Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Bashaye bachitha nezibhamu zonogada

$
0
0

Sebesebenza bengahlomile abanye onogada benkampani yaseThekwini i-Afri Guard.

|||

ZANELE MTHETHWA

SEBESEBENZA bengahlomile abanye onogada benkampani yaseThekwini i-Afri Guard emuva kokuba ngoLwesithathu kwebiwe izibhamu ezingu-16.

Le nkampani egada ezinkampanini ezinkulu okubalwa noTransnet, isenkingeni yokuphazamiseka kokusebenza njengoba ungakatholakali umkhondo wezibhamu.

NgoLwesithathu kuphazamiseke ukusebenza kwebiwa lezi zibhamu ngo-5.30 ekuseni okuthiwa beziyiswa kwabanye onogada.

Kuthiwa kuhlasele abantu abathathu abebehamba ngeToyota Tazz emhlophe neCorolla esagolide behlome ngezibhamu ezingama-9mm.

Isigameko senzeke emahhovisi ale nkampani ku-43 Turners Avenue eBerea.

Okhulumela inkampani uMnuz Mandlenkosi Manyathi uthe bayaqala ukwehlelwa yilesi sigameko esesilimaze ibhizinisi. Uthe kuke kwenzeke kuhlaselwe onogada ezindaweni abasuke betshalwe kuzona ukuyogada kodwa kuyaqala ukuthi kuhlaselwe amahhovisi.

“Izibhamu bezifakwe ebhokisini zihanjiswa emasayithini nabanye ozakwethu. Uzakwethu obezoshayela uthathe ibhokisi walifaka emotweni waphindela ehhovisi kukhona akukhohliwe. Emotweni ushiye abanye ozakwethu abathi babone kupaka iTazz emuva kwabo,” kuchaza uManyathi.

Uthe abasolwa ababili bangene emotweni yonogada bathatha amabhokisi basabisa onogada abebesemotweni.

“Ozakwethu bazamile ukuxwayisa obesephindele ehhovisi ngesikhathi esebuya kodwa akukho abengakwenza ngoba abasolwa bebehlomile. Omunye uzakwethu obesemotweni ebinezibhamu uzamile ukuthatha inombolo yeTazz kwatholakala ukuthi ikhishiwe,” usho kanje.

Kusukela kwenzeke lesi sigameko uManyathi uthe kuphazamisekile ukusebenza ngoba izinkampani abanenkontileka yokuzigadela zizobahlawulisa njengoba kunonogada abangasenazo izibhamu.

Uthe baxolisile ezinkampanini abazisebenzelayo bacela ukuthi banikezwe inyanga besazama ukulungisa lesi simo.

“Kunzima ngoba kunonogada abasebenza bengaziphethe izibhamu. Kudingeka sizame ukuzithenga uma kuhamba isikhathi zingatholakali ngoba ibhizinisi liyalimala,” usho kanje.

Inkampani isikhiphe umehlokaboni ka-R50 000 kwabangaqhamuka nomkhondo wokwebiwa kwalezi zibhamu okuthiwa bangashayela ku-081 2417 004.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe onogada bebelungisela ukuyoqala umsebenzi wosuku ngesikhathi kugasela abasolwa abebehlomile bantshontsha izibhamu.

Uthe akukho kudubulana okube khona kulesi sigameko.

“Siyakuqinisekisa ukuthi akekho olimele kulesi sigameko esiphenywa ngamaphoyisa. Icala livuliwe esiteshini samaphoyisa eMbilo, eThekwini kodwa akukaboshwa muntu nezibhamu azikatholakali,” kusho uNaicker.


Kuzomele iqine imithetho: Tsenoli

$
0
0

Kunconywe uNkk Baleka Mbete ngokungabizi amaphoyisa phezu kokudlebeleka kwamanye amalungu ePhalamende.

|||

ZANELE MTHETHWA

KUNCONYWE uSomlomo wePhalamende, uNkk Baleka Mbete, izolo ngokungabizi amaphoyisa phezu kokudlebeleka kwamanye amalungu ePhalamende okuholele ekutheni liguqiswe.

Izolo bekulindeleke ukuthi uMengameli Jacob Zuma aphendule imibuzo yamalungu ePhalamende kodwa wagcina engaqalanga ngenxa yodweshu olusukile.

Esithangamini nabezindaba, ngemuva kodweshu olusuke ePhalamende amaqembu aphikisayo egxeka uNkk Mbete ngokuchema, uSihlalo weNational Council of Provinces, uNkk Thandi Modise, uncome ukubekezela kwakhe.

UNkk Modise uthe njengosomlomo wephalamende uNkk Mbete ubenelungelo lokubiza amaphoyisa akhiphe amalungu abephazamisa kodwa wehlisa umoya.

UNkk Modise ubephendula abezindaba abebebuza ukuthi kungani usomlomo engathathanga lesi sinqumo njengoba kwenzeka kuvulwa iphalamende, kwakhishwa amalungu e-EFF ayephehla udweshu.

“Ngiyamncoma usomlomo ngokungabizi amaphoyisa ngoba leso kumele kube yisinyathelo sokugcina. Siyafuna ukuthi amaqembu ephalamende akwazi ukufaka imibono yawo kuphikiswane,” kusho uNkk Modise.

Eziphendulela uNkk Mbete uthe akazange akucabange ukubiza amaphoyisa yize ebengakwenza lokho ngokuvunyelwa wumthetho.

“Kwesinye isikhathi kuyadingeka uyeke izigameko ziqhubeke ephalamende ukuze nomphakati uzibonele okwenzekayo. Silapha nje sakhethwa wumphakathi yingakho kumele siwunike ithuba uzibonele konke okwenzekayo, uphawule uma kudingeka,” usho kanje.

Usomlomo uphoqeleke ukuthi aliguqise iphalamende emuva kokuba amalungu e-EFF ephinde asusa umsindo ebuza ukuthi uMengameli Zuma uzoyikhokha nini imali eyakha umuzi wakhe eNkandla.

Amalungu e-EFF, okubalwa kuwo uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, abevutha, egxeka noSomlomo ngokuvikela uZuma.

UNdlozi ubekhala ngokuthi usomlomo akawaniki ithuba amalungu e-EFF uma efuna ukuphawula kodwa udedela awe-ANC.

Kugcine sekuxokozela amalungu e-EFF ezikhulumela engakhonjwanga.

Ngesikhathi usomlomo ememezela ukuthi uyaliguqisa iphalamende, amanye amalungu asukume ngokushesha aphuma kodwa iDA yangahambisana nesinqumo.

USotswebhu weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe yize nabo bezimisele ukuthola izimpendulo ngodaba lwaseNkandla ngaphandle kwephalamende, asikho isidingo sokuthi liguqiswe.

“Sisebenze kanzima ukuthola umengameli ukuthi abe sephalamende namuhla,” kusho yena.

UMengameli we-IFP, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, uphakamise ukuthi kuvotwe ukuthi kuqhutshekwe yini kodwa umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, wathi ukuvota ngeke kubavimbe ukufuna izimpendulo ngeNkandla.

UMnuz Lechesa Tsenoli, iPhini likaSomlomo, uthe kukaningi amalungu ephula imithetho, aphawule engakhonjwanga. Uthe sekumele kuqiniswe imithetho ngoba nasebholeni uma umdlali ephula imithetho unikezwa ikhadi elibomvu.

Udube isidumbu somyeni ‘obeyisoka’

$
0
0

Akhanya wodwa amakhandlela okuzila emzini wakwaMsimango KwaMashu.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

AKHANYA wodwa amakhandlela okuzila emzini wakwaMsimango KwaMashu kulandela “ukuduba” isidumbu somyeni kukamakoti okuthiwa ubekhala ngokuthi ubeyisoka kakhulu esaphila.

Luphenduke undabuzekwayo komakhelwane udaba lokushona kukaMnuz Sandile Msimango (35) okuthiwa wale waphetha umakoti wakhe abeshade naye ukumzilele ekhala ngokuthi ubeyisoka lamanyala.

UNkk Dudu Msimango, uMaNdlovu, kuthiwa ufike ngeSonto kwaMsimango, kulandela ukushona komyeni ngoMgqibelo.

Lo makoti obehlala nomufi emzini wabo eWaterloo, kuthiwa utshele umndeni ukuthi useyohlangana nawo ngelanga lomngcwabo ngoba engazimisele ukuhlala emakhandleleni azilele umyeni wakhe “obeyisoka” kakhulu esaphila.

Lolu daba luyashwashwathwa kule ndawo njengoba omakhelwane befica amakhandlela ekhanya wodwa kulo muzi uma bezobhonga emswaneni.

Umthombo weSolezwe uveze eminye imininingwane yokuthi bekunombango emndenini ngokumele angcwabe umufi okuholele ekutheni umakoti anqabe ukuzilela KwaMashu, kwazise bebenomuzi eWaterloo.

