Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Olayini abade abazali beyothenga inyufomu

$
0
0

Bekuminyene utshumo esitolo somfaniswano wezikole esisenkabeni yeTheku uGEM abazali beyothengela izingane zabo.

|||

BONISWA MOHALE

BEKUMINYENE utshumo esitolo somfaniswano wezikole esisenkabeni yeTheku uGEM abazali beyothengela izingane zabo.

Izolo abazali bebemi kolayini abade, abanye behamba nezingane besuka koLadysmith, KwaMashu, Nqetho nakwezinye izindawo zaKwaZulu-Natal.

UMnuz Idris Pandor oyisikhulu esiphezulu kwaGEM School Wear, uthe, baningi abazali abafikayo bezothenga umfaniswano ngoJanuwari kodwa abalindi isikhathi eside kwazise kunabasebenzi abangu-250 abaqashiwe ukuze konke kuhambe kahle.

“Abazali bayawuthenga umfaniswano ngoDisemba akufani neminye iminyaka lapho owawuthola simatasa ngoJanuwari kodwa-ke nawe uyabona ukuthi basekhona abangayingeni eyokuthenga uma kuphela unyaka baze beze sezizovulwa izikole. Siyajabula ngamakhasimende amaningi futhi yingakho siqashe abanye abantu abazosebenza itoho likaDisemba noJanuwari ngoba sifuna abazali bahambe bekuphethe konke abakuzele kwaGEM,” kusho uPandor.

Uthe ba-ode umfaniswano ozohlala kuze kuphele inyanga ngoba kudala bekuye kufike uJanuwari 30 sebenwaya amakhanda abantu bebaningi, umfaniswano unganele.

Ebuzwa ukuthi kungani umfaniswano wezikole eziningi utholakale kwaGEM nokuthi bayakwazi yini ukumelana nesibalo esiphezulu sabathengi, uPandor, utshele Isolezwe ukuthi bathunga umfaniswano osezingeni eliphezulu owenziwe ngendwangu engagugi kalula futhi badala amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika.

“Ngiqashe amatoho angu-230 engiwaholela u-R3 000 ngenyanga kanti ngokujwayelekile ngiba nabasebenzi abangu-150 ezitolo zami zombili okuyilesi nesinye esise-Overport.

“Umfaniswano wezikole eziningi utholakala lapha ngoba sidayisa inguganaboya oyoze uyilahle ngoba ayiyi ndawo, yenziwa eNingizimu Afrika ngabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uPandor.

UNksz Londiwe Gumede waseChesterville, obezothenga umfaniswano wendodana yakhe eyofunda eLadysmith, uthe, beza kwaGEM ngoba basuke befuna umfaniswano osezingeni.

Bekukhona noNksz Siphesihle Shabangu waKwaMashu obezothengela intombazanyana yakhe u-Emihle Shabangu (5) eyofunda u-Grade R eZamokuhle Primary School.

Umfaniswano ka-Emihle ubiza kanje ingubo yesikole ingu-R130, izicathulo zibe ngu-R160 bese amasokisi abe ngu-R28.

Okwabafana yishethi lesikole ngu-R61 bese kuthi ibhulukwe libe ngu-R95, amasokisi abe ngu-R28.


‘Ulaka lwe-ANC lukhomba ukuqhelelana nesizwe’

$
0
0

I-ANC ithathe ngolaka ngemibono kuTwitter yowabe engumsizi kaMengameli Nelson Mandela uZelda, iFF Plus isho kanje.

|||

I-ANC ithathe ngolaka ngemibono kuTwitter yowabe engumsizi kaMengameli Nelson Mandela uZelda, iFreedom Front Plus isho kanje izolo.

“Ukuthatha ngehaba kwe-ANC ngokushiwo nguZelda La Grange kuTwitter mayelana noMengameli Jacob Zuma kukhombisa inhlangano esiqhelelene kakhulu nabantu baseNingizimu Afrika nekusasa abalifunayo,” kusho ilungu lePhalamende leFF Plus uMnuz Anton Alberts esitatimendeni.

“Ukuzibophezela kukanobhala jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ukuqeda ngokubusa kwabamhlophe akukho vele ngoba kade kwaphela ukubusa kwabantu abamhlophe futhi i-ANC yiyo elawula ikusasa ukuthi lizoba njani.”

U-Alberts uthe inkulumompikiswano kuleli lizwe kufanele ibe mayelana nokwabelana amandla nokuthuthuka kwabantu ngokomnotho hhayi mayelana nobuhlanga.

“Uma singeke siphumelele ukwenzenjalo, ikusasa ngebhadi lizobe limayelana nokwenyusa uqhekeko phakathi kwabantu bakuleli.

Ngokwephephandaba lesiBhunu, iBeeld, i-African National Congress ibize uLa Grange “njengomuntu omhlophe ototoswe kakhulu”.

“Ushumayela ukuqedwa kobuhlanga ukuze avikele abantu abamhlophe. Kumanje utshala imbewu yobuhlanga,” kusho uMantashe etshela leli phephandaba.

“Ukuphela kobuhlanga kumayelana nokuqedwa nya kokuphatha kwabantu abamhlophe. Ngakho-ke silwa nohlelo hhayi nabantu abamhlophe.”

ULa Grange uqubule impikiswano kuTwitter ngoMgqibelo ethi uzizwa sengathi abasamukelekile abantu abamhlophe eNingizimu Afrika.

“Ukube bengiwumtshalimali omhlophe bengizovele ngishiye phansi. Kuyacaca uma uzwa uJacob Zuma ukuthi abantu abamhlophe abasamukeleli noma abasadingeki eNingizimu Afrika,” ebhala kuTwitter.

“Ngikhathele wuJacob Zuma ohlale enakashele abantu abamhlophe njalo emuva kwezinyanga ezimbalwa. Yini ndaba singakwazi ukuphilisana ngaphandle kokugxekana”.

Imibono yakhe iqhamuke emuva kokuthi uZuma athi izinkinga zezwe zaqala ngoJan van Riebeeck.– Sapa

Batamuze R132m eKZN abeluleki bezemfundo

$
0
0

Kusetshenziswe imali engaphezu kuka-R132m ukukhokhela abeluleki bezemfundo ngonyaka odlule kodwa umsebenzi wabo ongabonakali.

|||

Zohra Mohamed Teke

KUSETSHENZISWE imali engaphezu kuka-R132 million ukukhokhela abeluleki bezemfundo ababalelwa ku 400 KwaZulu-Natal ngonyaka odlule kodwa umsebenzi wabo ongabonakali njengoba abafundi nothisha bedonsa kanzima okuyisimo esivele obala ngemiphumela ka-matric.

Lokhu kudalulwe ngabeluleki abangu-20 bezemfundo, umsebenzi wabo oqondene nokweseka othisha baphinde babheke nendlela abaqhuba ngayo emakilasini.

Laba beluleki abathola umholo osuka ku-R28 000 ngenyanga, bathi ukungabikhona kwemali yikhona okubavimbele ukuba benze ngendlela umsebenzi wabo okuwukuqeqesha othisha ngohlelo olusha lwemfundo.

“Sabatshela abaqondisi bezemfundo esifundazweni ngoFebhuwari ngonyaka odlule ngesikhathi sethula izinhlelo zethu zonyaka okuhlanganisa imihlangano yokucobelelana ngolwazi kothisha ngohlelo olusha lwezemfundo iCaps,” kusho laba beluleki abacele ukuba amagama abo agodlwe. Bathi okunye okumele bakwenze ngokomsebenzi wabo ukweseka othisha ezifundweni abadonsa kanzima kuzo futhi abangaziqeqeshelwe ukuzifundisa.

“Ngokujwayelekile siba nemihlangano yokucobelelana ngolwazi emine ngesifundo esisodwa ngonyaka bese siya emakilasini siyohlola izinga lokufundisa. Satshelwa ukuthi ayikho imali, azikho nezimoto sagcina singasakwazanga ukusebenza. Asikwazanga ngisho ukwenza amakhophi ezinto zokuqeqesha ngoba kungekho lutho,” kusho bona ngazwi linye.

Baveze ukuthi babatshela ukuthi lesi simo singaholela ekukhuleni kwezinga lokufeyila kwabafundi ekupheleni konyaka, kodwa satshelwa ukuthi ayikho into engenziwa ngoba umnyango awunayo imali.

Abanye babo baphuma esifundeni iLembe esenze kabi ka-matric ngezinga lokuphasa elibe ku-59.2 % lisuka ku-72.4 % ngo-2013. Nabanye ozakwabo bakwezinye izifunda bathi abakwazi ukusiza othisha nabafundi. Okunye abakuvezile ukuthi izikole ezisemadolobheni ziluthola kuqala usizo.

UNgqongqoshe wezeMfundo uNkk Peggy Nkonyeni akazange aphikisane nezikhalo zabo wakufakazela ukuthi iningi labeluleki bezemfundo alisetshenziswa ngendlela. Uthe udaba lwezimali lungaphezu kwakhe.

