike Thokoane, uthi izimfundiso zikaSteve Biko obekukhunjulwa ukushona kwakhe izolo, sezaqedwa wumkhuba womona nokulangazelela amathenda nezikhundla kuhulumeni.

Izolo bekugujwa iminyaka ewu-36 uBiko ashona ebulawa ngamaphoyisa ngezikhathi zobandlululo.

Umgubho wakhe obuhlelwe yi-Azapo neSocialist Party of Azania, wenzelwe ePretoria Maximum Prison lapho kwashonela khona uBiko emuva kokushaywa kanzima enqunu.

UBiko wayengumholi wentsha oqhakambisa inkululeko kwabamnyama.

UThokoane uthe kunabantu abebesondelene noBiko kodwa nabo asebekhohliwe yizimfundisa zakhe.

“Osekusele nje manje wukulwela amathenda, wonke umuntu ufuna ukuba yikhansela. Lo mkhuba wokuzicebisa uyaphambana kakhulu nombono kaBiko futhi mubi,” kusho yena.

Uthe okumkhathaza kakhulu wukuthi ngisho abantu abebenza sengathi bayahambisana nezimfundiso zikaBiko abasayingeni, okwenza ukuthi abantu abasemazingeni aphansi bahlupheke.

“Lapha ngikhuluma ngesizukulwane seSouth African Students’ Organisation, Black People’s Organisation, Black Management Forum nabafundi baka-1976. Bonke laba bantu sebekhohliwe yimibono kaBiko. Bonke sebenake amabhizinisi abo,” eqhuba.

UThokoane uphinde wahlaba wahlikiza indlela okubusa ngayo uhulumeni we-ANC, nayo athe iphambene nezifiso zikaBiko zokuthi bonke abantu balingane. Uzwakalise nokulahla ithemba entsheni yanamuhla athi ngeke yenze lutho ngaphandle kwamathuba emisebenzi.

“Abantu baphelelwa yithemba manje kubonakala nangendlela izingane eseziziphatha ngayo. Sebenikele ngempilo yabo ezidakamizweni ngoba imisebenzi ayikho. Ngisho abafundi abasemanyuvesi baphelelwe yithemba.”

UThokoane uveze nokuthi kunamalungu e-Azapo neSapo avakashele ijele okwakuboshwe kulo uBiko owashona ngoSepthemba 12, 1977.

Kuthiwa afike lapho okwakuhleli khona lo mholi aguqa enza nomcimbi omncane ohambisana nesiko lokumhlonipha nokucela ukuthi umoya wakhe ungashabalali.

UMengameli weSopa, uMnuz Lybon Mabasa, ucele ukuthi bonke abamnyama bahloniphe uBiko ngokuthi bangavumi ukucindezelwa.

I-Azapo neSopa ihlangane ngoJuni nonyaka emuva kweminyaka ewu-15 yahlukana ngenxa yokushayisana ngemibono kwezepolitiki.

OweDA usola uMchunu ngodlame

$
0
0

I-DA KwaZulu-Natal iphonsele inselelo abaholi be-ANC ekutheni bafundise amalungu ayo ngokubekezelelana kwezombusazwe.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-DEMOCRATIC Alliance KwaZulu-Natal iphonsele inselelo abaholi be-ANC ekutheni bafundise amalungu ayo ngokubekezelelana kwezombusazwe ukuze kunqandwe ukudaleka kwezindawo ezingokalubhadwa.

Le nhlangano ikusho lokhu ngemuva kokuthi abaholi bayo bephume nyova KwaNyuswa lapho bebeyokhankasa khona, ngoLwesithathu, kulandela ukuhlaselwa yiqulu labantu ebeligqoke izikibha ze-ANC lihamba ngemoto kaMasipala weTheku libathuka, libasabisa.

Umholi we-DA esifundazweni uMnuz Sizwe Mchunu, uthe sekukaningi lapho behamba khona bezithola behlukunyezwa yi-ANC ibavimba ukuthi bakhankase ngokukhululeka.

“Sinxusa abaholi be-ANC ukuthi balusukumele lolu daba, bafundise amalungu abo ukubekezelelana kwezombusazwe ngoba lento ayenzayo iyimizamo yokudala izindawo ezingokalubhadwa esifundazweni. Ngaphandle kwalokho esikubonayo wukuthi konke lokhu okwenziwa ngabantu be-ANC kungenxa yezinkulumo ezinodlame zikaSihlalo wabo uSenzo Mchunu ohlale esabisa ngokuthi kumele i-DA ingavunyelwa ezindaweni zabantu abamnyama,” kusho uMchunu.

Uthe kulesi sigameko saKwaNyuswa bahlukumezeke kakhulu ngoba abe-ANC bafike babathuka bavimba nezimoto emgwaqweni besho nokuthi bazabalazela izwe lokhokho babo kababafuni abelungu kulo.

Uthe noma bevinjwa kodwa basazoqhubeka bakhankase noma yikuphi lapho befisa khona.

Lokhu bekungekhona okokuqala njengoba phambilini abaholi be-ANC KwaSwayimane nomphakathi bafika namahalavu bezovimba abaholi be-DA okungoNksz Lindiwe Mazibuko, uNkk Diane Kohler-Barnard ababeyovakashela isalukazi esasidlwenguliwe.

UNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Sihle Zikalala uthe i-DA izama ukuzakhela udumo ngento engekho ngoba iyayazi imigudu efanele.

“Okokuqala i-ANC ayikaze ithume muntu ukuthi ayovimba i-DA, ngaphandle kwalokho kunezinhlaka ezahlukene okubikwa kuzo uma kunezigameko ezifana nalezi bazibike emaphoyiseni. Okunye okumele bakwazi wukuthi i-ANC iyona eyalwa nobandlululo yaqeda nezindawo ezingokalubhadwa,” kusho uZikalala.

Izesheli zibangisana ngodokotela

$
0
0

Bamfuna uthuli abesilisa umfelokazi ongudokotela waseMgungundlovu.

|||

ZANELE MSOMI

BAMFUNA uthuli abesilisa umfelokazi ongudokotela waseMgungundlovu, Isolezwe elibike ngaye ephephandabeni langoLwesine ngeledlule, ethi usengawamukela umshado uma uNkulunkulu emnika indoda ayithandayo.

UDkt Nobathembu Singapi odabuka ePort Elizabeth, e-Eastern Cape, oseneminyaka ewu-23 engudokotela, washonelwa umyeni ngo-2006. Umyeni wayesemshiyile esehlala nentombi efulethini.

UDkt Singapi uthe wambuyisa eseyisidumbu wamenzela umngcwabo onesizotha umyeni omshiye sebeshade iminyaka engu-20.

Watshela leli phephandaba ukuthi usengashada uma kuqhamuka indoda ayithandayo kodwa engakaze ishadelwe.

Kusukela kushicilelwe lolu daba Isolezwe liphunga izingcingo ezingena ubuthaphuthaphu, amadoda ekhala ngodokotela athi uyathandeka ngisho umbuka esithombeni.

Naye udokotela uthi ngosuku okuphume ngalo udaba, ufile yizingcingo nasehhovisi lakhe, nokho angacacisanga ukuthi abafonayo bebethini.

Owesilisa waseMpangeni othe uthutha ifenisha ezikoleni, akayidalulanga iminyaka yakhe yobudala kodwa wathi ungaphansi kancane kukadokotela.

“Ngiwubhuti nje osemncane futhi angishadelwe. Nami ngiyamfuna engizophilisana naye,” kusho yena.

Uthe ulibheke ngabomvu ithuba lokuhlangana nodokotela ngoba kuneminye imibuzo afuna ukucaciseleka kuyo ngakubone ephepheni, ngaphambi kokuthi baqale impilo. Lo wesilisa ucele ukuthi intatheli imxine udokotela ngoba uzimisele ngempela ngaye.

