Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Basola ukuthi uyaqolwa oyothwasa

$
0
0

Usenkingeni umndeni odabuka eMkhuze, wowesifazane osekuphele unyaka eyothwasa eMalukazi.

|||

ZANELE MTHETHWA

USENKINGENI umndeni odabuka eMkhuze, wowesifazane osekuphele unyaka eyothwasa eMalukazi, nezingane zakhe ezigcine sezeqa esigodlweni zingaphothulanga nazo sezithwasiswa.

Umndeni kaNkk Rosemary Mtolo (63), osebenza eTruro House, eThekwini, uthi awusawazi umholo wakhe njengoba engasezwa mshini ngokutshwasa.

Izingane zakhe zithi akazi uyobuya nini njengoba sezizwe ukuthi seseluliwe isikhathi sakhe sokuthwasa. Kuthiwa kuthwasisa uNkk Ncamsile Cele oyisangoma nomyeni uMnuz Johannes Cele oyinyanga.

Isolezwe lithole ukuthi agcine eseyisihlanu amalungu alo mndeni abesethwasiswa kwaCele eMalukazi, okubalwa umfowabo kaNkk Mtolo nomkakhe nengane yabo, indodakazi nendodana kaNkk Mtolo.

Echaza uSiphesihle Mtolo (21), uthi unina wahamba ngoMashi wonyaka odlule wangaphinde wabheka emuva.

“Udadewethu wayekade eye komunye umgidi wezangoma eMalukazi. Ngenxa yokuthi wayegqoke ibhulukwe, kuthiwa isangoma esithwasisayo samnikeza ibhayi okuthe udadewethu esahambile sathumela ukuthi kumele umama azothwasa. Umama wahamba ethi uyozwa kahle esangomeni, saxakeka ukuthi kwenzeka kanjani umuntu abizelwe ukuthwasa,” usho kanje.

USiphesihle uthi unina ubajikele selokhu angena kulesi sigodlo njengoba bagcine belandwa bonke kuthiwa kudingeka benzelwe amagobongo. Uthe baqale ukudideka uma sebeqede amagobongo bagcotshwa ibomvu.

“Ngaphuma ngelinye ilanga kungathi ngiya edolobheni, ngahamba unomphelo ngoJanuwari. Ngenyanga edlule ngeqise udadewethu ngabuya naye. Uma sishayela ucingo umama sithi akabuye, uthi sifuna ukudla imali yakhe. Ifulethi lakhe lingavalwa noma yinini ngoba nalo akasalikhokheli. Ngiyesaba ukuthi kuyokwenzekani uma kwenzeka eshonela ekuthwaseni,” kusho yena.

Uthe useke waya nasemaphoyisa eMalukazi eyofuna umazisi nesitifiketi sikadadewabo kodwa wabuya elambatha, kubhilita unina. Uzamile nokuvula icala, amaphoyisa athi awazingeni izindaba zokuthwasa.

Udaba selubikelwe uMengameli weTraditional Healers Association uMnuz Sazi Mhlongo noDkt Nomagugu Ngobese weNomkhubulwane Culture and Youth Development.

UMhlongo uthe uyakweshwama ukuthi umuntu athwase kwedlule unyaka. “Yicala kwakona ukubiza umuntu uzomthwasisa. Kudingeka uphenyo ngoba kuyacaca ukuthi kunomkhonyovu kule ndaba,” usho kanje.

UDkt Ngobese uthe ngisho endulo akukaze kuthwase wonke umndeni ngoba kumele kube nomunye ozokhokhela ukuphothulwa kothwasayo.

Kuthintwa uCele ubhoke ngolaka wathi uNkk Mtolo mdala, akakaze abanjwe ngenkani ukuzothwasa.

“Bayamazi ukuthi ukuphi futhi uyaya nasemsebenzini. Ukuthwasa akukalelwe sikhathi, akusona isikole kodwa kuya ngokuthi othwasayo ungenwe yidlozi elinjani. Lezo zingane zeqa zingakaphothuli ukuthwasa,” kusho uCele.

Akafunanga ukuphendula eminye imibuzo, exinwa ngayo, usongele intatheli ngokuthi izongena enkingeni uma izihlanganisa nalolu daba.


Izinduna zizomashela amaholo

$
0
0

Zisabisa ngokuphazamisa ukhetho loHulumeni baseKhaya izinduna zakwaZulu-Natal.

|||

ZANELE MTHETHWA

ZISABISA ngokuphazamisa ukhetho loHulumeni baseKhaya izinduna zakwaZulu-Natal uma zingawatholi amaholo ezawathenjiswa ngonyaka odlule.

Umkhandlu omele izinduna esifundazweni uthe selokhu uMengameli Jacob Zuma agunyaza ukuthi sekumele zihole, azikaze zithole lutho yize kwezinye izifundazwe sebeqalile.

NgoLwesibili oluzayo izinduna ezingaphezu kuka-3 000 esifundazweni zizomashela emahhovisi oMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu eMgungundlovu zihambise incwadi yezikhalo.

UMengameli Zuma kuleli sonto umemezele ukuthi kumele yenyuke imali ekhokhelwa izinduna emuva kwezincomo ezenziwe yiKhomishini ebhekene nemihlomulo yabasemahhovisi omphakathi. IKhomishini ithe izinduna kumele zihole u-R84 125 ngonyaka nokho iKwaZulu-Natal ayinawo u-R171 million odingekayo ukuholela izinduna eziwu-2 039.

Kubikwa ukuthi kwezinye izifundazwe izinduna zihola phakathi kuka-R6 700 kuya ku-R9 000 ngenyanga.

UMnuz Vusumuzi Mthethwa oyinduna kwaNyavu, eMkhambathini, ongumhleli wemashi omele nomkhandlu Ubumbano Lwezinduna, uthe imashi iyisiqalo sokukhombisa intukuthelo yabo.

Uthe uma kungenzeki lutho emuva kwayo, bazoqinisa isandla njengoba befuna nokuphazamisa ukhetho lwangonyaka ozayo.

“Sesibekezele kwanela sixhashazwa wuhulumeni singayitholi nencazelo. Silindele imali engu-R160 000 yeminyaka emibili induna ngayinye. Akekho osayitholile futhi akukho mholo wenyanga esiwutholayo sisalinde imali yesethembiso. Kumanje siyaqhubeka nomsebenzi ngoba sihlonipha amakhosi,” kuchaza uMthethwa.

Uthe sekukaningi bezama ukuthola izincazelo ngokubambe imiholo yabo kodwa akucaci.

NgoJuni 6 babizelwa emhlanganweni eThekwini kukhona namakhosi, belindele noNgqongqoshe woMnyango, uNkk Nomusa Dube-Ncube.

“Salinda amahora amane umhlangano ungaqali, wagcina uqale ngo-4 ntambama ungqongqoshe engekho. Sathi sibuza ngamaholo satshelwa ukuthi uhulumeni usazama ukuthola imali yokusiholela. Kuthiwe ziningi kakhulu izinduna KwaZulu-Natal,” usho kanje.

Emuva komhlangano uMthethwa uthe babuyela ezifundeni baqoqa izinduna bezibikela ngalolu daba, kwathathwa isinqumo sokuthi kuhlelwe imashi. UMnuz Skhumbuzo Nzama, oyinduna kwaMafunze futhi ungomunye wabahlela imashi, uthe uma bengagodla amandla kungashuba ngoba mkhulu umsebenzi abawenzayo.

“Mncane umsebenzi owenziwa yinkosi ngoba namakhansela aqala kithina uma kudatshulwa imihlaba. Sisebenza kanzima sixazulula nemibango kodwa uhulumeni uyasethuka ngokungasiholeli,” usho kanje.

Isolezwe liyibonile incwadi ekhuluma ngemashi.

Okhulumela umnyango, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe udaba lwamoholo luyalungiswa kodwa kukhona imigudu esalandelwa.

“Siyalihlonipha iqhaza elibanjwe yizinduna futhi ngeke singawenzi umyalelo kamengameli. Sicela izinduna zibekezele ngoba yayingekho ibhajethi kodwa kukhona esikwenzayo ukuxazulula lolu daba,” kusho uMayisela.

Bavivela iGlebelands ngamasosha

$
0
0

Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthi bazogasela namasosha kube ncane indawo ehostela laseGlebelands.

|||

BAWINILE NGCOBO

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthi bazogasela namasosha kube ncane indawo ehostela laseGlebelands eMlazi eselidume ngezigameko zokubulawa kwabantu.

Izolo, uLt General Mmamonnye Ngobeni ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba ehhovisi likaNdunankulu eMgungundlovu, uthe bakhathazekile ngodala lwakuleli hostela.

Uthe sebevumelene ngokuthi bazosebenzisana nezinye izinhlaka okubalwa uMasipala weTheku kulolu daba.

