Ukungafaki izicelo kusenesikhathi kwabaqala ukuya emanyuvesi kusadala izinkinga ekuqaleni konyaka.
|||ZANELE MSOMI
UKUNGAFAKI izicelo kusenesikhathi kwabaqala ukuya emanyuvesi kusadala izinkinga ekuqaleni konyaka njengoba kusekhona abatheleka ngomzuzu wokugcina bezozikhalela.
Selokhu kuphume imiphumela ka-matric ngoLwesibili sekuyaqala ukugcwala ezikhungweni. Isolezwe lixoxe noMnuz Len Mzimela, onguMqondisi wezokuXhumana eMangosuthu University of Technology eMlazi, wathi basabhekene nenkinga ngabafundi abangazifaki izicelo.
Izolo abafundi babambe olayini ngaphandle kwesango abanye bephindiselwa emuva ngenxa yokungazifaki izicelo zezikhala emahhovisi eCentral Application Office (CAO).
“Siyaya ezikoleni siyochazela abafundi ngokubaluleka kokufaka izicelo kwa-CAO sibanikeze namafomu kodwa uma kuqala unyaka sibhekana nenkinga efanayo. Abafundi bazithathela amafomu bangabhalisi. Lokhu kufaka izikhungo enkingeni kwande nolayini ngabantu abangakwenzanga okufanele,” kusho yena.
UMzimela uthe ngokwenqubo yokufaka isicelo, uma sekuphume imiphumela ka-matric uMnyango wezeMfundo uthumela imininingwane yabafundi ababhalisile. Kubhekwa ukuthi zingakanani izikhala kuqhathaniswa nabafundi ababhalisele lowo mkhakha. Abamukelwayo bathunyelelwa ama-SMS ukuze bayobhalisa ezikhungweni abathathwa kuzo. UMzimela uthe bambalwa abalandela le nqubo njengoba abanye befika emanyuvesi bengakawatholi ngisho ama-SMS.
“Abaningi sibaphindisela emahhovisi akwa-CAO ngoba yilapho kumele bathole khona ukuthi izikhala zisekhona yini. Ukufaka isicelo ngoJanuwari kudla nasephakatheni ngoba ukhokha u-R400 kanti uma ubhalise kusenesikhathi u-R170. Abanye bagcina bethatha noma yimuphi umkhakha ongagcwele enyuvesi,” usho kanje.
Umnyango ucele ukuthi izikhungo zibacabangele nonyaka abafundi abafake izicelo sekwedlule isikhathi ngoba isiteleka sabasebenzi baseposini sibe nomthelela.
UMzimela uthe isikhungo sibabhekelele abanjalo ngoba belule isikhathi sokufaka izicelo ngonyaka odlule.
Nase-UNISA kuqalile ngoMsombuluko ukubhalisa kwabafundi okubalwa naseRichards Bay lapho okube nezingqinamba izolo.
UMnuz Siza Sithole obevele efunda khona uthe olayini sebeqalile kodwa azikabikwa izinkinga zabalala khona njengokujwayelekile.
“Inkinga esibe nayo wukuphela kwamaphepha anesigxivizo saphindiselwa emuva sabuya ngo-12. Noma kungakagcwali kakhulu kodwa kuyavukwa ngoba emuva kuka-2 ntambama ababe besathatha muntu ukuze kuqedwe abangaphakathi,” kusho yena.
Kulindeleke ukuthi kugcwale kakhulu ezikhungweni kusukela ngesonto elizayo njengoba ezinye zizobe ziqala ukubhalisa.