Kuvele nomfundisi naye obeshaye ucingo izikhathi eziningi ehhovisi laleli phephandaba efuna ukuxhumana nentatheli eyayibhale udaba lukadokotela.

Lo mfundisi onebandla eMlazi, eThekwini uthe washonelwa ngunkosikazi futhi umbone udokotela kuwumuntu angaphilisana naye.

Omunye wesilisa oneminyaka ewu-63, akazibambezelanga ngokushaya ucingo kodwa uzifikele mathupha ezoshiya inombolo yakhe yocingo, acele idluliselwe kudokotela.

Uthe ungowokudabuka eMnambithi kodwa usehlala eLindelani, eThekwini, akaze ashadelwe futhi uzimisele ukucacisela udokotela ukuthi ubebanjwe yini. Uveze ukuthi unamathenda okupheka ezikoleni.

Bakhona nabanye abesilisa abashiye izinombolo zabo zocingo nabo bekhala esifanayo.

Okuphawulekayo wukuthi bonke bakhala ngobuhle kulo dokotela abathi uyathandeka, okwenza ufise nokumbona eduze.

UDkt Singapi akatholakalanga ocingweni wagcina ethumele i-SMS edonsa ngendlebe umbhali walolu daba ukuthi angazikhiphi izinombolo zakhe zikamakhalekhukhwini.

Ukhale ngokuthi abantu sebeyithatha ngenye indlela le ndaba futhi sebephazamisa nomsebenzi wakhe befona ehhovisi.

Bamfanise noDina Pule ezihlangula ngamathenda

$
0
0

Iyakhula ingcindezi ebhekiswe uNksz Nomusa Dube ekutheni achaze kabanzi ngobudlelwane bakhe nesoka lakhe.

|||

CELANI SIKHAKHANE

IYAKHULA ingcindezi ebhekiswe kuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal uNksz Nomusa Dube ekutheni achaze kabanzi ngobudlelwane bakhe nesoka lakhe okunemibiko yokuthi lihlomula ngamathenda ezigidi kuMasipala waseMkhanyakude.

Kusolwa ukuthi indoda kaNksz Dube, azoshada nayo maduze, uMnuz Sbusiso Ncube ongusomabhizinisi, yahlomula ngamathenda enani lika-R73.3 million ngaphandle kokulandela imigudu efanele nokukholakala ukuthi konke lokhu bekwenzeka ngokwenzelela ngoba ethandana noNksz Dube.

Ngokombiko weSunday Times kuvela nokuthi kunamatheda ehlukene enani lika-R19.4 million anikezwa izinkampani zikaNcube, i-Enforce yonogada, iSinosa Construction neBrand Partners, nokuyinto eyenzeka kungakapheli ngisho amasonto amabili ekhangisiwe.

I-DA esifundazweni ithe ifuna uNksz Dube aphumele obala acacise ukuthi ubudlelwane bakhe noNcube kabuhlangani yini nokuhlomula kwakhe komasipala ngamathenda.

UMnuz Sizwe Mchunu ongumholi we-DA esiShayamthetho uthe bafuna kucace ukuthi ngabe konke lokhu athinteka kukho uNcube ngabe akumthinti yini uNksz Dube.

I-ACDP yona ithe isifuna kungenelele uMvikeli woMphakathi u-Adv Thuli Madonsela, kuphenywe ukuziphatha kukaNksz Dube komasipala ngoba sekunesikhathi eside ikhala ngaye.

Umkhulumeli wale nhlangano uMnuz Ntokozo Nzama uthe obekubakhathaza kakhulu kube wudaba lombiko weManase waseThekwini, abathi uNksz Dube ubengafuni ukuwudedela nokwenza basola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona okushaya amanzi kuye ngawo.

“Sifuna uMvikeli woMphakathi aphenye kabanzi ngoNksz Dube ukuthi ngabe akukho yini lapho athinteka khona ngokuhlomula ngenkohlakalo kwesoka lakhe kula mathenda aseMkhanyakude,” kusho uNzama.

I-IFP yona ithe ukuphika kukaNksz Dube ngalolu daba kuyikhumbuza obenguNgqongqoshe wezokuXhumana kuzwelonke osanda kuxoshwa esikhundleni uNksz Dina Pule, naye ophike kwaze kwaba sekugcineni ngokuhlomula kwesoka lakhe uMnuz Phosane Mngqibisa kumathenda oMnyango ngendlela engaqondakali.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaba nezikhalo ngodaba lwaseThekwini lokuthi uNksz Dube akafuni ukudedela umbiko weManase ngenxa yokuthi kuthinteka nodadewabo.

Ngaphandle kwalokho kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi usukhishiwe umbiko kaManase kwaba nezikhalo zokuthi kukhona amagama angasabonakali njengelikadadewabo okwakusolwa ukuthi lakhishwa ngamabomu.

Eziphendulela kulezi zinsolo esitatimendeni uNksz Dube uthe konke lokhu ukubona kuyimizamo yokudicilela phansi igama lakhe nokuzama ukusabalalisa ulwazi olungamanga ngaye emphakathini.

Ube esethi nakuba esengumuntu obethelwe ngalolu daba kodwa okwamanje akanaso isikhathi sokuba anakane nalo kanti uzophendula uma sekufike isikhathi esifanele.

Kuthiwa uNcube uhlala endaweni yabadla izambane likapondo eGillits emzini wenani lika-R9.5 million.

UNksz Dube uthe unalo ilungelo lokuthatha izinyathelo zomthetho ngalolu daba uma kufanele.

Zisantsontsotha izinhlungu ngabangu-22

$
0
0

Bekuwusizi nomunyu emindenini yabawu-22 abashona engozini enyantisa umzimba, ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo.

|||

MNCEDISI GOGE

BEKUWUSIZI nomunyu emindenini yabawu-22 abashona engozini enyantisa umzimba eyenzeka ezimpambanweni zomgwaqo u-M13 noRichmond ngeledlule, ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo enkundleni yezemidlalo, KwaNdengezi izolo.

Bebehluleka nokuzibamba izinyembezi abebethamele le nkonzo ngesikhathi kuchazwa isimo abaficwa beyisona abashonayo. Bekuvungama itende ebiligcwele phama uzwa abantu begqihela phezulu, bezwakalisa ukuzwelana nemindeni.

Amatekisi amathathu abandakanyeka kule ngozi ayethwele abantu abaya KwaNdengezi kanti eyodwa yayiya ePinetown ngesikhathi iloli liwahudula nokwashona abantu abawu-19 ujuqu.

Umdeni wakwaMthiyane oshonelwe yilungu lomndeni kulesi sibhicongo, uthe usahluleka ukwamukela isimo sokuthi uphucwe iqatha emlonyeni ngoba ubeqala ukusebenza odlulile.

UNksz Sindisiwe Mthiyane (43) oshone ujuqu kule ngozi nobesebenza esitolo esibhaka amakhekhe eThekwini, ubesalinde ukuthi ahole ekupheleni kwenyanga njengoba ubesenesonto elilodwa eqalile ukusebenza.

“Ubeqala nje ukusebenza udadewethu, ubengakaholi ngisho nokuhola kanti usezodlula emhlabeni. Akumnandi nje kuthina, akukuhle neze ngoba silahlekelwe kakhulu,” kusho uNksz Sizakele Mthiyane (44) ongudadewabo omdala kamufi.

Uqhube wathi umthwalo ususemahlombhe akhe okondla izingane ezimbili okubalwa efunda u-Grade 9 nefunda u-Grade 2 ezishiywe ngudadewabo.

“Zihlukumezekile lezi zingane yize noma ngingazi ukuthi kangakanani ngoba kusagcwele nje ekhaya kuphuma abantu bengena kodwa ngizobona uma sekudlule wonke amalungiselelo ukuthi zamukela kanjani. Kodwa ngeke zihlale zingahlukumezeki ikakhulukazi lena encane ngoba ibimthanda unina,” usho kanje.