“Sesike saba nawo umkhankaso wokulwa nobugebengu kule ndawo. Sifuna ukuba nomunye omkhulu wokukhuculula sihambisana nombutho wezokuvikela. Kuzoba kanye,” kusho uLt Gen Ngobeni.

Uthe akhona amaphoyisa akanise kuleli hostela kanti basebenzisana kakhulu noMasipala weTheku.

“Sizoqhubeka nokulwa nobugebengu sivikele impilo yabantu,” kusho uLt Gen Ngobeni.

UNgqongqoshe wezokuphepha kulesi sifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, ephawula ngomkhankaso wamaphoyisa nombutho wezokuvikela wokulwa nobugebengu i-Operation Fiela uthe kumele ugqugquzelwe ngoba banombono wokuthi uhulumeni yiwo okumele uhambe phambili ngezinhlelo zokulwa nobugebengu.

“Bekuwumbono wethu ngisho ngaphambi kokuthi iqale. Asisho ukuthi izoba khona zonke izinsuku kodwa ngesinye isikhathi uma kunezindawo eziyidingayo,” kusho uMchunu.

Uthe kunemiphakathi enezinga eliphezulu lobugebengu njengeyasemahostela, lapho kunezimpi zombango naKwaMaphumulo njengoba kubhoke udlame lwamatekisi.

Uthe izibalo zokuboshwa kwabantu ziyakhombisa ukuthi mukhulu umsebenzi osuwenziwe kulesi sifundazwe nokuthi izinga lobugebengu liphezulu kangakanani.

“Maduzane sizomemezela izinto ezibambekayo ngasohlangothini lwezokushushisa oluzocubungula amadokodo. Uma amadokodo amacala engahlelekile kuzoba nenkinga. Sikhathazekile ngesibalo esincane sokugwetshwa kwabantu uma uqhathanisa nesibalo sokuboshwa kwabo,” kusho uMchunu.

UNdunankulu uMnuz Senzo Mchunu uthe ngeke bavumele ukuthi lesi sifundazwe siphenduke umhhume wabaphangi.

“Siyanxusa ukuthi amaphoyisa aqinise isandla ezigebengwini, ikakhulukazi emacaleni okubulala. Sizohambisana nazo zonke izinhlelo zokulwa nobugebengu inqobo uma zihambisana nomthetho,” kusho uMchunu.

Uthe ngezikhathi ezithile bazoqhubeka nokuthola imibiko ngobugebengu esifundazweni balekelele amaphoyisa lapho edinga ukulekelelwa khona.

“Sidinga ukudlulisa umyalezo ezigebengwini nalabo abasafuna ukuzihlanganisa nobugebengu. Sithi emaphoyiseni, ‘shonani khona’.

Uthe amaphoyisa enza umsebenzi oncomekayo esifundazweni kodwa sisekhona isikhala sokuthi enze kangcono.

UMchunu uncome kakhulu isigwebo esinikwe uSibongiseni Mdakane owabulala iphini likathishamhloko eLuvisi Primary eNquthu, uMnuz Vusi Ntombela nomfundi kwalimala nomunye.

Uthe babonga amaphoyisa ngokubanjwa kwakhe engakabi kude nendawo yesigameko.

“Kwasithusa akwenza evulela ngenhlamvu esikoleni. Lokho kuchaza ukuthi nakwakho kungafika umuntu akudubulele khona,” kusho uMchunu.

Awukho kithini u-R5m kaSenzo - owePSL

$
0
0

UMnuz Ronnie Schloss uthi bazama ngayo yonke indlela ukuthi ugcine uphumile u-R5 million womshwalense kaSenzo Meyiwa.

|||

LERATO MBANGENI noLEBOGANG SEALE

OYISIKHULU sePremier Soccer League (PSL), uMnuz Ronnie Schloss, uthi bazama ngayo yonke indlela ukuthi ugcine uphumile u-R5 million womshwalense kaSenzo Meyiwa owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates.

Kuleli sonto kuqhamuke imibiko yokuthi umndeni kalo nozinti owabulawa ngo-Okthoba 26 ngonyaka odlule, kaweneme ngokungaphumi kwemali yakhe.

USchloss uthe lubaxinile udaba lukaSenzo njengoba kukhona nophenyo lwamaphoyisa ngokufa kwakhe, okwenza kube nzima nakubona.

USchloss uthe sebayihambisa yonke imininingwane namaphepha adingekayo ukuze umshwalense ukhokhe, akusekho ezandleni zabo.

“IPSL ikhokhela abadlali umshwalense bese kuba khona abengamele umshwalense. Uma sekuqediwe ukulungiswa kwawo wonke amaphepha adingekayo, izophuma imali.

“Siyazama ukulandela ukuthi kumiphi nomshwalense kodwa kungenzeka kuthathe isikhathi ngoba kunemicikilisho eminingi njengoba kumele kukhulunywe namaphoyisa,” kusho yena.

Uthe iPSL inobudlelwano obuhle nomshwalense iDelphisure futhi abakaze babe nezinkinga ngawo phambilini.

Kuthintwa uMnuz Ralph Claplan oyiMenenja yakwaDelphisure wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

“Angivumelekile ukuphawula ngenxa yobudlelwano esinabo nekhasimende,” kusho yena ngamafuphi.

Sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili kwadutshulwa uSenzo kubo kwentombi yakhe engumculi uKelly Khumalo, eVosloorus, eGoli.

Amaphoyisa athi azama ngayo yonke indlela ukuthola ababulali.

Uyise kaSenzo uMnuz Sam Meyiwa, kuthiwa useke waxhumana namaphoyisa ewazisa ngokubambezeleka kokuphuma kwezimali zomshwalense ngenxa yophenyo lwawo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-General Solomon Makgale uphikile ukuthi bazithele ngabandayo ngaleli cala.

Uthe kwakhethwa ithimba eliphezulu ukuphenya icala eliholwa nguLieutenant-General Vinesh Moonoo nabaseshi abangongoti.

“Saqoka ithimba labayisikhombisa elibhekele ukuphenya icala likaMeyiwa. Leli thimba lisebenza namalungu angu-40 angabaseshi abaseqophelweni eliphezulu, alindele ukubizwa noma yinini uma kukhona okuqhamukayo,” kusho uMakgale.

UMakgale uthe kuleli thimba kukhona nongoti wezokuhlolwa kwezidumbu uMajor Chris Mangena owayesophenyweni lwecala lika-Oscar Pistorious owaboshelwa ukubulala intombi yakhe uReeva Steenkaamp.

Uveze nokuthi amaphoyisa aseqoqe izitatimende ezingu-86 kofakazi abanye asebephoswe kaningi imibuzo.

Mayelana nodaba lokusatshiswa kukayise kamufi, uMakgale uthe akuhlangene necala lokufa kwendodana yakhe.

Uvalo kutholwa izidumbu zabesimame

$
0
0

Sekuqubuke uvalo emphakathini waseNtshangwe ngemuva kokutholakala kwezidumbu zabesifazane ababili zinqunu.

|||

LUNGI LANGA

SEKUQUBUKE uvalo emphakathini waseNtshangwe ohleli lubhojozi ngemuva kokutholakala kwezidumbu zabesifazane ababili zinqunu.

Kule ndawo amalungu omphakathi athi asephila ngokuhambe ejeqeza ngenxa yalesi sigameko esenzeke ngeledlule ezinsukwini ezilandelanayo.

Ngenxa yovalo nokwesaba, amalungu omphakathi abengafuni ngisho nokukhuluma nezintatheli, abakhulumile nazo bale baphetha ukudalula amagama abo nokuthathwa izithombe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uqinisekise izigameko ezimbili zokutholakala kwezidumbu ngoMsombuluko nangoLwesibili olwedlule.

UZwane uthe isidumbu sikaNksz Snethemba Kwanyana (27) sitholakale ePhezulu Safari Park, eNtshangwe, ngoMsombuluko.

Ngakusasa kwatholakala esikaNksz Nokubonga Khanyile (25) eMeadway.

UZwane uthe akukaboshwa muntu ngalezi zigameko.

Kuthiwa isikhwama sikaNksz Khanyile satholakala ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni eduze kwenkampani eyakha itiyela eCliffdale.

Isidumbu sakhe satholakala ngokuhamba kwesikhathi ngosuku olufanayo.

Ilungu lomndeni kaNksz Khanyile Isolezwe elixhumane nalo nelithe badabuka eStanger, lithe alithandi ukuxoxa nephephandaba ngalolu daba.

Ilungu lomphakathi eliphinde libe yilungu leCommunity Police Forum (CPF) eCliffdale elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe lesi sehlakalo sifake itwetwe kwabakhe kuleya ndawo.

Lithe abantu bakholwa wukuthi kungenzeka ukuthi umuntu obulala abantu ngumuntu owakhelene nabo.

