Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

‘Bayazama ukuyibulala i-IFP kodwa iyakhula’

$
0
0

Ukhwele wadilika kwabazama ukubulala iqembu lakhe athi liyaqhubeka nokukhula umholi we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi.

|||

LUNGI LANGA

UKHWELE wadilika kwabazama ukubulala iqembu lakhe athi liyaqhubeka nokukhula umholi we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi.

Ethula izethembiso zeqembu ngaphambi kokuthi kuyiwe okhethweni enkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini, eMlaza, uButhelezi uthe i-IFP iyakhula.

Uthe yize amanye amaqembu ebe nokunyakaziseka i-IFP iqhubekela phambili. Ungene kwachwaza enkundleni ebigcwele ithe phama izolo.

Usole i-ANC ngokuzama kaningi ukulibulala iqembu kodwa yehluleka.

“Ukhetho ngemuva kokhetho, noma ngabe ngolukamasipala noma ngolukazwelonke noma olwesifundazwe, bebeza ngohide lwezimoto ezinemibhalo nemihlobiso ewuphawu lwabo nezithuthuthu ezibizayo. Ubuholi bukazwelonke bebufika ngamabhanoyi anophephela emhlane ngedumela lombukiso omkhulu, ngenkathi izingcweti zomculo we-rock and roll zidlala nokudla kuyiziduli zabasali. Umyalezo wabo bekuyimali,” kusho uButhelezi.

Uthe nangesikhathi evakashele KwaMashu kule mpelasonto kube nemithonseyana yabantu be-ANC abazame ukubaphazamisa baze bagqokisa ngisho izingane izikibha zeqembu ngenhloso yokubahlabekisa.

Usole i-ANC ngokulutha abantu ngokubathembisa imali kanye nokuhlomulisa obhululu bayo ngamathenda kanye nokugxila kakhulu enkohlakalweni.

Uthe ekubuseni kwayo kudlange imibhikisho, abantu benganeme ngokulethwa kwezidingonqangi.

Akukhona ukuthi i-ANC ayizilethi izidingongqangi kubantu ngoba imali ingekho kodwa iyehluleka ukuyisebenzisa ngendlela.

“Uma imali ikhona, ivele ichithwe nje. Kule minyaka emihlanu edlule kusukela okhethweni lukahulumeni wasekhaya luka-2011 omasipala baKwaZulu-Natal behlulekile ukusebenzisa imali yezibonelelo yokuletha ingqalasizinda engu-R210 million,” kusho uButhelezi.

Unxuse abantu ukuthi basebenzise ivoti labo ukuletha ushintsho.


UZuma ukhuze eyokubulalana kwabe-ANC

$
0
0

UMengameli Jacob Zuma unxuse ukuba iphele indaba yokubulalana kwamalungu e-ANC ebanga izikhundla.

|||

Mlungisi Gumede

UMENGAMELI Jacob Zuma unxuse ukuba iphele indaba yokubulalana kwamalungu e-ANC ebanga izikhundla. Ekhuluma enkundleni yezemidlalo eHarry Gwala ngesikhathi i-ANC KwaZulu-Natal yethula umhlahlandlela wayo wokhetho izolo, uthe sekuyisikhathi sokuthi kubunjwane kusetshenzelwe inhlangano.

“Ngiyazi ukuthi kukhona abanganeme ngemiphumela nohlelo lokuqokwa kwamakhansela kodwa abangaphumelelanga kumele bamukele imiphumela,” kusho yena.

Uthe abangaphumelelanga siyeza isikhathi sabo wathi akekho umuntu okumele abulawe ngenxa yesikhundla.

“Ukubulalana okungenasidingo kumele kuphele ngoba akukhokhi,” kusho uZuma.

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uhambe emazwini kaZuma wathi amalungu abo kumele azibophezele ebunyeni. UZikalala uthe ubunye obenze i-ANC yakhula yaze yaba kule minyaka enayo. Uphinde wagqugquzela ukuthi kube nobudlelwano kumadlelandawonye.

“Njengoba silapha siyaqeda ngokungaboni ngasolinye. Uma kukhona othi usazobona iCosatu ne-ANC bengaboni ngaso linye ushaye eceleni ngoba leso sikhathi sesidlulile,” kusho uZikalala.

Uthe ukubulawa kwabe-ANC, ikakhulukazi KwaNongoma, eBaqulusini naseMgungundlovu kuyabakhathaza wathi bayabonga ngoba kukhona asebeboshiwe ngababulawe eMgungundlovu.

UMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini uthe akekho umuntu okumele afe ngenxa yokuthi kuphakanyiswe igama lakhe kwabazoba amakhansela.

Asitholakali isixazululo ngohla lokhetho

$
0
0

AMAPHAPHU aphezulu kubantu baseMandeni emuva kokuba umhlangano wayizolo ungaphumanga nesixazululo sokuqeda imibhikisho ephazamise nokuphakelwa kwamanzi ngeledlule.

|||

ZANELE MTHETHWA

AMAPHAPHU aphezulu kubantu baseMandeni emuva kokuba umhlangano wayizolo ungaphumanga nesixazululo sokuqeda imibhikisho ephazamise nokuphakelwa kwamanzi ngeledlule.

NgoMgqibelo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uvakashele khona ukuyoqinisekisa osomabhizinisi ukuthi bazosilungisa isimo.

Abanye osomabhizinisi bebesabisa ngokuvala ngemuva kokuqubuka kweminye imibhikisho, kwanqanyulwa imibhobho ephakela amanzi.

UZikalala, ohlangane nosomabhizinisi embonini yaKwaSithebe, eMandeni, ngoMgqibelo uthe bazokwenza konke okusemandleni ukubuyisa isithunzi kule ndawo.

Wathembisa ukuthi kuzoba nomhlangano womphakathi nobuholi be-ANC kudingidwe ukunganami komphakathi ngokuqokwa kukaMnuz Mjabuliseni Ngubane ozongenela ukhetho.

Isolezwe lithole ukuthi emhlanganweni wayizolo umphakathi uphume unganelisekile ngenxa yokuthi ubuholi be-ANC bulibeke ngembaba elokuthi ngeke lusashintsha uhla lwamagama abangenele ukhetho.

NgoMgqibelo umphakathi wawusabise ngokuthi uma lingabuyiswa igama likaMnuz Sipho Mthethwa abamfuna angenele ukhetho, ngeke kube nokuthula eMandeni.

Imeya uMnuz Siphesihle Zulu ikuqinisekisile ukuthi umhlangano ube khona izolo kodwa umphakathi wanganeliseka.

Ithe sebethembe amaphoyisa atshalwe ukuqapha isimo njengoba kungazeki ukuthi umphakathi uzoyehlisa yini imimoya.

NangoMgqibelo kwaze kwadingeka uZulu ayokhuluma namalungu omphakathi ayesecasulwe wukuthi ungqongqoshe akakhulumanga nawo njengoba ayeyohlola isimo.

Kusukela ngoLwesibili kwaphazamiseka ukusebenza ezinkampanini ezehlukene nezikole ezine ngenxa yemibhikisho.

NgoMgqibelo uZikalala waqale waba nomhlangano nosomabhizinisi ngaphambi kokuyobona lapho kuphazanyiswe khona amanzi.

“Sifuna ukuqinisekisa osomabhizinisi ukuthi isimo sizobuyela kwesijwayelekile. Sithole umbiko wokuthi abanye sebefuna ukuvala amabhizinisi ngenxa yokushoda kwamanzi, yingakho sisukumele phezulu. Siyabadinga abatshali zimali esifundazweni yingakho singeke sikuvumele ukuphazamiseka kwamabhizinisi. Umphakathi kumele siwukhumbuze ukuthi izimo ezinjengalezi zisiphazamisa kanjani isimo sezimali,” kusho yena.

Ngo-Ephreli sashuba isimo kule ndawo kushiswa izakhiwo KwaSithebe okwenze kwama nse ukusebenza. Kumanje isimo asikabuyeli kahle endaweni yezimboni ephethe umnotho waseMandeni ngokuqasha izinkulungwane zabantu bakhona.

