Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Basola ushevu kushona uMagaqa

$
0
0
UMNDENI kalowo owake waba nguNobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa ufuna kuphenywe ngezinsolo ezithi indodana yawo idliswe ushevu okuholele ekutheni ishone yize kade ilulama kahle esibhedlela.

Uyise omncane kaMagaqa, uMnuz Vuma Magaqa uthe bayezwa ngezinsolo zokuthi kungenzeka ukuba uSindiso udlisiwe nokuholele ekutheni ashone. “Sifisa kuphenywe ngalezi zinsolo ukuze sithole ukuthi ngabe yini imbangela yokushona kwakhe ngoba ushone sesinethemba lokuthi uzophila ngendlela abelulama kahle ngayo."

Uthe bazolinda nombiko kadokotela okuyiwo ozocacisa ukuthi ubulewe yini ngempela. “USindiso ubelulama kahle. Ubesephumile nasegunjini labagula kakhulu esesewadini elijwayelekile kodwa wabuye wabuyiselwa egunjini labagula kakhulu esexinwe yisisu."

Uthe engeniswa esibhedlela kwakukubi. Wayengakwazi nokukhuluma kodwa walulama waze wakwazi ukukhuluma. “Indaba iqale ngoLwesihlanu lapho umkakhe uNksz Gugu Thobela esifonelile wathi uSindiso ukhala ngezinhlungu esiswini nokuthi ukudla akusahlali, useyaphalaza."

Uncome umkamufi ngokuma nomyeni wakhe kwaze kwaba sekugcineni. “Le ngane yomuntu ibilokhu isesibhedlela kusukela ngosuku lokuqala angeniswa esibhedlela undodana elimele njengoba eze washona futhi ikhona.”

Uthe umufi ushiye emhlabeni umkakhe, nezingane ezintathu. Uzofihlwa ngoSephthemba 16.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi woKlebe, uthe uMagaqa ubengufakazi ecaleni lokudutshulwa kwamakhasensela eMzimkhulu. “Akhona amahlabezi okuthi udliswe ushevu kodwa akukho okubambekayo. Silinde ukuhlolwa kwesidumbu okuyikona okuzoveza ukuthi yini eholele ekufeni kwakhe. Okwamanje akufanele siqagele ukuthi ubulawe wushevu noma amanxeba okudutshulwa, kufanele silinde uphenyo."

Mayelana nokukhishwa kwezithombe zabasolwa ngokudubula amakhansela eMzimkhulu okwenzeke ngoJulayi, uMulaudzi uthe kukhona umkhondo abawulandelayo emuva kokulekelelwa ngamalungu omphakathi.

Ugqugquzele abantu ukuthi baqhubeke nokunikeza amaphoyisa imininingwane ngokudutshulwa kosopolitiki ukuze kuboshwe abasolwa. “Ukushona kukaMagaqa kuzosibuyisela emuva futhi sizobheka ukuthi siyakwazi yini ukusebenzisa isitatimende sakhe njengoba engasekho ukuze sixazulule icala."

Amazwi endunduzo abengena elakanyana izolo kusukela kwi-EFF, ANC, DA, ANCYL, Cosas, Sasco namanye amaqembu.


Zingu-60% izingane ezikhula ngaphandle koyise

$
0
0
IZINGANE azidingi imali kuphela koyise kodwa kubalulekile ukuthi zithole imfudumalo nothando kubona. Lona wumbono wabaningi ovele emva kocwaningo lwakamuva oluveze ukuthi zingu-60% izingane zakuleli ezikhula ngaphandle koyise.

Lolu cwaningo olwenziwe nguMnuz Zoheb Khan e-University of Johannesburg, luveza ukuthi elakuleli lihamba phambili ngezibalo zezingane ezingenabo oyise eduze. Kuthiwa iningi lazo lingaphansi kweminyaka eyishumi.

Ocwaningweni lwakhe uKhan, uveze ukuthi lezi zibalo zidalwa wukuthi obaba abaningi abahlali emakhaya ngenxa yomsebenzi. Akuyona into entsha kuleli njengoba nangezikhathi zakudala obaba babeshiya amakhaya beyosebenza eGoli. UKhan uthe kusukela ngezikhathi zobandlululo ayizange iphinde ilunge le ndaba njengoba kusekhona obaba abasebenza kude namakhaya.

UMnuz Thami Ngubeni, ongumsunguli wenhlangano Izingane Zobaba, uthe ayithusi eyalezi zibalo. Uthe wasungula le nhlangano ngenhloso yokukhuthaza obaba ukuthi basondelane nezingane.

“Nami ngakhula ngingenabo ubudlelwano obuqinile nobaba ngoba bekwaziwa ukuthi ngumama osondelana nengane. Siyazama ukukhipha lowo mqondo kodwa sekungcono manje sekunobaba abasebancane,” kuchaza uNgubeni.

Uthe ziningi izizathu ezenza obaba bangasondelani nezingane kodwa kumele kube yibona abenza imizamo. Ulinganise ngokuba matasa kobaba okwenza bangabi naso isikhathi esanele emakhaya.

“Ubaba kumele azakhele isikhathi nengane yakhe. Nami ngenza umsebenzi ongenza ngibe matasa ngibuye ngibe kude nekhaya. Ngazitshela ukuthi kungcono ukuthi njalo ekuseni kube yimina engihambisa ingane esikoleni. Uma ngisekhaya ngizinika isikhathi esanele sokudlala nayo nokwenza eminye imisebenzi nengane. Ngifunde ukuthi akulula ukuthi ingane ikhohlwe yinto eyifundiswe wubaba yingakho kubalulekile ukuba seduze nayo,” kusho uNgubeni.

UMnuz Sthembiso Dlamini onendodana angahlali nayo, uthe kuningi okumphuthile ekukhuleni kwayo ngenxa yokuqhelelana. Uthe ukusebenza kude nekhaya yikona okuyinkinga.

“Kubuhlungu ukuphuthelwa yizigaba zokukhula kwengane ngoba okuningi kwenzeka ungekho. Sekungcono manje ngoba sekunezinkundla zokuxhumana ezenza kube lula ukuxoxa nsuku zonke. Kwesinye isikhathi ngifika endlini sengikhathele kodwa ngiyazama ukuzinika isikhathi sokuxoxa nendodana kuWhatsApp ukuze ngazi ngokwenzeka empilweni yayo,” kusho uDlamini.

Yize kuvame ukuthi kugxekwe abesilisa ngokuziqhelelanisa kwabo nezingane zabo kodwa abanye bathi abazenzeli. Abanye abesilisa bathi bavinjwa ngonina bazo asebehlukene nabo. Idivosi ingesinye sezizathu okuthiwa senza obaba bangakwazi ukusondelana nezingane zabo.

Owesilisa oneminyaka engu-30 ongathandanga ukudalulwa, uthe useye enkantolo ukuze athole ilungelo lokubona ingane yakhe. Uthe selokhu ahlukana nonina wengane akakaze avunyelwe ukuyibona nokukhuluma nayo. Usola unina wengane ngokuthi ukhuluma kabi ngaye enganeni.

Akukona okokuqala ukuthi kuvele ukuthi izingane zikhula ngaphandle koyise kuleli. Eminyakeni emine edlule iHuman Sciences Research Council neSouth African Race Relations Institute bathola ukuthi bangaphezu kuka-40% omama abazikhulisela izingane ngabodwana. Kuvele ukuthi abanye obaba bakholelwa ekutheni bakhiphe imali kuphela kunokuzinika isikhathi nezingane.

Ongakwenza ukwakha ubudlelwano nengane:

* Ukudlala nayo imidlalo eyikhonzile.

* Ukuyifundisa imidlalo nemisebenzi oyithandayo.

* Ukuyiphelezela uma iya esikoleni.

* Ukuyisiza ngomsebenzi wesikole.

* Ukubuka nayo imidlalo yethelevishini eyikhonzile.

* Ukuzikhipha nibe nesikhathi sokuxoxa.