Elinye ilungu lomphakathi nalo elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe sebesaba nokuyogibela ngoba izidumbu zitholakala eduze kwalapho kugitshelwa khona uma beya ePinetown naseHammarsdale.

“Okubuhlungu kakhulu wukuthi abantu bavame ukuhamba ngakuleya ndawo uma begibela amatekisi beya emsebenzini ngoba amatekisi awahambi ngaphakathi. Kungenzeka ukuthi laba abantu abebeya emsebenzini noma abantu ababulawe base bezolahlwa la,” kusho ilungu lomphakathi.

Umthombo oyilungu le-CPF usole amaphoyisa, ikakhulu awaseHammarsdale ngokungazithatheli phezulu izigameko zokubulawa kwabantu kuleya ndawo.

Uthe sekuke kwaba nezigameko eziningi kubulawa abantu bese uphenyo luphelela emoyeni.

“Size sigcina sesizondwa ngabantu ngoba bebona kungekho okwenziwayo ukunqanda izigebengu.

“Abantu abasuke benze ubugebengu kugcina sekuyibona abagcina sebesihleka ngoba bededelwa,” kusho leli lungu.

Kusolwa isoka ngobulawe wambathiswa

$
0
0

Kusolwa isoka ekufeni kowesifazane waseNanda.

|||

LUNGI LANGA

KUSOLWA isoka ekufeni kowesifazane waseNanda obezithwele otholakale eshonile endlini yakhe.

Umndeni kaNksz Sithembile Princess Mthembu okuthiwa ubengumhlengikazi esibhedlela eNtabeni, eThekwini, uthi usashaqekile ngokutholakala kwakhe eshonile.

Yize engcwatshwe ngeledlule uNksz Mthembu kodwa umndeni wakhe uthi ufisa atholakale ombulele ukuze ajeze ngesenzo sakhe.

Isihlobo sakhe esicele ukuthi igama laso ligodlwe ngoba sisaba, sithe basola ukuthi waxabana nesoka lakhe ebelihlala naye eSikebheni eNanda.

Uthe bathola ucingo kunina wesoka lakhe ebatshela ukuthi indodana yakhe elethe izingane zabo ezimbili kubo eNdwedwe. Uthi bathola ukuthi ngesikhathi unina embuza ukuthi uphi unina wezingane zakhe, waphendula ngokuthi akamazi. Ushiye izingane zabo zabafana ezimbili, eneminyaka emihlanu neneminyaka emibili nezinyanga eziyisithupha.

“Umama wesoka uthe ucele amaphoyisa ukuthi amphelezele eyobheka lapho behlala khona noSithembile bafica kukhiyiwe. Uthe amaphoyisa amtshele ukuthi ngeke akwazi ukuzingenela abanikazi bomuzi bengekho. Yingakho ecele ukuthi nathi sibuye sibabheke ngoba naye ubaba wezingane bagcine ukumbona ezoshiya izingane,” kuchaza isihlobo.

Ngesikhathi izihlobo zikaNksz Mthembu zifika kule ndlu engamagumbi amabili obekuhlala kuyo uNksz Mthembu nesoka lakhe nezingane, zifice kuvaliwe.

Uthe babheke ewindini babona uNksz Mthembu elele embathiswe ingubo yokulala.

“Ubeke asho ukuthi isoka lake liyamlwisa uma ebuya emsebenzini. Ubethi uma efika athi ibhasi kade lidlulile manje kungani yena efika ngalesi sikhathi afika ngaso ekhaya. Uma bebe nezinkinga uSithembile ubeke ahambe aye kwagogo bese efika khona esezomlwisa emfuna ngenkani,” kusho isihlobo.

Uthe basola ukuthi kukhona abathusana ngakho lase limlimaza.

Ngokusho kwakhe uNksz Mthembu ubenezibazi emzimbeni esinye sisenhlafunweni.

Nasemhlane ubenesibazi okungathi senziwe yisikhali esicijile.

Esinye isihlobo esazibonela naso esicele ukuthi igama laso ligodlwe sithe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ayizange ikhombise ukuthi yini ashaywe ngayo uNksz Mthembu. Uthe ngesikhathi etholakala ubegcwele igazi liphophoza lisuka ekhanda.

Nalesi sihlobo sikhale ngesihluku esikhonjiswe ebulawa njengoba eshayiwe waphinde walaliswa embhedeni wambathiswa ngengubo yokulala kwangathi wumuntu ozilalele embhedeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseNanda ayaphenya ngokubulawa kukaNksz Mthembu. Uthe isizathu sokubulawa asikaziwa.

‘Sasingahlosile ukudelela inkantolo’

$
0
0

UJeff Radebe, uthe akubanga yinhloso kahulumeni waseNingizimu Afrika ukudelela umyalelo wenkantolo ngesikhathi evumela uMengameli Omar al-Bashir ukuthi aphindele emuva.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

IZOLO uNgqongqoshe oseHhovisi likaMengameli, uJeff Radebe, uthe akubanga yinhloso kahulumeni waseNingizimu Afrika ukudelela umyalelo wenkantolo ngesikhathi evumela uMengameli Omar al-Bashir waseSudan ukuthi aphindele emuva kunokuthi ayoshushiswa yiNkantolo yamaZwe oMhlaba.

Ekhuluma nabezindaba ngomhlangano weKhabhinethi obungoLwesithathu, uRadebe ukuqinisekisile iNingizimu Afrika icabanga kabusha ngobulungu bayo be-ICC.

URadebe uthe uhulumeni akazange awudelele umyalelo weNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng othi u-al-Bashir akumele aphindele emuva.

“Uhulumeni waseNingizimu Afrika ukholelwa emthethweni yezwe, yingakho izinkantolo zethu zizimele. Sizohlezi siyithobela imithetho nemiyalelo yenkantolo,’’ kusho uRadebe.

“Asikho isinqumo esithathwe wuhulumeni esithi u-al-Bashir kumele ahambe yize inkantolo isikhiphe umyalelo omvimbelayo kulokho. Vele sesishilo ukuthi ikhona incwadi efungelwe esizoyiveza namuhla (izolo) eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ezocacisa.’’

URadebe uthe iNingizimu Afrika izoqoka ithimba longqongqoshe elizoxoxa neNkantolo yamaZwe oMhlaba elizokwethula isikhalo sayo ku-ICC.

URadebe uthe iNingizimu Afrika yasamukela isimemo seNkantolo yamaZwe oMhlaba, ngaphambi kwengqungquthela ye-African Union, ebihanjelwe wu-al-Bashir, sokuzokhuluma ngesiGaba 97 seRome Statute.

Umhlangano wawuhlelwe ukuthi uqondane nengqungquthela ye-AU kodwa iNkantolo yamaZwe oMhlaba yakhipha umyalelo othi ngokwesiGaba 97, u-al-Bashir kumele akhalelwe ngamasongo kaSigonyela, yize ingaluzwanga uhlangothi lukahulumeni.

Lesi senzo seNkantolo yamaZwe oMhlaba sicike uRadebe ogcine eseyisola ngokuthi ayizange ithembeke.

“Sonke sinezinkinga neNkantolo yamaZwe oMhlaba futhi lezo zinkinga zizolokhu zibonakala ngokuhamba kwesikhathi. Uhulumeni uzoqoka ithimba longqongqoshe elizoxoxa nale nkantolo,” kusho uRadebe.

“Siyakholelwa ekutheni ngokwesiGaba 97 kube khona ungathembeki kulolu olunye uhlangothi.”

URadebe uthe iNingizimu Afrika ingahoxa eNkantolo yamaZwe oMhlaba uma zonke izingxoxo sezifike kwangqingetshe. “Isinqumo esifuze lesi singathathwa uma iNingizimu Afrika isiyilandele yonke imigudu ukuthola ubulungiswa ngomthetho iRome Statute, usoMqulu weNhlangano yeziZwe neminye imithetho.”

Kudideka ijaji ngobambe ingane ihushulwa

$
0
0

IJaji uPhillip Nkosi, livele layeka ukubhala ngesikhathi ummangalelwa wesithathu uNksz Nokubonga Jalubane, eqala ekhala.

|||

BAWINILE NGCOBO

IJAJI ecaleni lokubulawa kwentombazane eyahushulwa amathumbu ngesitho sangasese, litshele ummangalelwa wesithathu obesebhokisini lofakazi izolo eNkantolo eNkulu eThekwini, ukuthi linenkinga yokuqonda ukuthi kungani aqhubeka wasiza ukubamba le ntombazane ebona ukuthi ikhishwa amathumbu.

IJaji uPhillip Nkosi, livele layeka ukubhala ngesikhathi ummangalelwa wesithathu uNksz Nokubonga Jalubane, eqala ekhala, echazela inkantolo ukuthi wayethandaza emgwaqweni sekufike amaphoyisa ngoba wayethukile ukuthi uSinethemba Dlamini (14) wayeseshonile emuva kokuhushulwa amathumbu.

