Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Abahlaziyi noSuku lweNkululeko

$
0
0

Ngomsombuluko iNingizimu Afrika izobe igubha uSuku lweNkululeko njengoba kuhlangana iminyaka engu-21 kwaphuma uhulumeni wengcindezelo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

NGOMSOMBULUKO iNingizimu Afrika izobe igubha uSuku lweNkululeko njengoba kuhlangana iminyaka engu-21 kwaphuma uhulumeni wengcindezelo. Kodwa lolu suku luzobe lugujwa ngesikhathi esinzima lapho izwe ligubuzelwe ifu elimnyama ngenxa yezigameko zokuhlaselwa kwabokufika.

NgoMsombuluko uMengameli Jacob Zuma uzobe ethula inkulumo ePitoli, ngesikhathi abaholi bezifundazwe bezobe behlangene ezingxenyeni ezahlukene zezwe.

Ngo-Ephreli 27, 1994 abantu baseNingizimu Afrika ababecindezelwe bavota okokuqala emlandweni wezwe, kwase kukhethwa uMnuz Nelson Mandela owaba nguMengameli wokuqala okhethwe ngentando yabantu. UMandela waphatha ihlandla elilodwa kwase kulandela uMnuz Thabo Mbeki emuva kokhetho luka-1999.

Yize uMbeki aphatha kodwa akaliqedanga ihlandla lesibili njengoba ehliswe esikhundleni yi-ANC ngo-2008 kwafakwa uMnuz Kgalema Motlanthe kwaze kwaba kuyavotwa ngo-2009. Emuva kokhetho izintambo zathathwa uMengameli Jacob Zuma osaphethe namanje.

Abahlaziyi bathi lolu suku lwalo nyaka akulona elokuthi kube nemigidi ngoba lufike ngesikhathi iNingizimu Afrika ivivinywa ngenxa yobugebengu, ukushaywa kwabokufika, indlala , inkohlakalo nokunye.

USolwazi Somadoda Fikeni, uthe yisikhathi sokuthi uhulumeni nabo bonke abaholi babheke amaphutha akhona ukuthi angalungiswa kanjani, nokuthi izinkinga ezikhona zidalwe yini kunokuba kugxilwe ezinkulumeni nemidanso okungeke kusize ngalutho.

“Isimo sibi, amaqembu ezepolitiki anoqhekeko oluyisimanga, abaholi abezwani bebodwa. Inhlangano ebusayo i-ANC isesimeni lapho ithatha isikhathi ukulungisa izinto ezisuke sezonakele njengoba kwenzeka kwa-SABC, Eskom kube indaba kaNksz Dina Pule nezinye obekumele zisukunyelwe ngokushesha,” kusho uFikeni.

UDkt Bheki Mngomezulu naye uhambe emazwini kaFikeni wathi isikhathi sokuba uhulumeni azinuke amakhwapha ngezinkinga ezikhona kuleli abheke indlela angalungisa ngayo lawo maphutha asekhona.

“Lolu suku kulungile lugujwe ngoba umongo walo ukuba kujatshulelwe ukuthi saphuma ebugqileni bengcindezelo kodwa kulokhu sibhekene nobunzima nezigameko zokushaywa kwabokufika. Yingakho kubalulekile ukuthi silugubhe ngokuthi sikhumbule iqhaza lamazwe ase-Afrika ayenalo ngesikhathi esilekelela silwa nobandlululo,” kusho uMngomezulu.

Umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo, uthe nakuba kukhona okuhle uhulumeni akwenzile kule minyaka engu-21 ukuze kukhululeke abantu kodwa izimo ezikhona ziyakuphikisa ukuthi kungagujwa lolu suku ngenjabulo.

“Esikhundleni sokuyokwenza imicimbi ezinkundleni zemidlalo kumele kuyiwe kubantu kuyokhulunywa nabo ngoba izinto zonakele. Kumele abaholi benze njengesikhathi sokhetho baphume bengena emzini yabantu balalele izinkinga ezikhungethe umphakathi ngoba le micimbi eba nezikhulumi nobumnandi ayisizi ngalutho,” kusho uKhumalo.

Okunye okukhalisa abahlaziyi ukuthi uhulumeni ube nemicimbi eminingi yokujabula kunokubheka izinkinga zabantu.

Bakhala nangendlela asukumela ngayo izimo ezikhona ukuthi uthatha isikhathi eside nakhona kungayiwa ngqo kulabo bantu abathintekayo kodwa kuyiwe kuthelevishini ngenhloso yokujabulisa amazwe asuke ecasulwa okwenzekayo kunokuba kuxoxwe nabantu.

Kumanje kunemibhikisho ehlukene yokulwa nokuhlaselwa kwabokufika kodwa isikhalo esikhulu esokuthi ayihanjiswa kulezo zindawo ezinalolu dlame kunalokho kwenziwa imilindelo ezindaweni ezisemadolobheni eziqhelelene nalapho kufa khona abantu okuhleli khona labo abathintekayo ngenxa yokuthi kukhona abathola ithuba lokuduma nokuzicebisa.

NgoMsombuluko uSihlalo we-ANC uNksz Baleka Mbete uzobe ekhuluma kwaDukuza, eGroutville, umholi we-EFF uMuz Julius Malema abe seNanda ngaseDube Village, eThekwini kanti uMnuz Vikizitha Mlotshwa we-NFP uzobe eseBergville ku-ward 5, KwaZulu-Natal.