Okhulumela imindeni, obizwe ngobaba uPhungula, uthe namanje imindeni isahluleka ukwamukela.

Uthe kusazothatha isikhathi ukuthi ijwayele ukuthi abathandiweyo babo kabasekho emhlabeni.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Willies Mchunu, uthe into ayibone esehlakalweni sengozi akayifanisi nalutho selokhu azalwa.

“Kuyaqala ukuthi sibe nengozi lapho kushona abantu abangu-22 engozini eyodwa. Le nkonzo ngiyithatha njengenye yalezo zinkonzo ezinzima kakhulu ngaphezu kwazo zonke lezi ezingaphezulu kuka-37 esengike ngazihamba selokhu ngaphathiswa lo mnyango,” kusho uMchunu.

UMnyango wezokuThutha uphinde wanxephezela imindeni ngo-R2 500 eyifake esosweni umndeni ngamunye.

Kuphinde kwavela ukuthi inhlangano ebhekele ukhokhelwa kwabalimale emigwaqweni iRoad Accident Fund (RAF) isisezinhlelweni zokukhokhela imindeni yabashonile.

Ecacisa ngento eyaba yindida ngesibalo sabantu abashona, uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe kungenxa yezicucu zemizimba eyayisakazeke umgwaqo wonke.

Uthe kwakutholakala umlenze kwenye indawo bese uhlanganiswa nekhanda elitholakale kwenye indawo kanti akusiyena umuntu oyedwa.

Abashonile bazongcwatshwa kusasa ezindaweni ezehlukene kanti kuvele ukuthi inhlangano yemboni yamatekisi iSantaco izokhipha amatekisi awu-60.

Kunzima konomazisi onenkinga

$
0
0

Imile impilo kowesilisa waseNondweni, eNquthu.

|||

ZANELE MSOMI

IMILE impilo kowesilisa waseNondweni, eNquthu, osekuphele iminyaka engasitholi isitifiketi sikaMatric ngenxa kamazisi wakhe obuveza ukuthi uyintombazane.

UMnuz Mduduzi Patrick Yende (28), waqeda uMatric ngo-2006 eLangazela High School, waphasa kodwa wahlangabezana nokuthi nesitifiketi sikhomba ubulili obungesibo. Uthe umazisi wokuqala wawuthola ngo-2002 wanganaka ukuthi unenkinga.

“Ngibone sengifunda uMatric sekuqedwe ngisho ukubhalisa ukuthi umazisi wami unenkinga. Ngishaye omusha kodwa waphuma sekukade ngaqeda esikoleni,” echaza.

Uveze ukuthi eseshaya omusha kwafanela aye kwadokotela wamnika incwadi eqinisekisa ubulili bakhe ngaphambi kokuya eMnyangweni wezaseKhaya. Isitifiketi esidala wasiphindisela emahhovisi abhekene nokuhlolwa nokumaka eMnyangweni wezeMfundo eDundee ngo-2008. Nakhona uthi kwaba nemidanti ngoba uphindiselwe eMnyangweni wezaseKhaya nasemaphoyiseni befuna ukuqinisekisa inkinga yokuphambana kobulili.

Utshelwe ukuthi isitifiketi esidala kumele siphindiswe emuva ePitoli yena wasala nekhophi.

“Kusukela ngo-2008 sengigqigqe ngaze ngakhathala, lutho ukuthola isitifiketi. Baqale bathi asikabuyi ngilokhu ngifona ngaze ngaziyela mathupha emahhovisi aseDundee. Bagcine sebethi asiveli kwikhompyutha, bathi angibathumelele enye ikhophi yaso nencwadi engayihambisa emnyangweni,” kusho yena.

UYende uthe le nkinga isiyenze impilo yakhe yanzima ngoba akakwazi nokuthola umsebenzi. Yonke imisebenzi asuke enethemba lokuyithola, kuvimba ukuthi asikho isitifiketi. Selokhu aqeda isikole akaze asebenze ngenxa yale nkinga.

Utshele leli phephandaba ukuthi useke wafaka isicelo somsebenzi kwa-South African Police Service (SAPS). Konke bekuthembisa ukuthi uzowuthola umsebenzi ekugcineni wavinjwa isitifiketi sikaMatric.

“Ngesikhathi ngifaka isicelo somsebenzi ngathumela ikhophi yesitifiketi. Ngabizwa ngazokwenza i-fitness test nokunye okwenziwa uma uzoba yiphoyisa. Kuthe sekumele ngize kwinhlolokhono kwathiwa abayifuni ikhophi kodwa bafuna isitifiketi sangempela, ngaphuthwa kanjalo wumsebenzi,” kubalisa yena.

Okhulume neSolezwe emahhovisi omnyango eDundee, ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe ubengakaze aluzwe udaba lukaYende yize ethi uYende usenesikhathi egqigqa khona. Uthathe yonke imininingwane yakhe wathembisa ukumfonela abheke ukuthi yini ebambe isitifiketi.

Thina sizohlezi siyi-ANC: Mbalula

$
0
0

Ungqongqoshe wezeMidlalo uMnuz Fikile Mbalula unxuse amalungu e-ANC ukuthi angawushiyi lombutho.

|||

SIZWE BLOSE

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo uMnuz Fikile Mbalula unxuse amalungu e-ANC ukuthi angawushiyi lombutho alandele abantu abafuna ukuzicebisa. Enkulumweni yakhe ayenze eCurrie’s Fountain, eThekwini ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-69 kwasungulwa i-ANCYL, uthe akakazalwa umuntu oyonqoba i-ANC. Uthe into ayithanda ngohulumeni oholwa nguMengameli Jacob Zuma ukuthi akekho umuntu onesikhundla. “Kulo hulumeni ungashintshwa noma ngabe kunini, uma ungumuntu ozele izikhundla uzolishiya leli qembu kodwa uma uze ngothando lwe-ANC nokusebenzela abantu uzoqhubeka ube yilungu noma ungenasikhundla,” kusho uMbalula.

Uthe labo asebehambile kodwa abafuna ukubuya abagunyazwe babe sebebuyiselwa emagatsheni alenhlangano. Yize engambizanga ngegama umholi we-EFF uMnuz Julius Malema kodwa bekucaca ukuthi ugudla yena. Kunesikhathi lapho athe kunabantu abangazi ukuthi bayaphi noma baphuma kuphi abavele basungule amaqembu abo. “Thina sizohlezi siyi-ANC, basithola la, bazophinde basishiye la, okokuqala abazilutho nge-ANC. Kwathina ngeke sithi sesiyayazi lenhlangano kodwa siyayifunda ngezikhathi zonke,” kusho uMbalula oke waba nguMengameli we-ANCYL.

Uthe abantu abasha abenze imfundo kube yinto esesitayeleni, uphinde waveza ukuthi baya eMangaung bengahambisani noZuma kodwa ngemuva kokuthi eqokiwe babuseka ubuholi bakhe. Uphethe ngokuthi njenge-ANC baziqonda kahle izinkinga zabantu futhi abawesabi amaqembu aphikisayo.

USihlalo we-ANC KwaZulu Natal uMnuz Senzo Mchunu, uthe abantu abasha abagxile emfundweni bangahlali iminyaka eminingi esikoleni. “Sinxusa amalungu eSasco ukuthi iqhuzu leminyaka emithathu lingenziwa eyisithupha kanjalo nabeCosas abafunde baphume badedele abanye,” kusho uMchunu. Uphethe ngokuthi i-ANC idinga abameli, othisha, odokotela nokunye kanti amalungu ayo anomsebenzi wokuvikela i-ANC kulabo abangazi ukuthi izihambisile izidingo- ngqangi njengezindlu, imigwaqo, izibhedlela nokunye ebantwini.