Isigwebo kwababulala ono-60

$
0
0

Bagwetshwe iminyaka engu-20 umuntu ngamunye abalisa ababili baseKranskop, KwaSondokhulu abadubula owesifazane oneminyaka engu-60 bemsola ngokuthakatha.

|||

LUNGI LANGA

BAGWETSWE iminyaka engu-20 umuntu ngamunye abalisa ababili baseKranskop, KwaSondokhulu abadubula owesifazane oneminyaka engu-60 bemsola ngokuthakatha.

Abasolwa ababili abayizihlobo, uVusi Gcwabaza (36) noFa Myaka (26) kuthiwa babulala uNkk Buzani Zondeni Gcwabaza bemsola ngokubulala uyise kaVusi, uMnuz Lindizwe Gcwabaza.

Izolo laba balisa bagwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Ngo-Ephreli nonyaka bahlasela uNkk Gcwabaza ngezikhathi zasekuseni bamdubula amahlandla angaphezu kwayisishiyagalombili.

Phezu kwalokhu baphinde bamgwaza amanxeba amathathu, amabili ethangeni nelilodwa okhalweni.

Babemsola ngokubulala uyise kaGcwabaza okuthiwa watholakala edindilizile ngaphandle kwamasango asesikoleni iMbhekaphansi High.

Kuthiwa wayebizwe ukuzoxazulula inkinga yezingane ezazixabene esikoleni.

Lesi sehlakalo senzeka ngoMashi kulo nyaka.

Ngokwelungu lomndeni elicele ukuba igama lalo ligodlwe ngoba lesaba ukuhlukunyezwa, laba balisa abagwetshiwe baya esangomeni beyohlola.

Ngokusho kwelungu lomndeni isangoma safike sakhomba uNkk Gcwabaza sathi nguye imbangela yokufa kukaMnuz Gcwabaza emva kwalokho bathatha isinqumo sokumbulala.

UNkk Gcwabaza ushona nje ngo-2003 umyeni wakhe naye wabulawa ngoba esolwa ngokuthakatha.

Njengoba sekubulewe noNkk Gcwabaza izingane zabo ezintathu sezihlala ezihlotsheni.

UMnuz Mbuso Gcwabaza, ongumfowabo kamyeni kaNkk Gcwabaza, uthe sibajabulisile isigwebo esinikwe la madoda yize bebefisa sengathi besingathi ukuqina kunalokhu.

“Sijabule ngokugwetshwa kwabo iminyaka engu-20 umuntu ngamunye yize besizitshele ukuthi bazogwetshwa udilikajele ngoba thina isihlobo sethu ngeke sisabuya.

“Sijabulela nakho ukuthi banqandiwe kulokhu abebethi bazokwenza ngoba enkantolo bebesho ukuthi bebesanezinhlelo zokubulala amanye futhi amalungu omndeni abebewasola ngokuthakatha,” kusho uMbuso.

Uthe izehlakalo zokubulawa kwabantu ngoba besolwa ngokuthakatha ziyinsada kuleya ndawo.

Induna yaKwaSondokhulu, uMnuz Thanduyise Shezi, ithe banethemba lokuthi ukugwetshwa kwala madoda kuzothumela umyalezo oqinile nakwabanye abacabanga ukubulala abantu ngoba bebasola ngokuthakatha.

Uthe sekuphume inqwaba yezidumbu kuleya ndawo ngenxa yokunukwa kwabantu ngokuthakatha.

“Sinenkinga enkulu lana endaweni yabantu abavele babone umuntu banqume ukuthi bazombulala ngoba bethi uyathakatha. Kubuhlungu uma sekubulawa omama kusale izintandane ngoba kuthiwa abazali bayathakatha.

“Sifuna bonke abantu bazi ukuthi akusiyo indlela yokwenza izinto le,” kusho uShezi.

Basathukile abebefunda nobulewe

$
0
0

Amaphoyisa asazoqapha isimo esikoleni okugwazwe kuso umfundi washona eFolweni ngesonto eledlule njengoba abafundi besathuka izanya emuva kwalesi sehlakalo.

|||

ZANELE MTHETHWA

AMAPHOYISA asazoqapha isimo esikoleni okugwazwe kuso umfundi washona eFolweni ngesonto eledlule njengoba abafundi besathuka izanya emuva kwalesi sehlakalo.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwana, obehambele eFolweni High School lapho kubulawe khona uLungelo Maphumulo.

ULungelo (17), obefunda uGrade 10, wagwazwa emagcekeni esikole phambi kothisha nezingane ngoMsombuluko.

Ungqongqoshe uqale esikoleni eyokhuluma nabafundi ngaphambi kokuyovela emndenini.

Utshele abafundi ukuthi abahlukane nokuphatha izikhali. Ucele ukuthi umqondo wabo bawugxilise ezifundweni kunezinye izinto ezizobamoshela ikusasa.

“Ngiyazi ukuthi lesi sehlakalo asithintanga abasondelene nomfundi kuphela kodwa nani nonke. Ngiyazi kubuhlungu okwenzekile futhi nisathukile yingakho sizimisele ngokuletha usizo kwabadinga ukwelukwa ngokomqondo. Ngithe uma ngihlangene nobuholi besikole ngathola ukuthi isikole senu sike senza kahle kakhulu. Ngingajabula uma sibuyela lapho,” kusho yena.

Uthe kuningi abakuthole kuyinselelo kulesi sikole kodwa bazohlangana nezinhlaka ezithintekayo ukulungisa isimo. Uveze ukuthi bacele amaphoyisa ukuthi ajwayele ukuzobheka esikoleni njengoba amaphaphu esaphezulu kubafundi. Ekhuluma nomndeni kamufi uthe bazoqinisekisa ukuthi okwenzekile akuphinde kwenzeke komunye umfundi.

Uxolisile ngokufika sekwedlule umngcwabo wakhala ngokuxineka kwangesonto eledlule.

UMnuz Blessing Khomo ongumakhelwane kamufi unxuse ungqongqoshe ukuthi babuyise uhlelo lokuseshwa kwezikhali ezikoleni. Ukhale nangezidakamizwa ezidla lubi emphakathini asola ukuthi zinomthelela kulezi zehlakalo.

Unina kamufi ubengekho izolo kuthiwa usazilile emuva komngcwabo obungoMgqibelo eMzinto lapho esale khona.

UNksz Thobeka Maphumulo (22) ongudadewabo kaLungelo uthe wababikela kunguLwesine ebuya esikoleni ukuthi untshontshelwe iselula esikoleni.

“Wabuye wanyamalala wathi usayobheka iselula yakhe ngoba usezwile ukuthi ubani oyithathile. Ngempelasonto wavakashela eClermont isamphethe kabi indaba yeselula. Sezwa sesitshelwa ngoMsombuluko ukuthi ugwaziwe esikoleni kubangwa yona indaba yeselula,” kusho yena.

Kuthiwa umufi, owagwazwa amanxeba amathathu, washonela esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial. Umndeni uthe awazi lutho ngomsolwa njengoba umseshi wagcina ethe kudingeka abazofakaza.

IFolweni High School kuthiwa ngo-2013 ibiphase ngo-90% kodwa ngonyaka odlule iphase ngo-63%.

Ungqongqoshe uthe usanethemba lokuthi isikole sizobuyela esimweni uma kulungiswa izimo asezibonile.

‘Ngeke siphinde siphathe kanye nelinye iqembu’

$
0
0

I-NFP isiyazisola ngobudlelwano eyangena kubo ne-ANC komasipala abawu-19 KwaZulu-Natal ngo-2011.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-NFP isiyazisola ngobudlelwano eyangena kubo ne-ANC komasipala abawu-19 KwaZulu-Natal ngo-2011.

Isifunge yagomela ukuthi emuva kokhetho oluzayo ayizimisele ukuthi iphathe imikhandlu nelinye iqembu uma iphumelela.

Lokhu kuvele ngesikhathi abaholi bayo bezungeza idolobha laseThekwini izolo begaya ivoti kubantu, bebathembisa nokuthi kumele bafike embuthanweni wokwethula umhlahlandlela wayo wokhetho ozoba ngoMgqibelo ukuzozizwela ezinye zezinto ezizobe zikhulunywa nguMengameli wabo, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

I-ANC eKZN, ngomlomo kaMnuz Mdumseni Ntuli, ithe uma iNFP ikhuluma kanje kusho ukuthi isifuna ukuphuma kuhulumeni izimele njengeqembu elibusayo.