Kutholwe umfundi ebulewe eClermont

$
0
0
BASHAQEKILE abafundi baseZiphathele Secondary, eClermont emuva kokutholwa kwesidumbu somfundi walesi sikole esikhotheni esibuqamamana nesikole.

Isidumbu salo mfundi (17) obefunda u-grade 12, sitholwe ngamalungu omphakathi kanti kuthiwa besisele ngephenti kwesingezansi.

Ngesikhathi ithimba leSolezwe lifika eZiphathele ngabo-12 emini, abafundi bese bededeliwe ukuthi bagoduke njengoba abaningi bebekhala ngokuthi bathukile.

UMnuz Sfundo Ndlovu ofundisa abafundi baseZiphathele i-maths utshele Isolezwe ukuthi ubizwe ngabanye abafundi ngabo-5.30 ntambama ngoMsombuluko bemtshela ukuthi kunesidumbu somfundi esikhotheni.

“Ngithe uma ngifika ngabona umfundi ngase ngimboza ngesikhafu ngoba isingezansi besisele ngephenti obekubukeka sengathi belidatshulwa.

“Kungiphethe kabi ngoba nasemathangeni ubeseluhlaza, ngisola ukuthi udlwenguliwe ngaphambi kokuthi abulawe,” kusho uNdlovu.

Uthe bafonele amaphoyisa aKwaDabeka, athatha ihora nohhafu ukuthi afike ukuzolanda isidumbu ngenxa yokuthi amaveni abengekho.

“Umfundi ubenza i-maths ne-physical science ezimisele ngokufunda okwenzeka emkhathini ngoba ubethanda izinto eziphathelene nezinkanyezi,” kusho uNdlovu.

UBuyanda Gama okhulumela iCongress of South African Students (Cosas) KwaZulu-Natal uthe baphatheke kabi ngokubulawa kwabafundi nokudlanga kodlame olubhekiswe ezinganeni nakwabesifazane.

“Sicela uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal andise isibalo samaphoyisa asebenza emalokishini ngoba bandile ubugebengu.

“Siphatheke kabi ngoba umfundi oshonile ubengunobhala weCosas lapha eZiphathele.

“Siyacela amaphoyisa aphenye kabanzi ngoba kusolakala ukuthi wagcina ukubonakala ekhaya ngoMgqibelo eya ephathini akazange abuye njengoba etholwe eseshonile,” kusho uGama.

Uthe uma ungqongqoshe engasandisi isibalo samaphoyisa bazomasha noma benze ezinye izindlela zokuthi andiswe ngoba kuyacaca ukuthi abantu abaphephile.

Imizamo yokuthola abazali bomfundi oshonile ayiphumelelanga njengoba ucingo lukanina belukhala lungabanjwa kanti olukaninalume belungena kwi-voicemail.

UColonel Thembeka Mbhele wamaphoyyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi ngoMsombuluko kutholwe isidumbu sowesifazane esikhotheni esikuKings Road, eClermont.

Uthe isidumbu besinezibazi esiswini nasemathangeni kanti okwamanje ayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe njengoba kusahlolwa isidumbu namaphoyisa eqhubeka nophenyo.

UMnuz Kwazi Mthethwa woMnyango wzeMfundo KwaZulu-Natal uzwelane nomndeni womfundi oshonile wathi akazi kungani izigameko ezimbi zehlela izingane eziyikusasa lezwe.

Ugqugquzele amaphoyisa ukuthi aphenye ngalesi sigameko ukuze kujeziswe izigilamkhuba.

Umisiwe uthisha 'ojahe' uzakwabo ngobhushu

$
0
0
KUMISWE uthishanhloko waseMona Primary, esifundeni iZululand okuthiwa ujahe uzakwabo ngobhushu kubangwa isikhundla.

Uthishanhloko umiswe nguMnyango wezeMfundo emva kwalesi sehlakalo esenzeke ngoLwesibili olwedlule. Ukufunda kuphazamisekile kodwa kwabuye kwaqhubeka ngemuva kokungenelela kwehhovisi lomnyango lesifunda.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane izolo ethula umbiko ekomitini lezemfundo esiShayamthetho eMgungundlovu.

UDlungwane ubekhuluma ngokungabikhona kozinzo kwezinye izikole zesifundazwe.

“Simumisile uthishanhloko ojahe uzakwabo ngobhushu okuyinto eyenzeke emagcekeni esikole. Siyasigxeka isenzo esinje emnyangweni ngoba asakhi isithombe esihle,” kusho uDlungwane.

Umbango wothisha usuka ekutheni kwahlanganiswa izikole ezimbili, iKhokhwaneni Primary neMona Primary kwaba isikole esisodwa.

“Lezi zikole zihlanganiswe ngaphambi kokuvulwa kwezikole kulo nyaka. Amalungu ekomiti lezemfundo asivakashela aphakamisa ukuthi azihlanganiswe,” kusho uDlungwane.

Umbiko othulwe ekomitini uveze ukuthi owayengu-thishanhloko waseMona ngaphambi kokuba lezi zikole zihlanganiswe wawina icala enkantolo lokuba ngumphathi.

Ukuhlanganiswa kwazo kwenze kwaba nombango njengoba bobabili othishanhloko bebefuna ukuphatha isikole. Izikole zihlanganiswa uma kungukuthi esinye sehlelwe yisibalo sabafundi bese kuba yisikole esisodwa.

Umbiko womnyango uveza ukuthi ubheka ezomthetho kulolu daba kanti kuhloswe ukuthi luxazululwe ngaphambi kukaSepthemba 29.

UNksz Nontembeko Boyce we-ANC unxuse umnyango ukuthi uyisukumele indaba yaseMona ngoba abantu bayafa kubangwa izikhundla.

“Kunzima kakhulu uma nothisha sebephathelana obhushu ngenxa yombango baze bajahane ngabo emagcekeni esikole,” kusho uNksz Boyce.

UDlungwane uthe baye enkantolo beyofuna incwadi yokuvimba abazali base-Assegai Primary, eWentworth abangamfuni uthishanhloko omnyama oqokiwe.

“Uhlelo lokuqoka uthishanhloko lwenziwa yisigungu sabazali ngakho uthishanhloko simqashile akekho omunye esizomyisa e-Assegai,” kusho uDlungwane.

Uthe umisiwe nomfundi waseTshanibezwe High ogwaze othisha ababili ngeledlule.

“Udaba lwaseGeorge Campbell eThekwini nalo silubheke ngelokhozi,” kusho uDlungwane.

'Kuyinhlanhla ukuthi ngisaphila' - Kenny Kunene

$
0
0

'Kuyinhlanhla ukuthi ngisaphila'. Lawa ngamazwi kaMnuz Kenny Kunene okuqala ngemuva kokudutshulwa kwemoto abehamba ngayo ngoLwesibili ebusuku eGoli. 

Lo somabhizinisi uthe kuyinhlanhla ukuthi isaphila ngemuva kokudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ngakuCorlett Drive eSandton ngabo 8 ebusuku. 

UKunene uthi udutshulwe ngemuva komhlangano wakhe nomhleli weSunday Independent uMnuz Steve Motale. 

UMotale uthe ubengekho eduza kukaKunene ngesikhathi ehlaselwa kwazise onogada bakhe bamcele ukuthi ahambe ngenye imoto ngemuva kokuthi beqaphe ukuthi kunemoto ebisolisa ebilokhe ibalandela.  

Uthi usuke ngemuva kwemizizu engu-15 ngemuva kukaKunene, sekubizwe namaphoyisa ngemuva kokudutshulwa kwemoto yakhe. 

UMotale uthe uzolinda uphenyo lwamaphoyisa ngoba kungenzeka ukuthi abantu abadubule uKunene bebezama ukumduna imoto noma bebefuna yena. 

Kunezinsolo zokuthi uKunene ubelandelwa ngoba ubesemotweni eyodwa noMotale, othi usethole ukusatshiswa ngokubulawa ngemuva kokushicilela udaba ngePhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ngobudlelwane bakhe nabesifazane abahlukahlukene. 