“Sengiye nakuMgcinimafa ezingeni likazwelonke ngatshelwa ukuthi ayikho imali ezokwengezwa yezemfundo,” kusho uNkonyeni. Eqhuba uthe uvumelana ngokugcwele nabeluleki bezemfundo ngezingqinamba abahlangabezana nazo. Uthe imihlangano yokucobelelana ngolwazi yothisha ayitheli zithelo ngoba bahanjiswa ngamabhasi ekuseni emihlanganweni bahlale usuku olulodwa bese belindela ukuthi babe sebazi zonke izinto.

“Ngenxa yokuthi imali inqanyuliwe siyaphoqeleka ukuthi bahlale usuku babuyele emuva noma bengaqedile ukuqeqeshwa,” kuphawula ungqongqoshe.

“Lokhu kunomthelela omkhulu kodwa sesikhulumile nothisha ukukulungisa. Sizozama ukwenza kangcono sisebenzisa uhlelo olusha lwethu olubizwa nge-Operation Bounce Back.

“Ngilinde nombiko ekomidini elabunjwa ngo-Okthoba ngonyaka odlule eliphenya indlela umnyango osebenzisa ngayo izimali njengoba kukhona lapho engicabanga ukuthi imosheka khona ngendlela engafanele.

“Ngifuna ukufinyelela ezimpandeni zalokho ngoba kungenzeka ukuthi imali isetshenziswa ezindaweni ezingafanele,” kusho uNkonyeni osohlelweni lokuhlangana nabaluleki bezifundo ezifundeni zaseKZN.

Uphinde wanxusa abamabhizinisi ukuthi bangenelele ekufukuleni ezemfundo.

“Abamabhizinisi kukhona abakwenzayo kodwa singathokoza uma bengalekelela kakhulu.”

Itholwe ilenga intombazane ebidukile

$
0
0

Intombazane obese kuphele isonto ingaziwa itholwe ilenga ehlathini elingekude nomuzi wakubo.

|||

BONISWA MOHALE

INTOMBAZANE obese kuphele isonto ingaziwa itholwe ilenga ehlathini elingekude nomuzi wakubo ngeSonto emini inezimpawu zokudlwengulwa, kwesingezansi ingagqokile. UNokukhanya Zama (15) waKwaMakhutha uduke ngoJanuwari 11 esendleleni eya eMiseni esontweni lamaRoma kulona leli lokishi.

Eduze kwesidumbu sakhe ebese siqala ukonakala bekukhona isikhwama ayesiphethe, izicathulo nejakhethi idatshuliwe. Umphakathi nomndeni basababaza isihluku okubulawe ngaso le ngane.

Kusukela ngeSonto emuva kokuzwakala kwezindaba zokutholwa kwesidumbu, abantu ezinkundleni zokuxhumana bebebhonga emswaneni bekhalisa umndeni wakwaZama.

Ngesikhathi kubonakala uNokukhanya engabuyi unina uNkk Sphindile Khomo wafonela uninakhulu abehlala naye eSingqungquma, wamtshela ukuthi akakabuyi. Wabhekwa nakubangani kwatholwa ukuthi akakaze ahlangane nabo futhi akafikanga ngisho esontweni.

Ngokusho kukaNkk Ntombikayise Cele onguninakhulu omncane kaNokukhanya, isidumbu sakhe sitholwe ngumuntu obezingela ngeSonto eMkhazini.

“Simthole izolo (ngeSonto). Ingubo abeyigqokile beyikhushuliwe ebekwe esiswini engasagqokile ngezansi, ijakhethi ibisikiwe elengiswe esihlahleni. Bekungabo-12 emini sithola ucingo luvela kuyise. Umzingeli ubehamba nezinja ezikhonkothe zaya phakathi nehlathi zingafuni ukusuka, uthe uma eyobheka wabona ukuthi yisidumbu somuntu. Ube esehlaba umkhosi kwavela noyise kaKhanyo wabona ukuthi yindodakazi yakhe,” kusho uNkk Cele.

Uthe kubuhlungu okwenziwe enganeni njengoba bengazi ukuthi beyibulawelwani kabuhlungu kanjena.

“Okubuhlungu wukuthi ihlathi atholwe kulo alikude kakhulu nakubo. Asazi amaphoyisa asebenza kanjani. Bekungakuhle ukuthi asazise ukuthi ngubani umphenyi wecala naye axhumane nathi. Ngeke sisho ukuthi kwenzekeni kuKhanyo (Nokukhanya) okwamanje sinezinsolo nje. Asazi sizofihla nini njengoba isidumbu sisathunyelwe e-Scottburgh ukuze sihlolwe ngodokotela, siyobe sesiyithola lapho imbangela yokufa kwakhe,” kusho uNkk Cele.

Unina kaNokukhanya ubehleli emakhandleleni engakwazi nokukhuluma ngenxa yomunyu.

UNkk Cele unxuse abanolwazi ngalesi sigameko ukuba bathinte amaphoyisa ukuze kujeze abenzi bobubi.

UMajor Thulani Zwane wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseFolweni avule idokodo ngokutholwa kwesidumbu sentombazane ehlathini.

“Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko bekungakaboshwa muntu. Okwamanje asazi ukuthi umufi ubulawe yini kwazise isidumbu sisathunyelwe kodokotela bakahulumeni abazosixilonga ukuze bathole imbangela yokufa,” kusho uMajor Zwane.

Namanje izingane ezimbili eziduke ziya esontweni eSt Faiths ngeledlule okunguNompumelelo Shoba (14) noThulile Phungula (17) azikatholakali, amaphoyisa asaphenya.

OwezeMpilo ugcine exoshiwe

$
0
0

Sigcine sehlulekile ukulwa nokuxoshwa kwaso isikhulu sezimali soMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.

|||

SIGCINE sehlulekile ukulwa nokuxoshwa kwaso isikhulu sezimali soMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal esimisiwe emsebenzini.

Imizamo kaMnuz Enos Ravhura oyisikhulu sezimali kulo mnyango yokuvimbela iNhloko yoMnyango uDkt Sibongile Zungu (osesithombeni) ukuthi ingamxoshi, iphenduke ize leze ngesikhathi kuchithwa isicelo sayo enkantolo yabasebenzi.

Kuvele ukuthi uJaji Hamilton Cele ukhipe isinqumo sokulichitha leli cala ngesonto eledlule.

URavhura ufake umnyango wezempilo esifundazweni enkantolo yabasebenzi ngoba ekhala ngokuxoshwa ngokungemthetho enonyaka eqashiwe. Yena nophethe izinhlelo zokuhlinzeka ngezinsiza kusebenza, uMnuz Andile Zondo, bamiswe ngesikhathi esifanayo.Umnyango awukaze ulidalule icala lakhe nemiphumela yokuqondiswa kwezigwegwe.

Ngesikhathi ememezela ukumiswa kwakhe uNgqongqoshe wezeMpilo esiFundazweni, uDkt Sibongiseni Dhlomo, akazange ayikhiphe imininingwane egcwele ngaphandle kokuthi “kube nokungahambisi kahle emsebenzini wabo”. NgoDisemba nyakenye, inyunyana iNational Education, Health And Allied Workers' Union (Nehawu) ithe uRavhura utholwe enecala ngokophenyo lwangaphakathi kanti futhi isigwebo esasiphakanyisiwe wukuthi anikwe incwadi yokugcina yesexwayiso.Yize kunjalo uDkt Zungu kuthiwa ukhethe ukumxosha uRavhura ophethe ngokuyisa lolu daba enkantolo.

Ngesonto eledlule kuvele ukuthi uRavhura ubengasaholelwa wuMnyango wezeMpilo kusukela ngoNovemba. – Intatheli yeSolezwe

Injabulo abaswele bexhaswa

$
0
0

Izingane ezingu-18 zezikole ezahlukene zithengelwe imifaniswano yesikole emisha.

|||

BAWINILE NGCOBO

ZIZOBUYELA esikoleni namuhla zifana nezinye izingane ezingenabazali zakwa-H, eMlazi ezinikelelwe umfaniswano wesikole yinhlangano iPhilisiwe Community Health Care Organisation esebenzela ehhovisi lekhansela lendawo.

Izingane ezingu-18 zezikole ezahlukene kulesi sigceme zithengelwe imifaniswano yesikole emisha ukuze nazo zifane nezinye njengoba kuvulwa izikole namuhla.

UNkk Agnes Mthethwa imenenja yale nhlangano uthe baqale ngonyaka owedlule ukusiza izingane ezingenabazali kule ward yaseMlazi ngoba bengafuni ukuthi ziphendukele ebugebengwini ngenxa yokweswela.

Uthe baxhumane nezikole behambela nemizi ukuze bathole izingane eziswele ezingenabani base bezithengela imifaniswano.

