Ukhala ngokulinda umnyama ongenafu umndeni wowesilisa waseMini Town owagaywa wumshini waze washona.
|||MLUNGISI GUMEDE
UKHALA ngokulinda umnyama ongenafu umndeni wowesilisa waseMini Town, ngaseHammarsdale, owagaywa wumshini waze washona kwaRainbow nyakenye.
UMnuz Mlungisi Mntungwa onguyise kaNtokozo Mntungwa (21) owangena emshinini wamgaya waze washona ngesikhathi ewuhlanza, uthi sekuphele unyaka nezinyanga ezintathu indodana yakhe yashona kodwa inkampani noMnyango wezabaSebenzi abakaze babanike umbiko ogcwele ngokuthi yini eyaholela ekufeni kukamufi.
“Sengifisa ngathi uNgqongqoshe woMnyango wabaSebenzi, uNkk Mildred Oliphant, angangenelela kulolu daba, mhlawumbe kuzoshesha,” usho kanje.
UMntungwa uthe bafaka isicelo sokuthi banxeshezelwe eMnyangweni wezabaSebenzi kodwa nakhona abayitholi impendulo.
“Sifisa ukuthi siyithathele izinyathelo zomthetho inkampani kodwa manje asikwazi ukuqhubeka nalolo hlelo ngoba izinhlaka zangaphakathi emnyangweni ziyasivimba,” usho kanje.
UMntungwa uthe ngeke aze aphumule bungakenzeki ubulungiswa ngokushona kwendodana yakhe.
“Inkampani yagcina isinike u-R25 000 yathi owezindleko zomngcwabo kwaba sesigcinile ukuxhumana,” usho kanje.
Uthe uyabona ukuthi inkampani noMnyango bafuna ukuthi baze bakhohlwe ngalesi sigameko.
“Yize indodana yami ingeke isavuka emathuneni kodwa akumele kucwebe isiziba,” kusho uMntungwa.
UNtokozo washona ngoJuni 12, nyakenye ngemuva kokugaywa ngumshini phambi kozakwabo.
Wangena emshinini ngomlenze wesinxele, wamgaya kancane kancane elokhu engena emshinini waze wafika ngezansi kwedolo.
UNtokozo kuthiwa wangena emshinini ngabo-2 entathakusa waze washona ngabo-3.40 khona ekuseni. Abasebenzi kuthiwa babebukela ngesikhathi umshini umgaya.
Omunye wabasebenzi oweyekhona kwenzeka lesi sigameko kuthiwa waphakamisa ukuthi umiswe ngokunqanyulwa umshini, omunye wabaphathi wathi umshini uyabiza.
Lezi zinsolo azimphethe kahle uyise kamufi. “Kuyacaca ukuthi umshini wawubaluleke kakhulu kunempilo yengane yami ngoba ngiyathola ukuthi yahlala isikhathi eside emshinini iphila ingakakhishwa. Ukube kwawona umshini washeshe wacishwa mhlawumbe yayingahlengeka impilo yakhe umufi,” usho kanje.
AbakwaRainbow banqabile ukuphawula, bathi akuthintwe uMnyango wabaSebenzi.
Okhulumela uMnyango wezabaSebenzi, uMnuz Nhlanhla Khumalo, uthe uphenyo mayelana nalesi sigameko seluphothuliwe, wengeza ngokuthi bazowuhambisa umbiko kwezokushushisa kube yibona abathatha isinqumo sokuthi benzenjani.