Izolo Isolezwe liye kulo mndeni ophikile ukuthi unqabile nesidumbu kumakoti, wathi nguyena onqabile ukuzilela umyeni wakhe.

UNkk Mamazane Khumalo ongunina omdala kamufi uthe nabo bashaqekile umakoti enqaba ukuzilela umyeni wakhe.

“Ubona nje amakhandlela ahlezi wodwa ngoba umakoti uthe akayingeni oyokuzilela umyeni wakhe. USandile ufike lapha ekhaya ngoMsombuluko ngeledlule esegula kakhulu. Ufike wathi umkakhe ubemhlukumeza engamenzeli nokudla wagcina esemxoshile emzini wabo.

Ubize umndeni wacela ukuba angcwatshwe lapha uma kwenzeka edlula emhlabeni. Umakoti ufikile ngeSonto watshelwa ngokushona kukamufi. Akakhombisanga ukuba nenkinga kodwa wanqaba ukumzilela ekhala ngokuthi ubeyisoka kakhulu esaphila ngakho ngeke akwazi ukumzilela,” kusho uNkk Khumalo.

Lokhu kufakazelwe nanguNksz Nonhlanhla Msimango okhulume neSolezwe ngocingo njengoba ebematasa elungiselela umngcwabo ozoba kusasa.

“Kumanje sisangene amakhanda ngalesi sigameko. Umakoti bekumele athathe indawo yakhe azilele umyeni wakhe kodwa wanqaba ekhala ngokuthi ubeyisoka kakhulu esaphila.

“Besingasigodli isidumbu somyeni wakhe ngoba wuyena ozicelele ukuba simngcwabe kaMsimango ngoba bengasazwani nomkakhe. Sidumele kakhulu ngesenzo sikamakoti njengoba ethe uyofika ekuseni njengabo bonke abantu ngoMgqibelo esezongcwaba,” kusho uNonhlanhla.

Ngesikhathi Isolezwe lifika, uNkk Khumalo ubehlezi ekhishini kukhona akulungisayo, kukhona nomunye umakhelwane obezokhalisa umndeni.

Endlini yokuphumula bekubekwe amakhandlela nomatilasi wokuhlala, kubekwe ingubo phezu kwawo.

Amanye amalungu omndeni abehambile eyolungiselela umngcwabo.

Kuvele ukuthi umndeni bewazi ukuthi lo makoti wagcina ngokulotsholwa, bewungazi ukuthi sekwashadwa.

“Sambona umufi esefake indandatho yomshado. Asazi nokuthi bashada nini. Uthe esezoshona (uSandile) washo ukuthi baya kobhala enkantolo,” kusho uNkk Khumalo.

Kuthintwa umakoti ngalolu daba, unqabile ukukhuluma nentatheli wabuza ukuthi izinombolo zakhe zithathwephi.

“Ngithintwa yiSolezwe, lifunani?” maqede wavala ucingo.

Esethintwa okwesibili uthe: “Niyithathephi inombolo yami yocingo? Akukho engizokusho,” maqede wagaklaza ucingo.

Imizamo yokuba aphawule ngalolu daba ayizange iphumelele ngoba ubevele aluvale ucingo ngaphandle kokukhuluma.

Usinde ‘ezoqedelwa’ esibhedlela owe-Glebe

$
0
0

Amaphoyisa ayiqaphe ngeso lokhozi esibhedlela indoda yasehostela laseMlazi iGlebelands.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

Amaphoyisa ayiqaphe ngeso lokhozi esibhedlela indoda yasehostela laseMlazi iGlebelands emuva kokuthi kuthiwa ihlaselwe ngamadoda abefuna “ukuyiqedela” esibhedlela.

UMnuz Mbuyiseni “Maseveni” Maduna, owasinda ngokulambisa edutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu eziyisithupha ngoJuni 11 ehostela, uphinde waphunyuka ngoMgqibelo sekugasela abantu esibhedlela iPrince Mshinyeni Memorial, eMlazi, okusolwa ukuthi bebezomqedela.

UMaduna wadutshulwa eseduze kwendlu yakhe kuBlock O ehostela elungiselela ukuya emsebenzini.

Kuthiwa ngoMgqibelo kugasele amadoda abehamba ngemoto yomunye osolwa ngokuqotha abantu ehostela, naye okuthiwa ubekhona.

UMaduna, okhulume neSolezwe izolo, uqinisekisile ukuthi ubalekiselwe kwesinye isibhedlela emuva kokubonakala kwamadoda “abezomqedela”.

“Ngangisakhishiwe egumbini ebengilele kulo esibhedlela saseMshiyeni. Ngayibona imoto yomunye wasehostela owaziwayo ngokuhlasela. ubehamba namanye amadoda asolisayo. Abakwazanga ukungibona ngoba ngabaleka ngayocasha. Namhlanje (izolo) ngikhishiwe ngayiswa kwesinye isibhedlela lapho ngigadwe khona ngamaphoyisa. Ngiyayisabela kakhulu impilo yami njengoba bengilandela befuna ukuzongiqedela,” kusho uMaduna.

Akukhona okokuqala uMaduna ephunyuka. ngonyaka odlule wahlaselwa ehlezi nenye indoda (Isolezwe elinalo igama layo kodwa engeke idalulwe ngenxa yohlelo lokuvikela ofakazi), ebingufakazi ecaleni lokuzama ukubulala ehostela noMnuz Sipho Ndovela owadutshulwa ngaphandle kwenkantolo.

OMnuz Bongani Hlophe, Mnuz Fezile Mbadu, Mnuz Innocent Zoro Jali noMnuz Lucas Nsampa Ndlovu asebeke bavela enkantolo ngecala lokuzama ukubulala lango-2014. Icala lihlehliselwe uJulayi.

UNdovela wayengomunye wofakazi kuleli cala nelinye lokubulawa komngani wakhe, uMnuz Fikile Siyephu, wase-Eastern Cape nakwamanye ezigameko zokubulawa kwabantu ehostela.

“Kusukela ngonyaka odlule ngiyahlaselwa ngabantu engingabazi. Angazi ukuthi kungani kukhona abafuna ukungibulala. Mina ngiyazisebenzela, angingene embangweni wasehostela ngoba angazi nokuthi ngowani. Kumanje nginamanxeba ayisithupha okudutshulwa emzimbeni. Ngisazama ukululama kodwa balokhu besemhlane wami bafuna ukungiqedela,” kusho uMaduna.

Amaphoyisa aliqinisekisile icala lokuzama ukubulala elavulwa eMlazi.

Elokuzama ukumhlasela esesibhedlela alizange livulwe ngoba uMaduna engalivulanga ngokusemthethweni.

Kusanda kudutshulwa uMnuz Themba Mpine (45) waseMatatiele washona eyongena lapho esebenza khona. Naye ubehlala kuleli hostela.

Udlame olukhungethe ihostela luyaqhubeka kanti nabantu sebehamba bethuka izanya kule ndawo.

Isolezwe labika ngokuthi abanye abantu abasakwazi ukuya emsebenzini ngenxa yovalo, besaba khona ukuhlaselwa.

Abanye bahlaselwa uma sebebuya emsebenzini.

Yize sekuhlala kugcwele amaphoyisa kule ndawo emisa abantu nezimoto, ukuze aseshe esangweni kodwa abantu basabulawa.

Udlame kuthiwa luqale ngesikhathi kulethwa intuthuko ehostela kwabe sekudayiswa izindawo zokuhlala kwalethwa abantu abangakaze bahlale kulona.

UMaduna uthe uyophuma eyisidumbu ehostela ngoba engazimisele ukushiya indlu yakhe.

“Uma ngiphuma esibhedlela ngizobuyela endlini yami ehostela. Ngeke ngibalekele abantu engingabazi. Ngiyofela khona uma befuna ukungibulala. Sengineminyaka engaphezu kwengu-20 ngihlala ehostela. Besingenazo lezi zinkinga esezikhona manje. Kuyacaca ukuthi le nkinga yokubulawa kwabantu ifike nabantu abasanda kufika ehostela,” kusho uMaduna.

Asebebulewe kulo nyaka:

1. Fikile Siyephu 2. Fikile Njumbile 3. Thulani Kati 4. Siniko Ncayiyane 5. Phumlani

Ndlovu 6. Simeko Ndlela 7. Sipho Ndovela (owabulawa esenkantolo), 8.

Sphamandla Hlongwane (owabulawa emi nomngani wakhe), 9. Bongani Khathi (obulawe

ephuma emsebenzini) 10. Mthimkhulu (obulawe ephuma emsebenzini) 11. Dlamini

(umshayeli wetekisi) 12. Themba Mpine.

Kuqala uhlelo lokuncishiswa kwamanzi

$
0
0

Luyaqala namhlanje uhlelo lokuncishiswa kwamanzi asetshenziswa ngabantu nezinkampani.

|||

BONISWA MOHALE

LUYAQALA namhlanje uhlelo lokuncishiswa kwamanzi asetshenziswa ngabantu nezinkampani oluqhamuke nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal baba namanzi enele.