"URamaphosa uyahlonishwa, kumele akusukumele lokhu kusatshiswa engikutholayo," kusho uMotale. 

UKunene uthi ubehamba nomngani wakhe eHoughton esezojikela kuCorlett Drive ngesikhathi ebona ukuthi kunemoto emhlophe ebalandelayo. 

 "Le moto ingidlule ngesivinini esiphezulu yangena ngaphambi kwami yama nse phakathi nomgwaqo isivimba,"

Uthi kwehle iqulu lamadoda kule moto, eyodwa yakhipha isibhamu yadubula imoto abebehamba ngayo. Uthe njengendlela yokuzama ukubaleka ushayele imoto wayihlehlisa ngesivinini, beqhubeka beyidubula. UKunene uthe bagcine bekwazile ukubaleka benganamyocu. Uthe imoto abeyishayela igcwele izinhlavu zokudutshulwa. 

Amaphoyisa aseqinisekisile ukuthi ayaphenya ngalolu daba. 

"Sisaphenya ngemuva kokuvulwa kwecala lokuzama ukubulala. Akukaboshwa muntu njengamanje," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Mathapelo Peters. 

The Star and IOL

Kungenwe ngevosho kwesikaChillies

$
0
0
BANGENGE ngevosho, kwangena ngaphakathi ehholo izithuthuthu zibanga umsindo enkonzweni yesikhumbuzo “yesigebengu ebesigoqoza izimoto”, uMnuz Mondlikayise Sandile “Chillies” Bhengu ebikwa-M eMlaza, izolo.

UBhengu (37), uchazwe wumndeni nabangani njengeqhawe ebelisiza umphakathi yize bebevuma ukuthi ubeziphilisa “ngoku goqoza” izimoto.

Umngani kaChillies, uMnuz Mbuso Mazibuko utshele Isolezwe ukuthi abakuphiki ukuthi kukhona ubugebengu abebenza kodwa miningi imisebenzi emihle abeyenza emphakathini.

“Namhlanje kugcwele abantu besonto, omama abadala nobaba bazogubha impilo kaChillies ngoba ubenobuntu. Ubewusiza umphakathi, ubebathanda abantu futhi ewukhonzile umndeni wakhe. Sifuna kuphenywe ngokubulawa kwakhe ngoba ubengalwi namaphoyisa, nesibhamu ubengasiphathi nhlobo njengoba ebulewe,” kusho uMazibuko.

BASHAYE ivosho kwancane indawo ehholo lomphakathi kwaM eMlaza enkonzweni yesikhumbuzo kaChillies izolo


Amalungu omndeni abekhuluma ededelana kule nkonzo abalule ukuthi alahlekelwe wumuntu obebondla nomuntu obeyikho konke empilweni yabo.

Obekhulumela omakoti umakaKhosi (igama eligcine lingatholakalanga) uthe obondla ekhaya uBhengu futhi ebathanda njengomakoti.

“Sife olwembiza ngokushona kukaSandile ngoba besibheke okuningi kuye. Kumanje kunzima nokuba ngikhulume,” kusho umakaKhosi.

Kukhulume nendodana yomfowabo abeyikhulisa (nayo elingatholakalanga igama layo).

“Ubaba ungikhulise kusuka ngimncane engenzela konke. Ubebasiza nabantu abadingayo. Ngelanga abulawa ngalo kwakungathi usazovuka embhedeni esibhedlela. Angikholwa namanje,” kusho indodana.

Abanye abangani bakamufi abacele amagama abo engavezwa ngezizathu yokuphepha bathe amaphoyisa awavumelekile ukuba abulale umuntu amsolayo kodwa kumele ambophe futhi bafuna kuphenywe.

“Esikudingayo wubulungiswa. Asizange sisho zonke lezi zinto ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sizomphindiselela umfowethu. Ayikho nemoto esizoyishisa. Esikufunayo ukuba kwenziwe umsebenzi womthetho kula maphoyisa abulele umfowethu ekubeni wayephakamise izandla,” kusho umngani.

Obekhulumela Amabhubesi Motor Cycle Club, uMnuz Sandile “Mkholwa” Mposula uthe ufike ngo-2016 uBhengu kodwa washeshe waba yilungu ngokugcwele futhi ubenza imisebenzi eminingi esiza umphakathi. Leli qembu lithe belingenalo ulwazi ukuthi “ugoqoza” izimoto.

Kule nkonzo bekusha izingoma zokholo, kuthi kusahlatshelelwa kushe igqom’ abantu badanse baze bakhase phansi.

Ingoma yakhe ethi: Uyababa Wepelepele, ibihamba phambili. Obephethe uhlelo ubevele ahlokoloze abantu athi: Chillies, kuchwazwe ihholo.

Bekugcwele izithuthuthu, izimoto eziphambili nosisi abebeswenke beconsa, ubungafunga ukuthi wumcimbi wokubhiyoza.

Abesifazane abebefake iziketi ezincane nabo bebengazibekile phansi, bedansa.

Owesifazane okuthiwa yintombi yakhe abehlala nayo, nobehlezi nezihlobo, ukhale waze wakhishwa ehholo wayiswa ngaphandle.

Kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu kodwa kwabuye kwanqamuka.

Ayikho inhlobo yephoyisa engazange ibonakale eMlaza. Ehholo bekunkanise amaphoyisa, esangweni esesha yonke imoto ebiphuma. Akuzange kushaywe izidudla kodwa izithuthuthu kuphela ebezenza umsindo. Kunowesilisa obehamba nge-GTI ebomvu oboshiwe ngemuva kokutholwa kwamagobolondo ezinhlamvu emotweni yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uqinisekisile ukuthi kuboshwe oyedwa ngokuqhumisa isibhamu eMlaza. Kulindeleke ukuba avele enkantolo namhlanje.

Uzovulelwa icala unina wezingane ezine ezibulewe esayophuza

$
0
0
UZOVULELWA amacala obudedengu nguMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni, unina wezingane ezine ezitholwe KwaNzimakwe ngasePort Edward, ngempelasonto zibulewe.

Lokhu kuvele esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yihhovisi lalo mnyango, ngemuva kokuthi ungqongqoshe walo mnyango ehambele lo mndeni ngoLwesibili.

UNksz Slindile Mbhele, uzivumele ukuthi ubezishiya izingane zodwa aye kophuza.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi obevakashele kulo muzi ukuzobhonga emswaneni, unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqikelele ukugada izingane.

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi evakashele umuzi wakwaMbhele kwaNzimakwe ngoLwesibili ezobhonga emswaneni ngokubulawa kwezingane ezine okutholwe izidumbu zazo ngoMgqibelo Isithombe: SITHUNYELWE


UNksz Matuse Khuzwayo ngesikhathi ekhuluma neSolezwe mayelana nokubulawa ngesihluku kwezingane zikamfowabo uMnuz Andile Khuzwayo ongasekho, uthe unina wezingane ubezikhonzile.

Uthe umfowabo ubenezingane ezimbili kuNksz Silindile Mbhele, okungoLwandile (10) noSiphindile (8) abatholwe bebulewe kubo, nezingane zakwabo uBandile (12) noLwandle (4).

Uthe nakuba ubengahlali nezingane zikamfowabo, ezagcina ngo-2014 ukufika kubo mhla kufihlwa uyise kodwa ubeke ezwe izincomo emantombazaneni abehleze eficana noSilindile (umama wezingane) ephuma kothengela izingane.

“Bengike ngizwe ukuthi uvamise ukubonakala emathaveni, kodwa mina angikaze ngimbone.

"Ngaphambi kokuba kushone ubhuti bebethandana kangangoba ingane endala, uBandile ufike nayo inezinyanga ezimbili izelwe, ikhule yazi ukuthi ingeyalapha ekhaya," kusho uNksz Khuzwayo.