Uthe: “Nakuba ubudlelwano bethu komasipala bube nezinkinga ezintweni esasivumelene ngazo kodwa asikawudwebi umugqa obomvu wokuthi ngeke sisaphinde sisebenzisane nabo uma kwenzeka kuba nomasipala abadinga kubanjiswane kubo.”

USihlalo weNFP, Mnuz Maliyakhe Shelembe, uthe komasipala abebebambisene kubo ne-ANC bazithole bebukeleka phansi ngenxa yokuthi ibisuke inezinhloso zayo abangazazi.

“Sidelile ngokusebenzisana esibe nakho ne-ANC, ngakho asifuni ukuphinda lelo phutha lokubambisana nenye inhlangano uma kudlula ukhetho kodwa sifuna ukuziwinela ingcaca ngaphandle kokudinga ukubambisana nabanye. Komasipala esiphethe kubo ngokubambisana izinto kazihambi kahle nabantu bahlale bekhala ngentuthuko kodwa lapho esiziphathele khona sisodwa njengaKwaNongoma, Dumbe nasoPhongolo akunazinkinga. Ngakho sifuna ukuphuma kulobu budlelwano uma kufika ukhetho siziphathele sodwa,” kusho uShelembe.

Ubuye waphawula ngamakhansela asebashiyile ajoyina ezinye izinhlangano wathi bona kabanandaba nawo ngoba abevele evilapha futhi abethanda izikhundla.

UShelembe ubehambisana nesigungu seqembu okubalwa kuso uNobhala Jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa, ilungu lePhalamende uMnuz Scelo Mabika, umholi wentsha uMnuz Sbu Mncwabe, nabanye.

UShelembe uqhube wathi uma abantu bengakukholwa akushoyo kumele babheke ukuthi amakhansela noma abaholi abalaxaze iNFP abekho yini ohlwini lokuba ngamakhansela okufoloswe ngawo emaqenjini asebewajoyinile.

“Sebefike emaqenjini abawajoyinile bathatha indawo yabantu abakade babakhona. Sekuyibo osekufoloswa ngabo nokufakazela ukuthi bashiya iNFP ngoba bebona ukuthi abazukuqokwa njengamakhansela,” kusho uShelembe.

I-NFP yasungulwa ngo-2011 yangenela ukhetho lohulumeni basekhaya nolukazwelonke ngempumelelo, kodwa izinto kazihambi kahle ngoba kuyaliwa kubangwa izikhundla. abanye bagcina sebenukwa ngokufa kwabanye abaholi ngaphakathi.

Ngaphandle kwalokho komasipala abawu-19 iNFP eyayibambisane kubo ne-ANC kugcine ngokuthi abahlanu babuyele ku-IFP. Phakathi kwabo kubalwa iNkandla, Mthonjaneni, Hluhluwe (Big 5 False Bay), Ntambanana nowaKwaHlabisa.

‘Ufanelwe yisibhedlela uPistorius’

$
0
0

UProfessor Jonathon Scholtz utshele iNkantolo eNkulu ePitoli wathi ngokubona kwakhe, u-Oscar Pistorius ufanelwe wukuba sesibhedlela kunokuthi ayobhadla ejele.

|||

intatheli yesolezwe

UPROFESSOR Jonathon Scholtz, oyi-Clinical Psychologist, utshele iNkantolo eNkulu ePitoli izolo wathi ngokubona kwakhe, u-Oscar Pistorius ufanelwe wukuba sesibhedlela kunokuthi ayobhadla ejele.

“Umoya wakhe uphuke kakhulu. Ungumuntu ofanelwe wukunikwa ithuba lokuthi akwazi ukubuyisa ithemba kuye. Ngesikhathi ngikhuluma naye ubekhombisa okukhulu ukuzisola, exolisa nangokwenzeka. Bekuba nanesikhathi lapho bekuze kudingeke ukuthi ngimvuse ngenxa yokuthi umqondo wakhe ububukeka ungekho kahle. Ngize ngamvusa kabili,” kusho uProf Scholtz obefakaza izolo eNkantolo eNkulu iNorth Gauteng.

“Isimo sempilo yakhe asisihle neze. Ukuba ubeyisiguli sami, bengizomlalisa esibhedlela,” kusho lo solwazi.

UScholtz, oyiPsychologist eWeskoppies Psychiatric Hospital ePitoli, uhlole uPistorius ngo-2014, nangoMeyi 2016.

Ebufakazini bakhe uzwakalise ukuzwelana nalo msubathi onecala lokudubula abulale intombi yakhe uNksz Reeva Steenkamp eminyakeni emithathu eyedlule.

Ethula ubufakazi lo solwazi utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi evalelwe ejele iKgosi Mampuru II izinyanga ezingu-12 ngecala lokubulala ngokungenanhloso, uPistorius ubethwele kanzima edonsa isigwebo.

UPistorius ubevalelwe yedwa amahora angu-18 ngosuku futhi lokhu nje kukodwa kufane nokuthi uvalelwe egoqweni njengesilwane ngokusho kukaSolwazi obethula ubufakazi.

UScholtz ubuye wafakaza ukuthi ojele bebeletha abantu ukuba bazobuka uPistorius okuyinto ebimbangela amahloni, imjivaza.

“Beyingekho nendawo yokuthi ame kahle abhalanse kahle kule ndawo abevalelwe kuyona, kungenayo nendawo yokubhalansa nalapho egezela khona. Konke lokhu kuholele ekutheni umlenze wakhe wokufakelwa ube buhlungu,” kusho uSolwazi.

UScholtz uphethe ngokutshela inkantolo ukuthi uPistorius ukukhombisile ukuzisola ngokudubula uNksz Steenkamp futhi ubesexolelwe nawumndeni kamufi.

Kodwa uMshushisi uGerrie Nel ubuze ukuthi ngabe uPistorius angathathwa njengomuntu ngempela ozisolayo uma namanje esahluleka wukwamukela avume ukuthi wabulala uNksz Steenkamp?

UNel uthe uPistorius akakaze nakanye kule nkantolo amukele ukuthi wadubula wabulala umufi esendlini yokugezela ngeValentine’s Day ngo-2013.

Ukulalelwa kwezethulo mayelana nesigwebo kuzoqhubeka namuhla.

Kuzobuyekezwa igalelo likaNkosi Johnson

$
0
0

Ingqungquthela yengculazi ezokuba seThekwini ngoJulayi izonika elakuleli ithuba lokubuyekeza osekwenziwe ukulwa nokusabalala kwaleli gciwane.

|||

LUNGI LANGA

INGQUNGQUTHELA yengculazi ezokuba seThekwini ngoJulayi izonika elakuleli ithuba lokubuyekeza osekwenziwe ukulwa nokusabalala kwaleli gciwane.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnuz Jeff Radebe obenika izintatheli umbiko ngokuzilungiselela kwelakuleli ukwamukela bonke abazobe beyingxenye yale ngqungquthela ezoba phakathi kuka-18 no-22 Julayi, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC).

Ubehlangene nethimba elibunjwe ongqongqoshe beminyango eyahlukene elijutshwe nguMengameli Jacob Zuma ukuqinisekisa ukuthi le ngqungquthela iba yimpumelelo.

Okunye kokulindeleke ukuthi kubuyekezwe ngumthelela wenkulumo kaNkosi Johnson engqungqutheleni yegciwane lengculazi eyayingonyaka ka-2000 ngesikhathi iqala ukuza kuleli.

UJohnson, owazalwa enegciwane lengculazi, wayeneminyaka engu-11 ngesikhathi ema phambi kwabantu ababelinganiselwa ku-10 000 okwakungososayensi, izikhulu zikahulumeni, abezinhlangano ezilwela amalungelo abantu abaphila naleli gciwane nabanye. Phezu kwalokhu wavulela iNingizimu Afrika yonke inhliziyo yakhe wanxenxa uhulumeni ukuthi uhlinzeke abantu ngemishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane. Ngaleso sikhathi uhulumeni wakuleli wawungahambisani nokuhlinzeka ngemishanguzo ebizwa ngama-anti retrovirals (ARVs) labo ababephila negciwane.

Ngonyaka olandelayo uJohnson washona ngenxa yokuxinwa yileli gciwane.