Nyakenye le nhlangano ithengele izingane eziyisishiyagalombili umfaniswano wesikole.

Izingane ezithole umfaniswano ziphuma ezikoleni zamabanga aphansi nezamabanga aphezulu, ezinye zazo zihlala nogogo abahola impesheni kuphela abangakwazi ukugcina zonke izidingo zazo.

Lezi zingane ziphinde zilekelelwe nangokuya ethunjini nsuku zonke ngoxhaso loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.

UNkk Mthethwa uthe banxusa osomabhisinisi bendawo nezinkampani ezizimele ukuthi babaxhase ukuze bakwazi ukufinyelela kuzo zonke izingane ezingenabazali ezidinga usizo.

UMeluleki Nkosi ongomunye osizwa ile nhlangano uthe uyabonga ngoba ngesikhathi iqala ukubasiza ngonyaka owedlule babephila ngemali yempesheni kagogo yena nezingane zakwabo ezimbili nezinye zodadewabo kanina.

“Basilethela amaphasela okudla, asisalambi. Basisize kakhulu nangomfaniswano ngoba mina bengingenawo,” kusho uMeluleki.

Uvelile osolwa ngokufa komzala

$
0
0

Uzobuyela enkantolo ngoFebhuwari osolwa ngokugenca anqume uqhoqhoqho umzala wakhe.

|||

BAWINILE NGCOBO

UZOBUYELA enkantolo ngoFebhuwari osolwa ngokugenca anqume uqhoqhoqho umzala wakhe emsola ngokufaka abantu endlini kamfowabo osashona e-Area 24 eMgababa ngesonto eledlule.

UMnuz Phendukazi Gumede (62) uvele eNkantolo yeMantshi eMbumbulu ngoLwesine, icala lakhe lahlehliselwa uFebhuwari 19 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Usolwa ngokubulala umzala wakhe uNksz Phumzile Dube (38) (osesithombeni) ofihlwe ngempelasonto, okuthiwa wamgenca ngobhushu kubuka abantu waze wamnqamula intamo ngoMsombuluko owedlule.

UNksz Dube wayemsola ngokuthi ufake abantu ababedinga indawo yokuhlala emzini kamfowabo ongasekho okunombango ngawo phakathi kukamakoti noGumede.

Kulo muzi kuthiwa bekungahlali muntu kanti uNksz Dube ebona abantu beswele indawo yokuhlala waxhumana nenduna yendawo ukuze bakwazi ukuquba emzini kamzala wakhe.

Laba bantu bangena kulo muzi ngeSonto, ngoMsombuluko kuthiwa kwafika uGumede esevele ephethe ubhushu.

Kuthiwa wabuza kulaba bantu ukuthi bafakwe ngubani endlini.

Bathi akabuze uNksz Dube owayekhona.

Ngesikhathi uNksz Dube ethi ufonela induna ukuze ichazele umzala wakhe ngabantu abangene endlini, kuthiwa akabange esabuza, wagadla kuye ngocelemba waze wamnquma intamo.

Konke lokhu kuthiwa kwakwenzeka phambi kwabantu abazama ukulamula kodwa behluleka.

Abantu baseMgababa bakhale kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaNksz Dube obengunompilo bethi ubelusizo emphakathini futhi enesihe.

Kuphenywa ngokubulawa kwezithandani

$
0
0

Sekuhlonywe abathize ngemibuzo ngokubulawa kwabebesanda kushada eBryanston eGoli.

|||

MPILETSO MOTUMI

SEKUHLONYWE abathize ngemibuzo ngokubulawa kwabebesanda kushada okungu Mnuz Wamukelwe Zuma-Memela, (29) nomkakhe uNkk Wendy Campbell-Memela, (28).

Lezi zithandani zibulawe emzini wazo eBryanston eGoli ngoLwesine olwedlule ebusuku kwathathwa nezinye zezimpahla zazo nemoto.

Uyise kaMnuz Zuma-Memela okunguMnuz Sandile Memela oyisikhulu esiphezulu kuhulumeni aphinde abe ngumbhali uthe ababulali bahlasele laba babaklinya ngentambo kagesi maqede bathatha impahla yabo nemoto i-Audi A3.

Izidumbu zabo zitholwe ekamelweni labo ngoLwesihlanu ekuseni ngumzala wendoda ohlala endlini engaphandle emzini wabo ngesikhathi ezobabheka.

Imoto yabo itholakale eNatalspruit, Ekurhuleni, ngoMgqibelo ngakusasa.

Izolo uNgqongqoshe wezokuPhepha eGauteng uNkk Sizakele Nkosi-Malobane uye kobhonga emswaneni kulo mndeni wazisa amalungu omndeni ukuthi uphenyo seluhambe lwagcina kuphi.

“Sesenze okuningi sizama ukuthola abenzi balokhu. Sethemba ukuthi sizobabopha maduzane nje,” kusho uNkosi-Malobane obezoduduza umndeni.

Uthe ithimba labaphenyi lilandela umkhondo futhi sekukhona nabantu asebeke babahlaba ngemibuzo ngalesi sigameko abacelwe umndeni ukuba ubaphenye.

“Sizama ukuthola ukuthi akukho yini okubahlanganisa naleli cala.

“Siyethemba ukuthi ithimba labaphenyi lizokwazi ukubopha abathintekayo kungekudala. Umndeni ufuna ukuthola ukuthi kwenzekeni,” kusho yena.

Izolo amaphoyisa abesaphenya ukuthi bangaki abasolwa abahlasele lo mndeni.

UNgqongqoshe uchaze iBryanston njengendawo ethandwa kakhulu izigebengu nabaduna izimoto.

Kuhlelwe inkonzo yesikhumbuzo ezokuba kusasa ebandleni iHis People Church eParktown eGoli ngo-5.30 ntambama lapho bekusonta khona ababulewe.

UMemela uthe inkonzo yomngcwabo izokuba seKlipriviersberg Recreation Centre eKibler Park ngoMgqibelo.


Kubikwa omunye umshophi kaMthimkhulu

$
0
0

Uphinde wagubezelwa yifu elimnyama umndeni kaMnuz Mtholephi Mthimkhulu.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UPHINDE wagubezelwa yifu elimnyama umndeni kaMnuz Mtholephi Mthimkhulu njengoba kuthe ngoMgqibelo ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula kwakhe kwashona uyise omncane abesesele naye obehlala eNanda.

UMnuz Wilbert Mthimkhulu (91) ufihlwa namuhla emathuneni aseNanda Seminary. Inkonzo izoba se-Apostolic Church of Southern Africa kwa-H kwaMashu.

Lokhu kwenzeka nje umndeni usemanzini ngemuva kokudlula emhlabeni kukasibali kaMthimkhulu oshade nodadewabo uNkk Khululiwe Ngidi. UMnuz Sipho Ngidi washona ngoLwesibili wafihlwa ngeSonto esisuka kulo.

Okhulumela umndeni uMnuz Mboneni Bhekiswayo uthe behlelwe yisimo esinzima njengoba umkhulu bese kungukuphela kwakhe.

“Sibhekene nenkinga ngokudlula kukamkhulu emhlabeni ngoba kugcine sesingazi ukuthi kumele siyichaze kanjani indaba yakhe nokuthi abantu bese benokudideka bezitshela ukuthi wubaba uMtholephi ofihlwa namhlanje kanti umkhulu. Empeleni sigcine sesibahlukanisa ngokuthi uMtholephi simbize ngegama bese ubaba simbiza ngokuthi umkhulu ukuze kucace ukuthi sikhuluma ngobani phakathi kwabo njengoba senza amalungiselelo emingcwabo ukuze kungabibikho ukudideka. UMtholephi simfihla ngoMgqibelo kanti umkhulu ufihlwa namhlanje,” kusho uBhekiswayo.

Izolo abaholi abangamalungu eSishayamthetho saKwaZulu-Natal nothisha baseMzomusha Primary School eNanda Newtown A bayise inkonzo yokududuza umndeni.

Othisha abasebenza nenkosikazi kaMtholephi, uNkk Halalisile Mthimkhulu (uMaGumede) bambonge ngesibindi sokweseka umyeni wakhe ezinhlungiwini abekuzo kwaze kwaba kuyamenela.

“Siyabonga ntombazane ngokwenzile ulimele igama lesikole sethu ngobuqotho bakho wakhombisa uthando kumyeni wakho. Singothisha siyaziqhenya ngawe,” kusho omunye wothisha obeshumayela.

Bonke bebemi kulobo bufakazi bencoma uNkk Mthimkhulu ngakwenzile.

Selokhu uMthimkhulu edlule emhlabeni abaholi namalungu omphakathi baphuma bededelana emzini wakhe oseWestville bezoduduza umndeni.

Izolo amalungu eSishayamthetho abeholwa uSomlomo uNkk Lydia Johnson atheleke kwaMthimkhulu nawo ezodlulisa amazwi enduduzo.

