Ukubulawa kukaSenzo Meyiwa kube ngesinye sezigameko sobugebengu esibe ngundabuzekwayo kulo nyaka.
|||BAWINILE NGCOBO
UKUBULAWA kukaKaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, kube ngesinye sezigameko sobugebengu esibe ngundabuzekwayo kulo nyaka.
Lesi sigameko esenzeke ngo-Okthoba eVosloorus kubo kanina wengane yakhe ongumculi uKelly Khumalo sishaqise abaningi kanti singesinye kweziningi ezihambisana nobugebengu obenziwa kusetshenziswa izibhamu eNingizimu Afrika.
Kwaba nesikhalo esikhulu ngezinga lobugebengu kuleli kwaze kwaba khona abaphakamisa ukuthi kubuyiswe owayenguKhomishana wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele.
Kuze kube yimanje akukaboshwa muntu ngalesi sigameko emuva kokuthi kwaboshwa uMnuz Zanokuhle Mbatha owakhishwa enkantolo ngoba kuthiwa ubufakazi abuhlangani.
Lesi sigameko singezinye zobugebengu ezenzeka mihla namalanga kuleli.
Esinye isigameko esenzeke esifundazweni saKwaZulu-Natal esadlula nemiphefumulo yabantu abangu-15 eZakheni, eMnambithi, lapho kwadutshulwa khona imoto iMercedes Benz iphuma emshadweni kwashona oyedwa.
Itekisi elabona kwenzeka lesi sigameko lathi livika lesi sigameko lazithela phezu kweloli kwashona abantu abayisishiyagalolunye kulo.
Ngalo lolu suku kusadlule ihora kwenzeke lesi sigameko kwadutshulwa abantu abahlanu behleli endaweni yokuwasha izimoto khona eZakheni kwa-D.
Uphenyo lwamaphoyisa lwakhomba ukuthi lezi zigameko ziyahambisana kanti umsusa wazo umbango okhona phakathi kwemindeni emibili yakule ndawo.
Ukubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini noma engekho emsebenzini kube ngesinye zezigameko ezenzeke zilandelana kulesi sifundazwe.
Ngo-Agasti iphoyisa laseDurban Central uConstable Nkanyiso Ngcobo watholwa eseshonile egqitshwe emgodini ongashoni eMkhomazi emuva kokuduka amasonto amathathu ehambe nabangani bakhe beya emcimbini.
Emuva kokutholwa kwesidumbu sakhe kwaboshwa ozakwabo ababili nomunye umfowabo womunye uzakwabo abasahamba icala namanje.
Esinye isigameko esibe sematheni ngo-Agasti ngesokubulawa kwephoyisa lesifazane uConstable Zethu Cele laseBerea owadutshulwa beyobheka isimo lapho babebizelwe khona kubanjwa inkunzi.
Kuze kube yimanje akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.
Elinye iphoyisa uWarrant Officer Norman John libulawe ezitokisini nokuthiwa kwenziwa ngesinye isiboshwa esamphuca isibhamu esiteshini eMayville.
Kulesi sigameko kwashona abasolwa ababili kwalimala namaphoyisa amabili.
Ukubulawa kosomatekisi kusoseshini waseNanda ngendlela efanayo besesiminyaminyeni sezimoto emgwaqweni kube ngundabuzekwayo ngo-Okthoba.
Abantu babekhuluma ngakho ezinkundleni zokuzhumana.
UMnuz Falakhe Maphumulo wabulawa esemotweni yakhe emgwaqeni uM25 ehamba nonkosikazi wakhe ngesikhathi sesiminyaminya.
Unkosikazi wakhe wangeniswa esibhedlela elimele.
Emuva kwezinsuku ezintathu kwenzeke lesi sigameko, kwadutshulwa omunye usomatekisi emgwaqweni uNandi Drive ngesikhathi sesiminyaminya.
UNkk Eunice Mkhwanazi washonela endaweni yesigameko kwathi umyeni wakhe uMnuz nathi Mkhwanazi waphuthunyiswa ngendiza enophephela emhlane esibhedlela.
Ngaphandle kokubulawa kwabantu ngendlela eyisihluku kubonakale kubanjwa abasolwa abaningi ngezigameko zokushushumbiswa kwezidakamizwa kwelakuleli.
Isigameko esashaqisa kakhulu esokutholwa kwenqwaba yezithako zezidakamizwa nemishini yokuzenza emzini osendaweni yabadla izambane likapondo eKloof nonyaka emzini obubukeka njengojwayelekile ungasolisi ngalutho.
Kwaboshwa ababili base-China noyedwa wakuleli awayedabuka eKapa abatholakala kulo muzi.