Bebekhona nabaholi be-ANC abasezingeni eliphezulu njengoNobhala wayo KwaZulu Natal uMnuz Sihle Zikalala, Mnuz Bheki Cele oyilungu lesigungu esiphezulu salenhlangano, uMnuz Mtholephi Mthimkhulu oyiphini likaSomlomo esiShayamthetho sesifundazwe, uMnuz Nhlakanipho Ntombela oyilungu le-PEC KwaZulu Natal nabanye. Abaholi be-ANC bakujabulelile nokuba khona kukaSindiso Magaqa owayenguNobhala we-ANCYL eyagcinwa ngokuhlakazwa.


Ibami emphinjeni eyokunganakwa eDikwe

$
0
0

Basabisa ngokuthi bazovala umgwaqo abahlali baseDikwe, eNanda.

|||

MCEBO MPUNGOSE

BASABISA ngokuthi bazovala umgwaqo abahlali baseDikwe, eNanda, ngemuva kokuthi bebanjiswe udonga okwesibili abomkhandlu weTheku ukuze kubhungwe ngodaba lokulethwa kwezidingo zentuthuko.

Ubuvutha ungabaselwe lo mphakathi emhlanganweni wawo obuyizolo lapho ubulindele ukuthi kufike obemele ihhovisi leMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo.

Usihlalo wekomiti elimele abahlala kule ndawo, uMnuz Mbongeleni Masuku (30), uthe bese kunesikhathi bathumela incwadi becela abomkhandlu ukuthi baze bazokwamukela izikhalo zabantu kodwa akufiki muntu.

“Bayithola incwadi esayithumela ngoba yabuya isisayinwe nguMnuz Joe Nene, ongumeluleki weMeya ngomhlaka 12 Septhemba.

“Namhlanje ngimthintile ngamazisa ukuthi umhlangano usazoba khona wangitshela ukuthi basemngcwabeni,” kusho uMasuku. Uthe ubona ukuthi umphakathi uthathwa kancane ngoba azisukunyelwa izikhalo zabo. Bekungokwesibili ubhikisha umphakathi ngoba ekuqaleni kwenyanga Isolezwe labika ngesimo sempilo kuwadi 55 ngaphansi kwekhansela uMnuz Vusi Gebashe nalo elingayanga kulo mhlangano. Umbhikisho womhlaka 4 Septhemba waphela kabi uMasuku nabanye abamele ikomiti beboshwa ngemuva kokuthi umphakathi uvale umgwaqo ushisa amathayi. Ohlwini lwezinto umphakathi okhala ngazo kubalwa inkinga yezindlu iningi lazo ezakhiwe ngodaka, amanzi, imigwaqo izinombolo zeposi kanye nehholo.

Emhlanganweni wayizolo bathe bebefuna ukwazi ukuthi izinhlelo zokuletha intuthuko endaweni yabo zikusiphi isigaba. Ethintwa ngalolu daba uNene uxolisile ngokuthi akekho obemele umkhandlu wathi abasitholanga isikhathi esanele sokuthola ulwazi ngezikhalo zomphakathi.

“Uma abantu bebhalela umkhandlu incwadi yezikhalo kumele sixhumane nayo yonke iMinyango ethintekayo isikhanyisele ngokuqhubekayo ukuze siye emphakathini nezimpendulo. Kulokhu besingakazitholi izimpendulo kuleMinyango, sithemba ukuthi ezinsukwini ezizayo sizozithola,” kusho uNene.

Uthe ngenxa yesibalo sabantu abadlule emhlabeni KwaZulu-Natal emasontweni adlule iMeya nethimba layo bekumele baye emingcwabeni kodwa bazimisele ukuhlangana nomphakathi waseDikwe njengoba behlale benza uma iMeya ikhona.

Indumalo izintombi zihoxa ukuya emcimbini

$
0
0

Izintombi ebezihlelelwe ibhasi ebelizoziyisa emcimbini wesizwe sakwaNxamalala wokukhumbula inkosi uMatomela zihoxe ngomzuzu wokugcina.

|||

CELANI SIKHAKHANE

IZINTOMBI ebezihlelelwe ibhasi ebelizoziyisa emcimbini wesizwe sakwaNxamalala wokukhumbula inkosi uMatomela zihoxe ngomzuzu wokugcina ngoba zithi zisesaba ukugibela amabhasi selokhu kwenzeka ingozi okwashona kuyo ezinye izintombi ezazibuya eMkhosini woMhlanga.

Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi kulungiselelwa uhambo lokuya eGreytown kulo mcimbi owenziwa njalo ngonyaka ohlelwa abakwaNxamalala.

UDkt Nomagugu Ngobese weNomkhubulwane Cultural Youth and Development Organisation, obehlela lolu hambo uthe uphatheke kabi ukuthi abazali banqabele izingane ngomzuzu wokugcina ekubeni ebevumelane kahle nazo ukuthi bazohambela lo mcimbi.

“Besihlele kahle nezingane zami kuthe ekuseni sekufanele ibhasi izilande zavele ezinye zangazibamba izingcingo ezinye zabeka isizathu sokuthi zisesaba ukugibela ibhasi kanti ezinye bezikhala ngokuthi abazali bazo basesaba ukuba zihambe ngenxa yengozi yaseNkwalini yebhasi eyagingqika ibuya KwaNongoma eMkhosini woMhlanga. Ngiphatheke kabi ukuthi kungani abantu benze sengathi abaphili kulo mhlaba bakhuluma ngendaba yokufa ekubeni izingozi zihlale zenzeka kodwa abantu angikaze ngizwe bethi sebeyesaba ukuya ezindaweni,” kusho uDkt Ngobese.

Uthe ibhasi ebihlelelwe ukuthatha izintombi zasezindaweni ezakhele uMgungundlovu nakoHammarsdale ebikhishwe abakwaNxamalala igcine isigibeza noma ubani obecela ukuya kulo mcimbi kaMatomela.

Ngesikhathi esho lokhu ubebonakala ukuthi ucasukile kanti ubehamba nedlanzana lezintombi ebezingafike ngisho ku-20 zivunule.

Uthe abaqali ukuza kulo mkhosi kaMatomela kodwa bahlale befika nazo izintombi begcwele amabhasi kungabibikho nkinga.

Uthe uphatheke kabi ngalokhu futhi usazibuza ukuthi kungani abazali becabanga ukuthi uma izingane zithwelwe ngamabhasi zihambele imikhosi yesintu seziyolimala ekubeni ingozi yenzeka noma kuphi.

UDkt Ngobese kuthe ebuzwa abakwaNxamalala ukuthi ziphi izintombi wavele wabatshela ukuthi zithe zisaba ukugibela ibhasi zagcina zisalile.

Ubatshele nokuthi ibhasi ifike isilayishe abantu abebehamba bebacosha ngendlela ngoba ingagcwele.

Nakuba kube nalokho kuphoxeka kodwa amakhosi akwaZuma akujabulele ukubona lelo dlanzana lezintombi acela nokuthwebula izithombe nazo.

Phakathi kwawo bekuyinkosi yaseMpendle uSimphiwe Zuma nenkosi yaseNkandla uBheki Zuma.

Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni edlule kwenzeke isibhicongo sengozi yebhasi eyayithwele izintombi ezazibuya eMkhosini woMhlanga eyagingqika ngaseNkwalini iqeda ukwehla eNdundulu emgwaqweni u-R66.

Kwashona izintombi eziyisishiya-galombili nomama ababili kanti bangcwatshwa ngesonto eledlule kwathi omunye umama wafihlwa ngoMgqibelo eMzumbe.

UVavi uzobekwa amanye amacala

$
0
0

Kusinda kwehlela kuNobhala jikelele weCosatu omisiwe, uMnuz Zwelinzima Vavi.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

 

KUSINDA kwehlela kuNobhala jikelele weCosatu omisiwe, uMnuz Zwelinzima Vavi, njengoba sekunemibiko yokuthi iCosatu ifuna ukumbeka amanye amacala okungaziphathi kahle ngokuya ocansini nasebenza naye emahhovisi abo.