Kuleli cala uNksz Jalubane ungumsolwa no-anti wakhe uNksz Fundiswa Faku, unina uNkk Lindelwa Jalubane nodadewabo uNksz Minenhle Jalubane.

UNkosi uthe akaqondi ukuthi kwakuthini emqondweni wakhe ngesikhathi ebona ummangalelwa wokuqala efaka isandla esithweni sangasese sengane, ayihushule amathumbu angamamitha angu-8.8 abuye nawo, afake futhi akhiphe izinso.

“Wawubona umonakalo owawenzeka kodwa waqhubeka wayibamba ingane uyicindezele phansi. Wawukwenzelani lokhu owawukwenza? Manje uyakhala sengathi wawungekho. Kuyadida lokho,” kusho uNkosi.

Ubuze ummangalelwa ukuthi kwakwenzekani emqondweni wakhe ngoba kwakungafani nokuthi ummangalelwa wokuqala wayemutshelile ukuthi kumele enzeni.

“Awusiyo ingane eneminyaka engu-10, ungumuntu omdala. Ufundile nginesiqiniseko wayifunda neBiology esikoleni, uyazi ukuthi kwenzekani uma umuntu ekhishwa amathumbu. Angiqondi,” kusho uNkosi.

UNksz Jalubane uthe akufikanga emqondweni lokho.

“Ngangizitshela ukuthi ummangalelwa wokuqala ukhipha i-code.”

UNkosi uthe wabona kodwa ukuthi kwakungesiyo i-code eyayiphuma kodwa kwakungamathumbu omuntu, wavuma.

UNksz Jalubane uthe ngaphambi kokubamba umufi wayezitshela ukuthi wayenamadimoni ngoba wayezibiza ngegama ledimoni futhi wayekholwa ukuthi ummangalelwa wokuqala wayezokhipha icode ngesikhathi efaka isandla esithweni sikamufi sangasese.

UNksz Jalubane uphoswa imibuzo ngumshushisi uNksz Happy Mazibuko uthe babengaphoqiwe ukubamba umufi kodwa babembambe ukuze anganyakazi.

Utshele inkantolo ukuthi akazi ukuthi kwagcina kwenzekeni ngamathumbu ayehushulwa wawagcina efakwa epuletini.

Ummangalelwa wesine uNksz Minenhle Jalubane, yena utshele inkantolo ukuthi bafika ngoLwesihlanu lwesigameko nommangalelwa wesibili, kanti befika ummangalelwa wokuqala watshela ingane yakhe ukuthi ibadunusele ngoba akafuni bangene namadimoni endlini.

Icala liyaqhubeka.


Kuvalwe ngehlahla kusha umuzi

$
0
0

“Ngiyakuthanda myeni wami futhi ngifuna wazi ukuthi ngikuzwa ngaphakathi.” Lawa kube ngamazwi okugcina kaNksz Zimasa Sotiya.

|||

ZANELE MTHETHWA

‘NGIYAKUTHANDA myeni wami futhi ngifuna wazi ukuthi ngikuzwa ngaphakathi.” Lawa kube ngamazwi okugcina kaNksz Zimasa Sotiya (30), abewatshela umyeni wakhe ocingweni ngaphambi kokuthi umlilo ubhubhise umuzi wabo ePhilani, eMlazi ngoLwesithathu ekuseni, kwashona yena nezingane ezimbili. Umyeni wakhe uMnuz Sakhe Mbiko (32), obesemsebenzini ngesikhathi eshayelwa ucingo ngumkakhe ngo-10 ebusuku ngoLwesibili, uthi imxakile indlela akhulume ngayo ocingweni kanti useyamvalelisa.

Umlilo okusolwa ukuthi udalwe wugesi, uvale ngehlahla kulo mndeni njengoba kushone nezingane zabo uLukholo (5) noKhazimula ononyaka nezinyanga ezintathu. Kusinde uNksz Yonela Sotiya (22) olashelwe ukuthuka esibhedlela eMshiyeni wadedelwa izolo.

Elandisa Isolezwe uMbiko obesashadelwe unyaka owodwa nomkakhe, uthi kusaduma ikhanda akukakholakali ukuthi ushonelwe wumndeni wakhe wonke.

“Bengisemsebenzini esibhedlela eKing Edward (VIII) kuwusuku lokugcina ngingena ebusuku ngoba bese ngizohlaba ikhefu. Kwenzeke into engajwayelekile ngoLwesibili umkami engifonela ebusuku egcizelela ukuthi uyangithanda. Nami ngimtshele ukuthi ngiyamthanda ngamtshela nokuthi sesizoba ndawonye ngoba ngingena okokugcina emsebenzini,” usho kanje.

Uthe baqhubekile negxoxo kuWatsApp.

“Ngithole ucingo kumuntu engingamazi ngo-6:20 ekuseni izolo (ngoLwesithathu) engitshela ukuthi angiphuthume ekhaya konakele. Ngithe ngifonela umkami ngangamthola. Sengibuyela kobengifonelile naye angimtholanga, ngafonela umfowethu saya ekhaya. Sihlangane ne-ambulensi ngabuza uYonela ephakathi, ukuthi baphi abanye kwasho ukuthi naye usadidekile,” kulandisa uMbiko.

Uthe indlela umuzi oshe ngayo abavunyelwanga ngisho ukungena, batshelwa ukuthi umkakhe nezingane baphelele phakathi. UMbiko usale nezimpahla abezigqokile njengoba ethi kushe ngisho omazisi nezitifketi zezingane.

UYonela okuthiwa ubelele nezingane kusha, uthi uNksz Sotiya wabuya emsebenzini wapheka, kwahamba ugesi ngo-6 wabuya ngo-8 babuka ndawonye ithelevishini. Uthe ugesi uke wacisha ngoLwesibili kwawa neswishi okuyingakho besola ukuthi iwona odale umlilo.

“Ngiphaphame ngo-4 ekuseni ngizwa usisi ememeza ethi kuyasha angithathe izingane. Ngizithathe ngazibeka ephaseji ngabulala iwindi ngaphuma ngalo,” usho kanje.

Kuthiwa izidumbu zitholakale ngokuhlukana njengoba ezezingane zitholakale ephaseji.

Izolo uMbiko ubesemakhazeni wanqatshelwa nokubona izidumbu ngendlela okuthiwa zishe ngayo.

Sizulelwa ngamanqe isikhundla sikaPhiyega

$
0
0

Ikhomishini ebiphenya ngesigameko sokubulawa kwabasebenzi basemayini eMarikan imthole emsulwa uMnuz Cyril Ramaphosa.

|||

ZANELE MTHETHWA

IKHOMISHINI ebiphenya ngesigameko sokubulawa kwabasebenzi basemayini eMarikana kwashona abangu-34 ngo-Agasti wango-2012, imthole emsulwa uMnuz Cyril Ramaphosa oyiPhini likaMengameli nabanye ongqongqoshe ababili abebesolwa.

Izolo uMengameli Jacob Zuma wethule lo mbiko ofingqiwe kungalindelwe njengoba bese kunomsindo abamele imindeni eyashonelwa namaqembu aphikisayo befuna umengameli asheshe awukhiphe.

URamaphosa ubesolwa ngokuba nesandla ekushoneni kwalaba basebenzi njengoba kuthiwa nguye owathumela umyalelo wokuthi badutshulwe. Ethula umbiko othathe imizuzu engu-40, uZuma uthe ikhomishini ithole ukuthi akukho okubambekayo ngalezi zinsolo.

“Umkhandlu omele abalimele nababoshwa wathi uRamaphosa kumele athwale icala ngokufa kwabangu-34 kodwa lezi zinsolo azibambeki,” kusho uZuma.

OwayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa obekuthiwa kumele abekwe icala njengoba amaphoyisa kuyiwo adubula abasebenzi, ikhomishini ithe akanacala. UNgqongqoshe uSusan Shabangu owayenguNgqongqoshe wezokuMbiwa nezaMandla, obengomunye wabasolwayo naye utholakale emsulwa. Umengameli akazange angene kakhulu ekutheni kungani ikhomishini ibathole bengenacala labo ngqongqoshe.

Nokho akubanga yisimo esifanayo kuMkhuzi wamaPhoyisa uGeneral Riah Phiyega, uZuma aveze ukuthi usembhalele emtshela ngombiko wekhomishini, aqhubeke nokuphenywa ukuthi usakulungele yini ukuba kulesi sikhundla.

UZuma wendlalele umbiko ngokubonga uJaji Ian Farlam obengamele uphenyo nabesebenza nabo athe benze umsebenzi oseqophelweni eliphezulu nethimba lakhe. Ubonge nemindeni ngokubekezela nokusebenzisana nekhomishini.