URadebe uthe emuva kweminyaka engu-16 kwenzeke lokhu iNingizimu Afrika seyiphinde yanikwa elinye ithuba lokuthi ime phambi komhlaba wonke iveze ukuthi yini esiyenzile ukulwa naleli gciwane. Uthe kuningi osekwenziwe ngelakuleli ukukhombisa ukuzibophezela ekulweni nokusabalala kwengculazi.

“INingizimu Afrika inohlelo lokuhlinzeka ngemishanguzo yokuthithibalisa igciwane olukhulu ukudlula wonke amanye amazwe.

“Lolu hlelo lwaqala ngokuthi kwethulwe umkhankaso wokugqugquzela abantu ukuthi bahlolele leli gciwane ngo-2010. Kulo mkhankaso bangu-18 million abantu abahlolile esikhathini esingangezinyanga ezingu-18. Kumanje bangu-10 million abantu abahlola unyaka nonyaka,” kusho uRadebe.

Ucwaningo lweHuman Sciences Research Council (HSRC) luveze ukuthi leli gciwane lidla lubi entsheni yakuleli, ikakhulu abesifazane abaphakathi kweminyaka engu-15 kuya ku-24.

Kulindeleke ukuthi ingqungquthela ihanjelwe ngososayensi abahlonishwayo ocwaningweni lwengculazi nofuba, nosaziwayo okubalwa kubo umlingisi uCharlize Theron nosomabhizinisi uBill Gates.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe bazimisele ngokufunda lukhulu kulabo abazobe behambele ingqungquthela. Uthe bakulindele nokugxekwa kulokho abangakwenzi ngendlela.

Usihlalo wakuleli wengqungqu-thela, uSolwazi Olive Shisana, unxuse abantu ukuthi bayihambele le ngqungquthela.


Uvelile osolwa ngokubulala abe-ANC

$
0
0

Amalungu omphakathi eFedsem, eMbali athi ahlalele ovalweni kulandela ukudutshulwa kwabesifazane ababili.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

AMALUNGU omphakathi eFedsem, eMbali, eMgungundlovu athi ahlalele ovalweni kulandela ukudutshulwa kwabesifazane ababili bephuma emhlanganweni we-ANC ngeledlule.

Izolo eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu kuvele umsolwa oyedwa obhekene namacala okubulala uNkk Phetheni Ngubane (60) noNksz Badedile Ntshapha (54) baseMbali abadutshulwe ngeledlule bephuma emhlanganweni we-ANC egatsheni laku-ward 15.

UMnuz Bonginkosi Shabalala (40) waseMaqeleni khona eMbali unqatshelwe ibheyili enkantolo, icala lakhe lahlehliselwa uJuni 22 nonyaka.

Ngokuthola kweSolezwe umsolwa unendawo yokucima ukoma lapho ehlala khona futhi uyilungu le-ANC elingaqavile.

Umsolwa kuvele enkantolo ukuthi wadalulwa ngumufi ukuthi wamhlasela, ngaphambi kokuba ashone.

Abasolwa ababili obekumele bavele enkantolo naye abazange besafika izolo njengoba kuvele ukuthi amacala ahoxisiwe ngenxa yokungahlangani kobufakazi.

Ngokuthola kweSolezwe laba ababili nabo babedalulwe ngumufi uNkk Ngubane ngaphambi kokuba ashone.

Amanye amalungu omphakathi abehambele icala enkantolo aveze ukuthi balala obenyoni njengoba bengazi ukuthi ngubani ozolandela ozohlaselwa njengoba ngaphambi kokubulawa kwalaba besifazane ababili kubulawe amalungu aqavile e-ANC esifundeni sakhona eMgungundlovu iMoses Mabhida.

Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe bayasaba ukuhamba ebusuku ngoba abazi ngubani ozolandela.

“Singamalunga ka-ANC sonke manje asazi noma nathi sizohlaselwa yini. Asikwazi okwenze kwabulawa abantu besifazane ababili. Asinaso isiqiniseko ukuthi nathi siphephile yini kule ndawo (Fedsem),” kusho ilungu lomphakathi.

Okuhlalukile wukuthi abantu bendawo bebefike ngobuningi enkantolo, befake izikibha ze-ANC.

Iningi alifunanga ukukhuluma neSolezwe noma lishuthwe ngoba bekhala ngokusaba.

“Siyesaba nokukhuluma, ungavele ubulawelwe ukuthi uvule umlomo wakho ngale ndaba,” kusho omunye.

Enkantolo icala lize laqala sekushaye ihora lokuqala ngenxa yokungafiki kwedokodo.

Ezokuphepha beziqinisiwe enkantolo njengoba bekukhona amaphoyisa angeziwe avimbe emnyango ngesikhathi icala liqhubeka.

UMshushisi uPatti David usukume watshela iMantshi, uNkk M. Boikhutso, ukuthi uyaphikisana nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili ngoba icala libucayi.

“Abesifazane ababili babulawa bephuma emhlanganweni we-ANC. Umsolwa ongaphambi kwenkantolo wakhonjwa ngomunye wabahlaselwa (owashona) kulesi sigameko. UMbuso uzokwenza olunye uphenyo,” kusho uDavid.

Ummeli kamsolwa uMnuz Phumlazi Fakude uvumelene noMbuso ngokuhlehla kwecala. Waletha nekheli lomsolwa lapho azohlala khona uma egcina enikeziwe ibheyili.

Umphakathi uphume unikina ikhanda enkantolo.

Abanye bebelibeka ngembaba ukuthi “ngoba naye ungu-ANC nje,”

Kulesi sigameko esenzeka ngeviki eledlule uNksz Ntshapha ushonele endaweni yesigameko kwathi uNkk Ngubane waze washona esibhedlela e-Edendale ngosuku olundalela abadutshulwa ngalo. UNkk Ngubane kuthiwa washona esebadalulile abahlaseli.

Laba besifazane kuthiwa bebehamba phambili eFedsem kwi-ANC. Kunezinsolo eziqinile ukuthi bahlaselwe ngenxa yombango wesikhundla sozoba yikhansela kule ndawo.

Umthombo weSolezwe owacela ukuba ungadalulwa uthe bese bezondwa laba besifazane futhi besatshiswa ngabanye abahlala ohlangothini lwaseFedsem ngoba bethi ababaseki uma befuna izikhundla ku-ward 15.

Bathi baseka abangakolunye uhlangothi njengoba nosohlwini labazovotelwa ukuba amakhansela kuleli gatsha uvela kolunye uhlangothi uMnuz Jabulani Nene.

‘Ababhadle ejele abacwasayo’

$
0
0

MLUNGISI GUMEDE

|||

MLUNGISI GUMEDE

I-ANCYL KwaZulu-Natal ikholwa wukuthi yisigwebo sokubhadla ejele kuphela esingasiza ekuqedeni isihlava sokucwasa ngokwebala.

UVukayibambe uphawule kanje emuva kokuthi uPenny Sparrow, owasusa umsindo ngesikhathi ebhala kuFacebook efanisa abantu abamnyama nezinkawu, enikezwe isigwebo senhlawulo ka-R150 000 yiNkantolo yezokuLingana eScottburgh, ngoLwesihlanu.

Inkantolo iyalele uSparrow, obengekho enkantolo okubikwe ukuthi uyagula wamelwa yindodakazi yakhe, ukuthi akhokhe le mali zingakapheli izinsuku eziwu-60 esikhwameni i-Oliver and Adelaide Tambo Foundation.

Kodwa isikhulu salesi sikhwama, uMnuz Mavuso Msimang, sicashunwe kwi-Independent On Saturday sithi abayifuni imali kaSparrow.

UNobhala we-ANCYL esifundazweni, uMnuz Thanduxolo Sabelo, uthe bayasamukela isinqumo senkantolo kodwa wathi ngeke size sisize ekuqedeni ukucwasa ngokwebala. USabelo uthe mkhulu kakhulu umonakalo owenziwa yinkulumo kaSparrow.

“Sicela uKhongolose ukuba uwushintshe umthetho, abantu abacwasayo bathole isigwebo sokubhadla ejele ngoba lokho sikholwa wukuthi yikhona okungasiza ekuqedeni lesi sihlava,” usho kanje.

USabelo uthe u-R150 000 ahlawuliswe wona uSparrow mncane kakhulu kunomonakalo awenzile.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Super Zuma, obekhona enkantolo ngesikhathi kuphuma isinqumo ecaleni likaSparrow, uthe basishayela ihlombe isigwebo anikwe sona.