UVavi kubhekeke ukuthi athathelwe izinyathelo zomthetho emuva komhlangano wesigungu esiphezulu seCosatu namuhla.

ICosatu kuthiwa izobeka uVavi elinye icala “ngokunyamalala” kwemali eyayisetshenziswa ngesikhathi ebekiselwa amabhanoyi namahhotela ehamba ngomsebenzi.

UVavi uzobekwa necala lokuqasha ngendlela engaqondile owesifazane aya naye ocansini oshadile, uNkk Jacqueline Phooko.

Kuvela konke lokhu nje inyunyana eyilungu leCosatu, iNumsa, iFood and Allied Workers’ Union neSouth African Football Players’ Union zifake udaba lukaVavi enkantolo iSouth Gauteng ngoba zifuna iCosatu iguqule isinqumo sayo uVavi abuyiselwe esikhundleni.

Umthombo weSolezwe uthe namuhla iCosatu izothwesa uVavi amacala bese kuhlelwa ukuthi aqondiswe izigwegwe.

UVavi wanikwa ikhefu ngenyanga edlule ngesikhathi kusenophenyo emuva kokuvuma ukuthi waya ocansini nowesifazane owayesebenza emahhovisi eCosatu.

Ebuzwa uVavi ngesinqumo seCosatu uthe bavele sebemhlulele kodwa wathi ubambisene nophenyo.

Bakhathele wukulinda kolindela

$
0
0

Bagcwale izitaladi zeTheku abahlali basemjondolo abaqhamuka ezindaweni ezihlukene zaKwaZulu-Natal.

|||

NQOBILE MASIMULA

BAGCWALE izitaladi zeTheku izolo abahlali basemjondolo abaqhamuka ezindaweni ezihlukene zaKwaZulu-Natal, bamashela ukuqedwa kwezindawo ezibizwa ngolindela abahlaliswe kuzo ngoba besalinde ukwakhelwa.

Babalelwa ngaphezu kwenkulungwane abantu abebekule mashi eqale ngo-9 epaki kuBotha yaphelela eCity Hall.

Abebemasha bebehaya izingoma ezihambisana nezikhalo zabo baze babhuquze phansi uma sebecula amaculo omzabalazo.

UNksz Bandile Mdlalose onguNobhala jikelele wenhlangano aBahlali baseMjondolo uthe inhloso enkulu ngemashi yayizolo bekuwukukhala ngenkinga yezindlu nomhlaba abawuphucwa ngesikhathi sobandlululo osekunzima ukuwuthola manje.

“Usomqulu wenkululeko wawusithembise izindlu namanye amalungelo kodwa manje iningi labaswele lilahlwe ezindlini okwathiwa ezesikhashana osekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu abantu behlaliswe kuzona,” kuchaza uNksz Mdlalose.

Uthe phakathi kwabahlali basemjondolo abebekhona kule mashi kubalwa abahlala eSiphingo eMathinini, Cato Crest, KwaMashu, Howick, New Hanover, Tongathi nakwezinye izindawo.

Abahlali baseMathinini, eSiphingo, bakhala ngenkinga yamapayipi osekunesikhathi evuza nabathi lokho sekuholele ekutheni iningi labantu abahlala khona babe nesifo sofuba.

Kuze kwashaya ihora lesibili ntambama bengakasuki eCity Hall njengoba bebeshaya phansi ngonyawo bethi abayi ndawo uma uhlu lwezikhalo lungalandwa nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Ravi Pillay, noma uNksz Nomusa Dube onguNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya neziNdaba zokuBusa ngokuBambisana.

“Siyazi ukuthi uma uhlu lwethu luthathwe yiMeya yeTheku uJames Nxumalo kufana nokuthi silulahle phansi ngoba akukho azimisele ngokusisiza ngakho. Kuke kuthi noma amakhansela akhe esesithembisa ukusibulala angathathi zinyathelo ngalokho kodwa alokhu esiqambela amanga esithembisa into engekho,” kubhoka uNksz Mdlalose.

Phakathi kwezinto abazifunayo kubalwa ukuthi kuphele ukuhlaliswa kwabantu ezindlini zesikhashana kanti bafuna nokuthi aphume aphele esikhundleni sakhe uMnuz Nigel Gumede oyiNhloko yophiko lweZindlu kuMasipala weTheku. Bafuna kuphenywe nangesigameko sokubulawa kuka- Mnuz Nkululeko Gwala owayeyisishoshovu ekuhlinzekweni ngendlela kwezindlu zomxhaso eMayville.

Isikole siphucwe amathoyilethi kwama ukufunda eMlazi

$
0
0

Ziphume ekuseni izingane zaseNcophelelo Primary School kwa-G eMlazi emuva kokuthi inkampani ebinikeze usonkontileka izindlu zangasese ifike yaziqoqa ikhala ngokungakhokhelwa.

|||

BONISWA MOHALE

ZIPHUME ekuseni izingane zaseNcophelelo Primary School kwa-G eMlazi emuva kokuthi inkampani ebinikeze usonkontileka izindlu zangasese ifike yaziqoqa ikhala ngokungakhokhelwa.

Izingane zakulesi sikole bezisebenzisa izindlu zangasese ezingu-20 ezingomahamba nendlwana njengoba isikole sazo sisakhiwa, kuthe izolo ekuseni inkampani eqashisa ngalezi zindlu yazishaqa itshela isigungu sabazali esiphethe isikole ukuthi kayikhokheliwe ngabakwaKhayakazi Construction & Civils.

UMnuz Patrick Sangweni, onguSihlalo wesigungu sabazali, noMnuz Hendry Shange oyiPhini lakhe, bakhale ngokuthi izingane zizophazamiseka esikoleni.

“Umsebenzi wokwakha ume ngoJuni kanti izingane bezisebenzisa lezi zindlu zangasese ezingomahamba nendlwana ngoba lezi ezakhiwayo azikalungi. Asazi ukuthi isimo sizobanjena kuze kube nini ngoba ngeke zikwazi ukufunda izingane esikoleni esingenayo indawo yokuzikhulula,” kukhala uShange.

Uthe bawazisile uMnyango wezeMfundo kodwa bekungakabikhona mnyakazo yingakho sebebikele abezindaba.

“Ziningi izinkinga kulesi sikole ngoba abasebenzi bale nkontileka iKhayakazi baye balaxaza amathuluzi njengoba ubona nogandaganda bepakile bekhala ngokuthi abaholeliwe manje inkampani ebiqashise ngezindlu zangasese isithatha izindlu zayo. Asazi ukuthi kuzokwenzekani ngezingane zethu, akekho ositshelayo ukuthi umsebenzi uzoqedelwa nini nokuthi izingane zizohlinzekwa yini ngezindlu zangasese,” kusho uSangweni.

Uthe bacela uMnyango wezeMfundo ungenelele kulolu daba ngoba umsebenzi wokwakha isikole umile futhi bayesaba ukuthi izingane zingase ziphazamiseke esigabeni sokugcina sonyaka uma izindlu zangasese zingabuyiswa.

UMnuz Muzi Mahlambi, obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo, akatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Isethenjwa sommeli ecaleni lenhlekelele

$
0
0

Uzomelwa uqweqwe lommeli oselusize abebelahlwe ngamacala abucayi ukuthi bathole ibheyili umshayeli weloli eladala ingozi ePinetown.

|||

BAWINILE NGCOBO

UZOMELWA uqweqwe lommeli oselusize abebelahlwe ngamacala abucayi ukuthi bathole ibheyili umshayeli weloli eladala ingozi ePinetown kwafa abantu abangu-23 emasontweni amabili edlule.

UMnuz Sanele May (23) uvele izolo eNkantolo yesiFunda ePinetown lapho kuhoxe khona ummeli wenkampani abeyisebenzela iSagekal Logistics, uMnuz Theasen Pillay, ekutheni aqhubeke nokummela.