Umbiko uveze ukuthi izikhulu zemayini iLonmin azizange zenze okwanele ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi ababengasingenelanga isiteleka esasingekho emthethweni baphephile. Uveze nokuthi abazange benze okwanele ukuxazulula izinkinga ezaholela esitelekeni.

Ikhomishini ithole ukuthi i-Amcu ayizange iwaseke ngokwanele amalungu ayo, yangakuqinisekisa ukuthi akekho ozozithole esengcupheni.

“Abasebenzi bacula amaculo asusa uhlevane okwenza isimo saba manzonzo kakhulu. UMengameli Joseph Mathunjwa wenza konke okusemandleni ukuzama ukunxenxa abasebenzi ukuthi babeke phansi izikhali. Kwaba nokubhekana ngeziqu zamehlo kwabatelekile okwaholela ekutheni kufe nonogada kwathinteka nabasebenzi ababengatelekile.

Ikhomishini igxeke neNational Union of Mineworkers (NUM) ngokudukisa abasebenzi ezingxoxweni zamaholo yangabavimba nabasebenzi ukuze bangalinyazwa ngababetelekile.

“Abasebenzi baseLonmin bayabonakala kwi-vidiyo behlomile, ikhomishini iphakamise ukuthi kufundiswe kabanzi ngobungozi bokuhloma ngezikhali zendabuko uma kutelekiwe,” kusho umbiko.

Umbiko uveze ukuthi uhlelo lwamaphoyisa kwakungamele lwenzeke ngo-Agasti 16 ngoba kwakuvele kuzoba nzima ukulawula abasebenzi abebetelekile ababehlomile. Ithe kwakumele balinde usuku olulandelayo ukuqhubeka nohlelo.

Ngenxa yalokhu ikhomishini iphakamise ukuthi kushintshwe indlela yokusebenza kwamaphoyisa uma kunezimo ezifana nalezi.

“Kumele kube nethimba longoti abazoqokwa okubalwa kubona namaphoyisa ukuze liphenye ngokungenziwa ukulawula izimo ezifana nesaseMarikana ngaphandle kokudubula. Kumele kuqoshwe yonke ingxoxo eyenzeka uma kulawulwa lezi zimo futhi igcinwe. Uma isimo sinzima kumele kube nabazobhekelela usizo lokuqala futhi kumele kuqeqeshwe wonke amaphoyisa kulo mkhakha wokunika usizo lokuqala nokulapha labo abasuke belimele,” kusho uZuma.

Ikhomishini ithole ukuthi kwaba nokubambezeleka ekutholeni usizo kulabo abalimala. Iveze ukuthi kwakuzosinda okungenani oyedwa ukube usizo lwasheshe lwafika kodwa kwathatha ihora.

“Okunye okuphathele nalo mbiko kusazobuye kuvezwe ezinhlakeni ezifanele. Bakwethu lo mbiko engiwethulayo unamakhasi angaphezu kuka-600, yingakho ngicele ukuthi umbiko ophelele ushicilelwe kwiGovernment Gazette ukuze wonke umphakathi uzibonele,” kusho uZuma.

“Akekho owayelindele ukuthi kwenzeke lesi sibhicongo ezweni elikhululekile. Kumele sithole isifundo ngalesi sigameko ukuze sikwazi ukubumba isizwe esinokuthula. Udlame alunayo indawo kule nkululeko esiyithole kanzima,” kugoqa uZuma.

Sekuqalile ukunqanyulwa kwamanzi

$
0
0

Bakhathazekile abantu baKwaZulu-Natal ngohlelo lokunqanyulwa kwamanzi amahora ayisithupha.

|||

BONISWA MOHALE

BAKHATHAZEKILE abantu baKwaZulu-Natal ngohlelo lokunqanyulwa kwamanzi amahora ayisithupha ngenxa yesomiso esihlasele esifundazweni.

Isolezwe liye ezindaweni ezahlukene ukuthola ukuthi ukunqanyulwa kwamanzi kubaphethe kanjani abantu.

Lithole ukuthi eWaterloo nakwezinye izindawo ezithola amanzi eHazelmere Dam, abantu banqanyulelwe amanzi ngo-9 ekuseni aze abuya ngo-3 ntambama.

UNksz Thando Zondi (19) uthe uxakekile sebevuka amanzi engekho ngo-9 ngoba ubengawashile kodwa-ke ngoba useyazi ukuthi anqanyulwe ngenxa yesomiso usezovuka ekuseni enze imisebenzi yasendlini.

“Uma amanzi engekho kunzima ukuphila ngoba besingawafakile ezigubhini kodwa njengoba sesazi ukuthi acinywa ngenxa yesomiso sizovuka ekuseni sisheshe siwakhe. Siyabonga nokuthi uhulumeni uyasicabangela ngokuthi awanqamule amahora ambalwa kunokuthi sizithole sesiwathenga ezitolo. Asisebenzi ngakho uma sekuthiwa amanzi kumele siwathenge singaba senkingeni,” kusho uNksz Zondi.

Amazwi akhe enanelwe ngunina othe impela uma engekho amanzi kunzima ngisho ukuya ethoyilethi.

UNksz Noxolo Ntuli (21) obeyokha amanzi noNksz Nobuhle Masango (22) eMthombeni eduze kwedamu iHazelmere, uthe sebekujwayele ukunqanyulelwa amanzi noma ancishiswe ngenxa yesomiso.

“Amanzi ajwayele ukunqanyulwa ngo-8 ekuseni aze abuye ngo-4 ntambama. Ngeke size sikhale ngohulumeni ngoba siyabona ukuthi idamu lishile. Thina esingakwenza wukwamukela isimo esibhekene naso sikhulekele nemvula,” kusho uNksz Ntuli.

UNkk Samkelisiwe Masuku (39) obizwa ngoMam Ndlovu eHazelmere unxuse abantu ukuba bonge amanzi ngoba akukho lapho ezothathwa khona uma imvula ingani.

Igceke lakwakhe ligcwele imiphongolo yamanzi nezigubhu.

“Amanzi ngiwathutha ekuseni ngiwagcwalise emphongolweni, ezigubhini nasemabhakedeni. Engiwasha ngawo angiwachithi ngoba ngisuke ngizochelela ingadi noma sishaye ngawo ithoyilethi. Ngicela abantu bonge amanzi ngoba isomiso sibhokile ngeke sibe nawo uma imvula ingani,” kusho uMam uNdlovu.

Abaxhaphaza amanzi bazoqondiswa ubugwegwe. Omasipala bakhiphe amaphoyisa azoqinisekisa ukuthi umphakathi awuwashi izimoto noma yikanjani.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe amanzi sebeyawanqamula njengoba kwenza u-Eskom kugesi ngenxa yokuthi abantu abalaleli uma betshelwa ukuthi mabawonge.

Bazowanqamula kuze kune imvula ngenxa yokuthi imifula ishile namadamu awanamanzi.

Yize izinkampani eziningi zingathandanga ukukhuluma neSolezwe zithi zidinga igunya elivela ekomkhulu kodwa zithe zinezinhlelo zokuthi amanzi asetshenziswa kanjani.

Isikhulu esiphethe amafemu akwaSthebe, uMnuz Keith Palmer, sithe amanzi bawasebenzisa ngokucophelela yize kungakafiki isimo lapho bezithola bengenawo emafemini.

“Sinokuxhumana okuhle noMasipala waseMandeni ngakho siyashesha ukwaziswa ngezinhlelo ezikhona zamanzi bese sihlela ngendlela efanele. Abantu kumele bonge amanzi ngisho nathi esingakanqanyulelwa wona ngoba isomiso sihlasele iKwaZulu-Natal yonke,” kusho uPalmer.

Izotheleka eKZN i-Cuban 5 yodumo

$
0
0

Izoshoshovu zaseCuba ezidume umhlaba wonke zizovakashela KwaZulu-Natal.

|||

MLUNGISI GUMEDE

IZISHOSHOVU zaseCuba ezidume umhlaba wonke ebezigwetshwe iminyaka e-USA ngoba zisolwa ngokuba izingede, i-Cuban Five, zizovakashela KwaZulu-Natal kusasa ngenhloso yokuzohlonipha labo ababe ngomengameli bokuqala be-ANC, uDkt John Langalibalele Dube neNkosi Albert Luthuli.

Lezi zinsizwa okungoMnuz Gerardo Hernandez, Ramón Labañino, Fernando Gonzalez, Antonio Guerrero noRené Gonzalez zizovakashela emzini kaDube noLuthuli ziphinde ziye emathuneni abo ziyobahlonipha ngeqhaza labo emzabalazweni.

Lezi zishoshovu zizoqala emzini kaLuthuli osuwaphendulwa isigcinimagugu eGroutville, KwaDukuza, zisuke lapho ziye elibeni lakhe.