Uthe usola ukuthi ukushona kukamfowabo yikhona okumenze wagcina esezinikele etshwaleni, kodwa wathi bebengakaze bezwe lutho okumayelana nokuhlukumezeka kwezingane ngaphandle kwamahemuhemu abebewezwa wokuthi uke abonakale ezindaweni zokucima ukoma. Uthe bebehlala ndawonye nomfowabo, futhi ushone esesezinhlelweni zokumlobola.

UNksz Mbhele ugxekwe kakhulu nasezinkundleni zokuxhumana abantu bemsola ngobudedengu.

Kubi komakhelwane ngobulawe wumphakathi ePinetown

$
0
0
SIMUNCU isimo komakhelwane baKwaNdengezi ngemuva kokushona koyedwa ngesikhathi bethelekelwa wumphakathi obubasola ngokuthi bantshontshe ingane, ePinetown ngoLwesibili.

Umndeni kaMnuz Mlungisi Nxumalo oshonile kuthiwa awaneliseki ngencazelo otshelwa yona wumngani wakhe, onguyise wengane obekuthiwa intshontshiwe.

Kulesi sehlakalo kushone uNxumalo nomunye wesilisa okungakaziwa ukuthi ungubani, obethi uzama ukulamula isixuku ebesihlasela uNxumalo noyise wengane. UNxumalo ushonele endaweni yesigameko kwathi uyise wengane abebesolwa naye wasinda.

Kuthiwa umufi ubehlezi emotweni nendodana yomngani wakhe eneminyaka ewu-11 ngesikhathi behlaselwa yiqulu labadayisa ezitaladini abebethi untshontshe lo mfana. Uyise walo mfana ubesayothenga ukudla.

Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni umphakathi ubasole ngokuthi bantshontshe ingane. Uyise walo mfana uphume esitolo imoto yakhe isibheke phezulu, isivulwe ibhuthi kuthiwa kubhekwa izicubu zabantu.

Naye uthelekelwe ngabantu abebediniwe bembiza ngobaba mbumbulu wengane odayisa ngezicubu zengane yakhe.

Leli phephandaba likhulume nonina wengane obekuthiwa intshontshiwe ngenxa yokuthi umyeni wakhe akasenayo iselula uphucwe zonke izinto abeziphethe ngesikhathi behlaselwa, ngoLwesibili.

Izolo uthe usahambe nomndeni kamufi obusafuna ukuthola iqiniso ngokwenzekile. Unina walo mfundi ofunda uGrade 4 kwesinye sezikole KwaNdengezi uthe naye akakwazi ukuphendula eminye imibuzo ebuzwa yizihlobo zikaNxumalo.

“Angazi ukuthi yini eholele ukuthi umyeni wami noNxumalo basolwe ngokuthi bantshontshe * ... ( esho igama lengane). Ngesikhathi kuqala inxushunxushu emotweni bekukhona * (esho ingane) nomufi. Ingane ithukile, ayikhulumi kusuka izolo (ngoLwesithathu), uNxumalo ushonile akekho osilandisayo ukuthi indaba isuke kanjani,” kusho yena.

Uthe umyeni wakhe obesemsebenzini washayelwa ucingo ngumuntu omtshele ukuthi indodana yabo uyibona igibela itekisi eya ePinetown, esikhundleni sokugoduka.

“Umyeni wami uphuthume ePinetown eyoyibheka ehamba noNxumalo. Kuthe uma ifika itekisi, uNxumalo waphuma wamdonsa umfana obeshesha esixukukwini. Sebesemotweni wathi ulambile, uyise wahamba wayothenga ukudla,” kusho unina wengane.

Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga, inombolo yomfowabo ibivaliwe. KuFacebook uNksz Samkeh Nyanda ozichaze njengendodakazi kamufi uthe uyise ubulawe njengenja. Ubebalisa ethi izolo bekuwusuku lokuzalwa kukayise kodwa manje sebelungiselela umngcwabo wakhe.

UKhomishana wamaphoyisa waKwaZulu-Natal osabambile, uMajor General Bheki Langa usigxekile isenzo somphakathi wathi siwubugebengu.

Kucelwa noma ngubani ongasiza amaphoyisa ngemininingwane yendoda yesibili eshonile ukuthi athinte amaphoyisa. Lo wesilisa oshonile kuthiwa uneminyaka elinganiselwa ku-40, ubegqoke i-jean e-blue neshethi eli-grey. Amaphoyisa asePinetown ayaphenya.


Ugwazwe wuzakwabo ngesikele

$
0
0
AKASALUBHADI esikoleni ngenxa yokwesaba umfundi okuthiwa ngesonto eledlule ugwazwe wuzakwabo amanxeba amaningi ekhanda bebanga isikele.

Umfundi igama lakhe eligodliwe (18) wakwa-Y eMlaza, ofunda uGrade 11 eZwelihle Secondary uthe usesaba nokunyathela emagcekeni esikole ngemuva kokuthi egwazwe wumfana abafunda naye bebanga isikele ngoLwesine.

Uthe ingxabano yabo iqale ngesikhathi benza umsebenzi wesikole abawenzela egumbini abafundela kulo uma sekuphume isikole. Uzakwabo ufune ngodli isikele abesisebenzisa esika amaphepha omsebenzi wesikole.

“Uze kimina wazama ukungihlwitha isikele ngenkani. Nginqabe naso sasibanga wagcina esikeka kancane esiphongweni. Lokho kumdinile waqala wangishaya,” kusho umfundi.

Uthe ubembhuquzisa phansi emkhahlela nasebusweni. Ubuye wathi usizwe umngani wakhe omthathe waya naye ethoyilethi eyomgeza nokuyilapho umsolwa emfice khona wamgwaza kaningi ngesikele ekhanda.

Unina womfundi uthe udumele ngokudembesela kwamaphoyisa ukubopha umsolwa okuthiwa uyaqhubeka nokuya esikoleni ekubeni ingane yakhe isala ezifundweni.

“Uthisha owayekhona esikoleni ngesikhathi kulinyazwa ingane uthe kumele sihlangane nabazali bomfana olimaze ingane yami sixoxe. Okubi wukuthi ingane seyesaba nokuya esikoleni, kungcono ukuba ikhona imizamo engenziwa okungenani ithole ithuba lokubhala ngemuva kwalokho sengingayifunela isikhala kwesinye isikole. Angazi ukuthi umfundi olimaza omunye ngalolu hlobo uqhubeka kanjani nokufunda angathathelwa zinyathelo,” kusho unina womfundi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa asesiteshini iBhekithemba aphenya icala lokushaya nelokugwazwa komfundi ngesikele wathi bekungakaboshwa muntu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe abazali kumele balekelele ekuqinisekiseni ukuthi izingane ziziphatha ngendlela.

“Isikole asiyona inkundla yokulwa. Siyakugxeka kakhulu ukulimazana kwabafundi ngalolu hlobo. Kodwa sifisa abazali basebenzisane nothisha ukubuyisa isimilo nokuziphatha kubafundi ngoba ekugcineni izingane ezabo. Sinxusa umzali wengane elimele ukuthi akhulume nothishomkhulu nezinhlaka ezibhekelele isikole ukuze kutholakale isixazululo,” kusho uMthethwa.

UDa Gama uxoshwe yiSafa nge-email

$
0
0
UXOSHWE nge-email u-Owen Da Gama obecija iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lika-Under 23 aphinde abe yiphini lowayengumqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba.

Isikhulu esiphezulu kwiSouth African Football Association (Safa), uDenis Mumble, usho lokhu ngemuva komdlalo weBafana neCape Verde eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IBafana ithelwe othulini yiCape Verde ngo 2-1 eMabhida. Amagoli angcwabe iBafana abaselwe enethini nguGarry Rodrigues kwathi elokubika lashaywa ngu-Andile “Gattuso” Jali.