UProfessor Lindokuhle Mdletshe uqinisekisile enkantolo ukuthi usezomela uMay.

Ngesikhathi ehoxa uPillay utshele inkantolo ukuthi ngenxa yemibiko yamaphephandaba nezinye izitatimende ezikhishwayo ubona kungcono ukuthi ahoxe ukuze icala liqulwe ngokukhululeka nangendlela enobulungiswa.

Uthe njengoba yena engummeli wenkampani kunombono wokuthi ngeke uMay ameleke kahle ngoba kungenzeka ukuthi kukhona izinto azofuna ukuzisho ezingabeki kahle inkampani.

“Kunombono wokuthi ngeke ngimmele kahle kuzoba nokuphambana kwemibono ngoba ngiqashwe inkampani. Ngicela ukuhoxa,” kusho uPillay.

UMay ubizwe wabuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi uPillay ngeke esaba ngummeli wakhe. Utshele inkantolo ukuthi uyazi kanti uMdletshe ube esephakama eqinisekisa ukuthi usezommela.

Umshushisi, uMnuz Vikesh Sewnath uthe bavumelene noMdletshe ukuthi isicelo sebheyili obekufanele uMay asifake ngoLwesithathu sihlehliswe ngoba umbuso nommeli wakhe kukhona imininingwane abasafuna ukuyiqinisekisa.

UMdletshe ucele ukuthi uMay angayiswa eWestville kodwa agcinwe esitokisini sesiteshi samaphoyisa ePinetown.

Ekhuluma neSolezwe uthe uzomumela yedwa uMay kodwa bakhona abazomsiza ngezinye izinto. Uthe okwamanje usabheka imvelaphi kaMay lapho edabuka khona eSwazini.

UMdletshe uthe uzokhokhelwa wumndeni kaMay futhi likhona ithemba lokuthi uzokhishwa ngebheyili. Sekunesikhwama esivuliwe sokuqoqa imali yokusiza uMay nomndeni wakhe. Lesi sikhwama sivulwe ngabantu abazwelana naye nabathi akumele kuboshwe yena kodwa kumele kuboshwe umnikazi wenkampani.

UMdletshe kuzokhumbuleka ukuthi phambilini kulo nyaka wakhipha abathathu ngebheyili ababeboshelwe amacala abucayi bedonsa eWestville.

Watholela uNkosinathi Chiya ibheyili owayegwetshwe udilikajele ngecala lokubulala umholi we-IFP eLindelani uMnuz Thomas Shabalala. UChiya ukhishwe esehlale iminyaka eyisikhombisa ejele. Uphinde wakhipha uSifiso Cedric Shezi ngebheyili egwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula indodakazi yakhe esehlale ejele iminyaka eyishumi. Ukhiphe noPhikisiwe Dlamini obesehlale iminyaka emihlanu ejele emuva kokugwetshwa engu-20 ngecala lokubulala umyeni wakhe.

Bonke kuzobuyekezwa amacala abo kusetshenziswa ubufakazi obusha osebutholakele.

UMay uzobuyela enkantolo ngo-Okthoba 8 nonyaka eyocela sebheyili.

Izingane zishe nendlu zawumlotha

$
0
0

Kuthiwa unina wezingane uzikhiyele endlini waya emzini oseduzane kanti kuzosala kwenzeka umonakalo

|||

MTHOKOZISI MANQELE

Ebika eseJozini

KUNGAKAPHELI isonto kungcwatshwe ugogo (84) oshe wangqongqa endlini elele endaweni yaKwaGedleza, eJozini, sekuphinde kwasha izingane ezine zaba wumlotha endlini ebezishiywe kuyo ngunina ngeSonto ebusuku.

kusolwa ukuthi yikhandlela elidale umonakalo.

Kuthiwa unina wezingane, uNksz Fikile Gina (30) uzikhiyele endlini waya emzini oseduzane kanti kuzosala kwenzeka umonakalo.

Kwabashonile kukhona u-Amkela Kwesaba, onezinyanga ezinhlanu, Nkosingizwile Mazibuko (3), Snegugu Mazibuko (9) noNoxolo Mazibuko (7) okhubazekile ongakakwazi ukuhamba nokukhuluma.

Omakhelwane abaxoxe neSolezwe bathi indlu eshile ibinesitofu segesi abayizwe iqhuma kakhulu.

UNksz Nokuthula Ntuli, umakhelwane, uthe baphuthumile kodwa bahluleka wukusiza izingane ezishe zaze zaphela bebuka.

“Sizwe ukuqhuma kwento emuva kwalokho kwakhala izingane kanti ziyasha. asikwazanga ukuzisiza ngoba umlilo bese umkhulu kakhulu,” kusho uNksz Ntuli enesibibithwane.

“Bekuwusizi ukubona izingane ezincane zisha zize zibe wumlotha. kungcono nalaba ababili abadala ngoba besisakwazi ukuwabona amathambo abo kodwa lona onezinyanga ezinhlanu noneminyaka emithathu bashe baphela, bese sibutha umlotha,” kuchaza uNksz Ntuli.

Amaphoyisa aseJozini afike amthatha unina wezingane eyomphonsa imibuzo. Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokusha kwabantu kodwa bekungakaboshwa muntu. uphenyo lusaqhubeka.

Okhulumela umndeni wakwaMazibuko, uNksz Fisani Mazibuko, uthe balimele kakhulu ngokufa kwezingane ebezisanda kushonelwa nguyise.

Uthe izingane bezihlala nabo kodwa kuthe uma kushona uyise unina wazithatha wayokwakha inxiwa lakhe.

“Ngizwa ubuhlungu kakhulu ngezingane zikabhuti ngoba zifa-nje bezivele zingathandi ukuzohlala nonina kodwa yena wazilanda ngenkani emva kokushona kukayise,” kubalisa yena. “USnegugu wamlanda engafuni ngoba efuna kube wuye ogada lezi ezinye izingane ngoba yena ubehlala engekho ekhaya,” kuchaza uNksz Mazibuko.

Ugogo ka-Amkela, uNkk Sholiphi Mhlanga, uthe imxakile le nto eyenziwe uNksz Gina ngokushiya izingane zodwa.

“Sithola ukuthi abebenaye kuphuzwa utshwala bamtshelile ukuthi akaye ezinganeni ngoba zizodwa kodwa yena akanganaka,” usho kanje.

Ikhansela lendawo, uMnuz Sipho Mthembu, likhwele ladilika kunina wezingane ngobudedengu langeza ngokuthi usanda kuxosha onompilo bezosiza umtwana obekhubazekile.

“Ngisanda kubikelwa wunompilo ukuthi ubaxoshile emzini wakhe wathi abahlukane nengane yakhe ekhubazekile, wabaklolodela wathi bangene ngani empilweni yengane yakhe. Ingane ngabe ayishanga ngoba bese siyixhumanise nodokotela wamathambo waseNgwavuma sayizamela nesikole sabakhubazekile kodwa inkinga wuye lo mama ubelwa nabebeletha usizo kwakhe,” kuchaza uMthembu.


Badumele abafundi abathi baqoliwe

$
0
0

Bakhala bayazithulisa abafundi besikole esizimele saseThekwini i-African Vision Secondary.

|||

NONHLANHLA MKHABELA

BAKHALA bayazithulisa abafundi besikole esizimele saseThekwini i-African Vision Secondary abazophuthelwa yizivivinyo zokuphela konyaka ngenxa yokuthi abazange babhaliselwe lezi zivivinyo.

Laba bafundi abatheleke emahhovisi eSolezwe bedangele bathi asebekufuna yimali yabo ngoba bayabona ukuthi umnikazi walesi sikole abamazi ngoRoger udlala ngabantu.

Bathi lesi sikole sibhalisiwe ngokusemthethweni kodwa abakutholayo wukuthi sithatha abafundi abangaphezu kwesibalo esibekelwe sona nokuvimbela ukuthi bakwazi ukubhala izivivinyo bonke ngonyaka owodwa.

