Ukusabela komphakathi waseMbube KwaMkhizwana ekhweleni lokulethelwa intuthuko, kubhekane nengwadla yokuphelelwa kwendawo ngamanzi.
|||
NASH NGCOBO
UKUSABELA komphakathi waseMbube KwaMkhizwana esigodini saKwaXimba ku-ward 2 entshonalanga yeTheku ekhweleni lokulethelwa intuthuko, kubhekane nengwadla yokuphelelwa kwendawo ngamanzi.
Lokhu kuhlale obala ngeledlule ngenkathi inhlangano iResilient Educaton Trust ilethele isikole sakwaNonqomfela CP School izindlu zangasese ezisebenzisa amanzi nomtapo wolwazi okuzosizakala kuwo nomphakathi.
Lesi sikole esiphethwe nguMnuz Thulani Mbanjwa sisendaweni esemakhaya futhi okuba yinselelo enkulu ukufinyelela kwentuthuko kuso ngenxa yokungabikhona kwezingqalasizinda njengazo zokulethwa komphakathi amanzi.
UMbanjwa ubonge ubambiswano aluthole emalungeni ekomiti elilawula ukuphathwa kwesikole, othisha nabantwana ngokuqokwa kwesikole sabo yiResilient Education Trust.
Uthi lolu hambo luqale emva kokufunda udaba ephephandabeni lomphakathi ngo-Agasti 2013 olwalunxusa othishanhloko bezikole zasemakhaya ngokufaka izicelo zokulethelwa intuthuko ezikoleni zabo.
“Angisichithanga isikhathi ngabhalela ephephandabeni, bangiphendula futhi bazifikela mathupha nabaxhasi ukuzosibona lesi sikole ngezidingo zaso.
“Ngibonga ikomiti lesikole nalo elihlanganise amakhanda laqoqa imali yokwakha ikhishi ukulekelela kwesikwenzelwe yiResilient,” kusho uMbanjwa.
UMnuz Mandla Masikane ongumhloli wezikole ezingu-35 kwisekethe yaseNtshanga namaphethelo uthe kuyamjabulisa ukuthi indawo ayiphethe kunothishanhloko okhuthele futhi okhaliphe njengoMbanjwa.
Unxuse umphakathi ngokuzivikela lezi zakhiwo ezintweni ezizobuyisela emuva umsebenzi omuhle kangaka osuwenziwe nokuyohlala kukhunjulwa ngawo uMbanjwa nethimba lakhe endaweni.
“Lo mtapo wolwazi ngowenu mphakathi njengoba isikole kungesenu, yilapho nizothola khona ukuthuthukisa khona ulwazi ngokufunda okuningi eningakwazi okwenzeka ezweni nithuthukise nolwazi.
“Le ndawo izoqhubeka nokulethelwa intuthuko nokuhlonishwa uma othisha, amalungu omphakathi nezingane zihlangana ekugcinweni kwayo iyinhle, iphephile futhi iheha abanye abasafuna ukuyisiza,” kusonga uMasikane.
Uqhubeke ngokunxusa izinhlaka zikahulumeni ngokuqinisa ekuletheleni imiphakathi efana nowaKwaMkhizwana izingqalasizinda ikakhulukazi ezamanzi njengoba engafinyeleli ngomfutho owanele emizini.
Mayelana nokuphela kwamanzi atholakala emathangini abizwa ngoJojo, uMbanjwa uthe bekuqala kule liviki ukwenzeka, ngeshwa kwaqondana nosuku lokuhlolwa nokwethulwa kwalezi zindlu zangasese ezisebenzisa wona.
Inselelo isibhekene nomphakathi ukugqugquzela ubuholi ngokuqikelela ukuthi zonke izidingo zomphakathi ziyatholakala.
UMnuz Qedezakhe Ndlovu ongusihlalo wekomiti elilawula isikole unxuse abazali ngokukhuthalela ukwazi ukuthi kwenzekani ezikoleni okufunda kuzo izingane zabo kanjalo nomphakathi wonkana.
Ngodaba lwamanzi uthe kuyihlazo ukuthi banomfula Umngeni odabula endaweni uze uyozilahla olwandle kodwa abakwazi ukusizakala ngamanzi awo.
Uthe amanzi awusizo kakhulu ekuniseleni izivande ezikoleni, ezigcina ngokuphekelwa abantwana kokunye zidluliselwe nasemiphakathini entulayo.
Uthe ukwanda kobugebengu obudicilela phansi inqubekela phambili kufanele umphakathi uqinise umkhankaso wokulwa nabo.
“Izikole zethu endaweni zidinga ukuqashwa ubusuku nemini ngoba ubugebengu nokulinyazwa kwempahla kwenzeka ebusuku,” kusho uGatsheni.
UNksz Ntombi Gwala ongomunye wothisha abadala kulesi sikole ukhale kakhulu ngezinto zokuthutha njengoba amatekisi egcina ebhulohweni eliqhelelene nesikole.
Uthi othisha abaningi kuyabagqilaza ukuzosebenza kulesi sikole kufanele babe nezimoto okuyinto engelula.
Uphakamise ukuthi kungangcono uma uMnyango wezeMfundo uzoqhamuka nohlelo lwezindlu zokuhlala othisha abaqhamuka kude oluzoba semagcekeni esikole ukuze basize nasekuxoshweni kwezigebengu.
UNdunankulu weNkosi yesizwe sakwaShangase, uMnuz Elias Shangase ubonge wanconcoza ngomsebenzi owenziwe nguthishanhloko walesi sikole.
Uthe lesi sikole sasungulwa nguyise, egcekeni lakubo efundela endlini ka-rondavel bengu 20 waze washiya eseyofunda uStd 4 (Grade 6) kwesinye esiyibangana.
Ulibeke ngembaba elokubonga intuthuko eyenzeka esizweni sikayise wathi kuko konke okwenzeka kuso, uyohlale ezivulile izandla zokulekelela nanganoma yingani edingekayo.
“Akusekho ukukhala ngezinkinga ezenzeka kudala, sekusezandleni zethu ukuvala ikhasi lomlando ongemuhle wethu ngokuthi sibambisane, silwele ukubheka phambili ngentuthuko, “ kusonga uShangase.