UBhekiswayo uthe inkonzo yomngcwabo izoba senkundleni yezemidlalo i-JL Dube Ohlange, eNanda ngoMgqibelo bese eyofihlwa emathuneni aseNanda Seminary.

“Sizomlanda ngoLwesihlanu kube nomlindelo lapha ekhaya bese ngoMgqibelo ekuseni ngelesishiyagalolunye siye ebandleni lakhe i-Apostolic Church of Southern Africa kwa-H, KwaMashu sibe nomthandazo bese sidlulela enkonzweni enkulu ezoba soHlange,” kusho uBhekiswayo.

Inkonzo yesikhumbuzo sikaMthimkhulu izoba kusasa ngoLwesine eCity Hall eThekwini.

Zisaqhubeka izinkinga zosizo lweNSFAS

$
0
0

Baningi abasele ngaphandle amanyuvesi bethi uxhaso alwanele.

|||

BONISWA MOHALE

YIZE uNgqongqoshe woMnyango weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, ememezele ukuthi uzolwenyusa ngo-R9.5 billion uxhaso lwesikhwama semali yabafundi i-National Student Financial Aid Scheme (Nsfas), baningi abasele ngaphandle amanyuvesi bethi uxhaso alwanele.

Abafundi abazoqala unyaka wesibili eNyuvesi yaKwaZulu-Natal baveze ukuthi abazi bazozikhokhela ngani izifundo zabo ngenxa yokushoda kwezimali.

Ngokusho kwalaba bafundi, bafake izicelo ngonyaka odlule kanti kuthe uma sebebuyela esikoleni esontweni lokuqala kuJanuwari bathola ama-e-mails athi ngeke baxhaswe yi-NSFAS.

Babe sebazisa uphiko lwabafundi oluthe luzohlangana nezikhulu zasenyuvesi ukuze kutholwe isixazululo kulolu daba.

UMnuz Lesiba Seshoka uthe i-UKZN ixhasa abafundi abangu-1 200 abasuke bezokwenza unyaka wokuqala okungu-25% bese enye imali ibekelwa abafundi abenza unyaka wesibili, owesithathu nowesine.

Uthe abayitholi imali eyanele ukusiza bonke abafundi ngoba wonke amanyuvesi abhekene nenkinga efanayo.

“Abafundi batshelwa ngesikhathi ukuthi ngeke baluthole uxhaso lwezimali uma kuwukuthi behlulekile kwa-NSFAS. Abafundi bayacelwa ukuthi bazame ukuthola uxhaso nakwezinye izikhungo, bavakashele ne-website yethu esibanikeza yona,”kusho uSeshoka.

Khonamanjalo abafundi abebenza iziqu zobuthishela e-Durban University of Technology (DUT) isikhungo ngokubavimbela ukuthola umsebenzi.

Bathe izikhulu zase-DUT azifuni ukubabhalela izincwadi ezifakazela ukuthi babefunda khona uma bekweleta imali yokufunda.

Omunye walaba bafundi uSthembiso Phungula (26) uthe, ubefunda ngemali yakwa-NSFAS kwathi ngo-2013 wathola uxhaso eMnyangweni wezeMfundo waqhubeka nokufunda.

Inkinga iqale ngonyaka odlule eseqala ukufuna umsebenzi, wathola ukuthi uyakweleta imali yokufunda futhi inyuvesi ngeke imnike ngisho ikhophi yemiphumela yakhe.

Ngokusho kwakhe, wakhokhelwa imali ngabakwa-NSFAS ngo-2012 kodwa inkinga kwaba wukuthi isikhungo sashelwa ngamahhovisi abhekelele ezezimali ngakho namafayela abafundi adicilelwa phansi.

Kusenjalo abe-Education Alliance izolo baphakamise ukuthi kuphele nya ukuthi abafundi bafake izicelo zokufunda baphinde bakhokhe nemali yokubhalisa njengoba befuna kube lula ukuthi abafundi bangene ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Lo mfelandawonye ohlanganisa abezinyunyana ezingaphansi kwe- Cosatu kanye nezinhlangano zentsha, uthi zikhona ezinye izindlela ezingasetshenziswa ukuze kuvinjwe ukubekwa kwemali phambili ngoba igcina ivimba abafundi abangenayo.

“… kunzima kithi ukuqonda ukuthi kungani abafundi kudingeka bakhokhe imali yokubhalisa neyokufuna,” kusho lo mfelandawonye esitatiemendeni. Lo mfelandawonye ubunjwe abeSadtu, National Education Health and Allied Workers Union, Popcru, NASGB, Congress of SA Students, Sasco nabeYoung Communist League.

‘Osugar daddy abahlukane nezingane’

$
0
0

UMnuz Ezra Letsoalo unxuse amadoda amadala ukuthi ayekele phansi izingane.

|||

Kennedy Mudzuli

O-SUGAR daddy abahlale bethungatha izintombi ezisencane ezikhungweni zemfundo ePitoli batshelwe ukuthi bafune engxenye ukugculisa izinkanuko zabo ukuze abafundi bagxile emfundweni nokufeza izifiso zabo.

Izinhlangano zentsha ezingakwiProgressive Youth Alliance zithe o-sugar daddy bayinselelo enkulu futhi bavame ukubonakala enyakatho yedolobha – eSoshanguve naseGa-Rankuwa.

Okhulumela i-Alliance, uMnuz Ezra Letsoalo, uthe amantombazane afika kuleli dolobha ezofuna imfundo wabe esenxusa amadoda amadala ukuthi ayekele phansi izingane.

“Osugar daddy banezifo ezibulalayo futhi bavame ukuthembisa impilo engcono. Bavame ukuzenza abantu abangasiza njengoba abafundi beba nezinkinga uma besabhalisa njengokungabikhona kwezinto zokuhamba nendawo yokuhlala,” usho kanje.

Unxuse abesifazane abasebancane ukuthi bahlale njalo beqaphile futhi baxhumane nabo uma bedinga usizo.

ULetsoalo uthe inhlangano iyavuma ukuthi isimo somnotho naso sinomthelela uma amadoda emadala exhaphaza amantombazane, amanye awo avela ezindaweni ezihlwempu ngaphandle kwaseGauteng.

Abafundi besifazane kufanele basamukele isexwayiso sokuthi amadoda akukhona ngoba esuke efuna ukubasiza ngezidingo ezifana nokudla, indawo yokuhlala nemali yokugibela kodwa asuke ehlose ukubaxhaphaza, kusho uLetsoalo.

Inhlangano ithumele abantu ukuthi baqwashise abafundi mayelana nalo mkhuba wokuxhashazwa kwabesifazane.

Imindeni ethandayo eseduze nezikhungo zemfundo izocelwa ukuthi ihlalise abafundi abafikayo. Amahholo kamasipala kungenzeka asetshenziswe ngemvume kamasipala.

“Sizibophezele ukusiza abafundi ngokwezemfundo, ezezimali, izindawo zokuhlala nokunye okuthintekayo,” kusho uLetsoalo.

Babanjelwa izitifiketi behlulwa wukukhokha

$
0
0

IThabela High School yakwaNyuswa izovulwa ikhungethwe yizinkinga.

|||

CELANI SIKHAKHANE

NJENGOBA izikole zivulwa namuhla KwaZulu-Natal, iThabela High School yakwaNyuswa izovulwa ikhungethwe yizinkinga emuva kokuvela kokuthi kunamakhulu abafundi abaphasa umatric kuso eminyakeni edlule kodwa izitifiketi zabo zisaduve ehhovisi lesikole ngoba kuthiwa abakhokhile.

Ngaphandle kwalokhu abazali bezingane ezifunda kulesi sikole ngoMsombuluko bavale amasango besabisa ngokuthi bazolwa uma uMnyango wezeMfundo ubuyisa othisha abayisikhombisa abamiswa ngabazali bebasola ngokuthengela abafundi utshwala ukuze badale uthuthuva esikoleni.

Isigungu sokuphathwa kwesikole sikhala ngokuthi sekunzima ukuthola abanye abafundi ukuze banikezwe izitifiketi zabo.

Izitifiketi zikamatric eziduve lapha zilinganiselwa ku-336 kusuka kwezababhala izivivinyo ngo-1996.

Usihlalo wesigungu sokuphathwa kwesikole uMnuz Sibusiso Shangase uthe lolu daba sebeke baluphakamisa kuthishanhloko obambile uNkk Nana Khwela kodwa wangenza lutho.

Ngaphambi kokuba lesi sikole sifakwe ohlwini lwezikole ezingabakhokhisi abafundi, iningi labafundi lalidonsa kanzima lingakwazi ukukhokha imali yesikole.

Omunye owaphasa umatric kulesi sikole ngo-2010 uNathi Zwane (24) uthe wabhala ngo-2010 kodwa isitifiketi uze wasithola ngoSepthemba 2014 emuva kokungenelela kwesigungu sokuphathwa kwesikole.