“Yize sisamukela isinqumo senkantolo kodwa sikholwa wukuthi uSparrow kumele axolise kubantu baseNingizimu Afrika ngesenzo sakhe,” kusho uZuma.

Uthe iNingizimu Afrika isuka kude njengoba ike yakhishwa ngisho nasezinhlanganweni zamazwe omhlaba ngenxa kahulumeni wobandlululo.

UZuma uthe ngeke baze bavume ukuthi umuntu oyedwa abuyisele emuva umsebenzi omkhulu osewenziwe kwakhiwa izwe.

“Siyafisa ukuthi ngelinye ilanga uSparrow azisole ngesenzo sakhe,” kusho uZuma.

Uzifake otakwini ngokugxibha uMalema

$
0
0

UZIDONSELE amanzi ngomsele umsakazi woKhozi FM uZama Ngcobo ngokukhuluma kabi ngomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, emsola ngokungabinalusizo entsheni nangokushada ngemali yeqembu

|||

CELANI SIKHAKHANE noMLUNGISI GUMEDE

UZIDONSELE amanzi ngomsele umsakazi woKhozi FM uZama Ngcobo ngokukhuluma kabi ngomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, emsola ngokungabinalusizo entsheni nangokushada ngemali yeqembu.

Lokhu kwenzeke izolo ohlelweni lwasekuseni iVuka Mzansi Breakfast Show olushayelwa nguSipho “Sgqemeza” Mbatha naye uZama.

UZama uthe amalungu e-EFF ayayishiya e-Eastern Cape. Uthe uMalema uhlanganisa iminyaka ewu-33, okusho ukuthi usesesigabeni sokuba yintsha kodwa akakaze ayenzele lutho. (Empeleni uMalema uneminyaka ewu-35).

Usole uMalema ngokuthi wasebenzisa imali yeqembu ngesikhathi eshadelwa.

UMholi we-EFF esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, uthe bafuna iziphathimandla zoKhozi zimkhulule uZama ukuze angene kupolitiki ngoba bayambona ukuthi kukhona iqembu alisebenzelayo.

“Siyabazi abantu abafana naye abadlala ipolitiki yesisu yokuba osomathuba. Okokuqala uyakhohlwa wukuthi uKhozi wumsakazo womphakathi kodwa yena ulusebenzisa ukuzincengela kwabathile ngokwezombusazwe. akaphumele obala angasebenzisi i-EFF noma igama lomholi wethu.

“Empeleni sishaqekile ngaye kodwa sithi sizoyilwa indaba yakhe kuze kube sekugcineni. sifuna uKhozi lumthathele izinyathelo asuswe emoyeni. Ngaphandle kwalokho uma efuna ukungena kupolitiki akaphumele obala simbheke kahle.

“Siyafisa futhi ukumkhumbuza ukuthi abantu abenza izinto budedengu njengaye bagcinaphi. Akobuza kuZimdollar ukuthi kwenzekani ezama ukungena kwezombusazwe,” kusho uKhoza.

Uthe bazokhuluma noKhozi ngendaba kaZama, uma behluleka bangene emgwaqweni bamashe. uma kuhluleka lokho baqonde kuBroadcasting Complaints Commission of SA bayomangala.

Abaholi baseThekwini be-EFF bahlangane khona izolo babhunga udaba bekhala ngokuthi kade uZama aqala ukukhuluma kabi nge-EFF emoyeni.

UMnuz Mthandeni Zungu, usihlalo we-EFF kwelinye lamagatsha aseThekwini, uthe bahlela imashi ukukhombisa uKhozi ukuthi abasamdingi uZama emoyeni.

Uthe phambilini babekezela uma ekhuluma kabi ngoMalema embiza ngesixhwanguxhwangu ethi neqembu lakhe liyahlupha ephalamende.

Imizamo yokuthola okhulumela i-SABC, uMnuz Kaizer Kganyago, ayizange iphumelele izolo. ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Ibamba likamphathisiteshi oKhozini FM, uZandile Tembe, uthe ngeke akwazi ukuphawula kuze kuba uzwa lokho okuthiwa uZama ukushilo.

Kusize amaphoyisa bevimba iziguli

$
0
0

Isabisa ngokuliyisa enkantolo udaba lwabasebenzi abayitoho ezikhungweni zikahulumeni inyunyana yabasebenzi iSouth African Public Service Union.

|||

S’MANGELE ZUMA

ISABISA ngokuliyisa enkantolo udaba lwabasebenzi abayitoho ezikhungweni zikahulumeni inyunyana yabasebenzi iSouth African Public Service Union (SAPSU).

Lokhu kuvezwe ngunobhala-jikelele wale nyunyana uMnuz Moses Tsotetsi ngesikhathi ekhuluma nabasebenzi abayitoho abatelekile basesibhedlela iKing Dinuzulu, eSydenham, eThekwini izolo.

UTsotetsi uthe uma uhulumeni ezitshela ukuthi uzolunyathela loludaba uqambe eshilo ngoba bazimisele ngoku-lwela abasebenzi abaxhasha-zwayo kuze kufike ekugcineni.

Uthe ngoLwesine bahlele imashi eyosuka epaki iKing Dinuzulu eThekwini iphele eCity Hall lapho ekulindeleke ukuthi bathule uhlu lwezikhalo kuNdunankulu uMnuz Willies Mchunu.

Le mashi kulindeleke ukuthi ihanjelwe ngowayengunobhala weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi.

“Laba basebenzi sebejoyine abanye abasebenzi abanezinkinga ezifanayo esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, King Edward VIII, Mahatma Gandhi, Wentworth nasenyuvesi iMangosuthu. Abasebenzi bakhathele ama-labour broker abaxhaphazayo ebaholela imali encane. Sifuna uMnyango wezeMpilo ubaqashe babe ngaphansi kwawo. UMengameli uJacob Zuma usayine umthetho ngonyaka odlule ku-section 198 kwiLabour Relations Act wokuthi akumele umsebenzi abe yitoho ngaphezu kwezinyanga ezintathu.

“Lapha ababhekelele inhlanzeko bahola uR1 500 kanti onogada banikezwa uR2 500. Lokhu akuhambisani nomthetho we-Employement Equity Act,” kusho uTsotetsi.

Uthe uMnyango wezeMpilo uphendulile ngeledlule wathi lolu hlelo luzobiza luphinde luthathe isikhathi eside.

“Sibe sesiwubhalela incwadi ngoMsombuluko siwutshela ukuthi siyakuqonda ukuthi isimo sezimali sibi. Sithe okwamanje angabakhokhela uR5 000 abenhlanzeko nabasemakhishini kuthi onogada abakhokhele uR6 000 kusukela ngoJuly kulo nyaka kuze kube wuphela kukaMashi ngo-2018. Besiwunikeza isikhathi sokuthi ubahlelele kahle laba basebenzi. Emuva kwalokho bazobe sebebaqashwa ngokugcwele,” kulandisa uTsotetsi.

Uqhube wathi bazomasha ngoSuku Lwentsha ngoba babonile ukuthi iningi labasebenzi abangaqashiwe basebancane.

Omunye wabasebenzi uthe: “Sisebenza ezindaweni ezibucayi, emawodini abantu abaneTB ngaphandle kokuvikelela. Siphinde siholelwe imali encane. Sifuna imali yethu ize ngqo kuthina ingaqale ihambe ezinkampanini ezisiqashile. Siyafukuza kodwa kudla abaqashi kakhulu. Sicela uhulumeni usicabangele,” kusho umsebenzi.

Kuphazamiseke ukusebenza esibhedlela njengoba abasebenzi bese kuwusuku lwesibili bebhikisha.

Iziguli bezingena kanzima esibhedlela njengoba abasebenzi bebevale amasango, kuze kwasiza ukufika kwamaphoyisa.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Samuel Mkhwanazi uthe yize kusemthethweni ukubhikisha ngaphandle kodlame eNingizimu Africa kodwa ukuphula umthetho ukuvimbela iziguli.