“UDa Gama simkhululile ngoba umqeqeshi (uBaxter) usitshelile ukuthi ufuna ukusebenza nobani. Uzosebenza nomqeqeshi uThabo Senong noQuinton Fortune. Kunohlelo esinalo futhi uSenong uyalazi. Asifuni ukubulala umgqigqo. Umqeqeshi uDa Gama ngingakuqinisekisa ukuthi simkhululile. Izinkontileka zabaqeqeshi zihambisana nezamaphini lokho kucacile. Umqeqeshi omusha nguyena ozithathela isinqumo sokuthi ufuna ukusebenza nobani. Zonke lezo zinto zibhaliwe kwinkontileka yomqeqeshi. UDa Gama uyazi ngalokho futhi simtshelile ukuthi siyamkhulula,” kusho uMumble.

UDa Gama ukuqinisekisile ukuthi uxoshwe nge-email.

“Ngithole i-email ingazisa ukuthi angiselona ilungu leSafa. Lokhu kungethusile ngoba kade ngangizama ukuhlala phansi neSafa sibhunge ngodaba. Ngicele imihlangano emine kodwa uMumble walokhu ethi ulinde umengameli (uDanny Jordaan). Kusasa (namuhla) ngizohlangana noMumble angichazele kahle ngoba awukwazi ukuqhamuka usuzongixosha nge-email.”

Isikhala sikaDa Gama sizothathwa nguQuinton Fortune owazakhela igama elibi ngokuchizela iBafana eminyakeni edlule.

“UFortune sesimfakile ethimbeni lethu labaqeqeshi. Izingxoxo zisaqhubeka ngezinye izinto azozenza eqenjini. Yena ngingakuqinisekisa ukuthi uyabuya. Usazothi ukuqhubeka nokuzinza eManchester. Uzobe ephansi phezulu esibhekela abadlali bethu abagijima e-Europe. Ngemuva kwalokho uzobe esesithumelela umbiko ngendlela abenza ngayo.

“Njengamanje sesizohlala phansi sibone ukuthi yiliphi iqembu elincane lesizwe esingamfaka kulona. Nokho leyo nto sisazoxoxa ngayo. Ngeke ngidalule ukuthi uzocija liphi iqembu elincane ngoba sisaxoxa ngalokho. Uzokhumbula ukuthi uQuinton usenza izifundo zakhe ze-Uefa Pro Licence. Uyaqonda ukuthi kumele athole amava. IBafana ijwayele ukuthi idlale kanye ngemuva kwezinyanga ezintathu, yingakho uFortune sifuna athole iqembu lesizwe elincane,” kusho uMumble.

UBaxter uphinde walanda no-Andre Arendse ukuzopheka onozinti.

“Izinkontileka zamaphini abaqeqeshi zihambisana nezinkontileka zabaqeqeshi. Ngokujwayelekile abaqeqeshi sibanika izinkontileka zeminyaka emine. Sikala ngekhalenda leNdebe yoMhlaba esuke idlalwa kuze kube yiNdebe yoMhlaba elandelayo. Leli khalenda leNdebe yoMhlaba liyaphela ngoJulayi 2018. Njengamanje uFortune useyilungu leSafa kuze kuphele leli khalenda le Ndebe yoMhlaba.

“Ngemuva kwalokho umqeqeshi uzokwenza izincomo mayelana nokuthi usafuna yini aqhubeke. Ezinye izingwazi ebeziseqenjini lesizwe zizoqhubeka nokuba khona. Sisazoqhubeka nokubiza ezinye. UNeil Tovey uyinhloko yethimba losomaqhinga, uLucas Radebe usethimbeni elithatha izinqumo ezithinta amaqembu esizwe kanti uHelman Mkhalele useqenjini lesizwe lika-Under 20,” kusho uMumble.

Ebuzwa uMumble ukuthi akesabi yini ukuthi uDa Gama uzobathathela izinyathelo zomthetho uthe ngeke zibe khona izinkinga.

Bekunzima efunda ebe engusopolitiki

$
0
0

UMHOLI we-Economic Freedom Fighters uMnuz Julius Malema uthi ibinzima indlela ebheke ekuthwesweni iziqu zeHonours kwiPhilosophy e-University of South Africa (Unisa). 

UMalema uveze lokhu ngemuva komcimbi wokwethweswa iziqu eUnisa ngoLwesithathu ePretoria. 

"Ngiyakhumbula ngolunye usuku ngangibhala izivivinyo, ngakusasa kunenkulumo kaMengameli esuke ibhekiswe esizweni. Ngangingeke ngiye kodwa ngezwa kuthiwa umengameli Jacob Zuma ubize umbutho wamasotsha. Kwadingeka ukuthi ngikhohlwe izivivinyi ngiyohola iqembu phambili," kusho uMalema. 

"Ngangingeke ngivumele amalungu e-EFF abhekane namasotsha ngingekho, kube ngathi ngicashe ngezivivinyo."

Uthe ngaphandle kwezingqinamba abhekane nazo, ukwazile ukuphumelela ngokwenza isikhathi. 

UMalema uphinde wakhuluma nangokudlula emhlabeni kowayenguNobhala-Jijelele we-ANC Youth League uMnuz Sindiso Magaqa, wagxeka indlela leli gatsha eliziphathe ngayo ngemuva kokushona kwakhe. 

"Angidingi imvume ye-ANCYL ukuthi ngihambele umngcwabo wakhe. Ubengumngani wami. Ngizowuhambela umngcwabo wakhe uma isimo sivuma," usho kanje. 

"Okubuhlungu ukuthi abantu abakubulalayo yibo futhi abagcina sebehlela umngcwabo wakho bawusebenzisele ukuthola udumo,"

UMalemaa bokungokwesibili ethweswa iziqu e-Unisa. Nyakenye uthole iBachelors degree kulesi sikhungo. 

Sekwakikizelwa izigebengu ngoba abayizibonelo baqhelile

$
0
0
CISHE wonke umuntu unesigebengu asaziyo, mhlawumbe, esiwumngani, yisihlobo okanye esiwumakhelwane. Kunzima ke nokho ukubiza abantu ngezigebengu ungakaze ubabone bentshontsha noma beke baboshwa, bashushiswa base beyagwetshwa.

Kulula ukubiza abantu ngezigebengu ngenxa nje yendlela abagqoka ngayo nezimoto abahamba ngazo. Izikhathi eziningi ubufakazi sisuke singenabo. Kulezi zinsuku abantu bahlukene phakathi kuFacebook ngenxa yokudlula emhlabeni kukaSandile “Chillies” Bhengu waseMlaza, okuthiwa udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa esephakamise izandla.

Izinsolo zithi ubanjwe ekutakuta i-tracker yemoto ebiyebiwe.

Uma iyiqiniso indlela abulawe ngayo, yisenzo leso esingalungile, ngeke sikwazi ukuba yizwe lapho amaphoyisa kwayiwona inqwaba yawo eyizigebengu, ezokhetha ukubulala abantu kunokuthi ababophe.

Noma ngubani ophula umthetho unelungelo lokuthwesa icala achaze udaba lwakhe enkantolo. Ngeke ngigxile kakhulu kumfokaBhengu oselele kobandayo, ngoba ngeke esakwazi ukuziphendulela.

Engizogxila kukho yiqhaza lezigebengu emphakathini. Izigebengu yizo ezihamba ngezimoto ezinhle, osisi abahle bayaziwela kuzo, ukotini wokugcina udliwa yizona. Izigebengu eziningi zinogazi, ezinye zinobuntu, ziyakwazi ukuzifaka ezinhliziyweni zomphakathi ngokuba wusizo uma kukhona abaxakekile.

Lokhu kudala ukuthi intsha igcine isibukela kuzo.

Nasemalokishini sinazo izifundiswa. Ngeshwa eziningi zikhetha ukuthutha, ziye kohlala emizini esemigwaqeni efulelwe ngamaqabunga ezihlahla ezikake unqenqema lemigwaqo.

Vele amalokishi ayesungulelwe ukuthi simbondelane ndawonye sonke kuwo. Lelo kwakuyiqhinga likahulumeni wobandlululo elisasebenza ngenkulu impumelelo namanje yize sekuphethe uhulumeni owakhethwa yithi. Yilowo nalowo unelungelo lokuhlala lapho kulingene iphakethe lakhe khona.