UNksz Thobile Magwanyana (26) waseMlazi ongomunye wabafundi abakhalayo uthe wasibheka isikole uma eyobhalisa kusona wakhululeka ukuthola ukuthi sibhalisiwe.

“Inkinga iqale lapho sithi siya emaklasini asesakhiweni iSalisbury eThekwini safica kuvaliwe kuthiwa ayikhokhwanga irenti. Sabe sesiyiswa esikhungweni esiseMakethe. Ngenxa yezinkinga eziningi kulesi sikhungo sibe sesiya eMnyangweni wezeMfundo nokuyilapho sithole khona ukuthi asizibhaliselwe izivivinyo,” kuchaza uNksz Magwanyana.

Uthe wafika kulesi sikole ngonyaka owedlule wakhokha imali yokubhalisa engu-R680 wabe esekhokha u-R630 njalo ngenyanga enza izifundo eziyisithupha.

“Ngowedlule kwaba ngesifanayo ngangabhaliselwa izivivinyo ngathi uma ngifuna imali yami kwathiwa angibuye nonyaka izolungiswa inkinga kodwa lutho,” kubalisa uNksz Magwanyana.

UNksz Gugu Mthembu (22) uthe abanye abazali uma befika ukuzokhononda, uRoger ufike abapholise abathembise ukuthi inkinga yabo izolunga kuphele kanjalo.

“Okumangazayo ukuthi usazosibhalisa nini ngoba ngenkathi siye emahhovisi omnyango ePinetown satshelwa ukuthi ukubhaliswa kuvalwe ngoFebhuwari, abezifundo ezincane kwavalwa ngoMashi,” kusho uNksz Mthembu.

Uthe baya emaphoyiseni ngenyanga edlule ukuyovula icala kodwa kwathiwa abaye enkantolo bayofuna incwadi ephoqa umphathi ukuthi abakhokhele imali yabo navuma ukuyisayina wanikezwa izinsuku ezingu-21 ukukhokha.

Kufonelwa inombolo yasehhovisi lesikole, owesilisa ozibize ngoMandla uthe akukho okubaphoqa ukuthi bakuphawule kwabezindaba.

“Thinta uMnyango wezeMfundo ngoba thina asivumelekile ukuphawula futhi awukho umthetho osibophezela ukuthi siphendule imibuzo kwabezindaba,” usho kanje.

URoger wenqabile ukuchaza wathi udaba lusenkantolo ngakho akukho angakwazi ukukudalula. “Ngeke ngikwazi ukuphawula, uma kukhona ofuna ukukwazi thinta uMnyango wezeMfundo ngoba udaba lusenkantolo kuyimanje,” kusho uRoger.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazoluphenya kabanzi lolu daba ngoba uma umphathi wesikole enecala uzobe akadlalanga ngemali kuphela kodwa umoshe unyaka wonke wabafundi.

“Uma kuwukuthi ubeganga kuzomele sifake namaphoyisa ukuze umthetho usebenze ngoba uma umfundi efika esikoleni sakho uthi kugcwele angaya kwesinye isikole kodwa uma wenza lokhu ekuthiwa ubekwenza ubezithathela imali nje azi kahle ukuthi udlala ngonyaka wonke womfundi,” kusho uMahlambi.

Unxuse bonke abafundi abanale nkinga ukuthi baye emahhovisi omnyango esakhiweni iMalgate babike khona kuzobonakala ukuthi bangakanani abantu abahlukumezekile.

Ubanjwe oqotsheni

$
0
0

Kusboshwe indoda eneminyaka engu-30 emuva kokuthi itholakale nensangu ne-ecstacy ePort Shepstone.

|||

INTATHELi YESOLEZWE

KUBOSHWE indoda eneminyaka engu-30 emuva kokuthi itholakale nensangu ne-ecstacy ngoMsombuluko, ePort Shepstone.

Amaphoyisa akule ndawo kuthiwa abesebenza ngesikhathi ebona imoto ebisolisa abe esephonsa imibuzo umnikazi wayo, abona nephasela okuthe uma elivula athola ukuthi yinsangu.

UColonel Jay Naicker wamaphoyisa esifundazweni uthe emuva kokuthi sekutholwe le nsangu umsolwa uwakhombise indlu, kuyo kwatholwa amaphasela angu-770 ensa-ngu, namaphilisi i-ecstacy angu-65.

Le nsangu kuthiwa ingabiza uR14 000. Umsolwa uboshelwe icala lokutholakala nezidakamizwa.

Khonamanjalo igwetshwe iminyaka engu-15 indoda elahlwe yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye ehostela eVryheid. UKwazi Chester Mathonsi (24) ugwetshwe ngoMsombuluko iNkantolo yeMantshi eVryheid.

UMathonsi ugwetshwe emuva kokuthi inkantolo ilalele ubufakazi nokuthi wayidlwengula kanjani le ntombazane ehostela eBhekuzulu.

Kuthiwa ngoSepthemba no-Okthoba 2011, uMathonsi ubebizela le ngane endlini yakhe ehostela uma iya esikoleni, ayidlwengule bese eyinika imali.

Umakhelwane wabe eseqaphela ukuthi ingane isihlale inemali wayibuza ukuthi isuke iyithathaphi kuyilapho yabhoboka khona isho ukuthi uMathonsi uyinika imali uma eqeda ukuyidlwengula.

Umakhelwane wabika emaphoyiseni kwavulwa icala, waboshwa uMathonsi.

Belidla amagalani itekisi elibulele 4

$
0
0

Iyathuthumela imindeni yabantu abane abashone engozini yetekisi eyenzeke eGlendale, KwaDukuza.

|||

NONHLANHLA MKHABELA

IYATHUTHUMELA imindeni yabantu abane abashone engozini yetekisi eyenzeke eGlendale, KwaDukuza, ngeSonto njengoba kuvela ukuthi itekisi belidla amagalani labe seliphoseka eweni.

Kuvela nokuthi abagibeli babelokhu bekhala kumshayeli bemcela ehlise isivinini abanye baze bacela ngisho ukwehla kodwa wangabanaka kanti uzohluleka wukuyilawula.

UNksz Nesi Khoza, oshonelwe yindodakazi yakhe uNksz Nozipho Khoza (35), uthe abukho ubuhlungu angabufanisa nokulahlekelwa yindodakazi okuwukuphela kwayo.

“Lolu daba luvuse namanxeba amadala njengoba nomfowethu omdala washona enhlekeleleni yeloli. Ngifisa sengathi kungenziwa imizamo ukuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli ematekisini ngoba uthola ukuthi noma kukhona abakhala ngakho abalalelwa,” kusho uNksz Khoza osesele namadodana amabili.

Uthe noma angajeziswa umshayeli kodwa lokho ngeke kuyibuyise ingane yakhe obekuyiyona eyondlayo ekhaya.

“Ubewusizo olukhulu ngoba angisebenzi, umfowabo osenyuvesi ubezibhekelwa wuyena izidingo,” kukhala uNksz Khoza.

Abanye abashonile babili owakwaMhlongo nowakwaKhumalo kodwa amagama abo awatholakalanga.

Umndeni wakwaMncwane nawo olahlekelwe yindodakazi uNksz Zamile Mncwane (31) ukhale esifanayo.

”Silahlekelwe kakhulu ngoba uZamile nguyena yedwa obesebenza. Asijabule neze ngendlela adlule ngayo, le moto ibingekho esimeni esigculisayo kanti kuke kwaba khona ukukhononda ngayo emphakathini kwayikhona ukuthi akekho owakhala kwabamatekisi,” kusho umfowabo kaNksz Mncwane omdala uMnuz Sipho Mncwane.