Isomiso esiqale ngonyaka odlule kuthiwa sibi kakhulu kwazise sagcina ukubonakala ngo-1992.

Kumanje umthamo wamanzi edamini laseThekwini, iHazelmere, uwu-32%, sekusiza iNanda Dam okuthathwa kuyo amanzi azosetshenziswa ngabantu baseThekwini nezindawo ezikuMasipala iLembe.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, udonse ngendlebe abantu baKwaZulu-Natal wathi bonge amanzi ngoba awekho.

“Namhlanje oMasipala bazoqala uhlelo lokunciphisa amanzi asetshenziswa ngabantu. Okusho ukuthi azokalwa amanzi asetshenziswa emakhaya, okothi uma kuphela wona bese engabi khona kuze kube ngakusasa. OMasipala bazonquma ukuthi abantu banikezwa amanzi angakanani ngoba isimo sibi kangangokuthi kwezinye izindawo sekusele angasetshenziswa izinyanga ezimbili kuphela,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe okwenza baqalise uhlelo lokunciphisa amanzi wukuthi abantu bebengawulaleli umyalelo wokongiwa kwamanzi ngakho kungcono uma bekalelwa abazowasebenzisa ngosuku.

“Inkinga yamanzi ngeyethu sonke, kumele sibhekane nayo ngokubambisana. Kubalulekile ukuthi umphakathi ungawamoshi amancane esinawo ngoba amadamu ashile. Ukungabi bikho kwamanzi akulona iphutha le khansela, iMeya noma likahulumeni kodwa yinkinga yokungabi bikho kwemvula,” kuchaza uNkk Dube-Ncube. Amatebhula okuncishiswa kwamanzi azotholakala kanye ngesonto.

IMeya yoMasipala ILembe, uMnuz Sibusiso Mdabe, ithe akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokuwavala noma bewanciphise amanzi ngoba abanye abantu abalaleli.

Abokufika bakhala ngokunganakwa

$
0
0

Bakhala ngokubhuqwa yindlala nokungabi bikho kwenhlanzeko abokufika kuleli abahleli enkanjini yaseChatsworth.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

BAKHALA ngokubhuqwa yindlala nokungabi bikho kwenhlanzeko abokufika kuleli abahleli enkanjini yaseChatsworth.

Abokufika abalinganiselwa ku-200 abasahlala kule ndawo enamatende bathi bathwele kanzima njengoba kuqala usuku bengazi ukuthi ukudla bazokuthathaphi.

Izolo Isolezwe lihambele kule ndawo lafica abahlala khona bephethe izinkuni zokubasa nokudla abazokupheka.

Kuvele ukuthi le ndawo ayisahlanzwa namathoyilethi asesimeni esingasabekezeleleki.

UMnuz Daniel Dunia okhulumela abokufika kule nkambi uthe babhuqwa indlala futhi sebesaba nokuthola izifo ngenxa yokungabi bikho kwenhlanzeko.

“Akukho ukudla njengamanje, sekuphelile. Asazi ukuthi sizodlani emini noma sekushona ilanga. Sithwele kanzima kakhulu, kuyacaca ukuthi silahlwa endle manje. Ukuze uthole okuya ethunjini kumele uzenzele wena icebo njengoba ubona nje abantu bebasa umlilo, bepheka ukudla abazithengele khona. Uma ungenayo imali yokuthenga ubhuqwa indlala usuku lonke. Ngaphandle kokudla isimo esihlala ngaphansi kwaso asibekezeleleki, kungcolile, amathoyilethi awahlanzwa nodoti abawulandi ngendlela. Abadala nezingane bazothola izifo, sikhathazekile kakhulu ngalesi simo,” kusho uDunia.

Kuthintwa uNkk Tozi Mthethwa okhulumela uMasipala weTheku ukuze achaze ngokuphela kokudla, ucingo aluzange lubanjwe, noma ethunyekelwa i-sms akazange aphendule.

Omunye wabasebenza enkanjini kodwa ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba ukuqinisekisile ukuthi ukudla kuyashoda.

“Ukudla akusekho ngendlela. Empeleni nje izishebo kazikho. Okuncane okukhona ngeke kwanele wonke umuntu. Bekulokhu kudliwa ubhontshisi isikhathi esiningi, nawo usuphelile. Abantu abalekelelayo yilabo abanikela ngokudla kungazelele muntu. Bafika noma inini ngakho ngeke waba nesiqiniseko ngabo, sijabula uma beqhamukile,” kusho umthombo.

UDunia uthe bayizwile nemibiko yokuthi le ndawo ingahle ivalwe ngoJuni 30 kodwa akukho lapho bezoya khona.

“Noma bangasisusa asizoya ndawo, sizohlala lapha. Asinayo indawo esizohlala kuyo. Asinayo imibhede yokulala, izindlu, izimpahla zokugqoka nokunye okuyizidingo. Siphelele lapha ngakho sizohlala kuze kube sithola usizo. Noma bangawathatha amatende sizohlala endle njengezilwane,” kusho uDunia.

Uthe inkinga ngomasipala awufuni ukuxazulula izinkinga zabo kodwa udala ezinye izinkinga.

Kwenzeka lokhu nje esikhathini esedlule abezindaba bake babika ukuthi kukhona abasebenzi bakamasipala abebethinteka ekuthatheni ukudla okwakulethelwa abokufika kuleli.

Isidumo imeya ishona emngcwabeni

$
0
0

Ushaqekile umndeni nomphakathi waseMadlangeni, e-Utretch, iMeya yakule ndawo ishona ngokuzuma.

|||

BAWINILE NGCOBO noSIBUSISO MDLALOSE

USHAQEKILE umndeni nomphakathi waseMadlangeni, e-Utretch, iMeya yakule ndawo ishona ngokuzuma emuva kokungazizwa kahle isemngcwabeni koninalume ngoMgqibelo.

UMnuz Johannes Gunya Zikhali (49) ushone ephuthunyiswa esibhedlela iNiemeyer Memorial emuva kokuxinwa ukugula isigubhukane esemotweni yakhe emangcwabeni. Ushone efika esibhedlela.

Umfowabo uMnuz Mbongeni Zikhali, uthe bese besemangcwabeni koninalume ngesikhathi uZikhali ehamba eyohlala emotweni ngoba engazizwa kahle.

“Bese kusemathuneni wathi akazizwa kahle wabe eseyohlala emotweni. Kuthe eseyobhekwa waficwa ukugula sekumxine kakhulu,” kusho umfowabo.

Ngaleso sikhathi abantu abebekhona kuthiwa bazamile ukumsiza ngokumnika usizo lokuqala kodwa kwacaca ukuthi isimo siba sibi kakhulu, waphuthunyiswa esibhedlela lapho kutholakale khona ukuthi sekumenele.

Umfowabo uthe bashaqekile ngalesi sigameko ngoba bebengalindele lutho.

“Ubengakaze abike ukuthi akazizwa kahle, uye emngcwabeni ephile kahle,” kusho umfowabo.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube usezwakalise ukushaqeka ngezindaba zokudlula emhlabeni kukaZikhali.

Esitatimendeni esithunyelwe yilo mnyango uNkk Dube-Ncube uthe balahlekelwe ngumuntu obeneqiniso, esebenza kanzima.

“Ukudlula emhlabeni kukaZikhali kusishiye nesikhala esikhulu, ikakhulukazi emizameni yethu yokwenza ngcono impilo yabantu,” kusho uNkk Dube-Ncube, othe ngaphansi kobuholi bukaZikhali i-Utretch bese ibuyela esimweni esijwayelekile sekubhekwe izinhlelo zokuyithuthukisa.

Uthe bayaziqhenya ngemizamo yakhe yokwakha ubudlelwane bokusebenzisana phakathi kwabalimi nabasebenzi basemapulazini e-Utretch.

UNkk Dube-Ncube uthe uZikhali ubebhekele izinhlelo eziningi zokufakwa kukagesi nezitamkoko ezindaweni zasemakhaya.

“Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini nakubantu baseMadlangeni abalahlekelwe ngumhloli obezinikele, imisebenzi yakhe ngeke ilibaleke yize engasekho,” kusho uNkk Dube-Ncube.

OnguNobhala we-ANC esifundeni saseMalahleni, uMnuz Ntokozo Mhlungu, uchaze ukwedlula emhlabeni kukaZikhali njengokulahlekelwa okukhulu kwale nhlangano ngumholi obesebenza ngokuzikhandla nokuzinikela phezu kwezimo abesebenza ngaphansi kwazo emkhandlwini abewengamele.

UZikhali ube yimeya kusukela ngo-2011 kulandela ukudla umhlanganiso kwe-ANC kubo bonke omasipala abangaphansi kweMajuba.