Zizosuka KwaDukuza ziye eNanda emzini kaDube nakhona zenze okufanayo.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe inhloso yokuvakasha kwalezi zishoshovu zomzabalazo esifundazweni ukuzohlonipha labo ababengabaholi be-ANC abangasekho, ngeqhaza labo.

“Uyazi ukuthi iKwaZulu-Natal inomlando ojulile emzabalazweni njengoba ikhiqize abaholi abaningi asebeke baba omengameli be-ANC kubalwa nalaba abazohanjelwa i-Cuban Five,” usho kanje.

Uthe khona kusasa kuzophinde kube khona izingxoxo phakathi kwalezi zishoshovu nabaholi esifundazweni eCity Hall, eThekwini lapho kuzobe kucotshelelwana ngolwazi ngezinto eziningi.

“Kuzoqedwa leyo ngxoxo bese kuba khona isidlo sasebusuku,” usho kanje.

I-Cuban Five itheleke eNingizimu Afrika ngeledlule kanti ihambela zindawo ezahlukene ezinomlando emzabalazweni.

Inhlonso-ngqangi ye-Cuban Five ukuzobonga uKhongolose nabantu baseNingizimu Afrika ngokuyeseka ekutheni igcine idedelwe e-USA.

Laba balisa balahlwa amacala okubopha itulo lukubulala nokuba izinhloli zikahulumeni waseCuba ngaphakathi e-USA ngo-1998.

UGonzalez nguyena owakhululwa kuqala ngemuva kokuqeda isigwebo seminyaka engu-13, kwathi laba abanye abane bona bakhululwa ngo-2014.

I-Cuba inobudlelwano obuhle namazwe asezwenikazi i-Afrika, ikakhulukazi aseNingizimu okubalwa iNingizimu Afrika, Angola, Mozambique neNambia njengoba kuyiyo eyawasiza ekutheni anqobe ingcindezelo.

Izitabane zimashele amalungelo

$
0
0

“Siyaziqhenya ngobutabane bethu, asisoze saphela amandla.”

|||

ZANELE MTHETHWA

‘Siyaziqhenya ngobutabane bethu, asisoze saphela amandla.”

Beliculwa kushise inkundla leli culo ngoMgqibelo emashini yaminyaka yonke yezitabane ebizwa ngeGay Pride eThekwini eqhakambisa ukuhlonishwa kwamalungelo azo. Abebehambele le mashi ephelele ngaseShaka Marine World, baqungele amakhaza nemikhemezelo yemvula betshakadula. Bebephethe izingqwembe ezinemiyalezo ehlukene omunye uthi: “UNkulunkulu ungithanda nginje.”

Bekuminye utshumo eThekwini izitabane ebezigqoke imibala egqamile nezinsizwa zishaye amaqhoks zikhombisa ukuziqhenya. Abebedlula bebekhexa bebukeka bedidekile ngokwenzekayo, abanye beshutha ngamaselula. Ngaphambi kokuthi kuqale imashi kumenyezelwe ngombhobho ukuthi izitabane ziyobukisa, zenze ezidume ngakho. Lesi simemezelo silandelwe yingoma edle ngesigubhu, izitabane zidansa zize sikhase zimemeza ziklabalasa.

Imashi ibihanjelwe nangamalungu eDemocratic Alliance okubalwa uMnuz Zakhele Mbhele oyilungu lePhalamende kanye nomholi we-DA waKwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango othe bazokweseka izitabane ngoba zinamalungelo kuleli.

UMbhele owaba yilungu lokuqala ePhalamende lakuleli ukuphumela obala ngobutabane, ubeqala ukuba yingxenye yemashi yaseThekwini. Uthe ujwayele ukuhambela eyaseCape Town naseGoli lapho le mashi eyaqala khona ngo-1990.

“Ngiyajabula ukuthi ngibe yingxenye yemashi yaseThekwini ngoba yilapho ngazalelwa khona. Yize eyaseGoli inkulu kakhulu, siyethemba ukuthi neyaseThekwini izokhula nabangakabi nalo ulwazi ngayo bawuthole umyalezo,” kusho yena.

Uthe yize izitabane sezinawo amalungelo njengoba nemishado yazo isivunyelwe wumthetho-sisekelo wakuleli kodwa zisekhona izingqinamba.

“Kusekhona ukucwaswa ezindaweni eziningi zomphakathi ngisho abaya emitholampilo babuzwa okuningi nokuthi balwenza kanjani ucansi. Izitabane zisadlwengulwa ngoba kuhloswe ukuzihlukumeza ngobulili bazo. Abanye abamukeleki kahle ngisho beyobhalisa imishado eMnyangweni wezaseKhaya,” kunaba uMbhele.

UNonhlanhla Mkhize oyiMenenja yeDurban Gay and Lesbian Society futhi ongumgqugquzeli wemashi, uthe bekungeyesihlanu le mashi eThekwini. “Yize ingakafiki kweyaseGoli ngokwezibalo kodwa kuyasijabulisa ukuthi kulo nyaka sijoyinwe ngisho abezinye izinkolo, okubalwa amaMuslim namaHindu. Kuyasija-bulisa nokuthi ngesikhathi siqala kwakungathi ngeyabantu abamnyama kodwa sesinazo zonke izinhlanga,” usho kanje. Uthe akumele abantu bakhunjuzwe yimashi kuphela ukuthi izitabane zinamalungelo okuphathwa njengabo bonke abantu. Uthe umphakathi uyadinga ukufundiswa ngoba kusekhona abahlukunyezwayo nababulawayo ngenxa yobutabane.

Kusukunyelwe olwezinduna

$
0
0

Izinduna zimise imashi yokukhala ngamaholo azo ebizoba kusasa eMgungundlovu.

|||

ZANELE MTHETHWA

IZINDUNA zimise imashi yokukhala ngamaholo azo ebizoba kusasa eMgungundlovu emuva kokuba kungenele uNdunankulu uSenzo Mchunu noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube.

Bekulindeleke ukuthi izinduna ezingaphezu kuka-3 000 ezifundeni ezahlukene zimashele emahhovisi omnyango ukuyonikeza uNgqongqoshe incwadi yezikhalo. Izinduna zifuna kufezeke isithembiso esasayinwa nguMengameli Jacob Zuma ngonyaka odlule lapho athi kumele zikhokhelwe iminyaka emibili okuyimali elinganiselwa ku-R160 000 induna ngayinye. Zikhale ngokuthi yize kwezinye izifundazwe izinduna sezihola, kulesi sifundazwe azikakhokhelwa amaholo ezikweletwa wona futhi azikaqali nomholo wenyanga.

Ngesonto eledlule uMengameli uphinde wamemezela ukuthi kumele anyuke amaholo ezinduna emuva kwezincomo ezenziwe yiKhomishini ebhekene nemihlomulo yabasebenza emahhovisi kahulumeni.

Konke bese kumi ngomumo ukuthi izinduna zimashe kusasa njengoba Isolezwe liyibonile nencwadi egunyazayo. Nokho kushintshe konke lokhu ngemuva kokuthi umkhandlu omele izinduna ubizelwe emhlanganweni ophuthumayo ngoLwesihlanu eMgungundlovu. Lo mhlangano okuthiwa uthathe amahora amahlanu, uphethe ngokuthi kuvunyelwane ngokuthi ingabe isaqhubeka imashi.

UMnuz Vusumuzi Mthethwa, ohola umkhandlu wezinduna futhi obengomunye wabebehlela le mashi, ukuqinisekisile ukuthi bayimisile emuva kwezivumelwano emhlanganweni.

“Obekwenza sihlele imashi wukuthi besifuna lusukunyelwe udaba lwethu ngoba kade sasikhala kodwa kungekho osinakayo. Umhlangano noNdunankulu noNgqongqoshe ube yimpumelelo ngoba kukhona esivumelane ngakho. Sivumelane ngokuthi kube nezingxoxo kuze kube luyalungiseka lolu daba okwenze sabona kumele siyimise imashi,” kuchaza uMthethwa.

Uthe ngoLwesine bazoba nomunye umhlangano ofanayo okulindeleke ukuthi baphume nomkhombandlela.

“Sicele ukuthi okungenani akube khona ingxenye yemali esikhokhelwa yona kusalungiswa kodwa hhayi kuthule nje. Basithembisile ukuthi ngoLwesine kukhona abazobe sebesiphendula ngakho mayelana nesicelo sethu. UNdunankulu noNgqongqoshe basithembise ukuthi bazosebenza ubusuku nemini ukuzama ukuqhamuka nesixazululo esisheshayo kulolu daba.”

UMthethwa uthe ngemuva komhlangano wangoLwesine bazohlangana nazo zonke izinduna ezifundeni ukuzethulela umbiko.

Okhulumela uNkk Dube-Ncube, uMnuz Msawakhe Mayisela ukuqinisekisile ukuthi udaba lwezinduna luyalungiswa.