Usihlalo wesigungu esifundeni iLembe, uMnuz Bongani Mkhwanazi, uthe sebethole ukuthi umshayeli ongowakhona endaweni wayehamba ngesivinini esiphezulu kakhulu endaweni eyijika futhi eyehlelayo.

“Siyanxusa kubashayeli ukuthi bayilandele imithetho yomgwaqo bawabheke namatekisi abawashayelayo ukuthi asesimeni. Uma bethola engekho esimeni kumele batshele abanikazi, zikhona nezinhlaka abangabika kuzona,” kusho uMkhwanazi.

Ikhansela lendawo, uMnuz Sipho Sibisi, lithe emuva kwale ngozi babone kubalulekile ukuthi bahlangane namakhansela aseduzane nosomatekisi badingide lolu daba.

“Isethusile le ngozi siyaqala ukubona inhlekelele yalolu hlobo kulo mgwaqo. Esizokunxusa kakhulu wukuthi iSantaco ike isifundisele nempatho kubashayeli bafunde ukulalela abagibeli,” kubeka uSibisi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Jay Naicker uthe kuphenywa icala lokubulala ungahlosile kodwa akekho obesaboshiwe.

UNyazi lufike kwama inkantolo

$
0
0

Kuphazamiseke ukusebenza kweNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi kungena umholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni.

|||

THOKOZANI NDLOVU noMLUNGISI GUMEDE

KUPHAZAMISEKE ukusebenza kweNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ngesikhathi kungena umholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni, uMnuz Mduduzi Shembe, uNyazilwezulu.

IJaji u-Achmat Naaim Jappie, elingumahluleli ecaleni lombango wobuholi bebandla, kuphoqeleke ukuthi liphume imizuzwana ngenxa yokuxokozela enkantolo.

AbaseThembezinhle bakhale ngokungahleleki kwabaseBuhleni ngokuphazamisa ukuqulwa kwecala ngokungenisa umholi wabo kusathulwa ubufakazi.

Ngesikhathi lungena uNyazi, abaseBuhleni bathe vosho ngamadolo bonke ngesikhathi esisodwa bagudluza nezihlalo. Ngisho sebephuma bakhase ngamadolo baze basukuma ngoba sebe semnyango. Ngesikhathi esebuya uJappie, ongazange akhombise zimpawu zokungakwamukeli okwenzekile, uvele waqhubeka necala akangabuza lutho.

Ngokuphela kwecala kusuke esinamathambo abaseBuhleni bevimbe phambi komnyango behhahhameza abaseThembezinhle uma bezama ukuphuma.

Kusize amaphoyisa abebadudula ngoba bekubonakala ukuthi kungaliwa njengoba bebesanda kunqamula namasango asenkantolo ngesikhathi bengena noNyazi. Kukhona nabese bejikijela izigubhu.

Ngesikhathi sekuphuma umholi waseThembezinhle, uMnuz Vela Shembe, owaziwa ngokuthi yimisebe yelanga, uvele wabahleka abaseBuhleni maqede wabathathazela wahamba.

Nokuhamba kwezimoto kuphazamisekile emgwaqweni u-Dkt Pixley KaSeme (West Street) noMargaret Mncadi (Victoria Embarkment). abaseBuhleni begcwele umgwaqo bezobona uNyazi.

Bekuthe shayi kumhlophe yonke indawo ngaphandle kwamagceke enkantolo abaseBuhleni bekanise khona belinde ukubona uNyazi lungakangeni enkantolo.

Bekukhala amavuvuzela, kushaywa izigubhu abanye begida ngesikhathi kuqhamuka imoto ebihamba uNyazi.

Izolo abalandeli bebandla laseBuhleni bebemasha emgwaqweni yaseThekwini ngenhloso yokukhombisa ukuthi uNyazi luyinkosi. Bahlanganele eBerea kuBotha base besuka belibangisa enkantolo.

Amanye amalungu aseBuhleni abezwakala ethi: “Nayo-ke iNkosi yamakhosi, uphi uVela? Akeze nebandla lakhe silibone” ngesikhathi kufika uNyazi.

Izolo ufakazi obesebhokisini, wuchwepheshe wowabaseBuhleni, uLt Colonel Frik Landman, othe akusona isandla soThingo esisencwadini eyisikhumbuzo sefa.

Uthe yena usethule ubufakazi emacaleni okuhlolwa kwezandla izikhathi ezingaphezu kuka-1 000 ewina.

“Ngisho nochwepheshe bezandla baphesheya kwezilwandle bayangazi njengoba sengike ngaphikisana nabo emacaleni alolu hlobo. Noma ngahlola ikhophi yencwadi okuthiwa iyisikhumbuzo sefa kodwa ngathola ukuthi ikokothelwe.

“Angazi ukuthi yini eyenza ozakwethu abathule ubufakazi ngayo bengabonanga ukuthi ikokotelwe. Indlela okusayinwe ngayo kuyona kuyabonakala ukuthi owayeyikokotela wayesihambisa kancane isandla ngoba wayekopela kwenye,” kusho uLandman.

ULandman uzoqhubeka ngoMsombuluko ozayo ukuthula ubufakazi njengoba leli cala liguqile izolo.

UMchunu ugxeka abaseka umshayeli weloli

$
0
0

UMnuz Willies Mchunu ugxeka isenzo salaba abakhombisa ukuzwelana nomshayeli weloli eladala ingozi ePinetown kwafa abangu-23 kuyo.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ugxeka isenzo salaba abakhombisa ukuzwelana nomshayeli weloli eladala ingozi ePinetown kwafa abangu-23 kuyo.

UMnuz Sanele May (23) kuvele ukuthi kuneqeqebana labathize abavule ikhasi ku-facebook nabamvakashela nasejele.

Leli khasi libizwa ngeSanele May Support Group kanti kukhona namanye amaqembu ezinkundleni zokuxhumana azwakalise ukuzwelana nalo mshayeli.

UMchunu uthe lokhu kuthumela umyalezo ongemuhle ngabashayeli ababudedengu emgwaqweni.

“Ngikhathazekile ngesenzo salabo abazwelana nomshayeli bemthumela nemiyalezo yenduduzo ngokubulala abantu abangu-23 abangenacala. Ngiyanxusa ukuba amalungu ale ndlu angaweli kulelo gibe lokugqugquzela ukushayela budedengu emigwaqweni yethu nokukhuphula izinga lezingozi,” kusho uMchunu.

Lokhu ukusho enkulumweni yakhe esishayamthetho izolo mayelana nodaba lezingozi ezixakile kulesi sifundazwe.

Ebuzwa ngalolu daba esithangamini sabezindaba uthe ngeke abaphoqe labo abavule ikhasi ku-facebook ukuba balivale noma abavale labo abavakashela lo mshayeli kodwa kumele akuveze ukungahambisani nalesi senzo sabo.

“Sengike ngazwakalisa ukukhala okufanayo nangodaba lwamaqembu epolitiki aseka amalungu awo emacaleni okubulala. Nakulolu angikholwa ngukuthi akumele sithumele umyalezo ongalungile emphakathini ngokweseka umshayeli obhekene namacala okubulala,” kusho uMchunu.

Uthe nakanjani uma etholakala enecala kuzomele aboshwe.

Uthe abaphenyi bebesabheka ukuthi umnikazi weloli kukhona yini umthetho awuphulile.

UNgqongqoshe ube esekuqinisekisa ukuthi leli loli laphelelwa ngamabhuleki njengoba ethe lolu lwazi walinikezwa nguchwepheshe ohlola amabhuleki.

Ngodaba lwezincwadi zokushayela okusolwa ukuthi azikho emthethweni ngokusho komnikazi weloli, uMchunu uthe lokhu bekumele ngabe kade akubona lo mqashi kungaveli manje ngoba sekuvele ingozi.

Kuvele nokuthi uMnyango uzimisele ukulekelela imindeni yalaba abasinda kule ngozi abafisa ukubopha umnikazi weloli ngokulimala kwabo.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>