UZuma usazothuthukisa iNkandla

$
0
0

Uzimisele ngokwakha inxanxathela yezitolo eNkandla uMengameli Jacob Zuma.

|||

BONGANI HANS

UZIMISELE ngokwakha inxanxathela yezitolo eNkandla uMengameli Jacob Zuma.

Ukulungiswa kwesithabathaba somuzi wakhe oseNkandla kuseyisiqalo sezinhlelo zakhe zokuthi ngelinye ilanga kube nenxanxathela yezitolo endaweni ezobizwa ngokuthi yiZuma Square.

UZuma uthe uzimisele ngokwakha le nxanxathela uma eseyekile ukuba ngumengameli esethathe umhlalaphansi kwezepolitiki.

Uveze leli phupho lakhe ngoMgqibelo kuvulwa inxanxathela yezitolo yokuqala eGreytown, iMavundla Square, ephethwe ngabantu abamnyama kuphela.

“Uma sengithatha umhlalaphansi ngifuna ukwakha inxanxathela yezitolo edolobheni laseNkandla engizoyibiza ngeZuma Square. Nakanjani ngizoyakha,” kusho uZuma.

Uthe ukuvulwa kwale nxanxathela eyakhiwa ngumngani wakhe uMnuz Philani Mavundla kumgqugquzele ukufeza iphupho lakhe aqala ukukhuluma ngalo nabanye osomabhizinisi besesidlweni sasekuseni eminyakeni edlule.

Indawo yaseGreytown ikhethekile kuZuma njengoba omunye woyisemkhulu uMantomela wayehlala khona, kuwona futhi umhlaba osekwakhiwe kuwona lezi zitolo.

“UMantomela wangcwatshwa lapha. Ngicela nimnakekele. Uma nizokhithiza ngicela ningamphazamisi ebuthongweni bakhe. Yikhaya lami leli,” kusho uZuma.

Ukufika kukaZuma eGreytown kususe isidumo kuleli dolobha abantu bendawo befuna ukumbona nokumxhawula.

Ngemuva komcimbi abantu baphiwe ukudla kwaseKFC kwathi izicukuthwane zamenyelwa emzini kaMavundla onezitezi ezimbili ziyodla izibiliboco.

Ngaphambi kokuvula inxanxathela yezitolo uZuma uqale wadlula eMatimatolo eyovula inkulisa eyakhiwe nguMavundla ezosiza umphakathi.

Ubexhawula abuye ancokole nezintatheli ngokuthi ngelinye ilanga uyoya kulezi zitolo ukuyojabulisa iso kuphela “ngoba ngizobe ngingasenayo imali”.

Kule nxanxathela kukhona uShoprite nezitolo ezahlukene zezingubo zokugqoka, ezefenisha nezidayisa ukudla.

“Ngangivakashele eGreytown nginomhlangano nosomabhizinisi ngabacela ukuba bake bacabange ukwakha inxanxathela yezitolo lapha eGreytown ukusiza ukukhulisa leli dolobha. Ngangikhathazekile ngokuthi abantu baseGreytown bathola imali kepha abayisebenzisi khona. Imali iyafika eGreytown izobusiswa amadlozi kodwa iphinde ihambe ngokushesha iye emadolobheni anjengoMgungundlovu,” usho kanje.

UZuma uthe leli dolobha linomlando omkhulu kwezepolitiki kusukela ngezikhathi zombuso wamakoloni njengoba ababephula umthetho babejeziswa khona.

“Ngisho neSilo uDinuzulu sagwetshwa lapha. Ubalulekile umlando waleli dolobha.”

UMavundla ukosomabhizinisi okuthiwa bavolontiya ukuqoqa imali ukukhokhela izindleko okwatholwa ukuthi kazihlangene nokuphepha kukamengameli emzini wakhe oseNkandla.

Ebuzwa ngezinhlelo zokusiza umengameli, uMavundla uthe uMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela “akasafuni ukuyithatha. Into ayifunayo nje ngukulwa noZuma. Uyadelela nje,” kusho uMavundla.

Akafunanga ukuphawula ukuthi yimalini esiqoqiwe manje.


Kuchithwa imibiko efaka ongqongqoshe koluka-al-Bashir

$
0
0

UHulumeni uphike imibiko ethi ongqongqoshe bezokuphepha baba nenguyazana, kwahlanganiswa isu lokufukamela uMengameli Omar al-Bashir.

|||

UHULUMENI ngoMsombuluko uphike imibiko ethi ongqongqoshe bezokuphepha baba nenguyazana, kwahlanganiswa isu lokufukamela uMengameli Omar al-Bashir waseSudan bathola nendlela yokuthi aphume ngokukhululeka eNingizimu Afrika.

“Uhulumeni uyakuphika ukuthi kwaba nomhlangano wongqongqoshe bezokuphepha, okubalwa kubo ungqongqoshe wehhovisi likamengameli nomqondisi jikelele kuleli hhovisi, eKapa,” kusho isitatimende esikhishwe yiGovernment Communication and Information System (GCIS).

“Kuthiwa umhlangano kwakungowokuhlanganisa isu lokuthi uzophuma kanjani u-al-Bashir kuleli ngemuva kombuthano we-African Union owawuseGoli ngeledlule.”

U-al-Bashir, ofunwa yi-International Criminal Court (ICC), walifulathela leli ngoJuni 15 inkantolo isikhiphe umyalelo wokuthi angabe esanyakaza. Ufunwa yi-ICC ngamacala ezimpi, awokuhlukumeza abantu nawokuqotha izizwe ezisenyakatho yeDarfur eSudan.

Inkantolo yakhipha izinqumo ezimbili zokuba aboshwe ngo-2009 nango-2010. Njengelungu le-ICC, iNingizimu Afrika bekumele imbophe bese imnikela kulolu phiko.

I-GCIS ibiphendula umbiko weSunday Times othi itulo likahulumeni “lokufukamela nokusiza” u-al-Bashir agoduke, laboshwa emhlanganweni oyimfihlo wongqongqoshe owaba seTaj Hotel eCape Town ezinsukwini eziyisihlanu ngaphambi kokuba atheleke kuleli.

Ngokwalo mbiko, umthombo osesikhundleni esiphezulu kuhulumeni, owazi kangcono ngalo mhlangano uthe kwavunyelwana ngokuthi uzovikelwa ngazo zonke izindlela ngisho kungabe kusho ukuphula umyalelo wenkantolo nomthethosisekelo wezwe.

Yize kunjalo iGCIS ikuchithile lokhu yathi lezi zinsolo kazibambeki ngoba zincike kokushiwo yimithombo engathembekile ngoba kayaziwa.

“Uhulumeni usazimisele ngokubambisana nenkantolo ukuthola isixazululo kulolu daba.

Maduzane nje kubhekeke ukuba akhiphe umbiko ophelele ozochazela inkantolo ukuthi waphuma kanjani u-al-Bashir kuleli zwe,” kusho iGCIS.

Inhlangano ezimele iSouthern Africa Litigation Centre, icele iNkantolo eNkulu ePitoli ukuthi iphoqe uhulumeni enze okwakufunwa yi-ICC.NgoJuni 15, iGCIS yathi iphenya ngokwenza uBashir waphunyuka. – Intatheli yeSolezwe

Ubuholi bumise ukukhishwa kosuku lwengqungquthela

$
0
0

Kusamile ukukhishwa kosuku lwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eThekwini.

|||

MHLENGI SHANGASE

KUSAMILE ukukhishwa kosuku lwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eThekwini ukuze kubhungwe ngobumbano kulesi sifunda njengoba amalungu ehlukene phakathi, afuna uNkk Zandile Gumede kwesikaSihlalo nabafuna iMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo kwesikaSihlalo.

Izolo ubuholi obuphezulu be-ANC obuholwa nguMengameli Jacob Zuma bebuhlangene noNobhala kanye noSihlalo bawo wonke amagatsha angaphezulu kuka-100 eThekwini ukuzobhunga ngendaba yale ngqungquthela esihlehle izikhawu eziningi.

Lo mhlangano odonse kwaze kwaba isebusuku izolo ubuseCoastlands Hotel, eThekwini.

Umthombo weSolezwe, udalule ukuthi uZuma uyimisile eyokuthi kubekwe usuku lwale ngqungquthela ukuze kulungiswe eyobumbano kulesi sifunda.

“Lesi sifunda sihlukene phakathi njengoba kukhona abafuna uZandile abanye bafuna uJames ngakho uZuma uthe akume ukukhishwa kosuku kuze kube nobumbano. Kumele kulungiswe zonke izinkinga ezikhona ngaphambi kokuba kukhishwe usuku lwale ngqungquthela. Ubuholi obuphezulu bebugcizelela lokho ngoba akusizi ukuba nengqungquthela kunhlakanhlaka kanje,” kusho lo mthombo.