“Ngesikhathi ngibhala umatric ngangikweleta uR600 wesikole engangingenawo amandla okuwukhokha ngoba ubaba wayebamba itoho ejalidini usuku olulodwa kokunye zibe mbili ngesonto,” kusho uZwane

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi uthe akanalwazi ngezitifiketi zabafundi ezibanjwayo. Uthe bazophenya bese bethatha izinyathelo uma kukhona otholakala enecala. NgoMsombuluko abazali bagcwale esangweni lesikole bethi ababafuni othisha abaxoshwa ukuba babuyele njengoba bekuwusuku lokuvula kothisha.

USihlalo wesigungu esilawula isikole uShangase uthe ngonyaka odlule baphoqa ukuthi kumiswe uthisha obesolwa ngokuthengela abafundi babafana utshwala ukuze bahluphe abanye othisha.

“Kuthe uma emiswa emsebenzini kwaba khona abanye othisha abayisithupha abazwelana naye nabo bayeka ukusebenza. UMnyango ube ususilethela abanye othisha abasize kakhulu ngokufundisa izingane zethu zaphasa kahle.

“Lo thisha esasikhala ngaye wayethengela izingane utshwala bese zingalawuleki ziphuza ngaphakathi esikoleni zihluphe kugcine kuphazamiseka nokufunda, yingakho samkhomba indlela.

“Okubi wukuthi uMnyango usubahoxisile othisha abebevale izikhala zebesibamisile wabuyisa abaxoshwa yize sasikucacisile ukuthi asisabadingi. Yingakho sicasukile ngoba labo thisha abebevale izikhala bebesebenza kahle bengahluphi nezingane zaphasa kahle ngenxa yabo. Manje uMnyango ususibuyisela laba ngaphandle kokuxhumana nathi,” kusho uShange.

Ephawula kulolu daba uMahlambi uthe othisha abayisikhombisa bamiswa ngesikhathi kusaphenywa izinsolo ababhekene nazo. Uthe batholakala bengenacala ngakho umthetho uthi kumele babuyele esikoleni.

Abaholi beDA okunguNksz Mbali Ntuli noMnuz Hlanganani Gumbi baye kulesi sikole ukuyozwa izikhalo zomphakathi nokunye bathi bazozidlulisela ehhovisi likaMvikeli woMphakathi ukuze aphenye.

“Kuningi okonakele lapha, ngaphandle nje kwalabo thisha ababuyiswayo kunenqwaba yothisha abangaphethe ngendlela efanele ezikoleni njengoba kwezinye kunyamalala izimali.

“Lokhu sikubona kungukuhlukumeza abafundi ngoba zikhona nezinye izikole okungakhokhwa kuzo kodwa ezigodle imiphumela yabafundi. Lolu daba sinqume ukuthi silufake kuMvikeli woMphakathi ngoba uMnyango kade wawubikelwa ngezinkinga zezikole zakwaNyuswa kodwa awuzisukumeli kangangokuthi kubuyiswa othisha okukade kukhalwa ngabo,” kusho uNksz Ntuli osekomitini lezeMfundo eSishayamthetho.

UNksz Ntuli uthe kukhona nomfundi owaphumelela kahle umatric kodwa walahlekelwa amathuba okuthola imifundaze ngoba isitifiketi sakhe besigcinwe esikoleni bengafuni ukumnikeza.

UShelembe uyazihlangula kweyokuketula uVZ

$
0
0

UMnuz Maliyakhe Shelembe akeneme ngezinsolo athi ezibhekiswe kuye zokuthi uhlela itulo lokuvukela umengameli weqembu.

|||

CELANI SIKHAKHANE

USIHLALO weNFP kuzwelonke uMnuz Maliyakhe Shelembe akeneme ngezinsolo athi ezibhekiswe kuye zokuthi uhlela itulo lokuvukela umengameli weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi ukuze kushintshwe isigaba somthethosisekelo esithi angaphatha iminyaka eyishumi engaphikiswa.

UShelembe ukusho lokhu ngemuva kwemibiko yokuthi yena nabathile basemizameni yokuthi akhankaselwe ukuze abe ngumengameli weNFP engqungqutheleni yangoJuni yokubuyekezwa kwemigomo.

Eminye imihlangano okuthiwa bekubhungwa kuyo lezi zinto kuthiwa ibiba semahhotela agudle ulwandle eThekwini okubalwa nowawuseNew Beach Hotel okwakuhlelwa indlela ebheke phambili.

“Angikaze ngibe yingxenye yaleyo mihlangano futhi angiyazi. Okungiphethe kabi ukuthi konke lokhu kwenziwa emizameni yokuthi ngicekelwe phansi ukuze kushabalale wonke umnikelo wamandla ami engibe nawo ekusungulweni kweNFP. Angazi nokuthi ngingamketula kanjani umengameli wethu ekubeni ngangihamba phambili ekutheni kumele aphathe iminyaka engu-10 engaphikiswa muntu ukuze siqinise ukukhula kweqembu lethu,” kusho uShelembe.

Uthe akaziboni ethatha isikhundla sokuba ngumengameli weNFP ngoba umsebenzi okhathazayo futhi onengcindezi njengoba kubonakala nakuMagwaza-Msibi ukuthi usebenza kanzima.

“Nganele ngalesi sikhundla enginaso ngoba kwasona siyinkinga sidinga okuningi nasezimalini njengoba iqembu lethu lisadonsa kanzima ngokwezimali. Uzokhumbula ukuthi sasizitshele ukuthi sizoya ephalamende sibe baningi ukuze sikwazi nokubhekana nezindleko zeNFP kodwa akwenzekanga nokumanje sibhekene nomthwalo ngakho angikwazi ukuthi kungathi izinto zinjalo bese ngijaha ukuba ngumengameli,” kusho uShelembe.

UShelembe, Mnuz Bhungu Gwala noMnuz Scelo Mabika bake basolwa ngokuthi bebenetulo ababelibopha lokuthi uma kufika ingqungquthela yokubuyekezwa kwemigomo ngoDisemba wangonyaka odlule bafuna kuchithwe ukaMagwaza-Msibi noma kuguqulwe isigatshana somthetho esivuna ukuthi aphathe iminyaka engu-10 engaphikiswa muntu. Le ngqungquthela igcine ihlehla kanti isizoba ngoJuni kulo nyaka.

UNobhala-Jikelele we-NFP uSolwazi Nhlanhla Khubisa uthe bona bamatasa balungiselela umcimbi omkhulu wokugubha iminyaka emine iqembu lasungulwa ngakho abafuni ukuphazanyiswa abantu abazama ukudunga inhlangano ngezinto ezingenasisekelo. Uthe ingqungquthela yemigomo akusiyona eyokukhetha ubuholi.

Usesebenza nengane oswele isikole

$
0
0

Usephila ngokwehla enyuka eyosebenza nayo ingane yakhe enokukhubazeka owesifazane waseMolweni.

|||

ZANELE MSOMI

USEPHILA ngokwehla enyuka eyosebenza nayo ingane yakhe enokukhubazeka owesifazane waseMolweni othi usehluleke wancama ukuyitholela isikole sabanokukhubazeka.

UNksz Vamisile Gumede (49), unendodana (10), okuthiwa yazalwa inokukhubazeka okubizwa nge-Autism. Lesi sifo siyenza ithathe kancane ngokomzimba nangokomqondo.

UNksz Gumede waqala ukuqaphela inkinga enganeni isineminyaka emibili kodwa ingahambi.

“Ngaphuza ukubona ukuthi kukhona okungahambi kahle. Ngaqala ukuya kodokotela bamelula bathi uzophuza ukuhamba nokukhuluma. Ngaqala ukumfunela isikole eneminyaka emithathu kodwa kwawumqansa,” kusho yena.

Uthe odokotela bamyalela izikole zabanokukhubazeka. Ngenxa yokuthi wayengafuni ingane ibe kude naye, waqala esikoleni esisePinetown, Isolezwe elinalo igama laso.

“Ngafica omunye wothisha wangafuna ngisho ukunginika ithuba nokungichazela okudingeka ngikwenze. Wavele wangixosha wathi ngeke bayithathe ingane,” usho kanje.

Uthi usehambe waze wayofika oThongathi eyalelwe isikole nakhona ubeseyolahlela ngoba ubengasifuni esikude. Ufike wahluleka etshelwa ukuthi ingane kumele ihlale khona, wabona kuzoba yinkinga ngoba akaze ahlukane nayo.

Uphinde wazama esinye esisePinetown ngo-2013 inkinga kwawukuthi izimoto ezithutha izingane zigcina ePinetown.

“Ngabona ukuthi ngizoba nenkinga uma ingekho imoto ezomyisa eMolweni. Kulesi sikole bekuthembisa ukuthi bazomthatha kodwa inkinga kwayindaba yemoto,” echaza.