Akukho okuzoshintsha ngokhetho: Mogoeng

$
0
0

Luzoqhubeka lube ngo-Agasti 3 ukhetho loHulumeni baseKhaya.

|||

LUZOQHUBEKA lube ngo-Agasti 3 ukhetho loHulumeni baseKhaya. Lokhu kushiwo yiNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng ngesikhathi ekhipha isinqumo ecaleni ebelifakwe yinhlangano yokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC) izolo.

Abakwa-IEC badlulisela leli cala eNkantolo yoMthethosisekelo emuva kokuthi enye inkantolo inqume ukuthi kufanele banikeze amaqembu epolitiki uhlu lwabavoti olunagama kanye namakheli abantu ababhalisele ukuvota, ngaphandle kwalokho ukhetho lusuke lungeke luqinisekiswe ukuthi lungolukhululekile futhi nolunobulungiswa.

UMogoeng uthe akanawo amandla okumisa ukhetho yize i-IEC yephula umthetho ngokuvumela abantu babhalise ngaphandle kwamakheli aphelele.

Ubuye wathi abakwa-IEC kufanele baqoqe imininingwane egcwele yabantu abazovota namakheli abo aqondile kungakapheli izinyanga ezingu-18, wathi kufanele kufike ukhetho lukazwelonke ngo-2019 konke sekuqondile. – ANA

Indida ngowaduka eya emsebenzini

$
0
0

UDIDEKILE umndeni kanogada waseMlaza eThekwini osekuphele izinyanga ezintathu aduka kade esuke ekhaya eya emsebenzini.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UDIDEKILE umndeni kanogada waseMlaza eThekwini osekuphele izinyanga ezintathu aduka kade esuke ekhaya eya emsebenzini.

UMnuz Siduduzo Msimango (44) ubehlala nonina wezingane zakhe eMlaza esebenza eCity View, eThekwini lapho ebengunogada khona.

Kuthiwa wagcina eya emsebenzini wangaphinde wabuya ekhaya.

Emsebenzini bebelokhu bezitshela ukuthi usekhaya kwaze kwaba kufika abakubo bezomfuna batshelwa ukuthi usenesikhathi engalubhadi emsebenzini.

Umzala kaMsimango uMnuz Khulekani Mngadi uthe kumanje abazi ukuthi kumele baye kuphi njengoba sebehambe izindawo ezihlukene befuna uMsimango.

“Sididekile ukuthi kumele senzenjani njengoba engatholakali. Sesihambe yonke indawo simbheka emakhazeni nasemajele kodwa lutho. Asazi kumele senzenjani. Ubehlala nonina wezingane nokwenza sanganaka isikhathi eside ukuthi akekho. Unina wengane wahlukana naye eya emsebenzini naye eya eMpangeni ehambise imali yezingane. Uthe ebuya wangabe esamfica. Besilokhu simfonela sizitshela ukuthi kungenzeka ukuba ucikekile waya kwenye indawo,” kusho uMngadi.

Uthe baze baya emsebenzini beyombheka lapho bafike bashaqeka bethola ukuthi akaziwa futhi sekunesikhathi agcina khona.

“Ubejwayele ukushintsha izinombolo zocingo atholakala kuzo ngakho besingaxwayi uma engatholakali. Ngangimgcine ngoFebhuwari mina kodwa unkosikazi wami naye unina wengane bamgcina ngoMashi. Ngiyile emsebenzini wakhe ngabuza ukuthi bamgcina nini, yilapho kwavela khona ukuthi nabo bamgcina ngoMashi. Bebezitshela ukuthi usekhaya,” kusho uMngadi.

Uthe sebeke bakhanyisa namakhandlela kulandela ukutshelwa omunye oyisihlobo ukuthi usemakhazeni.

“Sathola umbiko ukuthi usemakhazeni sabe sesikhanyisa amakhandlela sizitshela ukuthi ushonile. Sithe sesiyombheka sihamba namaphoyisa sathola ukuthi akuyena. Amakhandlela safike sawacima ekhaya. Esikufunayo manje ukuba simthole noma ngabe ukephi, noma ngabe usesimeni esinjani kasinendaba,” kusho uMngadi.

Amaphoyisa aseMlaza avule icala lokulahleka komuntu, kanti uphenyo lusaqhubeka.

Kunxuswa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngoMsimango athinte amaphoyisa aseduze.

I-ANC ifolosa ngowagwetshwa eNquthu

$
0
0

I-ANC kumasipala waseNquthu ifolosa ngomholi owagwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili eyalengiswa ngamacala enkohlakalo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-ANC kumasipala waseNquthu ifolosa ngomholi owagwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili eyalengiswa ngamacala enkohlakalo.

UMnuz Lucky Moloi wagwetshwa ngo-2013 yinkantolo yaseMgungu-ndlovu ngecala elalithinta u-R200 000 okuthiwa wagwazelwa ngawo ukuze kuthengwe ibhilidi likamasipala waseMgungu-ndlovu ngo-2003, elabiza u-R6.7 million.

UMoloi wayegcine edalule ukuthi icala lakhe uzolidlulisa ukuze aphikisane nesinqumo kodwa izolo unqabile ukuphawula ngalokho.

Ezinye izinsolo ezavela ezokuthi uMoloi wahlangana nomkakhe ngaphambi kokuba bashade, uNkk Bongi Sithole-Moloi (osenguNgqongqoshe wezobuCiko , amaSiko nezeMidlalo), bakhwabanisa u-R1.5 million owawuqondiswe ohlelweni lokuthuthukisa osomabhizinisi abamnyama (BEE).

Le mali kuthiwa bayifaka kwi-account kaMoloi nokwalandela ngokuthi bashade.

Ngaleso sikhathi uMoloi wayeseyikhansela le-ANC eMgungundlovu kanti umkakhe uNkk Sithole Moloi wayeyiMeya eMgungundlovu kodwa wagcina exoshwe yiqembu lakhe esikhundleni sobuMeya ngo-2008.

“Awuwazi yini ama-Ethics? Awazi ukuthi thina sikhulunyelwa i-ANC lapha esifundazweni okuyiyo okumele uyithinte. Khuluma ne-ANC ngoba mina akukho engizokusho,” kusho uMoloi ngolaka ethintwa .

Kuleli cala uMoloi waboshwa noMnuz Alpha Shelembe nonkosikazi kaShelembe uJoyfull, udadewabo kaShelembe uNksz Nelisiwe nomqaphi kaShelembe kodwa bona baliwina icala.

UMoloi wagcina edlelwe nezimoto ezintathu.

USihlalo we-ANC eNkosi Bhambatha Region, uMnuz Linda Ngubane uthe uMoloi bafolosa ngaye ohlwini lwamakhansela abo aseNquthu kodwa abakwazi okuningi ngamacala akhe.

USihlalo we-Independent Electoral Commission KwaZulu-Natal, uMnuz Mawethu Mosery, uthe umuntu uyavumeleka ukungenela ukhetho uma inkantolo ilengise isigwebo sakhe noma yamhlawulisa.


Abe-EFF bagasele kwaSABC |bekhala ngomsakazi

$
0
0

Bangene nezicabha abaholi be-EFF ezindlini zokusakaza kwaSABC eThekwini befuna iziphathimandla zihlangane nabo ngenkani.

|||

MLUNGISI GUMEDE noCELANI SIKHAKHANE

BANGENE nezicabha abaholi be-EFF ezindlini zokusakaza kwaSABC eThekwini izolo befuna iziphathimandla zihlangane nabo ngenkani ukuze kuxoxiswane ngendaba kaZama Ngcobo owethula uhlelo iVuka Mzansi Breakfast Show oKhozini FM.

Kugcine kuphoqeleka ukuthi kubizwe amaphoyisa ngenxa yabaholi abayisikhombisa be-EFF abagasele emahhovisi asemgwaqeni u-KE Masinga bevutha bengabaselwe bethi bafuna uZama aphume aphele emsakazweni.

UMnuz Mthandeni Zungu, we-EFF eThekwini, uthe bebengafuni ukuba iziphathimandla zoKhozi zikhulume nabo ngaphandle kwebhilidi njengoba zona bezicele kanjalo.

“Sigcine sikwazile ukungena savumelana saseshwa kwase kusayinwa ukuthi singene. Sifike phezulu ebhilidini sahlangana noZandile Tembe sabonisana ukuthi akube nomhlangano ohlelekile ozoba ngoLwesithathu oluzayo ngehora leshumi ekuseni. Sifuna lolu daba lulungiswe ngoba ngeke sithule abantu abafana noZama Ngcobo besebenzisa umsakazo womphakathi ukufeza izinhloso zabo zepolitiki,” kusho uZungu.