Lo mthombo uthe lo mhlangano ubuthanyelwe oSihlalo noNobhala bawo wonke amagatsha angu-103 e-ANC kulesi sifunda.

“Lesi yisifunda esikhulu ngakho akumele sibe yinhlakanhlaka,” kuqhuba lo mthombo.

Imizamo yokuthola okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa ayiphumelelanga izolo.

Kuboshwe abokufika eChatsworth

$
0
0

Bakhala ngesihluku abavuswe ngaso befunwa izimvume zokuba kuleli abokufika abahlaliswe enkanjini eChatsworth.

|||

LUNGI LANGA

BAKHALA ngesihluku abavuswe ngaso ekuseni amasosha namaphoyisa befunwa izimvume zokuba kuleli abokufika abahlaliswe enkanjini eChatsworth.

Izolo laba bokufika bathi bavuswe ngesankahlu ngezithuba zawo 6 ekuseni amaphoyisa ebakhanyisa ngamathoshi ephethe izibhamu efuna ‘amaphepha’ kulabo abahleli etendeni elibekelwe abokufika ababaleka ngesikhathi kunezigameko zokuhlukunzezwa kwabo eThekwini.

UMnuz Will Kana Chikuru okhulumela abokufika, uthe okwenzeke izolo akuhlukile neze nokuhlukunyezwa kwabo emiphakathini abebehlala kuyo okuholele ekutheni bagcine behlala etendeni nemindeni yabo.

“Izolo ekuseni sivuswe ngesihluku nezingane zethu zibuka kukhishwe izibhamu sikhanyiswa kufuneka amaphepha. Okusixakayo wukuthi akekho oke wasibikela ukuthi kuzofika laba bantu etendeni. Le nto ifana nse nendlela esixoshwe ngayo emiphakathini ebesihlala kuyo. Yize bengazange basishaye futhi basikhiphe ngenkani kodwa ukuvuswa ngaloluya hlobo nokuthi izingane zethu ziphinde zibone sikhishelwa izikhali, kuyisihluku,” kusho uChikuru.

Uthe kulesi sigameko kuboshwe abokufika abayisishiyagalolunye ngoba izimvume zabo bese ziphelelwe yisikhathi.

UNkk Yaa Ashantewaa Ngidi we-Africa Solidarity Network (ASONET), uthe ibaphatha kabi indlela okuphethwe ngayo abokufika kuleya nkambi.

“Ningathumela kanjani umbutho wezempi ukuthi uzohlola ukuthi banawo yini amaphepha abantu abaxoshwa wudlame olubhekiswe kwabokufika. Njengoba sifike la simangele ukubikelwa ngalesi sigameko,” kusho uNkk Ngidi.

Uthe omama nezingane yibona abazothwala kanzima uma sekuvalwa le nkambi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uthe bekunomkhankaso ohlanganisa amaphoyisa iSAPS, awakwamasipala, amasosha emuva kokuthi bethole ukuthi kunezidakamizwa nezibhamu ezingekho emthethweni.

“Le ndawo iseshiwe kwase kuthathwa abokufika abayisishiyagalombili wuphiko olubhekele ezangaphandle ukuze kuyoqinisekiswa amaphepha abo,” kusho uZwane.

Okhulumela uMasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa ukuqinisekisile ukuthi inkambi kunezinhlelo zokuthi ivalwe ekupheleni kwale nyanga.

Iyacula ‘inkabi’ eyabulala esikoleni

$
0
0

Yazenza owayefuna umsebenzi kwiphini likathishanhloko waseLuvisi Primary School ngesikhathi iyomdubula.

|||

BAWINILE NGCOBO

YAZENZA owayefuna umsebenzi kwiphini likathishanhloko waseLuvisi Primary School ngesikhathi iyomdubula, inkabi ezivumele icala lokumbulala nomunye umfundi wakulesi sikole ekuqaleni kwale nyanga.

USibongiseni Mdakane uveze lokhu izolo kade evuma icala lokubulala ehlelile uMnuz Vusi Ntombela (47) owayebuye abe nguSomlomo kaMasipala waseNquthu, elokubulala umfundi u-Elizabeth Nhleko (12), ukuzama ukubulala umfundi, uBongumusa Cele (12), ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nesokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Ngesikhathi ummeli kaMdakane u-Advocate Zina Anastasiou efunda incwadi yokuvuma kwakhe icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uthe ngoMeyi 31, uMdakane wahlangana noMnuz Mbhekiseni Khambule (obengunogada weMeya yaseNquthu oboshiwe naye), ayemazela endaweni ahlala kuyo eNgwebini, eNquthu.

Uthe uKhambule wamcela ukuthi abulale uNtombela ukuze azivikele ngoba uNtombela umthengele abantu abazombulala.

UMdakane uthe ngoJuni 2, uKhambule wamnika isibhamu iNorinco 9mm wamthembisa inkokhelo ka-R15 000 ngomsebenzi wokubulala uNtombela.

“Wangihambisa ngemoto wangiyisa eLuvisi Primary, wangitshela ukuthi uNtombela ngizomthola kuphi. Ngaya ekilasini ayekulo ngamumemeza, ngizenza umuntu ofuna umsebenzi,” kusho uMdakane.

Uthe uNtombela waphuma ekilasini eza ngakuye, kwathi uma ekhipha isibhamu uNtombela wabaleka wangena ekilasini, waqala wadubula, kane.

UMdakane uthe izingane zamemeza, zibaleka zifuna ukuyophuma ngomnyango, wathola ukuthi kulezi zinhlamvu azidubula ezimbili azidubulanga uNtombela njengoba wayehlosile kodwa zadubula u-Elizabeth owagcina ngokushona noBongumusa owalimala.

“Ngaboshwa ngosuku lwesigameko sengibuyela kuKhambule, ngatholwa nesibhamu kanti ngavuma konke emaphoyiseni.”

Uthe uyazi ukuthi isenzo sakhe sasiphambene nomthetho ngoba ngokudubula uNtombela wayazi ukuthi angashona futhi nezingane ezazikhona zazingalimala.

“Ngiyazisola kakhulu, namacala ngawavuma emaphoyiseni zisuka nje. Ngiyacela ukuthi inkantolo ingizwele ngizolekelela ngokuba ufakazi emacaleni asazoba khona ngalolu daba,” kusho uMdakane.

Ujaji uVusumuzi Ntshangase litshele uMdakane ukuthi inkantolo imlahla ngecala lokubulala uNtombela ehlelile, elokubulala u-Elizabeth, elokuzama ukubulala uBongumusa, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

U-Adv Anastasiou ube esecela ukuthi inkantolo iguqe ukuze akwazi ukuxoxisana noMdakane ngamaphuzu okuzikhalela uma esegwetshwa. UNtshangase ube eselihlehlisela inamuhla icala ukuze kwethulwe isigwebo. UKhambule naye uyavela eNkantolo eNquthu namuhla lapho kulindeleke khona ukuthi acele ibheyili.

Wayethi izovuka ingane ihushulwa amathumbu

$
0
0

Omunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kwentombazane eyakhishwa amathumbu bethi bayikhipha idimoni, uthe wayenethemba lokuthi isazovuka.

|||

BAWINILE NGCOBO

OMUNYE wabasolwa ecaleni lokubulawa kwentombazane eyakhishwa amathumbu ngesitho sangasese bethi bayikhipha idimoni, utshele iNkantolo eNkulu eThekwini izolo ukuthi wayenethemba lokuthi isazovuka emuva kokuhushulwa amathumbu.

UNkk Lindelwa Jalubane ongummangalelwa wesibili kuleli cala, ongubabekazi kaSnethemba Dlamini (14) owashona ngo-2013 emuva kokuhushulwa amathumbu ngesitho sangasese ubhekene naleli cala nodadewabo uNksz Fundiswa Faku ongummangalelwa wokuqala namadodakazi akhe amabili uNokubonga noMinenhle Jalubane.

UNksz Faku ukhethe ukungabethuli ubufakazi.

Uchiphize izinyembezi uNkk Jalubane izolo ngesikhathi efakaza ngendlela uNksz Faku akhipha ngayo amathumbu kuSnethemba.

Utshele inkantolo ukuthi ngaphambi kokuthi akhishwe amathumbu uSnethemba, udadewabo wabe esezibiza ngoThulani ethi uFundiswa akekho endlini usemnyango.

Uthe wayesekhuluma ngezwi lendoda.

Ngesikhathi esezohushula amathumbu uSnethemba uthe wavele wafaka isandla sakhe phakathi nemilenze kuye kodwa akazi noma wambamba isitho sangasese ngaphambili noma ngemuva yini.

“Ngizothi wambamba ngemuva ngenxa yendlela umufi awa ngayo phansi walala ngesisu,” kuchaza uNkk Jalubane obeseqalile esechiphiza izinyembezi aze azesule ngejezi abeligqokile.