Uma kwenzekile izifundiswa zakithi zavakashela elokishini, okuyinto engesiyo imvamisa, azihlali isikhathi eside. Akulula ukuyoqhiphotheka ejoyintini nakoshisanyama usuku lonke uma unezinto ezibalulekile ozenzayo empilweni.

Enye inkinga ngezifundiswa eziningi, azingeneki, ziyazazisa, zizithwele, zibabukela phansi abanye abantu. Lolu hlobo lwezifundiswa aziwusizo lwalutho emphakathini ngenxa yokuthi ukuqhela kwalo ebantwini kuncisha intsha ithuba lokukwazi ukuzibuka njengezibonelo ezinhle.

Bese kuba khona izigebengu ke. Iningi lazo lizibeke phansi, zisondelene nabantu.

Amalokishi ethu adinga amaqhawe amasha. INingizimu Afrika idinga abantu abehlukile abazoba yizibonelo entsheni. Luselude ukhalo esisazolihamba ukulungisa lolu daba ngoba uma kukhulunywa ngobugebengu, akumele nje kugcinwe kulabo abantshontsha izimoto, ababamba inkunzi, abagqekezi nababulali.

Izigebengu ezinkulu zitholakala emahhovisi aheleza umoya obandayo, zihleli ezihlalweni zesikhumba ezijikelezayo.

Izigebengu ezinkulu yilamabhikawozi akwazi ukuthi adudane ngokunyusa intengo yesinkwa ukuze enze inzuzo ngabantu abampofu abaphila ngesinkwa imihla ngemihla.

Kubantu abahlwempu akulula ukuvuka ngalamahlofoyi asazindlubu achelwa ngobisi abe yiyambazi lansuku zonke. Ukunyuswa kwentengo yesinkwa kungafanele, kuwukufela ngamathe ebusweni abampofu nokubashovela emgodini wobuphofu.

Kumele sizibuze futhi ukuthi kwale ANC esiholayo kungani yavumela amalungu ayo ukuthi agqogqoshe uTony Yengeni ngamhla eyoqala isigwebo sakhe secala lokukhwabanisa.

Abantu abafanelwe ukugqogqoshwa ngamaqhawe asuke enze kahle njengoLuvo Manyonga noCaster Semenya, hhayi imigulukudu elahlwe ngamacala. Yebo kuyenzeka amaqhawe omzabalazo awele esilingweni senkece, ngoba nawo angabantu, kepha akumele lokho kugqugquzelwe sengathi sithi enze kahle.

Nanoma ngubani ozigqaja ngokuthi akasona isigebengu kumele azibuze ukuthi yini iqhaza lakhe emphakathini. Ukusonga izandla nokubumba umlomo akuthi shu.

Yingakho nje uma ubhozo wesigebengu usulenga ithikithi emakhazeni, kukikizwa, kushaywa amakhwela, kupiniswa nezimoto. Yingoba awasekho amaqhawe nabantu abayizibonelo ezinhle emphakathini.

Namabandla okuyiwo okufanele ngabe acangcatha onembeza kubantu, asaphenduka isizinda sokukhuthuza amakholwa agajwe wuvalo lwesihogo. Kukhokhwa kukhokhiwe. Ukuxhimfa iBhayibheli sekumba eqolo!

Ukujatshulelwa kwezigebengu kusazoqhubeka emiphakathini yethu ngoba labo okumele ngabe bayizibonelo ezintsha akusondeleki kubo, abathintwa.

Kumele sizibuze ukuthi kungani nemibuthano kahulumeni ihluleka ukunika intsha, nabantu nje abenza kahle emphakathini, isigcawu sokuchaza ngekuzuzile. Okuba phambili nje kuba ngabantu abazonandisa. Uma kungabona abadume ngokugovozela amabhodlela eSavanna Dry, kuba abaziculela into engenamqondo. Ngoba kwayibona abaholi bepolitiki kuyababulala ukufuna ukubonakala besesitayeleni. Uma konke lokhu kungaguqulwa uzoqhubeka umphakathi nokukikizela izigebengu.

Yiwona maqhawe asele emphakathini.

* USandile Mdadane uyiPhini loMhleli obhekele amaphepha angempelasonto kwiSolezwe

Basola uqhekeko lwesifunda ngokuxoshwa kwaMagaqa

$
0
0
IMEYA yoMkhandlu waseMzimkhulu, uMnuz Mphuthumi Mpabanga ithi iphoxekile ngokunqatshelwa ukuba ingene kubo kowake waba nguNobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa ngesikhathi izokhalisa umndeni wakhe ngemuva kokushona ngoMsombuluko.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uMpabanga uthe le nto eyenzekile imthusile ngoba ubengayilindele.

“Le nto eyenzekile ayingiphathanga kahle ngoba bengiya kubo kaMagaqa ngokwesintu ngiyokhalisa umndeni ngemuva kokuvela komkhuhlane, uma ngivinjwa ukuthi ngingene kubo bengingeke nginqabe ukuhamba,” kusho uMpabanga.

Uthe akazi leli dlanzana ebelibaxosha ukuthi lizithathaphi lezi zinsolo elikhuluma ngazo njengoba libanuka.

“Mina siqu sami abukho ubutha obebukhona phakathi kwami noMagaqa njengoba singakaze sixabane nangelilodwa ilanga,” kusho uMpabanga.

Mayelana nokuthi uMagaqa ubebahlupha emkhandlwini ehlale ebuza ngehholo lomphakathi elakhiwayo elingapheli kodwa osekuphume izigidi ngalo, uMpabanga uthe ngokomsebenzi abawenzayo kumele babuzwe imibuzo, wengeza ngokuthi uma uMagaqa ekade ebuza ngehholo bekuyilungelo lakhe. UMpabanga uthe ngeke esabuyela kubo kaMagaqa ngoba egwema umsindo.

IMenenja yoMkhandlu waseMzimkhulu uMnuz Zweliphansi Sikhosana nayo exoshiwe kaMagaqa ithe yize ikade ingalindele ukuthi bangaxoshwa kodwa ayithukanga.

USikhosana uthe ukuxoshwa kwabo kugqugquzelwa yipolitiki.

“Isifunda sethu iHarry Gwala sihlukene phakathi ikakhulukazi njenjoba kuyiwa engqungqutheleni yesifunda, ngalokho izinto ezifana nalezi ungazilindela. Uzokhumbula ukuthi bekungesikho okokuqala kwenzeka into efana nale njengoba kukhona abaholi abanqatshelwa ukuthi bakhalise umndeni kaMnuz Khaya Thobela owayenguSomlomo emkhandlwini wethu,” kusho uSikhosana.

Uthe abanye abantu abebehola leli qeqebana elibaxoshile ligaqele ukuvala izikhala zamakhansela ashonile kumasipala wabo. USikhosana uthe isimo siyabaphoqa ukuthi bagcine beyile kubo kaMagaqa yize kukhona abangabafuni.

Omunye umholi oxoshiwe uMnuz Mluleki Ndobe oyiMeya yoMkhandlu waseHarry Gwala ophinde abe yiPhini likaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal unqabile ukuphawula wacela ukuba kuthintwe umkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli.

“Ngokuhlonipha isimo sakwaMagaqa ngicela ukungaphawuli lutho okwamanje,” kusho uNdobe.

Iqeqebana lamalungu e-ANC ebelivutha lingabaselwe linqabele laba baholi abathathu ukuba bangene kubo kaMagaqa ngoba libasola ngokufa kwakhe.

UMagaqa ushonele esibhedlela ngoMsombuluko ngemuva kokudutshulwa ngoJulayi nonyaka.

Ubelokhu esesibhedlela kusukela alimala.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe ubuholi besifundazwe buzobuyela eMzimkhulu ngaphambi komngcwabo kaMagaqa buyoxoxa namalungu anezikhalo.

UNtuli uthe la maqabane obekukhulunywa ngamagama awo ngamalungu abebhikisha bawacele ukuthi angangeni kubo kamufi ngoba begwema umsindo.