UZama, owethula iVuka Mzansi noSipho “Sgqemeza” Mbatha, ngoMsombuluko uhlasele uMalema wathi usengumuntu omusha kodwa akakaze ayenzele lutho intsha.

Okhulumela iSABC, uMnuz Kaizer Kganyago, uthe umuntu onesikhalo ngento eyenzeke emoyeni kumele abikele iBroadcasting Complaints Commission of SA (BCCSA) yona ephenyayo bese ikhipha isinqumo.

Uthe kuwumsebenzi we-BCCSA ukubheka izikhalo ngezinto ezenzeke emisakazweni.

“Thina sibe sesithatha izinyathelo ngemuva kokuzwa isinqumo se-BCCSA,” kusho uKganyago.

ISABC isanda kumemezela ukuthi iyabavala abasakazi bayo ukuthi baphawule ezinkundleni zokuxhumana ngezinto ezithinta ezepolitiki.

Le nhlangano esakaza ngomoya yaphinde yamemezela ukuthi ayifuni abasakazi bakhulume nosopolitiki yathi lokho kumele kwenziwe abeziko lezindaba kuphela.

‘Ngizimisele ukuthatha’

$
0
0

USIHLALO we-ANC eThekwini, uNkk Zandile Gumede uthi usekulungele ukuba yiMeya kaMasipala weTheku futhi akaboni ukuthi yini ezomehlula uma ethatha lesi sikhundla njengomuntu wesifazane ozoba ngowokuqala ukuhola lo mkhandlu omkhulukazi nonesabelo sika-R41.6 billion

|||

CELANI SIKHAKHANE

USIHLALO we-ANC eThekwini, uNkk Zandile Gumede uthi usekulungele ukuba yiMeya kaMasipala weTheku futhi akaboni ukuthi yini ezomehlula uma ethatha lesi sikhundla njengomuntu wesifazane ozoba ngowokuqala ukuhola lo mkhandlu omkhulukazi nonesabelo sika-R41.6 billion.

UNkk Gumede ukusho lokhu izolo ngemuva kokukhuluma nentsha emcimbini obuseNanda, enkundleni yezemidlalo iJL Dube.

“Sengikulungele ukuba yiMeya yeTheku futhi lokho kuyisifiso se-ANCYL efuna ngithathe lesi sikhundla ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya. Ngaphandle nje kwalokho, uma i-ANC ithatha isinqumo sokuba ingijube njengeMeya kuhle ngikucacise ukuthi ngizimisele ukuzithatha izintambo. Anginankinga nalokho. Okunye, nginezinhlelo enginazo zokufukula umnotho nokulungisa indaba yamabhasi, okuyiyo eyinkinga kakhulu eThekwini,” kusho uNkk Gumede.

Ubuye waphawula ngendaba kaNkk Nomusa Dube Ncube, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, okunamahlebezi okuthi i-ANC eLuthuli House ifuna kube nguye ozothatha izintambo.

UNkk Gumede uthe okokuqala uNkk Dube-Ncube akekho ohlwini lwamakhansela eTheku, ngakho akaboni ukuthi uKhongolose ungazihlupha ngokukhuluma indaba esahambe ikhulunywa kodwa engenasisekelo.

Uthe uma i-ANC ijuba uNkk Dube-Ncube eThekwini angeke abe nayo inkinga ngoba kwaKhongolose bayahlonipha balalele isinqumo esisuke sesithathiwe.

Ethula inkulumo kubantu uthe labo asebeqoke ukuyozimela njengamakhansela omphakathi bayafana nezimbongolo ngoba bacabanga ukuthi bazolandelwa ngabantu ngisho sebephume kuKhongolose. Uthe laba bantu asebengenela ukhetho ngokuzimela ngoba becasulwe wukungaqokwa ku-ANC bayafana nomuntu wesifazane ofuna ukuncelisa izingane ibele elimuncu.

UNkk Gumede, ungowesifazane wokuqala ukuba uSihlalo we-ANC eThekwini, nokuyinto ethathwa njengomlando.

Uthathe izintambo kuDkt Sbongiseni Dhlomo yena owayethathe kuMnuz John Mchunu, ongasekho, naye owayengene ezicathulweni zikaMnuz Bheki Cele.

Kubona bonke laba baholi asebeke bahola iTheku ngaphambi kwakhe, akukho noyedwa oseke waba yiMeya kanti uma egcina eqokiwe kuyobe kungumlando ukuthi uMkhandlu weTheku uholwe uSihlalo we-ANC esifundeni sakhona.

UNkk Gumede uthembise intsha ukuthi njengoba kuzongena ubuholi obusha kuMasipala weTheku, iningi intsha ezoba ngamakhansela njengoba ohlwini benentsha engaphezulu kuka-20 uma kuqhathaniswa naphambilini lapho obekunamakhansela amathathu kuphela ayintsha.

UNkk Gumede uke waba nguSihlalo weSACP esifundeni iThulani Ncwane. UMnuz James Nxumalo, oyiMeya, usephumele obala ukuthi akasabuyeli eThekwini njengekhansela kanti i-ANC namaKhomanisi sebevumelene ukuthi ajutshwe njengelungu lesiShayamthetho saseKZN.

UZuma ukhuza intsha ‘ngezitokofela zocansi’

$
0
0

UKHUZE ibhadi uMengameli Jacob Zuma emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha ngabantu abagqugquzela ukuziphatha budlabha kwentsha baze benze nemicimbi egqugquzela ukuya ocansini

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UKHUZE ibhadi uMengameli Jacob Zuma emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha ngabantu abagqugquzela ukuziphatha budlabha kwentsha baze benze nemicimbi egqugquzela ukuya ocansini.

Emcimbini obuse-Orlando Stadium, eSoweto, uZuma ukhuze wababaza ngokuthi kunemicimbi ebizwa ngezitokofela lapho kucwilwa khona otshwaleni kuze kube ‘nendali’ yocansi kuyo.

Ubekhuluma ngomcimbi oke wasusa umsindo obizwa ngeMavuso oba sePitoli lapho kuthiwa khona kuhlanganwa estokofeleni bese kumenyezelwa ukuthi intengo yocansi ngalolo suku imalini.

Kuthiwa abesilisa babe sebezikhethela abesifazane abazobathengela utshwala bese beya nabo ocansini.

UZuma uthe yizinto ezinjengalezi ezibulala intsha nesizwe kanti abantu kumele bapheze ukwenza izinto ezizoholela ekutheni intsha icwile ophuzweni nasezidakamizweni.

“Hhayi bo, kanti liyafa izwe sihleli nje! Wake wezwaphi kuthiwa kunephathi yocansi? Wake wayizwaphi into enjalo?” kubuza uZuma ekhuza ibhadi emcimbini woSuku lweNtsha obekugujwa kuwo iminyaka engu-40 kukhunjulwa intsha yango-1976 eyagcwala imigwaqo eSoweto ilwa iphikisana nokufunda ngolimi lwesiBhunu.

Uthe intsha ikakhulukazi eyabesifazane kumele ivikelwe ezintweni ezinjengalezi njengoba zingaba nomthelela nasekubhebhethekeni kwegciwane lengculazi.

UZuma ubekhuluma nezinkulungwane zabantu abasha ababuye bathokozela umculo wezihlabani okubalwa kuzo uDr Malinga, Sipho “Hotstix” Mabuse, Kholeka, zahara nabanye.

Abanye bebengaphandle kwenkundla emgwaqweni uMooki lapho bebebhiyoza khona bephethe nezingqwembe ezikhuluma ngokuntuleka kwemisebenzi.

Ibaxakile inkinga yokuphela kukagesi

$
0
0

Abasazi ukuthi kumele bakhale kubani ozobezwa abantu basesigcemeni sakwa-K KwaMashu osekuphele amasonto amathathu becinyelwa ugesi ngo-6 ntambama uze ubuye ngabo 3 ekuseni.

|||

BONISWA MOHALE

ABASAZI ukuthi kumele bakhale kubani ozobezwa abantu basesigcemeni sakwa-K KwaMashu osekuphele amasonto amathathu becinyelwa ugesi ngo-6 ntambama uze ubuye ngabo 3 ekuseni.