‘I-Limusa kumele ivikele umfelandawonye we-ANC’

$
0
0

UMnuz Thulas Nxesi unxuse amalungu eLimusa ukuba avikele umfelandawonye we-ANC, SACP neCosatu ezitheni.

|||

MLUNGISI GUMEDE

IPHINI likaSihlalo wamaKhomanisi kuzwelonke eliphinde libe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMnuz Thulas Nxesi linxuse amalungu enyunyana entsha yokusansimbi iLiberated Metal Workers Union of South Africa (Limusa) ukuba avikele umfelandawonye we-ANC, SACP neCosatu ezitheni.

Ekhuluma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beLimusa e-Edgewood ePinetown izolo, uNxesi uxwayise labo abafuna ukusungula umfelandawonye omusha wezinyunyana wathi lokho abakwenzayo kuzogqugquzela ubungxiwankulu.

“Siyezwa kukhona abakhuluma ngokusungulwa komfelandawonye omusha wezinyunyana. Kumele bazi le nto abafuna ukuyiqala ukuthi iyingozi,” kusho uNxesi.

Uthe amalungu eLimusa kumele ahlangane, avikele iCosatu namadlelandawonye ayo.

UNobhala-jikelele weLimusa osekhethwe ngokusemthethweni uMnuz Cedric Gina, uthe ingqungquthela yabo ibe yimpumelelo yize zibe khona izingqinamba ezimbalwa njengokuthi isikhungo abebenzele kuyo le ngqungquthela iNyuvesi yaKwaZulu-Natal besibathembise ukuthi sizobahlinzeka ngendawo yokulala kodwa kwagcina sekukhona inkinga.

“Amalungu ethu agcine esephoqeleka ukuthi azizamele izingubo zokulala ngoba singanikwanga zona namashidi kodwa siyabonga ukuthi akwazile ukusamukela isimo,” kusho uGina.

Uthe bebelindele izihambeli ezingu-250 kodwa kuthe kuqala ingqungquthela bekusekhona ezingu-176.

“Inyunyana yethu izoqinisa ekwakheni kakhulu amathuba emisebenzi njengoba sifuna ukunxenxa ezinye izinkampani ezakha izimoto ukuba zingene lapha eNingizimu Afrika. Uma ubheka lapha eNingizimu Afrika sinoToyota kuphela kodwa ziningi izinkampani ezakha izimoto,” usho kanje.

UGina uthe okwamanje basenamalungu angu 7 700, ezweni lonke wathi unethemba lokuthi sizokhula isibalo sabo.

Uthe zikhona izinkampani esebekwazile ukungena kuzona, wengeza ngokuthi okwamanje basematasa baxoxisana noToyota ukuze basebenzisane nawo.

“UToyota uthi okwamanje ngeke ukwazi ukuthi ubambe imali kumalungu ethu esinawo ngoba awakafiki ku-30%. Bathi bayasaba ukuthi uma singasayina nabo singakalihlanganisi leli phesenti abalifunayo, iNumsa ingateleka bese kuphazamiseka umkhiqizo,” usho kanje.


UKelly ‘ngeke athole ngisho indibilishi’

$
0
0

Uyise kaSenzo Meyiwa uthi ngeke athole ngisho isenti uKelly Khumalo emalini yomshwalense yendodana yakhe.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UYISE kalowo owengunozinti wokuqina weBafana Bafana ne-Orlando Pirates owabulawa uSenzo Meyiwa, uthi ngeke athole ngisho isenti umculi we-Afro-pop uKelly Khumalo emalini yomshwalense yendodana yakhe.

Ekhuluma neSolezwe izolo ngemuva kokuphuma kombiko wephephandaba langeSonto iSunday World, othi uKelly uxoxa nabameli ukuze bamsize athole ingxenya ka-R5 million wemali yomshwalense kaSenzo, uMeyiwa uthe akazi ngempela ukuthi uKelly ufunani emndenini wakhe.

Umndeni kaSenzo kulindeleke ukuthi uthole imali yomshwalense enguR5 million evela kuPSL, kulandela ukushona kwakhe.

“Umakoti kaSenzo akakhulumi lutho ngezimali uzwa ngathi siwumndeni kodwa naye unayo ingane noSenzo. Kuzoqhamuka intombi esingubhongoza ikhuluma ngezindaba zemali,” kusho uMeyiwa.

Uthe kuyacaca ukuthi uKelly uzifunela imali ngokufa kukaSenzo.

“Akukwazi ukuthi kushoniwe kusenendida ngisho nangababulali, wena usuzokhuluma ukuthi ufuna izimali zemishwalense lokho kuyasithusa siwumndeni.”

Uthe kuzomele athole izeluleko zomthetho ngenhloso yokunqanda uKelly ezinhlelweni zakhe.

Ngokombiko weSunday World, umthombo osondelene noKelly ucashunwe uthi lo mculi uye kumdidiyeli wezingoma uChicco Twala, eyofuna usizo lwabameli ngenhloso yokuthola ingxenye emalini yomshwalense kaSenzo.

Ummeli kaTwala ucashunwe kuleli phephandaba ekuqinisekisa ukuthi uKelly ufikile kubona bathembisa ukuthi bazomsiza.

Umthombo ucashunwe uthi uKelly akazifuneli yena imali kodwa uyifunela ingane yakhe uyise wayo okunguSenzo.

Sekuphela unyaka manje uSenzo abulawa kodwa amaphoyisa awakabophi muntu ngokufa kwakhe ngaphandle komsolwa owabanjwa kodwa wabuye wadedelwa ngoba kutholakala ukuthi abukho ubufakazi obumhlanganisa necala.

Ngeledlule amaphoyisea akhiphe isitatimende ecela uMeyiwa ukuba ehlise kancane ukukhuluma nabezindaba ngecala emsola ngokuthi uphazamisa uphenyo lwawo.

‘Sizobheka isinqumo seNersa’

$
0
0

Abakwa-Eskom bathe basazosicubungula isinqumo esithathwe i-Nersa sokubanqabela ukuthi banyuse intengo kagesi ngo-9.58%.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

IZOLO abakwa-Eskom bathe basazosicubungula isinqumo esithathwe iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) sokubanqabela ukuthi banyuse intengo kagesi ngo-9.58%.

“Sisibonile isinqumo seNersa futhi sisazosicubu-ngula kahle bese sixoxa nabo ngaphambi kokuthi sinabe kakhulu,’’ kusho uThava Govender oyisikhulu esisabambile kwa-Eskom.

Abakwa-Eskom bathe ukunyuswa kwentengo kagesi bekuqondwe ngakho ukwelekelela ama-Open Cycle Gas Turbine (OCGT) bese kugqitshwa izindleko zokuthengwa kukagesi ngokohlelo i- Short-Term Power Purchase Programme (STPPP) ukuze kunqandeke inkinga yokuhamba kukagesi nenomthelela omubi emnothweni.

Abakwa-Eskom baqale ngokufaka isicelo sokunyusa ugesi ngo-25.3% kulo nyaka, ngo-Ephreli 1 abakwaNersa bagunyaza u-12.6%.

Ngesonto eledlule abakwaNersa babe nezithangami nomphakathi ezidonse izinsuku ezimbili eGoli befuna ukuzwa ngesicelo sakwa-Eskom. Abamabhizinisi, izinyunyana, izinhlangano zomphakathi nezakhamizi nje zisichithile isicelo sakwa-Eskom, zikhala ngokuthi imali ayibonwa nokuthi lokhu kuzoholela ekutheni abantu balahlekelwe yimisebenzi, ikakhulukazi embonini yamabhizinisi amancane.

Kwa-Eskom bathe bafuna u-R32 billion ukuze bakhokhele udizili abawusebenzisayo oya kuma- OCGT. Ziyaqhubeka izinyanga kwa-Eskom belokhu becisha ugesi okuyimizamo yabo yokulinganisa isikhathi sokukhandwa kwemishini kanjalo nogesi okumele uye emphakathini.

I-DA isamukele isinqumo seNersa sokuchitha isicelo sakwa-Eskom.

UMnuz Gordon Mackay weDA uthe kumele sishayelwe izandla isinqumo ngoba kufana nokunqoba kwezakhamizi ezithenga ugesi, umnotho nabo bonke abakuleli abangasebenzi.

“Akuwenzi umqondi ukuthi abakwa-Eskom benyuse intengo kagesi ngalolu hlobo nobekuzothusa umnotho, bese abantu belahlekelwa yimisebenzi yabo,’’ kusho uMacka, evala ngokuthi yisinqumo seNersa sizocaba indlela ekutheni kulungiswe kwezamandla.