Waphindela kodokotela bambhalela incwadi aphindele nayo esikoleni aqala ukuyozama kuso ePinetown kodwa waphinde waxoshwa.

UNksz Gumede uthi minyaka yonke usuke ehla enyuka ezama isikole. Useke wazama nasezinkulisa bathi ngeke bayamukele ingane ekulesi simo.

“Angazi kungani exoshwa yonke indawo ngoba ufana nezinye izingane ezincane, ezifunzwayo zifake namanabukeni. Sengiya naye emsebenzini futhi nabelungu bami abasasho lutho ngoba bayayazi inkinga,” usho kanje.

Akatholakalanga ozophawula esikoleni uNksz Gumede athi ingane inqatshwe kuso.

UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo wake watshela leli phephandaba ukuthi kuseyinselelo ukuthola isikhala ezinganeni ezinokukhubazeka. Wayephawula ngenye ingane yaseNewlands eyayinenkinga efanayo, eyagcina ithathwe ngenxa yokushicilelwa kodaba.

UMlotshwa wathi ayikho ingane okumele incishwe ilungelo lokuya esikoleni ngenxa yokukhubazeka futhi yingakho kwakhiwa izikole zazo.

Do ukufunda esikoleni sehlazo lezitifiketi

$
0
0

Uqhubekile umsindo esikoleni okuvele amahlazo ngaso.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UQHUBEKILE umsindo izolo esikoleni okuvele amahlazo ngaso ngokubanjelwa kwabafundi abadala bakamatric izitifiketi. IThabela High School eKwaNyuswa kayivulwanga. Abafundi bakulesi sikole bagcine bethalaza emagcekeni ngenxa yentukuthelo yabazali abebeqhinqe ngaphakathi becasukele uMnyango wezeMfundo ngokubuyisa othisha okuthiwa bawuhlupho.

Izolo amaphoyisa abesiqaphe ngelokhozi isimo eThabela kanti akuzange kufundwe. Othisha abadedelwe ngabazali ukungena ngaphakathi bebehlanganele egunjini elilodwa belokhu belunguza obekuqhubeka ngaphandle.

Izingane bezizidlalela ezinye zizihlalele komama abadayisayo ngaphakathi kubonakala ukuthi akukho ezingakwenza.

USihlalo wesigungu sabazali uMnuz Sbusiso Shangase uthe abanankinga nabanye othisha kodwa bagade laba abamiswa ukuthi bangalokothi balubeke kulesi sikole ngoba badale umonakalo omkhulu.

“Sifuna uMnyango ubuyise labo thisha abayisikhombisa ababelethwe lapha eThabela bezovala isikhala salaba esingabafuni abebehlupha. Labo thisha abebelethwe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngonyaka odlule bezovala izikhala benze umehluko sabona kukhuphuka izinga lokuphasa kwezingane, yingakho sithi akubuyiswe bona kungalethwa abamiswa,” kusho uShangase.

Ngonyaka odlule abazali baphoqa ukuthi kumiswe omunye wothisha owayesolwa ngokuthengela abafundi utshwala ngesikhathi sokufunda okwakuthi uma sezidakiwe zingalawuleki zibulale amafasitela esikole zihluphe nabanye othisha.

Isimo kulesi sikole sishubile kubonakala ngisho ungena esangweni kangangoba nothisha bakhona abezwani kuthiwa kubangwa isikhundla sokubambela uthishanhloko naye okuthiwa wamiswa ngezinsolo zenkohlakalo.

Abazali bakhala nangenyunyana iSadtu abathi isabisa uMnyango uma ushushisa othisha abasuke besolwa ngamacala kulesi sikole nokwenza bagcine bengathathelwanga izinyathelo baqhubeke nokuhlupha.

Othisha bakuqinisekisile ukuthi kufanele engabe baqalile ukufundisa kodwa akwenzekanga ngoba isimo sishubile abazali balwela ukuba kubuyiswe othisha obekuvalwe ngabo izikhala zababamisa.

Abazali bavimbe ngisho isikhulu somnyango ebesiye kulesi sikole bengafuni singene.

Bebemi ngokuthi kabafuni lutho oluzohlanganisa isikole nothisha abamiswa nyakenye.

Esikoleni esiseduzane eMnyameni-Zennex High School naso esike sakhungathwa yizinkinga, ukufunda kuqale ngaphandle kwezingqinamba.

Kuleli sonto kuvele ukuthi eThabela kuduve izitifiketi ezibalelwa emakhulwini amathathu zabafundi bakamatric abanganikezwanga zona ngoba bengakhokhile. Ezinye zalezi zitifiketi sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-10 zilele uthuli.

Abazali baqale ukuqhinqa kulesi sikole ngoMsombuluko bezobhekisisa ukuthi abangeni nhlobo othisha abathi bahamba behlupha.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe labo thisha abangafunwa abazali batholwe bemsulwa ezinsolweni abebebekwe zona ngakho akukho okuzoshintsha ngaphandle kokuthi babuyele emsebenzini.

“Thina njengoMnyango sibheke ukuthi bayoqala ukusebenza labo thisha ngoba abazali bayazi ukuthi sibathole bemsulwa.

Umthetho osilawula sonke kuleli nabo uyabavuna ukuthi ababuyele emsebenzini ngoba sesithole ukuthi vele bebemsulwa,” kusho Mahlambi.


Alikacaciswa izinga lokaMthimkhulu

$
0
0

Umndeni waMnuz Mtholephi Mthikhulu ubusadukuza ebumnyameni ngokuthi uzohlonishwa yini ngomngcwabo osezingeni likahulumeni wesifundazwe.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMNDENI wowayenguNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Mtholephi Mthikhulu, ubusadukuza ebumnyameni ngokuthi uzohlonishwa yini ngomngcwabo osezingeni likahulumeni wesifundazwe njengoba izolo lize lashona kungakacaci lutho.

Okhulumela umndeni uMnuz Mboneni Bhekiswayo izolo uthe bebengakatholi lutho ngasohlangothini lukahulumeni mayelana nokuthi ngabe lukhona yini uhlelo ozoqhamuka nalo.

“Okwamanje akekho umuntu osaxhumane nathi mayelana nokuthi kuzoba wumngcwabo kahulumeni yini noma kuzomiswa kanjani ngaphandle kokuthi kusahlele thina njengomndeni ngamalungiselelo,” kusho uBhekiswayo.

Ngisho abakwezokuxhumana kuhulumeni bathe akukho abakwaziyo mayelana namalungiselelo omngcwabo kaMthimkhulu.

UMnuz Thami Ngwenya okwezokuxhumana kuhulumeni wesifundazwe uthe akanalo ulwazi ngalokhu kodwa wacela ukuthi kuthintwe uMnuz Wonder Hlongwa osehhovisi lezokuxhumana eSishayamthetho.

UHlongwa uthe naye ubengakatholi lutho mayelana namalungiselelo omngcwabo. Uthe usazoqinisekisa ukuthi ngabe uzoba khona yini umngcwabo osezingeni likahulumeni noma cha.

Okhulumela uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sbusiso Magwaza uthe naye akanalwazi ngalo mngcwabo ngoba ubenaye uMnuz Senzo Mchunu kodwa akazange asho lutho ngodaba lomngcwabo.

Ngokomthetho umngcwabo osezingeni likahulumeni wenzelwa ababambe iqhaza elibonakalayo esizweni. NguNdunankulu okufanele afake isicelo kuMengameli sokuthi osuke edlule emhlabeni ahlonishwe ngomngcwabo osezingeni likahulumeni.

Phakathi kwasebeke bahlonishwa ngalo mngcwabo KwaZulu-Natal kubalwa owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni Inkosi yakwaZashuke uNyanga Ngubane we-IFP, uSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates, yintatheli eyayihlonishwa ngokulandwa kwamathambo ayo uMnuz Nat Nakasa nabanye.

Namhlanje kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo ehlelwe yi-ANC nomndeni wakwaMthimkhulu ezoba seCity Hall eThekwini bese ngoMgqibelo kuba nomngcwabo ozoqala e-Apostolic Church of Southern Africa kwaMashu ekuseni bese kudlulelwa enkonzweni enkulu ezoba senkundleni yemidlalo i-JL Dube, oHlange.

NgoMgqibelo enye yamadodana kaMthimkhulu ibatshele kwezikabhoqo abaholi be-ANC ukuthi uyise uhlukumezekile kuKhongolose futhi zimnethile izinduku zombusazwe waze wafika esinqumweni sokuthi akasophinde avikele abantu ngoba uhlukumezekile ngalokhu.

Akugcinanga lapho kodwa abaholi batshelwe nokuthi bebengasamnakile uMthimkhulu kangangokuthi abantu abebembona bekunguDkt Sbongiseni Dhlomo noNkk Lydia Johnson kuphela. Abanye uthe baqhamuke sebephethe izimbali sebezokhala eseshonile.