Bamisiwe onogada abavele kwi-video bethi 'kuyofa inja namhlanje'

$
0
0

BAMISIWE onogada bakaNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli abavele kwi-video bephethe imijojantaba yezibhamu besabisa ngokuthi uzofa um%$# kanina.


NgoLwesine uNtuli ubize isithangami sabezindaba esiphuthumayo wakuqinisekisa ukuthi amadoda amabili adlala ngezibhamu kwivideo esabalale ezinkundleni zokuxhumana angonogada bakhe abaqashwe yi-ANC.




"Sibamisile onogada abavele kwivideo ngoba benze into esithunazayo singu-ANC futhi siyasigxeka kakhulu isenzo sabo nendlela abaziphethe ngayo. Asihambisani nabantu abanodlame nabaphathi kabi izikhali. Sicele inkampani yabo ukuthi ibathathele izinyathelo ngoba i-ANC ibaqashe besuka kwenye inkampani," kusho uNtuli.
 
Ebuzwa ukuthi ngabe impilo yakhe isengcupheni njengoba egadwa ngemijojantaba yezibhamu ezivamise ukubonakala emarenke amatekisi lapho kuqashwe khona osomatekisi abafunwa yizinkabi, uNtuli uthe akathandi ukuphawula ngokuthi impilo yakhe isengcupheni noma cha kodwa onogada abaziphathi izibhamu ezinkulu uma bemgadile.

"Sizophenya ukuthi ivideo yathathwa kuphi kodwa esisakutholile wukuthi yayithathwa kudala, ngangingekho lapho futhi akekho umholi we-ANC ababemgadile ngaleso sikhathi. Asihambisani nendlela abaziphethe ngayo futhi asibafuni abantu abakhuluma kabi basabise ngokubulala," kusho uNtuli.


Uveze ukuthi bazophenya ukuthi yathathwa nini ivideo nokuthi kwakwenze njani ngesikhathi iqoshwa ngoba ithunaza isithunzi senhlangano.


Uthe ngaphambi kokuthi baqashe onogada bayaye bazichazele izinkampani zonogada ukuthi bafuna abantu abanjani ngoba ababafuni abaphatha imijojantaba yezibhamu.


Uphethe ngokuthi abahambisani nodlame futhi ababadingi onogada abadlala kabi ngezibhamu ngoba ziyabulala.


I-ANC KwaZulu-Natal ibagxekile onogada bakaNtuli abavele kwi-video besabisa ngokuthi "kuzoshuba namhlanje" bese bekhokha izibhamu.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba i-ANC ithe iyaziqhelelanisa nezigameko zodlame futhi ifuna labo nogada bathathelwe izinyathelo ngumqashi wabo.

"Asihambisani nabantu abaphatha izikhali budlabha. Sifuna inkampani yabo ibaqondise ubugwegwe ngoba into abayenzayo ayinambitheki neze," kusho i-ANC.



I-Wi-Fi yamahhala emabhasini

$
0
0
IMENENJA kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza, ithe kuseyisiqalo sezinguquko abafuna ukuzibona kwingqalasizinda yeTheku ukwethulwa kweWi-Fi yamahhala emabhasini athutha abantu enkabeni yedolobha.

Imenenja yeTheku ikusho lokhu izolo ngesikhathi kwethulwa iWi-Fi yamahhala emabhasini eGO! Durban (People Mover) ngokubambisana nabakwaHauwei edepho yamabhasi eThekwini.

Lolu hlelo okwamanje lusazovivinywa emabhasini angu-10 ezinyangeni ezingu-9 ezizayo ngaphambi kokwethulwa ngokuphelele ngo-2018.

UNzuza uthe bakujabulele ukuthi iWi-Fi isizotholakala emabhasini kwazise lokhu kade kwaba sezinhlelweni zomkhandlu.

“Lena ngenye yezindlela zokukhombisa ukuthi sizimisele ukuphuthumisa amacebo esinawo okuthuthukisa idolobha iTheku. Ukufakwa kweWi-Fi emabhasini ngenye yezinto eke yadingidwa phambilini kodwa kwathatha isikhathi ukuthi yenzeke. Njengoba siyethula nje kuseyisiqalo sezinhlelo esifuna ukuthuthukisa ngazo idolobha,” kusho uNzuza.

Uthe ngale Wi-Fi, enomkhawulo ka-250MB umuntu ngamunye ngosuku, abantu sebezokwazi ukusebenzisa i-internet ngokwezidingo zabo.

“I-Wi-Fi izovuleleka kuwo wonke umuntu osebhasini kanti izosiza abaningi basebenzise i-internet. Abasebenzayo sebengakwazi ukubheka ama-email abo behlezi ebhasini futhi izolekelela nakwezokuxhumana,” kusho uNzuza.

Ngonyaka odlule umasipala weTheku wamemezela kwisabelo mali ukuthi kubekwe uR30 million wokufaka iWi-Fi ezindaweni ezehlukene kuleli dolobha. Umkhandlu wamemezela ukuthi ufuna ukuba nezindawo ezingu 750 ezineWi-Fi yamahhala, ezinye esezikhona enkabeni yeTheku.


Inkulumo kaJuju ibe muncu kwabe-ANC

$
0
0
I-ANC KwaZulu-Natal isola umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ngokudlala ipolitiki eshibhile ngemuva kokuthi ethe owake waba nguNobhala-Jikelele we-ANCYL ongasekho, uMnuz Sindiso Magaqa, ushone ehlela ukujoyina iqembu lakhe.

Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Super Zuma uthe bayibonile imibiko evele kwabezindaba njengoba sekukhona abathi uMagaqa ubehlela ukujoyina amaqembu abo.

“Sibona lokhu kuyimizamo yokuzizuzela amaphoyinti ezepolitiki ngesikhathi uKhongolose nomndeni kaMagaqa bezilile,” kusho uZuma.

Uthe bayazi ukuthi uMagaqa unqabe kaningi ukuthi ayishiye i-ANC phezu kokuba kade ethenjiswa izikhundla eziphezulu ngabathile.

“Kusiphatha kabi ukuthi kube khona abantu abakhuluma ngale ndlela ngoMagaqa ikakhulukazi njengoba engeke esakwazi ukuziphendulela,” kusho uZuma.

Uthe uMagaqa ubeyilungu elithembekile lombutho abelingasoze ladayisa ngomzabalazo.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokwethweswa imiyezane e-Unisa ngoLwesibili, uMalema uthe ube nemihlangano eminingi noMagaqa bexoxa ngokuthi angamnika siphi isikhundla kwi-EFF.

“Ngaphambi kokuba adutshulwe ngibe nemihlangano eminingi naye (Magaqa) sixoxa ngokuthi ngabe usenayo yini intshisekelo yokulwela inkululeko yezomnotho, sibheka nokuthi yiliphi iqhaza angalibamba enhlanganweni yethu,” uMalema ucashunwe esho kanje kwabezindaba.

UMagaqa, oshonele esibhedlela eThekwini ngoMsombuluko, usebenze kakhulu noMalema ngesikhathi besesigungwini esisodwa se-ANCYL esahlakazwa abaholi baso babekwa amacala nokwaholela ekutheni uMalema akhonjwe indlela.

UMalema uthe umtshele kaningi uMagaqa ukuthi bafuna abe ngumgqugquzeli kazwelonke kwi-EFF wengeza ngokuthi uMagaqa wathi uyamuzwa kodwa kufanele axoxe nomkakhe nonina.

UHlaudi kolunye ubishi ngeSABC8

$
0
0

INKANTOLO yabaSebenzi eGoli izolo iyalele owayeyisikhulu sakwaSABC, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, nomphathi wophiko lwezindaba uMnuz Simon Tebele neSABC, ukuba bakhokhe izindleko zecala ebelifakwe yizintantheli ezingu-8.

