Bamshiyela umyalezo wezinsongo esikoleni sakhe uthishanhloko waseVilla Maria Primary.
|||LUNGI LANGA
BAMSHIYELA umyalezo wezinsongo esikoleni sakhe uthishanhloko waseVilla Maria Primary, uNkk Nokuthula Magwanyana, owatholwa emotweni yakhe ebulewe ngesihluku ngokuklajwa nokugwazwa.
Enkonzweni yakhe yesikhumbuzo izolo ehholo lomphakathi eMaqongqo, kuvele ukuthi ngesonto elandulela abulawa ngalo yena nabanye bazithela phezu kwemibhalo eyayilotshwe ezindongeni zesikole ngombala obomvu sagazi ithi akashiye.
Imibhalo yayiphelezelwa ngamakhandlela abomvu ayexhonywe phansi.
USihlalo weNatu eMgungundlovu, uMnuz Mzwandile Nkabini, obekhuluma enkonzweni, uthe uNkk Magwanyana wakubika lokhu kubona nasezikhulwini zomnyango nasemaphoyiseni.
“Sazitshela ukuthi ngabantu abagangayo. Sazitshela ukuthi ngeke abantu basho uma bezokwenza into enje. Naye wayebona ngendlela efanayo. Kuthe uma sibona kuqhubeka isonto kungenzeki lutho sakhululeka kanti kuzokwenzeka,” kusho uNkabini.
Uthe ngabe kungcono ukube umnyango wawenze uphenyo ngemuva kokutholakaka kwemibhalo.
BeyiNatu kabeneme ngokufakwa konogada emuva kwendaba kulesi sikole.
Uthe bafisa sengathi ngabe kwakwenziwe okuthile ngaphambi kokubulawa kukaNkk Magwanyana.
Uphinde wazwakalisa ukungenami ngokuthi umnyango uthi ubheke uphenyo lwamaphoyisa kodwa kawukhulumi lutho ngokwenza olwawo uphenyo yize kwaziwa ukuthi uNkk Magwanyana wayekade ethole ubunzima ngesikhathi eqashwa njengothishanhloko.
UMnuz Thulasizwe Mvubu, obemele umqondisi jikelele wezeMfundo, uthe umnyango sewuthumele inkampani yonogada esikole emuva kokubulawa kukaNkk Magwanyana.
“Ngike ngezwa ngoweSGB eveza udaba lokuphepha esikoleni namuhla. Sithe uma sivakashela esikoleni safike sathola ukuthi othisha abazizwa bephephile. Kube sekwenziwa uhlelo oluyisipesheli lokuthi kube khona onogada esikoleni. Lokhu kuzoba yisikhashana ngoba kuzoba yizinyanga ezimbili kuphela,” kusho uMvubu.
Uthe yize benza imizamo yokuthi kuphephe esikoleni bayazi ukuthi ngeke bakuqinisekise ukuphepha.
“Singazama nje kodwa ngeke sikuqinisekise ukuphepha. Ongaphezulu kuphela oqinisekisa ukuphepha,” kusho uMvubu.
Uthe babeke uthisha obesebenza noNkk Magwanyana ukuthi abambe isikhundla sokuhola isikole. Uthisha bamncengile yize ebekhala ethi akafuni kube nguye.
Othisha abebesebenza noMagwanyana nabanye abebesebenzela eMgungundlovu namaphethelo bamchaze njengomuntu obewuthanda umsebenzi wakhe, enobuhlakani futhi enothando lwezingane.
UNkk Bonisiwe Sikhosana, obambile, uthe bebesebenzisana kahle noNkk Magwanyana.
Uthe bebebambisene ngangokuthi emuva kokubhalwa kwezindonga, bebevame ukukhuleka ehhovisi lakhe.
“Besivame ukuthi singene ehhovisi lakhe sikhuleke. Ubethanda ukuthi uma sikhuleka sibambane ngezandla sobahlanu siyithimba ebelisizana naye. Ngelinye ilanga ngesikhathi sikhuleka usitshelile ukuthi akasoli muntu kithina ngale nto,” kusho uNkk Sikhosana.
UNkk Magwanyana kulindeleke ukuthi afihlwe ngoMgqibelo umndeni usazoqinisekisa amathuna azofihlelwa kuwo.