Udlule emhlabeni esefungiswe njengelulungu leSishayamthetho kodwa akakaze aphinde akwazi ukuya khona ngenxa yokugula.

UMthimkhulu wasuswa ekubeni umkhulumeli we-ANC wenziwa uSotswebhu wenhlangano waphinde waba uNgqongqoshe wezoLimo nokuthe emuva kwalokho wagudluzwa wenziwa iphini likaSomlomo nakhona wasuswa ngonyaka odlule waba ilungu lesishayamthetho kodwa akabange esabuyela njengoba agcina ngokufungiswa.

Wehliswe kuzona zonke lezi zikhundla ngemuva kokuba nyamanambana ku-ANC ngenxa yesenzo sakhe sokukhuza amalungu kaKhongolose ayeshisa izikibha ezazinobuso bukaMnuz Thabo Mbeki eMgungundlovu.

Udlule emhlabeni ngoLwesihlanu kanti ngoMgqibelo kudlule uyise omncane obesegadwe nguye uMnuz Wilbert Mthimkhulu ofihlwe izolo eNanda Seminary lapho okuzongcwatshwa khona uMtholephi ngoMgqibelo.

Imizamo yokuthola ihhovisi likamengameli izolo ayiphumelelanga ukuze licacise ukuthi ngabe lisitholile yini isicelo sokuthi uMthimkhulu ahlonishwe ngomngcwabo wombuso. Ucingo lukaMnuz Mac Maharaj belungangeni . BHEKA IKHASI 22

Ummeli ulaxaze abasolwa

$
0
0

Kuhlehle icala belaxazwa ummeli abasolwa ngokubulala unina kasomabhizinisi owakha umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUHLEHLE icala izolo eNkantolo yeMantshi ePinetown belaxazwa ummeli abasolwa ngokubulala unina kasomabhizinisi owakha umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla.

Kudingeke ukuthi lihlehle icala elibhekene noMnuz Thamsanqa Dlamini (30) noCharles Dludla (23) ukuze bathole ummeli omusha emuva kokuhoxa kommeli wabo.

Icala lihlehliselwe uFebhuwari 3 ukuze abasolwa bakwazi ukuthola ummeli omusha.

Laba basolwa ngokubulala unina kaNkk Thandeka Nene ongusomabhizinisi emkhakheni wezokwakha, uNkk Victoria Mahlalempini owayengumfundisi.

UNkk Mahlalempini owayengumsunguli webandla iPower of God Ministries wagwazwa amanxeba angu-21 ngoDisemba nyakenye esemzini wakhe eNagina, eMariannhill ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa ebusuku esathi ufundela abantabakhe iBhayibheli kade beqeda ukuthandazela ukulala.

Kuthiwa abantu bangena ngomnyango wasekhishini kade befice enye yamadodana akhe emnyango.

Laba bantu kuthiwa bafike bafuna imali kwathi uma esho uNkk Mahlalempini ukuthi akanayo uhola impesheni base bemgwaza amanxeba angu-21 kubuka izingane zakhe bamlinda waze washona.

Kuthiwa base bebopha izingane bazifaka kuwadilophu, bathatha izimpahla okubalwa upiyano lwasesontweni, iTV nezinye izinto, bahamba ngemoto kaNkk Mahlalempini iToyota Corolla.

UNkk Mahlalempini wabulawa esanda kuvula indawo yokuhlala abantu abadala KwaDabeka.

Ngosuku lwesigameko amaphoyisa abopha abasolwa abane eMzinto emuva kokutholwa kwemoto yakhe kusetshenziswa i-tracker.

Kwagcina kubekwe ababili icala.

Emotweni kwatholakala nezimpahla ezazebiwe. Abasolwa babekwe icala lokubulala nelokubamba inkunzi.

Isasasa nezinkinga kuvulwa ezase-KZN

$
0
0

Kube nesasasa nezinkinga ezikoleni ezahlukene KwaZulu-Natal ngesikhathi zivulwa emuva kwamaholidi kaKhisimusi.

|||

BONISWA MOHALE no-Leanne Jansen

KUBE nesasasa nezinkinga ezikoleni ezahlukene KwaZulu-Natal izolo ngesikhathi zivulwa emuva kwamaholidi kaKhisimusi.

Isiminyaminya emigwaqweni eminingi esifundazweni siqale ekuseni njengoba iningi labafundi belihanjiswa ngabazali ngezimoto.

Balinganiselwa ku 2.8 million abafundi KwaZulu-Natal ababuyele ezikoleni izolo abanye beyoqala. Izikole KwaZulu-Natal zingu-6 243 kodwa akuzona zonke eziqale ngegiya eliphezulu njengoba kwezinye isimo besishubile.

Kwezinye izikole abafundi abakwazanga ukufunda ngendlela ngenxa yezinkinga njengasesikoleni iZwelibanzi eMlazi lapho kuvinjwe khona uthisha ngoba abazali bethi abamthandi.

Akubanga nezigameko ezimbi kuphela njengoba kwezinye izikole belilikhulu isasasa ikakhulukazi kubafundi akade bezoqala ikilasi lokuqala.

EThembalethu Primary School, eNanda abafundi bekilasi lokuqala bebejabule kunedlanzana elibonakale likhala emuva kokushiywa abazali emakilasini.

Izolo ekuseni oNgqongqoshe beMinyango ehlukene KwaZulu-Natal bebetshalwe zinkalo zonke beyobheka isimo sokuvulwa kwezikole.

UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Senzo Mchunu, ubesoThungulu ebheka abafundi Exhaphozini Primary School, eMdlamfe High School, Empangeni High School nakwezinye izikole lapho efike konke kuhamba kahle.

Uthishanhloko waseClarence Primary e-Greyville eThekwini uNkk Lyn Breytenbach, uthe, konke kuhambe kahle ngosuku lokuvulwa kwezikole.

“Kufika abazali nezingane zabo bazibone ukuthi ziyangena emakilasini. Kuba khona ezisuke zikhala, zithuliswe. Kulo nyaka kubonaka izingane zingakhali kakhulu kunalokho zijabulele ukuthi zizoqala isikole,” kusho uNkk Breytenbach.

Isolezwe izolo liye eQuarry Heights Primary, lapho izingane zibuyiselwe emuva zingena nje esikoleni emuva kokuba othisha bethole ukuthi kuntshontshwe izindlu zangasese.

Ngokusho kukaMnuz Bonginkosi Ndlela oyilungu lesigungu esilawula isikole, uhlelo lokubhalisa abafundi nokubakhombisa amakilasi luhambe kahle okubhedise uhlelo wukwebiwa kwezindlu zangasese nokuthi amakilasi awekho esimeni esamukelekile.

“Izingane zibhaliswe kahle, zathola nezincwadi zokubhala kodwa inkinga ngamakilasi avodlokile, apheshukelwa wuphahla kanti kubuye kwebiwa nezindlu zangasese,” kusho uNdlela.

UMnuz Muzi Mahlambi wezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe bajabule ngosuku lokuqala futhi konke kuhambe kahle ezikoleni eziningi.

Uthe bayaqhubeka nokwakha izikole ezingaphelile ukuqinisekisa ukuthi abafundi bafundela ezindaweni eziphephile.

Mayelana nodaba lokuxoshwa kukathisha eZwelibanzi uthe, abanganeme ngothisha akumele bamvalele ngoba uqashiwe ukuba ayofundisa khona.

“Mabasebenzise izindlela ezifanele ukudlulisa izikhalo. Uthisha kumele enze umsebenzi wakhe,” kusho uMahlambi.

Khonamanjalo, izingane ezifunda ezikoleni ezingaphansi kukahulumeni KwaZulu-Natal zizokuba nemali encane ezabelwe yona njengoba lo mnyango esifundazweni ubhekene nezinkinga zemali. Le mali eyabelwe izingane zaseKZN incane uma iqhathaniswa nezinye izingxenye zezwe.

Imali eyabelwe abafundi izokuba ngephansi eKZN kuleyo ekhishwe uMnyango wezemfundo kuzwelonke.

UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uyenyusile imali oyabele abafundi basezikoleni zikahulumeni, kulo nyaka njengoba ezikoleni okungakhokhwa kuzo izingane zabelwe u-R1 116 iyodwa, njengoba kusanda kufakwa lokhu nakwi-Government Gazette ngesonto elidlule.

Kodwa nakuba lokhu kunyuswa kwemali kukhomba ukuthi inyuke ngo-R57 kweyangonyaka odlule, inhloko yomnyango wezemfundo eKZN uMnuz Nkosinathi Sishi, uthe bebengeke bakwazi ukuhlinzeka abafundi bakulesi sifundazwe ngo-R1 116.

Uthe kunalokho izingane ezifunda ezikoleni okungakhokhwa kuzo eKZN zizokwabelwa u-R965 umfundi ngamunye.

