Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all articles
Browse latest Browse all 5089

Ishaye eceleni i-EFF ithi idla ipulazi

$
0
0

I-EFF KwaZulu-Natal igeje umgodi ngesikhathi ithi idla ipulazi lomlimi omhlophe eMkhomazi.

|||

MLUNGISI GUMEDE

I-EFF KwaZulu-Natal igeje umgodi ngesikhathi ithi idla ipulazi lomlimi omhlophe eMkhomazi ngempelasonto kanti ingxenye yalo isithengwe ngumuntu omnyama.

Leli qembu eliholwa uMnuz Julius Malema ligasele epulazi lomoba likaMnuz Raul Fontana eMkhomazi ngeSonto ngenhloso yokulidla kodwa laphoxeka sekufika owesilisa omnyama otshele amalungu ale nhlangano ukuthi enye ingxenye yaleli pulazi isithengwe nguyena.

Ilungu lale nhlangano eMkhomazi elingathandanga ukuthi lidalulwe ngoba aligunyaziwe ukuthi likhulume nabezindaba, lithe bazobuyela bayodla ingxenye yomhlaba kaFontana ngoba bafuna kwakhiwe isikole kuyona.

“Akukwazi ukuthi indawo enkulu kangaka ingangaba nesikole

kodwa kube kukhona ipulazi elingasasebenzi liduve nomhlaba ongasetshenziswa ukuthi kwakhiwe isikole kusizakale umphakathi,” lisho kanje.

Lithe umkhankaso wabo awubhekile kubantu abamnyama ingakho bahoshe imfe ngeSonto bangaqhubeka nokulithatha ipulazi ngemuva kokuthi kufike umuntu omnyama.

“Sizoyeka umhlaba walo muntu omnyama kuphela kodwa lona kaFontana sisazowuthatha, kumanje sesihlele umhlangano naye esiteshini samaphoyisa eMkhomazi lapho sizofike simtshele khona ukuthi umhlaba wakhe siyawudinga. Uma egoloza sizohamba siyowuthatha ngenkani,” usho kanje.

USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Vukani Ndlovu uthe ukugasela kwabo epulazini laseMkhomazi bekusayisiqalo emkhankasweni wabo.

Uthe bazoqhubeka nomkhankaso wabo njengoba behlonze amapulazi amaningi abafuna ukuwadla esifundazweni.

“Maningi amapulazi esihlela ukuwadla ezindaweni eziningi lapha KwaZulu-Natal kodwa sihlose ukuthatha awabelungu lapho sizofaka khona abantu abangenazo izindawo zokuhlala bagxumeke izindlu zabo,” usho kanje.

UNdlovu uthe sebewenze wonke amalungiselelo omkhankaso wabo ababoni kukhona okuzobaphazamisa.

I-EFF inomkhankaso wokudla amapulazi abamhlophe eNingizimu Afrika njengoba nakwezinye izifundazwe ibonakala ingena ngo dli kulamapulazi.

IPhini likamengameli we-EFF uMnuz Floyd Shivambu licashunwe emithonjeni yabezindaba lithi ukudla amapulazi abamhlophe umkhankaso weqembu labo kazwelonke njengengxenye yokubuyisela umhlaba owathathwa ngesikhathi sengcindezelo kubanikazi bawo.


Viewing all articles
Browse latest Browse all 5089

Trending Articles



<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>