Isolezwe lithole ukuthi ugesi ucinywa ngaphandle kwesixwayiso futhi uma abantu beshayela ophikweni lukagesi kuMasipala weTheku abayitholi impendulo ecacile yokucinywa kwawo.

Ugesi uphela emigwaqweni uNkonjane, Ndlanzi, Kwehle, Hlokohloko, Landa, Vukuthu nakweminye.

UNkk Maria Mtolo (65), oyisakhamuzi sakwa-K, utshele Isolezwe ukuthi njalo ntambama sebeyazi ukuthi ugesi uzophela, kufanele bacime impahla kagesi ngoba uma usubuya kuyenzeka ushise imisakazo namathelevishini.

“Siphila kabuhlungu yilo gesi ocinywa ngaphandle kwesixwayiso zonke izinsuku silala singenawo ugesi. Sesidla ukudla okubandayo sihlalele nasovalweni lokuthi izigebengu zingasihlasela,” kusho uNkk Mtolo.

Amazwi akhe ananelwe nguNkk Virginia Shezi (70) othe uhlala nabazukulu okufanele alale eba-ayinele imifaniswano yesikole kodwa manje usephoqeleka ukuthi apheke emini, acime amaplaki kagesi ngoba akwaziwa ukuthi ucima nini.

“Asisazi ukuthi kumele senzenjani manje ngoba umyeni wami ubashayela ucingo zonke izinsuku kwagesi bagcine ngokuthi bazobheka kodwa bangenzi lutho.

“Sekufanele ngivuke ekuseni ukuze ngi-ayinele abazukulu bami. Okokudla-ke angikuphathi ngoba kwesinye isikhathi sithi sisazoqala ukupheka ugesi uphele, izingane zidla amasi noma zilale zilambile. Siyacela bandla uMasipala ulusukumele udaba lwethu ngoba sifelwa nayizimpahla zikagesi esingakhokhelwa ngazo uma sibika ukuthi zifile,” kusho uNkk Shezi.

UMnuz Bongani Buthelezi (50) utshele Isolezwe ukuthi ufelwe yikhompyutha ngenxa yokucinywa kukagesi kanti ngisho ebusuku kufanele aye esitobhini ayohlangabeza unkosikazi wakhe ophuma emsebenzini ngabo-9 ebusuku.

UMnuz Lindokuhle Khali (31) ukhale ngokuthi ukuphela kukagesi kubeka impilo yabo engcupheni ngoba baphucwa amaselula bagetshengwe yizigebengu ezisebenzisa ithuba lokuthi ugesi awukho.

Ubuye wathi izigebengu ziphinde zintshontshe izimoto ngoba kumnyama kwa-K.

UNksz Tozi Mthethwa oyiNhloko yoPhiko lwezokuXhumana kuMasipala weTheku uthe bayalwazi udaba lokucima kukagesi KwaMashu.

“Isimo sezulu yisona esenza kube nezinkinga kugesi esingakwazi ukuzilawula nathi. Ukushisa okukhulu yikhona okudale izinkinga.

“Siyaxolisa ngokuphazamiseka kukagesi senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu banogesi ongacimi njalo. Siphinde sathola ukuthi izikhalo zakamuva ngokucinywa kukagesi bezidalwa wukusha kwe-transformer esesiyilungisile,” kusho uNksz Mthethwa.

UMthembu uzoncelisa amawele

$
0
0

UMnuz Themba Mthembu uthi ngeke agudluke esihlalweni sakhe sokuhola amaKhomanisi.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UNOBHALA weSACP KwaZulu-Natal osanda kuqokelwa isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezoLimo kuhulumeni waKwaZulu-Natal uthi ngeke agudluke esihlalweni sakhe sokuhola amaKhomanisi ngoba akukho okushayisana nomsebenzi wakhe awenza kuhulumeni.

UMnuz Themba Mthembu ukusho lokhu ephawula ngomlando wakhe kwezombusazwe nezinhlelo anazo ngomnyango aqokelwe kuwo ngemuva kokukhishwa kukaMnuz Cyril Xaba.

“Empeleni uma uMengameli Jacob Zuma ekwazi ukuhola i-ANC ngempumelelo aphinde aphathe nezwe ngaphandle kwezinkinga, ngakho yini mina engangihlula ukuphatha umnyango ngiphinde ngihole amaKhomanisi esifundazweni? Okubalulekile ngukuthi uhlele kahle izinto zakho kungabi bikho okusala ngemuva kodwa yonke le misebenzi kufanele uyithathe njengebaluleke ngokufanayo. Yingakho ngingayiboni inkinga yokuba ngisule ekubeni nguNobhala weSACP ngenxa yokuthi sengingungqongqoshe,” kusho uMthembu.

Lo mholi usehlale kulesi sikhundla kusuka ngo-2000 kanti kuzona zonke izingqungquthela ukhethwa ngaphandle kokuphikiswa.

Uzalelwe eNanda ngo-Okthoba 19, 1958 wakhulela KwaMashu nokuyilapho eqale khona imfundo yamabanga aphansi waze waphothula u-matric khona.

Unina wayengumsebenzi wasezindlini kanti uyise yena wayegada izinja zabelungu emajalidini.

Uqale ukungena kwezombusazwe esefunda emabangeni aphezulu esikoleni nalapho ethi okwabagqugquzela kakhulu kwaba yizibhelu zango-1976 zabafundi baseSoweto ababephikisana nokufundiswa ngolimi lwesiBhunu ngaleso sikhathi.

“Ngaleso sikhathi zazingekho izinhlangano ezicacile zabafundi ezazihola umzabalazo, yingakho uthola nokuthi ayikho inhlangano yabafundi okuthiwa yayihola umbhikisho wango-1976. Nalezi esasizijoyina ezazikhona zazihlala isikhashana ziphele ngoba abafundi babengafuni zigqame ngoba besaba ukulandelwa ngamaphoyisa engcindezelo,” kusho uMthembu.

Ngemuva kokuphothula u-matric wabe esethola umsebenzi kwaHullets nalapho aqeqeshwa khona njengeSugar Technologist.

Uhlale kule nkampani kwaze kwaba wu-1997 nokwalandela ngokuthi adlulele enkampanini ekhiqiza umanyolo eRichards Bay nalapho asebenze khona wasuka lapho wasebenza kuMgeni Water, nokuyilapho aqokelwe khona ekuholeni inyunyana iNehawu.

Uke waba sebuholini be-ANC ngesikhathi iTheku lisenesifunda okwakuthiwa yiDurban West ngemuva kokuba sezinhlakeni ezahlukene zobuholi bayo nobeSACP aqala esehola igatsha layo.

Ngo-2009 waqokelwa ukuba yilungu lesiShayamthetho wenziwa usihlalo wekomiti lomnyango asewuphethe wezoLimo kwaze kwaba uba wungqongqoshe.

UMthembu uthe kumanje unezinhlelo zokuthi lo mnyango awenze ubhekane ngqo nabantu ukuze kuphele indaba yokuthi ubhekele izidingo zabalimi kuphela.

Uthe kuningi okuhle okwenziwe nguXaba azoqhubeka nakho. Uveze nokuthi uzoqala uhlelo lokuthi abasebenzi baqale babonakale emiphakathini njengezishoshovu zezolimo.

Uthembise ukuthi yonke imibiko ethinta inkohlakalo ufuna ibekwe obala kanti lokho uzokukhuluma nabaholi bakhe ukuze kuphele indaba yokubonakala kwalo mnyango njengesizinda senkohlakalo.

UMthembu usakhala ngokukhishwa kukaXaba waphinde waveza nokuthi nakuba esamukele lesi sikhundla kodwa abakhohlwe abacabanga ukuthi uzothula ngezinkinga ezikhona kuhulumeni naku-ANC.

Ubuye wathinta udaba lokungahlali kongqongqoshe kulo mnyango wathi naye akalazi ikusasa ukuthi limphatheleni ngakho akuyona into angakhuluma ngayo.

Bayisithupha sebebonke ongqongqoshe asebexoshiwe kulo mnyango nokwenza uthathwe njengesango lokukhipha umuntu osuke engasafuneki kuhulumeni nakwezombusazwe.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>