U-VZ uvinjwe wodokotela ukuya emgcwabeni

$
0
0

Akasakwazi nokuya emngcwabeni wabantu asondelene nabo ngenxa yokuxinwa wukugula uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

AKASAKWAZI nokuya emngcwabeni wabantu asondelene nabo ngenxa yokuxinwa wukugula uMengameli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi. Kuthiwa odokotela bamvimbele ukuya emngcwabeni ngempelasonto.

Ubengabonwa nangokhalo uMagwaza-Msibi ngesikhathi kutshalwa inkosi uSiphesihle “Khuba” Mpungose (28) abeyithathisa okwendodana yakhe, ngenxa yemibiko yokuthi unqatshelwe odokotela ukuba aphume endlini.

Inkosi uMpungose ikhothame ngoJuni 16 emuva kokugula, yatshalwa ngeSonto oLundi.

UMpungose obeyilungu eliqavile leNFP oLundi, ubefana nendodana kumengameli weqembu owamkhulisa ngemuva kokushona kwabazali bakhe.

UMagwaza-Msibi kwathatha isikhathi ukuba atshelwe ngokukhothama kwenkosi ngenxa yakho ukwesabela isimo sempilo yakhe njengoba kuvele ukuthi konke sekuqale kutshelwe odokotela bakhe kuqala bese kuba yibo abadlulisela umyalezo kuyena.

UMnuz Sphamandla Ntombela, umholi weNFP oLundi uthe yize bekulindeleke ukuba umengameli afike kodwa ugcine esethumela inkulumo yakhe ebhalwe phansi ngenxa yokunqatshelwa ngodokotela ukuba aphume emzini wakhe.

“Uhambe kahle umsebenzi wokutshalwa kwenkosi. Wonke amakhosi, izimeya namakhansela asoLundi nawaseZululand akwazile ukuba yingxenye yenkonzo. Umengameli wethu uNkk Magwaza-Msibi ubekhona emzini wakhe osoLundi kodwa unqatshelwe ngodokotela bakhe ukuba abe yingxenye yenkonzo ngenxa yesimo sakhe sempilo nokubuka isimo sezulu ebesingesihle. Ugcine esethumela inkulumo yakhe ebhalwe phansi,” kusho uNtombela.

Cishe usuphelile unyaka umengameli weNFP engabonakali emphakathini ngenxa yakho ukugula.

Nokho uNtombela uthe ululama ngokushesha njengoba esezokwazi ukubonakala emphakathini.

“Useluleme impela sekushoda ukuba umzimba wakhe ubuyele esimeni esijwayelekile. Cishe ngesonto elizayo uzobe esebonakala emphakathini.”

UMpungose washiywa nguyise, inkosi Sikhalelumuzi eneminyaka eyisishiyagalombili wabe esekhuliswa ngunina omncane, uMagwaza-Msibi.

Inkosi ishiye izingane zayo ezimbili zabafana.

UNtombela unxuse ukuba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ungenele ekukhuliseni izingane zenkosi.

Utholwe enqunywe ikhanda obedukile

$
0
0

Sitholakale singenakhanda isidumbu sengane, 6, okuthiwa ithathwe ngamadoda angaziwa.

|||

LUNGI LANGA

SITHOLAKALE singenakhanda isidumbu sengane (6) yaseZwelibomvu, ngaKwaNdengezi, okuthiwa ithathwe ngamadoda angaziwa.

Isolezwe libike ngokunyamalala kukaMzwandile “Malume” Mkhize okuthiwa unyamalale ngoMgqibelo namadoda angaziwa okuthiwa abeshayela imoto ebomvu iToyota Corolla.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Jay Naicker, ukuqinisekisile ukuthi isidumbu sikaMzwandile sitholakale singenakhanda eNsuze.

UNaicker uthe lesi sidumbu sitholakale ngeSonto ntambama.

“Amaphoyisa ahamba nezinja abuyele ukuyobheka ikhanda lengane. Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa ngamaphoyisa aseNsuze.

UNaicker uthe kusolakala ukuthi umfanyana uthathwe ngamadoda angaziwa edlala eZwelibomvu.

Izolo amaphoyisa, okubalwa kuwo atshuza emanzini nahamba nezinja, aphindele kuleya ndawo ayobheka ikhanda elingatholakalanga ngesikhathi kutholwa isidumbu eduze komfula.

Ngokusho kwemithombo esondelene nodaba eseNsuze, ingane ibonakale ihamba namadoda amathathu obekubonakala sengathi ikhululekile kuwona.

Kuthiwa bekubonakala sengathi bayodoba nayo ngoba beyizwakala ibuza ukuthi bakhona yini ofishi lapho bebeya ngakhona.

Ethintwa uyise kaMzwandile, uMnuz Mduduzi Mkhize, uthe amaphoyisa amtshele ukuthi alandela umkhondo othile nokuthi kukhona ingane etholakele okungenzeka ukuthi yindodana yakhe.

Esethintwa okwesibili uthe amaphoyisa amshiye esiteshini samaphoyisa eNsuze, ubengakakhulumi lutho nawo.

Ngezikhathi zantambama uthe usematasa namaphoyisa futhi akukho asakutsheliwe mayelana nengane okuthiwa itholakele.

UMzwandile kuthiwa uthathwe ngamadoda angaziwa ngoMgqibelo emuva kokuthi ethunywe esitolo nezinye izingane.

Ngokusho kukayise uthole ucingo esendleleni eya eTafelkop lumbikela “ngokuthunjwa” kwendodana yakhe wase ebuyela emuva lapho efike wathola khona ukuthi ithathwe ngabebehamba ngemoto ebomvu iToyota Corrola.

NgeSonto uMkhize uthe uMzwandile washaqwa ekade ehamba nezinye izingane ezimbili, bethunywe ukuthi bahambise imali esihlotsheni.

Uthe awukho umbango oseke waba khona ngengane, akazi ukuthi abayithathile ngabe bebefunani.

Iqeqebana licishe lona umcimbi

$
0
0

Lucishe lwadungeka uhambo lwezishoshovu zaseCuba ezidume ngeCuban Five eNanda.

|||

MLUNGISI GUMEDE

LUCISHE lwadungeka uhambo lwezishoshovu zaseCuba ezidume ngeCuban Five eNanda izolo ngesikhathi iqulu labantu ebeligqoke izikibha ezibomvu zeSACP liphazamisa ngenkathi kukhuluma uNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Sihle Zikalala.

Lesi sigameko senzeke endaweni yamagugu okukhona kuyo nethuna lowayengumengameli we-ANC uDkt John Langalibalele Dube oHlange, eNanda.

Amalungu eCuban Five abehambele le ndawo ezohlonipha iqhaza likaDube emzabalazweni, abehamba nabaholi bamadlelandawonye e-ANC, SACP neCosatu KwaZulu-Natal kukhona nelungu lesigungu esiphezulu kuKhongolose uMnuz Joe Phaahla.

Abantu abebegqoke izikibha ezibomvu zeSACP bebebanga umsindo becula iculo eliculwa ngamalungu e-ANC aseka iMeya yaseThekwini uMnuz James Nxumalo ekutheni ikhethwe njengosihlalo we-ANC esifundeni iTheku.

UZikalala ukwazile ukulikhuza leli dlanzana, wabe esecula ingoma yomzabalazo lananela.

“Asiphikisani nemibono yenu kodwa okwanamhlanje ake sibumbane senze lokhu esihlangene ngakho,” kusho uZikalala.

UNxumalo nembangi yakhe uNkk Zandile Gumede kusalindeleke ukuthi baphinde batholane phezulu engqungqutheleni esazomenyezelwa ukuthi izokuba nini.

Yize kwenzeke lesi sigameko saleli dlanzana kodwa okugqamile izolo wubumbano phakathi kwabaholi bamadlelandawonye okuyi-ANC, SACP neCosatu.

Ngaphandle kwabaholi bamadlelandawonye, bekukhona nabaholi benhlangano ebhekele inhlalo yabantu kuleli iSanco.

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC eThekwini, isike yahlala lapho kwakhethwa khona uNxumalo njengoSihlalo kodwa ubuholi bekomkhulu le-ANC eLuthuli House bathi akuqalwe phansi ngoba uhlangothi lukaNkk Gumede owaqunjwa phansi lwakhala ngokuthi kunamagatsha ahambisana noNxumalo abamba iqhaza engqungqutheleni kungafanele.

Ingqungquthela iphinde yanikwa olunye usuku nakhona yaphazamiseka ngoba amalungu kaNkk Gumede ekhala ngokuthi kawaphelele ngoba u-Ward 37 wawungavunyelwanga ukuthi ubambe iqhaza.

U-Ward 37, oseNewlands West, kuvela ukuthi weseka kakhulu uNkk Gumede.

Imizamo yokuthola uNobhala weSACP esifundazweni uMnuz Themba Mthembu ukuba aphawule ngokuziphatha kwabantu abebegqoke izikibha zenhlangano yabo ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>