Uthe emuva kwalokho uNksz Faku wathi akekho ongeke aze abambe, yena wabamba ingalo nabanye babamba.

Ube esechazela inkantolo ukuthi uNksz Faku wawakhipha kanjani amathumbu ngesitho sangasese sikaSnethemba ewabopha amafindo efaka epuletini ayekade ethume ingane ukuthi iyolilanda nenkomishi.

Uthi ipuleti nenkomishi uNksz Faku wayekade ekunikwe njengesipho emasontweni amabili endulela isigameko.

“Waqhubeka wafaka isandla wakhipha into ebomvu, eseyikhiphile umufi akabange esanyakaza. Ngaleso sikhathi ngoma umlomo ngifisa ukuthola amanzi. Ngambuza ummangalelwa wokuqala ukuthi usezovuka yini umntwana ngoba seyikhishiwe into,” kuchaza uNkk Jalubane.

Uthe ebona umufi engasavuki wabiza izingane wathi azimphakamise ukuze ezomkhulekela kodwa umzimba wakhe wawushibilika wawa phansi.

“Ngabuza ummangalelwa wokuqala ukuthi kwenzekeni, wathi: Hhe, ingabe abantu bazothini. Ilapho engabona khona ukuthi ingane ishonile,” kuchaza uNkk Jalubane.

Ephoswa imibuzo wummeli kaNkk Faku, uMnuz Andile Nohiya, uNkk Jalubane uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko wayengaboni ukuthi kukhona okungajwayelekile okwakwenzeka ngoba wayethi konke abakwenzayo bakwenzela ukusindisa uSnethemba.

Uthe kodwa uma esecabanga manje uyabona ukuthi kwakonakele kubo bonke, hhayi kuNksz Faku kuphela.

Icala liyaqhubeka.

Akucaci ngezigidi zokufa kukaMeyiwa

$
0
0

Umndeni kaSenzo Meyiwa uthi awusazi kumele wenze njani ngenxa yokubambezeleka kokukhokha komshwalensi wakhe.

|||

LEBOGANG SEALE, ANGELIQUE SERRAO NOLERATO MBANGENI

UMNDENI kaSenzo Meyiwa owabulawa ngonyaka odlule emzini wakubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo uthi awusazi kumele wenze njani ngenxa yokubambezeleka kokukhokha komshwalensi wakhe njengoba uphenyo ngokubulawa kwakhe lungacaci ukuthi luyaphi.

Sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili uMeyiwa, owayengukaputeni weqembu lesizwe iBafana Bafana ne-Orlando Pirates abulawa emzini wakwaKhumalo eVosloorus, Ekurhuleni. Kuze kube yimanje umndeni wakhe awukatholi lutho oluyinkokhelo emshwalenseni wakhe.

Umshwalense kaMeyiwa, ufana nowabo bonke abadlali bebhola ezweni, uphethwe yiPSL ngaphansi kweDelphisure Group Insurance. Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star liveze ukuthi umshwalense kaMeyiwa wawulinganiselwa ku R5 million ngesikhathi eshona.

Kubikwa ukuthi abaphethe umshwalense kaMeyiwa abafuni ukukhokhela ababhaliswe kuwo ngoba kusolwa ukuthi abanye babo bayathinteka ekubulaweni kwakhe.

UMnuz Sam Meyiwa onguyise kaSenzo utshele iThe Star ukuthi sebeyahluleka wukubhekana nezindleko zempilo. Uthe iPirates okuyiqembu ayengaphansi kwalo uSenzo, libatshele ukuthi akulula ukukhipha imali.

“Angisazi ngenze njani ngoba sengilinde isikhathi eside namanje bathi balinde abantu okumele bakhokhe. Ngelinye ilanga bathe balinde umbiko wamaphoyisa. Kunzima. Ngisho impilo yami isengozini manje,” kusho yena.

Kuthiwa i-PSL nenkampani yomshwalense isike yacela idokodo emaphoyiseni ngenxa yengcindezi eyithola emndenini kaSenzo. Lokhu kuqinisekiswe uLieutenant-General Solomon Makgale okhulumela amaphoyisa othe uyise kaSenzo wawabikela ngenkinga yemali.

“Samtshela ukuthi uphenyo lwethu akumele luphazamise ukukhokha kwemishwalense. Uma kunenkinga umshwalense kumele ubhale incwadi eya emaphoyiseni ezoqinisekisa ukuthi icala lisaphenywa ukuze kuphume imali,” usho kanje.

Kuvela ukuthi abakwaMeyiwa sebethinte ngisho iSouth African Football Players Union (Safpu) befuna ingenele. Umengameli wenyunyana uMnuz Simba Marumo ukuqinisekisile ukuthi baxhumene nePSL kodwa konke kuhamba kancane.

ULt. Makgale uthe bazama ngayo yonke indlela ukuligojela icala kodwa ngeke bakwazi ukunika umndeni yonke imininingwane yophenyo. Ucele ukuthi umndeni ubanike isikhathi sokuphenya.

UMnuz Floyd Mbele oyimenenja yezokuphatha kwiPirates wenqabile ukuphawula wacela kuthintwe i-PSL.

Okhulumela i-PSL uMnuz Luxolo September uthe bawadlulisele wonke amaphepha enkampanini yomshwalense kodwa kuningi okumele kulandelwe ngenxa yophenyo lwamaphoyisa.

Umeluleki wezimali uMnuz Ike Diale uthe kungenzeka ukuthi okubambezela ukuphuma kwemali kungenxa yohlobo lomshwalense we-PSL.

“Uhlobo lwalo mshwalensi lungena ngaphansi kweGroup Scheme elawulwa yiPension Fund Act ebhekele nokufa kwabantu. Ngenxa yalokhu kungathatha isikhathi ukuphuma kwemali, ikakhulukazi ngoba ukufa kukaMeyiwa kusabalele nasemaphepheni,” echaza.

Uthe kusazoba nzima ukuthi umndeni wakwaMeyiwa ukwazi ukuthola imali ngoba ngokujwayelekile kuthola izingane.

Bazowusebenza ngenyanga ezayo umbiko ngeNkandla

$
0
0

Amalungu ePhalamende azoqala ukuwusebenza ngenyanga ezayo umbiko omthola engenecala uMengameli Jacob Zuma ekutheni akhokhele ukulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.

|||

Emsie Ferreira

AMALUNGU ePhalamende azoqala ukuwusebenza ngenyanga ezayo umbiko omthola engenecala uMengameli Jacob Zuma ekutheni akhokhele ukulungiswa komuzi wakhe oseNkandla, ngokohlelo okuvunyelwene ngalo yikomiti elijutshwe ukubheka lolu daba.

Bazoqala ukusebenza ngoJulayi 21 kuthi ngosuku olulandelayo bavakashele umuzi kamengameli ukuyobheka umsebenzi ka-R246 million osudalele umengameli omkhulu umsindo.

NgoJulayi 21, uNgqongqoshe uNathi Nhleko uyokwazisa ikomiti mayelana nombiko awukhiphe ngenyanga edlule, oshayisana ngqo nowoMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela.

U-Adv Madonsela wathola ukuthi uZuma wahlomula kungafanele ngesikhathi kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe futhi kufanele kube khona ingxenye yemali ayikhokhayo ngoba kunezinto zikanokusho ezafakwa.

UMnuz Corne Mulder weFreedom Front Plus uthe ngesikhathi ikomiti lidingida umbiko kaMadonsela ngonyaka odlule, i-ANC yanqaba iziphakamiso zezinhlangano eziphikisayo ukuthi azokhuluma namalungu ephalamende. Kodwa manje sebevumela uNhleko ukuthi akwenze lokhu.

“Mhlawumbe sebejabule kakhulu manje ngalo mbiko,” usho kanje.

Ilungu lePhalamende leDemocratic Alliance uMnuz James Selfe lithe iDA ayikhali ngalezi zinhlelo ikhathazekile kakhulu mayelana nombiko kaNgqongqoshe wamaphoyisa ngoba inhloso yawo wukucima owoMvikeli woMphakathi okuyinto engavunyelwe ngokomthetho.

Leli phuzu selike labekwa nangu-Adv Madonsela uqobo, okwathi emuva kokuthi uNhleko ekhiphe umbiko wakhe, wathi kumele (uNhleko) ngosizo lweNational Treasury, bacubungule ukuthi ukweleta malini hhayi ukuthi uyakweleta yini.

Zonke izinhlangano eziphikisayo zihambisane nezethulo zikaSelfe ezihanjiswe zibhalwe phansi emalungwini ekomiti.

Kodwa umakadebona we-ANC uMnuz Mathole Motshekga uphikile, wathi lolu daba lungaphinde ludingidwe ngoba uma lucutshungulwa manje “lungadida umphakathi”.