Le mali yabekwe ukuhlinzeka izidingo ezifana nokukhokhela ugesi wesikole namanzi, ukugcinwa kwesikole sihlanzekile, ukuthengwa kwezincwadi namabhuku okufunda kanye noshoki.

Ngonyaka odlule, umnyango wezeMfundo eKZN wawuhlinzeke abafundi basezikoleni ezingakhokhi ngo-R932 umfundi oyedwa, ekubeni abafundi bakwezinye izifundazwe babelwe u- R1 059 umfundi ngamunye.

Othisha baphatheke kabi ngalokhu kuncishiswa kwemali njengoba bethi imiphumela yalokhu izokuba mibi njengoba izikole zivele ngekhanda ezikweletini zengqalasizinda ehlinzekwa omasipala kulezi zikole okungakhokhwa kuzo.

Izikole okungakhokhwa kuzo yilezo ezikleliswe zaba sekuqaleni (quintiles), endaweni yesibili neyesithathu.

Izikole ezingcono zikleliswe ezingeni lesine nelesihlanu kanti zithola uxhaso oluncane kuhulumeni.

Ezikleliswe isine zithola u-R559 umfundi ngamunye kulo nyaka, ezikleliswe isihlanu zithole u-R193, kodwa azase-KZN zizonikwa u-R522 no-R179 ngokulandelana.

Ezikoleni ezingu 6 000 zase-KZN, u-22% wazo ukulezo okungakhokhwa kuzo.

Uma kuqhathaniswa nesifundazwe saseWestern Cape zingu 40% izikole okungakhokhwa kuzo bese ziba ngu-47% eGauteng izikole okungakhokhwa kuzo.

Kuvalwe isikole kubangwa eka-R3

$
0
0

Kuphazamiseke ukufunda esikoleni saseVryheid.

|||

LUNGI LANGA

KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni saseVryheid ngesikhathi abazali bebhikishela uthishanhloko abamsola ngokubamba amariphothi ezingane ngenxa ka-R3 wephoyisa eligada isikole.

Kulamule ukufika kwamaphoyisa ngesikhathi abazali besikole iNtathakusa Combined bevala amasango bevimba uthishanhloko wakulesi sikole uNkk Sbo Buthelezi bengafuni angene. Bamsola ngokubamba amariphothi ezingane ngoba bengavumanga ukukhokha u-R3 ngenyanga okwathiwa yimali kanogada wesikole.

UMnuz Meshack Mashazi ongusihlalo weSchool Governing Body (SGB) uthe abazali bavale amasango esikole bezwakalisa nokungenami ngokubanjwa kwamariphothi ezingane zabo.

“Kuke kwakhona ukuphazamiseka ngoba abazali bekhala ngokuthi amariphothi ezingane zabo awazange akhishwe. Kuze kwabizwa amaphoyisa ukuze adambise isimo ngoba abazali bebenganeme neze,” kusho uMashazi.

Uthe kulamule ukufika kwamaphoyisa ngoba bekubonakala ukuthi isimo singaphuma esandleni ngenxa yokucasuka kwabazali.

Abazali bebethi abasamfuni kwakhona esikoleni uthishanhloko ngoba bethi akakhulumi nakahle nabo uma ekhuluma nabo ngalolu daba. Izolo kufike umhloli obezobheka isimo njengoba bekuvulwa izikole.

Uthe uma efica lesi simo wacela ukuxoxa nabazali, usihlalo weSGB nothishanhloko.

Ube esethembisa ukuthi uzothumela umbiko kubaphathi bakhe.

Umzali ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba esabela ukuhlukumezeka kwengane yakhe uthe bafuna uMnyango wezeMfundo ungenelele odabeni lwakulesi sikole.

“Sibhale incwadi ezoya kubahloli ngoba sifuna kuxazululwe izinkinga ezisesikoleni. Akukhona kuphela ukubanjwa kwamariphothi okuyinkinga kodwa indlela uthishanhloko akhuluma ngayo nabazali ayisithokozisi. Namanje uyaphika ukuthi wabamba amariphothi kodwa izingane aziwatholile. Ingane ihambe ingazi nokuthi kufanele iye kuliphi ikilasi ngoba iriphothi layo ayilitholile,” kusho lo mzali.

Uthe emuva kokuphazamiseka kwayizolo amaphoyisa abayalile ukuthi babhalele umnyango ngalolu daba. Uthe uma lungaxazululwa lolu daba bazophoqeleka ukuthi baphinde bakuphazamise ukufunda.

Ethintwa uNkk Buthelezi uthe abazali sebechazelekile ngodaba lwamariphothi. Uthe akathandi ukugxila kakhulu odabeni lokubanjwa kwawo wathi isimo sesibuyele kwesijwayelekile.

Okhulumela uMnyango wezeMfu-ndo uMnuz Muzi Mahlambi unxuse abazali ukuthi bangaphazamisi ukufunda kwezingane.

“Abazali abayeke ukuvala amasango ezikole. Uma benezinkinga zokukhokha kufanele baye esikoleni bayoxoxisana nothishanhloko wesikole,” kusho uMahlambi.

Uthe izikole azinawo amandla okubamba amariphothi.

“Akekho uthishanhloko onegunya lokubamba iriphothi lengane. Angikholwa futhi ukuthi kukhona uthishanhloko ongaqhubeka abambe iriphothi lengane umzali esefikile esikoleni,” kuqhuba uMahlambi.

Ubophe umqashi obizwe ngemfene

$
0
0

Lizongena eNkantolo yeMantshi icala lowesilisa osola umqashi wakhe ngokumshaya ngempama maqede ambize ngemfene.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

LIZONGENA eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu namhlanje icala lowesilisa osola umqashi wakhe ngokumshaya ngempama maqede ambize ngemfene.

UMnuz Jabulani Tshabalala (54) uthe ufuna ukubuyisa isithunzi sakhe alelwe nelungelo lakhe kulandela ukubizwa ngumqashi wakhe (esingenakulidalula igama udaba lungakangeni enkantolo), ngemfene emsola ngokushayisa imoto yakhe.

Lesi sigameko esenzeka ngo-Disemba 5 ngonyaka odlule, uTshabalala uthe simshiye ezizwa engelutho yingakho efuna ukubuyisa isithunzi nelungelo lakhe.

Leli cala lizongena nje, lusematheni udaba lokucwasana eNingizimu Afrika emuva kokuphawula kowayengumsizi kaMnuz Nelson Mandela uZelda le Grange ngakubize ngokucwaswa kwabamhlophe kuleli.

Nendodakazi yowayengumculi wesiBhunu uBles Bridges uSunette Bridges ufakwe enkantolo ngabeSouth African Human Rights Commission ngenkulumo ayibhale ekhasini lakhe kufacebook ethi: “Sengikhathele ukubulawa kwabantu. Kubulawe uMalume Pieter, u-Anti Poppie nendodakazi yabo uTokkie Francis bebulawa yiziphukuphuku.”

Kwalandela abanye abangamaBhunu bameseka.

UTshabalala osamisiwe emsebenzini njengoba kuqhubeka icala, uthe lesi sigameko senzeka ekuseni kufika umqashi wakhe owamsola ngokuthi ushayise imoto yakhe ekubeni yena ethi akakaze ayithinte.

“Ngesikhathi ngizama ukuphendula wavela wangingenela ngempama maqede wangibiza ngemfene. Ngasuka khona lapho ngayovula icala emaphoyiseni inhliziyo yami iqaqamba ngoba ngazi kahle ukuthi angiyona imfene, angifani ngisho nesilwane nje,” kusho uMnuz Tshabalala.

Uthi uneminyaka engu-21 esebenzela le nkampani eyenza amakhemikhali eseMgungundlovu.

Uthi akaqali ukuhlukunyezwa wumqashi.

“Ubandlululo yinto esekhona kuleli ikakhulukazi thina esinabaphathi abasacabanga ukuthi akumele sikhulume uma kukhona okungasiphathi kahle. Angiqali ukuhlukumezeka kanje. Ngo-2007 wabhala (umsolwa) eduze kwalapho ngisayina khona ukuthi imfene lena, ngamkhuza ngalokho ngamtshela ukuthi angithandi ukubizwa ngemfene. Kulokhu-ke ukuphimisele ngomlomo wakhe wanezela ngokungikhuhla ngempama,” kusho uMnuz Tshabalala.

UTshabalala ohlala eMaSwazini ngaphandle kwaseMgungundlovu, uthe lesi sigameko sihlukumeze ngisho umndeni wakhe.

“Nginezingane eziyisithupha, endala ineminyaka engu-24. Izingane zami zidumele kakhulu ngokuthi uyise ubizwa ngemfene emsebenzini. Kumele ngilwe ukuze nezingane zami zizofunda ukuthi akumele zivume ukudlala omunye umuntu ngoba sonke sinamalungelo afanayo, singabantu sonke,”kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe umsolwa ongumqashi oneminyaka engu-72 waboshwa, icala lizongena enkantolo namhlanje.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>