Lezi zintatheli ezibizwa ngeleSABC 8, zafaka le nhlangano nalezi zikhulu enkantolo ngemuva kokuba zikhale ngokuxoshwa ngokungemthetho. Zaxoshwa ngoba zisuke zaphonsela inselelo imigomo yale nhlangano yezokusakaza yokungavezwa kwezithombe zodlame ezindabeni. Izintatheli eziyisikhombisa kulezi ezingu-8 zabuye zabuyiselwa emsebenzini emuva kokuba inkantolo yabasebenzi ithole ukuthi zazixoshwe ngokungemthetho.

Inkantolo ivumelane nenhlangano iSolidarity nenyunyana iBemawu ukuthi lezi zikhulu nale nhlangano kufanele zibhekane nezindleko zaleli cala.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uMotsoeneng uthe uzosiphonsela inselelo lesi sinqumo senkantolo.

“Ngizoyalela abameli bami ukuba baludlulisele phambili udaba lwalesi sinqumo, kumina ngeke kuphele kanje ngoba ngiyakholelwa ukuthi kwakuwumkhankaso owawuhlangene nepolitiki owawuqhutshwa ngabantu abathintekayo okubalwa kubo neSolidarity neBemawu.

UMotsoeneng wakhonjwa indlela kule nhlangano ngoJuni ngemuva kokulahlwa yicala lokungaziphathi kahle, uthe konke ayekwenza wayelandela imigomo yeSABC. NgoLwesithathu uMotsoeneng uthe obeyiNhloko yakwaSABC uMnuz Jimi Mathews uyena owaba yimbangela yokuxoshwa kwalezi zintatheli.

Ubuholwa eleMbube Umkhosi Womhlanga

$
0
0

Uvulwe yizinyane leSilo Umkhosi Womhlanga ngosuku lokuqala esigodlweni Enyokeni KwaNongoma ngoLwesihlanu.

Umntwana uCebolabo Zulu (14) ubehola izintombi zikhuphuka nomhlanga ziwuyisa kuBayede.

Izintombi ezingafundi yizona ebezizokwethula umhlanga izolo..

Lezi zintombi ebezibhikla ingoma zidele nelanga ebelikhipha umkhovu etsheni.

Enye yezintombi uMpiliso Zulu (16) wakhona KwaNongoma Osuthu, uthe yena ufuna ukuzigcina eze athole insizwa ezozishaya zonke izinkomo zikayise.

“Ngineminyaka emithathu ngihamba umhlanga ngibugcinile ubuntombi bami .

“Angiyena umuntu ojaha izinto ngoba ngilapha ngize ukuzokhombisa iSilo ukuthi ngisemsulwa,” kusho le ntokazi.

Abantu abadayisayo bese bendlalile izinto zabo nokudla nokokugqoka phambi kobhazabhaza bamatende.

Okunye okugqamile amaphoyisa abenkanise yonke indawo nasemgwaqeni obheke KwaNongoma emisa izimoto, abashayeli bebuzwa ipasi nesipesheli kuhlolwa nezimoto.

Umsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu ubezimazise lo mkhosi ehamba nenye yamakhosikazi akhe.

Kucishe kwaphuma isidumbu kubafundi ngombango wentombi

$
0
0

UMBANGO wentombi ucishe wakhipha isidumbu kubafundi basesikoleni iNgoje High, eLosburg, ngaseVryheid, muva nje.

Kuthiwa laba bafundi baxabane bagcina bekhandana ngamatshe ngemuva kokuthi kuqhume iqupha kubangwa intombi nayo ewumfundi kulesi sikole.

Kulokhu kuhlaselana kulimale kabi abafundi bakaGrade 11 uPhilani Mabanga (20) noSakhile Msezane (22), abaphuthunyiswe esibhedlela kukubi.

UPhilani uthe le ngxabano iqale ekuqaleni kwalo nyaka. “Le ntombazane yayiqome lo mfana besafunda ndawonye e-primary kodwa ithe uma isifunda eNgoje, yathandana nami.

"Lo mfana ubelokhu njalo engicupha njengoba enza ngoLwesihlanu sisesesikoleni. Sithe sesiphumile isikole, ngathi ngidlula ngasezitolo zaseNgoje kanti ngizombona enabangani bakhe.

"Ngiqonde kuye ngamshaya ngequpha kodwa omdala wangishaya ngebhodlela, wakhipha nommese,” kusho uPhilani, waseMkhamba, eVryheid.

Uthe bamshaye ngale ndlela yokuthi uphuthunyiswe esibhedlela eVryheid kukubi kodwa ubuye eseluleme.

USAKHILE Msezane onodume lwengozi ayigqenywe ngabafana afunda nabo

USakhile uthe yena isono sakhe kube ukuzama ukulamulela uPhilani.

“Laba bafana ngibafice bexabana nomngani wami ebengihamba naye. Ngithe ngiyakhuza, bangihubha ngommese.

"Ngisizwe ukucosha itshe kanti nabo bazowacosha bangishaya ngawo maqede ngawa. Angibange ngisabona ukuthi kusale kwenzekani ngoba ngiqulekile. Ngiquleke ngabo 1 emini ngize ngaphaphama ngabo 5 ntambama esibhedlela eNgoje," kusho uSakhile.

Ukuphawula kwabaphathi besikole ngalesi sigameko akutholakalanga, kwashaya isikhathi sokushicilela.

Kuboshwe abahlanu kungcwatshwa uChillies

$
0
0

KUBOSHWE amadoda amahlanu eMlaza kungcwatshwa obeyisigebengu esaziwayo aphinde abengumgibeli wezithuthu uMnuz Sandile “Chillies” Bhengu.

La madoda awuzwe ngendaba umngcwabo kaChillies obubhekwe ngabomvu kusukela ngeledlule.

Amathathu kuthiwa aboshwe ngosuku lomlindelo ngoLwesihlanu ngemuva kokuzama ukushayisa iphoyisa ebeliwavimba ngesikhathi eshaya isidudla kwa-V eMlaza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe abasolwa babhadle esitokisini bayoze bavele enkantolo kusasa.

“Amadoda amathathu aboshwe ngoLwesihlanu ngesikhathi ezama ukushaya isidudla ngakwa-V. Elinye lamaphoyisa lizamile ukubamisa kodwa bavele bashaya imoto yaqonda ngqo kulo. Ngenhlanhla likwazile ukuvika, amaphoyisa akwazi ukubavimba abasolwa ababopha,” kusho uColonel Mbhele.

Uthe babhekene namacala amathathu: elokuzama ukubulala, elokushayela budedengu nelokutholakala nensangu emotweni.

Uthe izolo ngosuku lo mngcwabo amaphoyisa abengahleki nakancane njengoba abevimba zonke izimoto ezisesha.

“Kusayiwa emngcwabeni kuboshwe amadoda amabili abezenza abantu bomthetho efake nenyufomu ekhombisa ukuthi banezikhundla ezithile. Oyedwa ubefake eyamaphoyisa omgwaqo abakwa-RTI, omunye efake eyamasosha asemanzini iSA Navy. Amaphoyisa abe esebaphosa imibuzo, bavele bankwankwaza okwenze ukuthi bagcine sebevalelwe. Babekwe icala lokuzenza abantu abangebona,” kusho uColonel Mbhele.

Uthe sekuphunywa emathuneni aseWentworth, amaphoyisa amise imoto emhlophe iHyundai ebihamba abasolwa ngokuba ngonogada bezigebengu.

“Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezintathu, esisodwa esikhulu nezimbili ezincane. Okwamanje labo nogada ababili abekade behamba namantombazane basaphoswa imibuzo ngamaphoyisa aseWentworth,” kusho uColonel Mbhele.

Uthe amaphoyisa aqhubekile nokunkanisa eMlaza ngemuva komngcwabo, egade izidubedube ezingasuka uma sekwenziwa i-after tears.

Uthe nangeSonto (namhlanje) bazobe beqaphile ukuqinisekisa ukuthi isimo sibuyela kwesejwayelekile eMlaza.

“Angeke sizwe ngezigebengu, zizitshele ukuthi zizosiphatha. Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi abantu baseMlaza baphephile. Ithina okumele sisho uma kuzovalwa umgwaqo hhayi bona,” kuphetha uColonel Mbhele.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>