Uvele enkantolo ngokufa kukasomlomo

$
0
0

UNkk Nokhaya Mjila uvele eNkantolo yeMantshi yaseKathu lapho ebekwe khona amacala amane okubulala.

|||

UMYENI kasomlomo kamasipala waseNorthern Cape, uNkk Nokhaya Mjila, uvele eNkantolo yeMantshi yaseKathu lapho ebekwe khona amacala amane okubulala – kubalwa nelokubulala inkosikazi– ukulimaza ngenhloso nelokushisa ngenhloso impahla, kusho amaphoyisa izolo.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Priscilla Naidu, uthe uThamsanqa Mjila ubekwe lawa macala ngoMsombuluko mhla ka-23 Juni.

“Icala libe selihlehliselwa umhla ka-30 Julayi 2015. Umsolwa uzotoka eKuruman Correction Centre,” usho kanje.

Lawa macala asuka esigamekweni esenzeka ezintatha zomhla ka-30 Meyi 2015 lapho kusolwa ukuthi umyeni kaNokhaya wamthungela ngomlilo ngesikhathi esalulama emzini wesihlobo ose-Olifantshoek emuva kokuhlala isikhashana esibhedlela egula.

Amaphoyisa athi uMjila wafika kulo muzi wesihlobo ebusuku bangoLwesihlanu, ephelezelwa ngabanye ababemfisela ukuthi alulame kahle unkosikazi wakhe. Yena nabanye ababefikile bahamba ngo-10 ebusuku.

UNaidu uthe: “Kusolwa ukuthi wabuya kulo muzi ngabo-2 ekuseni ngoMgqibelo, wangena esangweni elabe lingakhiyiwe washisa inkosikazi yakhe ngophethroli ilele.”

UNkk Nokhaya Mjila washona ngoJuni 12 emuva kokulimala emlilweni. Izihlobo zikaMjila, uLillian Dilodilo, umzukulu kaMjila onezinyanga eziyisishiyagalolunye abasha bagcina beshonile bese kuthi isihlobo sesithathu uNarshilia Dituku, oneminyaka engu-35, washonela esibhedlela, kusho uNaidu. – Intatheli yeSolezwe

‘Sifuna ingonyuluka ngokufa kukamfowethu’

$
0
0

Umndeni kaMnuz Vusi Ntombela uthe unethemba lokuthi bazoboshwa bonke abathinteka ekubulaweni kwelungu lomndeni wabo.

|||

BAWINILE NGCOBO

UMNDENI wephini likathishanhloko waseLuvisi Primary eNquthu ebelinguSomlomo kuMasipala waseNquthu uthe unethemba lokuthi bazoboshwa bonke abathinteka ekubulaweni kwelungu lomndeni wabo.

UMnuz Simphiwe Ntombela ongumfowabo kaMnuz Vusi Ntombela owabulawa nomfundi u-Elizabeth Nhleko kwalimala omunye uBongumusa Cele, usho kanje izolo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu emuva kokugwetshwa kukaSibongiseni Mdakane ozivumele ukuthi wathengwa ukuze abulale uNtombela.

UMdakane ugwetshwe udilikajele neminyaka engu-34.

UNtombela uthe bazizwa bekhululekile emuva kokukhishwa kwesigwebo kodwa bayethemba ukuthi uMnuz Khawula (Mbongiseni) naye usazokhuluma enkantolo njengoba eboshiwe.

“Sibonga amaphoyisa ngomsebenzi wawo kodwa kukhona okufihlekile kulolu daba kunalokhu esisakubonile. Siyafisa ukuthi kuvele konke,” kusho uNtombela.

Kube nenjabulo enkantolo ngesikhathi ijaji uVusumuzi Ntshangase likhipha isigwebo.

UNtombela oke wangena ebhokisini eyochazela inkantolo ngesimo emuva kokushona kukamfowabo, uthe unkosikazi nezingane zakhe ezine bahlukumezeka kakhulu ngalesi sigameko.

Uthe unkosikazi usanda kuthola umsebenzi emuva kokushona kukamfowabo kanti usele nezikweleti.

“Izingane zakhe ezintathu kumele ziye emanyuvesi ngonyaka ozayo, asazi lokho kuzokwenzeka kanjani. Ngisho odadewethu ababili abadala nezingane zabo bebondliwa ngumfowethu ngoba kabasebenzi.”

“Ngisho umndeni wonke uthintekile ngoba nguyena muntu obeyinhloko esinika iziyalo. Yize ngingesiye uchwepheshe kodwa ngiyazi ukuthi izingane zesikole zathinteka kakhulu, ezakubona kuzozithikameza nangesikhathi esizayo,” kuchaza uNtombela.

Enkantolo bekukhona noMama weSizwe uNkk Thobeka Madiba-Zuma, iMeya yaseNdumeni uMnuz Thulani Mahaye, uSihlalo we-ANC esiFundeni iMoses Mabhida uMnuz Super Zuma, amakhansela aseNquthu namalungu e-ANC.

UNkk Madiba-Zuma ubonge abebeseka umndeni wathi ukuba khona kwabo kukhombisa ukuthi abantu abahambisani nezigameko ezifana nalesi esenzeka.

“Abantu uma kwehle lezi zigameko asibasingathe ukuze izinkantolo zibone ukuthi asibadingi abenza lezo zigameko emphakathini,” kusho uNkk Madiba-Zuma.

Uthe inkantolo ibasize kakhulu ngalesi sigwebo ngoba abantu abafana noMdakane bafana nezambane elibolile emphakathini.

Igwetshwe udilika inkabi ngokubulala

$
0
0

‘Wenza into ayengeke afise ukuthi yenzeke kuye. Ukube isibhamu sasikhombe yena wayeyobalekisa okwegundane.”

|||

BAWINILE NGCOBO

‘WENZA into ayengeke afise ukuthi yenzeke kuye. Ukube isibhamu sasikhombe yena wayeyobalekisa okwegundane.”

Lawa ngamazwi eJaji uVusumuzi Ntshangase awasho izolo ngesikhathi egweba inkabi ezivumele icala lokubulala iphini likathishanhloko waseLuvisi Primary, eNquthu elalinguSomlomo kaMasipala waseNquthu uMnuz Vusi Ntombela, umfundi u-Elizabeth Nhleko kwalimala omunye umfundi uBongumusa Cele ngoJuni 2 nonyaka.

USibongiseni Mdakane ugwetshwe udilikajele neminyaka engu-34 ngalawa macala.

Ugwetshwe udilikajele ngokubulala ehlelile uNtombela, iminyaka engu-18 ngokubulala u-Elizabeth, iminyaka engu-8 ngokuzama ukubulala uBongumusa, iminyaka emihlanu ngecala lokutholakala nesibhamu, nemithathu ngokutholakala nezinhlamvu.

Ngesikhathi ethula isigwebo uNtshangase uthe uMdakane uyinhlobo yomuntu ongeke avumele lutho ukuthi lume phakathi kwakhe nemali noma ngabe kusho ukuthi akabulale.

“Impilo kamufi ithathwe ngenxa ka-R15 000.”

UNtshangase uthe akukho okukhombise ukuthi uMdakane uyazisola kuleli cala, wathi kuyacaca ukuthi leli cala ulenze ngenxa yomhobholo.

UNtshangase uthe yize wayengaqondile ukubulala u-Elizabeth, lokho akusho ukuthi akalenzanga icala.

“Wabona ukuthi kwakunezingane esikoleni, waba budedengu wadubula lo owawumqondile kwase kudubuleka nalo owawungamqondile,” kusho uNtshangase.

Uthe yize uMdakane ethi walekelela amaphoyisa emuva kokuboshwa kodwa akasho ukuthi wawasiza kanjani.

Ummeli kaMdakane u-Advocate Zina Anastasiou, ecelela uMdakane ukuthi inkantolo imzwele, uthe uneminyaka engu-32, esikoleni wagcina kuGrade 5, kwamele ayobheka amatoho ngoba sekushone abazali bakhe. Wahlala nogogo kanti uboshwe engasebenzi futhi akaze aphambane nomthetho.

Uthe uMdakane wayengaqondile kulimaza izingane, uyavuma ngokucacile akwenza futhi uthi uzolekelela ngokwethula ubufakazi ecaleni lowayemthume ukubulala. UMdakane kuvele ukuthi waboshwa engakakhokhelwa.

Umshushisi Adv Martin Mntambo uthe uMdakane mdala ngokwanele ukuthi wayenganqaba uma ecelwa kuthi abulale.

Uthe wayenziwa wumhobholo ethenjiswe inkokhelo, uthe ukuthi uvume icala akusho ukuthi uyazisola.

Icala lihlehliselwe inamuhla ukuze ummeli athole ithuba lokuxoxisana noMdakane ngokuthi uzosifaka yini isicelo sokudlulisela phambili isigwebo senkantolo.

* Khonamanjalo lihlehlele uJulayi 14 enkantolo yeMantshi eNquthu, icala elibhene nobengunogada weMeya yaseNquthu, uMnuz Mbhekiseni Khambule, osekuvele ukuthi nguye owayethume uMdakane ukuthi abulale uNtombela.

‘UMeyiwa uphazamisa uphenyo’

$
0
0

Amaphoyisa asola uyise kaSenzo Meyiwa ngokuphazamisa uphenyo lwawo ngokukhuluma esidlangaleni ngalo.

|||

MLUNGISI GUMEDE noLUNGI LANGA

AMAPHOYISA asola uyise walowo obeyisilomo sikanozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ngokuphazamisa uphenyo lwawo ngokukhuluma esidlangaleni ngalo.

Izolo okhulumela amaphoyisa ekomkhulu lawo ePitoli, uLt General Solomon Makgale, uthe bakhathazekile ngendlela uMnuz Sam Meyiwa enza ngayo njengoba bematasa nophenyo mayelana nokufa kwendodana yakhe.

“Siyaqonda ukuthi abezindaba bayalulandela udaba lokubulawa kukaSenzo kodwa akukuhle ukuthi konke okwenzekayo mayelana nophenyo kutshelwe umphakathi ngoba lokho kuyabaphazamisa abaphenyi,” kusho uMakgale.

Uthe kunomkhondo womsolwa akade bewulandela kodwa manje lowo msolwa usecashile ngemuva kokuzwa kwabezindaba, uMeyiwa ethi ufunwa amaphoyisa.

Uthe akusilo iqiniso ukuthi bayahluleka wukuphenya udaba lokubulawa kukaSenzo.

“Sesihlanganise ithimba labaphenyi abahlonishwayo, okubalwa kubo uphikho olukhethekile oluphenya ngisho necala likaMnuz Radovan Krecjir,” usho kanje.

Uthe ithimba lisebenzisana nelinye elingaphansi kweso lezikhulu zamaphoyisa okubalwa kuzo uLieutenant General Vinesh Moonoo, ukhomishana wabaphenyi, uMajor General Vincent Leshabane, oyiphini likakhomishana wabaphenyi eGauteng nabanye.

Uqhube wathi sekujutshwe ithimba labantu abayisikhombisa abaholwa ngukaputeni ukuthi babhekane naleli cala.

Uthe ithimba lesekwa ngabanye abawu-40 ababhekele ukulandelela abantu ababizwa uma bedingeka. wengeza ngokuthi kunethimba futhi elikhethekile ophikweni oluhlola igazi elibheke lolu phenyo.

UMakgale uthe ithimba labaphenyi selihambele izifundazwe ezehlukene okubalwa kuzo iKwaZulu-Natal, Limpopo, Mpumalanga, Western Cape, neGauteng.

Balandele imikhondo ewu-100 osekuphenywe abantu abawu-30 ngawo.

UMakgale uthe ukuba sematheni kophenyo sekudale nokuthi osomathuba bazame ukuhlomula ngalo.

Uthe abanye babo bathatha lokhu abakuzwa ezindabeni bakunonge bese bethinta amaphoyisa nemininingwane engelona iqiso.

Uthe kuboshwe indoda yaseGarankuwa ebifunwa ngamacala okuqola. Kuthiwa yathinta abangani bakanina wengane kaSenzo, uKelly Khumalo, ithi iyiphoyisa. Kuthiwa yabatshela ukuthi kudingeka u-R3 000 webheyili.

UMakgale uveze nokuthi benze uphenyo ngokusatshiswa kukaMeyiwa ngamadoda angaziwa.

Uthe bathinte izinombolo zocingo abazinikwa nguMeyiwa ukulandelela.

Enye kutholakale ukuthi ngeyendoda esikhulile yaseMamelodi, ezinye zimbili bekungezabaphathi benkampani yonogada ePitoli.

Bonke kutholakale ukuthi abathinteki kulolu daba.

Eziphendulela uMeyiwa izolo, uphinde wakhwela wadilika emaphoyiseni wathi ahlulwa wukwenza umsebenzi wawo njengoba esegxeka yena ngokuthi uphazamisa uphenyo.

Uthe ayamxaka amaphoyisa ukuthi afunani kuyena engabe abopha ababulali.

“Mina umsolwa abakhuluma ngaye abebethi kade sebezombamba angimazi, ukube bengimazi ngabe kade ngawatshela ngaye. bacabangela umsolwa engabe bacabangela mina osengcupheni yokuthi ngibulawe,” usho kanje.

Uthe kumanje akasahlali kwakhe ngenxa yokuthi kunabantu abafuna ukumbulala.

“Amaphoyisa kumele ngabe akhathazekile ngokuphepha kwami ngoba ngifike ngabulawelwa indodana manje izinkabi sezifuna mina,” usho kanje.

Uthe ngeke aze athule kuze kube abantu ababulala indodana yakhe bayaboshwa bagwetshwe ngesenzo sabo.

I-EFF ayihambisani ne-ANC: umhlaziyi

$
0
0

Umnyakazo we-EFF wokweseka i-ANC ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngokungaboshwa kukaMnuz Omar al-Bashir, bekungekhona ukusebenzisana.

|||

MHLENGI SHANGASE

Umnyakazo we-EFF wokweseka i-ANC ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngokungaboshwa kukaMengameli waseSudan, uMnuz Omar al Bashir, bekungekhona ukusebenzisana kodwa ngukuba ngosomathuba kwe-EFF.

Lokhu kushiwo wumhlaziyi wezepolitiki enyuvesi yaseZululand, oNgoye, uDkt Maxwell Shamase, ofundisa ezomlando, uthe lokhu i-EFF ikwenze ngoba umholi wayo, uMnuz Julius Malema, engavunyelwe kwamanye amazwe njengaseBotswana.

Kwenzeka okungajwayelekile ePhalamende ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi kunale nkulumompikiswano ngesikhathi uSotswebhu we-EFF, uMnuz Flyod Shivambu, evumelana ne-ANC ukuthi uma i-International Criminal Court (ICC) ifuna u-al-Bashir kumele iye komlanda eKhartoum hhayi la.

UShamase uthe uMalema uke wanqatshelwa ne-Visa yokungena e-United State of America ngakho i-EFF vele izoyigxeka i-ICC ngoba ibonakala ilawulwa yi-USA.

“I-EFF inethemba lokuthi ngelinye ilanga uMalema uyoba wuMengameli wezwe ngakho naye i-ICC iyokwenza okufanayo nakuyena. Vele kunamazwe angasangeni kuwona okukhona kuwona neBotswana kanti nase-USA wanqatshelwa iVisa. Akukhona ukusebenzisana lokhu okwenziwe yi-EFF kodwa wumnyakazo onobuchule ngoba i-ICC inyambanambana kwi-EFF ngekwenzayo kubaholi base-Afrika.”

Uthe i-EFF izoqhubeka ibange umsindo ePhalamende ngoba ayiyimisile kabi i-ANC ngoba iyiqembu lesithathu ePhalamende ilandela iDA.

UNgqongqoshe weSmall Business, uNksz Lindiwe Zulu, uthe labo abebecabanga ukuthi u-al-Bashir uzoboshwa ekuleli abaphinde bacabangisise futhi.

Uthe kwakuyisinqumo seKhabhinethi yonke sokuthi angaboshwa la, wathi uma bemfuna abaye eSudan okuyinto eshiwo nayi-EFF.

“Labo abebecabanga ukuthi uzoboshelwa kuleli abaphinde bacabangisise futhi. Isinqumo sokuthi angaboshwa sathathwa nguhulumeni wakuleli.”

UShivambu usukume wathi i-ICC iyamazi lapho ehlala khona u-al-Bashir ngakho ayihambe iyombophela khona.

“Uma i-ICC ifuna u-al-Bashir kumele iye ezweni lakhe, eKhartoum. I-ICC ichemile asihambisani nendlela eyenza ngayo uma ifuna ukubopha abaholi base-Afrika kuphela. Abayise uhulumeni enkantolo befuna aboshelwe kuleli, bathathe isinqumo esingaphusile ngoba lokhu bekuzokwenza ukuthi kungabi nozinzo kuleli. Bekuzobeka engcupheni ezokuphepha kwezwe futhi nezwe lethu belizobukelwa phansi,” usho kanje.

IPhini likaNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uMnuz Obed Bapela, lithe wayengeke aboshelwe kuleli u-al-Bashir ezothamela umhlangano we-AU.

“Ukube waboshelwa kuleli kwakuzobeka engcupheni imizamo yoxolo eSudan. Bonke abaholi ababeze kulo mhlangano babevikelekile, sasingeke sibophe muntu,” usho kanje.

UMnuz Steve Mokgalapa, weDA, uthe uhulumeni wahluleka ukuqinisekisa ukuthi kulandelwa uMthethosisekelo wezwe.

I-ICC yakhipha incwadi egunyaza ukuthi aboshwe u-al-Bashir ngo-2009 nango-2010 ngamacala okubulala namanye esifundeni iDarfur.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live