Iminjunju ngowabulala unina wentombi

$
0
0

Yize sekuphele unyaka nezinyanga ezimbili kwabulawa uNksz Thandi Mntungwa kusafana nokuthi kwenzeke izolo emndenini wakhe.

|||

ZANELE MTHETHWA

YIZE sekuphele unyaka nezinyanga ezimbili kwabulawa uNksz Thandi Mntungwa owayengumabhalane e-Oakford Primary School eVerulam, kusafana nokuthi kwenzeke izolo emndenini wakhe ngenxa yeminjunju nokungacaci kwecala.

UNksz Mntungwa waseTafuleni, eNanda wadutshulwa ngoFebhuwari nyakenye phambi kwezingane emagcekeni esikole, kwaboshwa uMnuz Sbongiseni Nyamazane (30) owayeyisoka lendodakazi yakhe uNomathamsanqa.

UNksz Mntungwa washona kusaphele izinsuku ezimbili kunyamalale uNomathamsanqa, isidumbu sakhe esatholakala ngoJuni emahlathini eMt Edgecombe sesonakele. Wanyamalala ekade ephuma enkantolo noNyamazane ababenengane enonyaka, okuthiwa wayemvulele icala lokumhlukumeza.

Emuva kokuboshelwa icala likaNksz Mntungwa umndeni wakhe wawunezinsolo eziqinile zokuthi uyathinteka nasekunyamalaleni kukaNomathamsanqa. Nokho umsolwa waphika ukuthi kukhona akwaziyo ngokunyamalala kukaNomathamsanqa owabuye watholakala eseshonile.

Njengoba kusaphele izinyanga ezimbili kudlule uFebhuwari ashona ngawo uNksz Mntungwa, umndeni wakhe uthi buqale phansi ubuhlungu benhliziyo. Inyanga ashona ngayo kwakuyinyanga azalwa ngayo noyise uMnuz Benedictos Mntungwa (79) nodadewabo uBongi.

UNksz Mntungwa washona umndeni wakhe ukade wenze isiphihli somcimbi wokugubha ukuzalwa kwawo ngempelasonto eyandulela ukubulawa kwakhe.

Icala likaNyamazane selingene kaningi enkantolo, lithanyelwa yizinkumbi zomphakathi obufaka ingcindezi kwabomthetho ukuthi baqinise isandla kumsolwa.

IMantshi uNkk Visha Naidoo yagcina imnqabele uNyamazane ibheyili imsola ngokuba yingozi emphakathini. NgoNovemba icala laphinde lahlehla ngenxa yokuthi uNyamazane walaxazwa wummeli.

Kulindeleke ukuthi umsolwa aphinde avele enkantolo ngoMeyi 14 emuva kokuvela ngoMashi 6 nakhona wanqatshelwa ibheyili.

UMnuz Mthandeni Mntungwa okhulumela umndeni uthe babethi kuyoshaya lesi sikhathi sekucaca ngomsolwa.

“Kubuhlungu futhi akulula ukuthi kusheshe kudlule icala lingakafinyeleli esiphethweni. Okunzima kakhulu wukuthi akukacaci ukuthi icala libhekephi futhi elikaNomathamsanqa limile. Sisazolandela kubaseshi ukuthi kwenzekani ngalo ngoba ayisakhulunywa elayo,” kusho yena.

Uthe batshelwe ukuthi ngenyanga ezayo icala likaNksz Mntungwa lizoqala ukuqulwa eNkantolo eNkulu eThekwini.

Umndeni wakwaMntungwa waze wazibambela mathupha ecaleni uzama ukuthungatha isidumbu sikaNomathamsanqa, wafuna nabaseshi abazimele. Yiwona owazifunela nabazohlola isidumbu umphumela owagcina uqinisekisile ukuthi ngesikaNomathamsanqa. Yize uMntungwa ethi ukudonsa kwecala kuyabagulisa, uthi basamile ekutheni umsolwa kumele ajeze ngawo womabili amacala.

Uzimisele ngokulwa oweSABC

$
0
0

UMnuz Hlaudi Motsoeneng uveze ukuthi uzofaka isicelo sokuthi sibuyekezwe isinqumo sokuthi amiswe esikhundleni.

|||

EMSIE FERREIRA

ISIKHULU sakwaSABC uMnuz Hlaudi Motsoeneng izolo siveze ukuthi sizofaka isicelo sokuthi sibuyekezwe isinqumo sesikhashana seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape sokuthi amiswe esikhundleni.

Ummeli wakhe, uMnuz Zola Majavu, uthe lokhu kuchaza ukuthi uMotsoeneng, kungenzeka abe esebuyile emsebenzini namuhla noma ngale mpelasonto.

Kulo mzuliswano wakamuva wasezinkantolo phakathi kukaMotsoeneng neDemocratic Alliance, iJaji u-Ashton Schippers livumelene nale nhlangano ephikisayo ukuthi uMotsoeneng amiswe kusalindelwe isicelo sakhe asifaka sokubuyekezwa kwesinqumo sokuqala ngo-Okthoba 24 ngonyaka odlule.

Ngaleso sikhathi, uSchippers waphakamisa ukuthi iSABC kufanele ilandele imiyalelo eyethulwa embikweni woMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela owathi uMotsoeneng kufanele amiswe futhi aqondiswe ubugwegwe ngaphakathi enhlanganweni esakazela umphakathi.

Leso sinqumo sadala umsindo ngoba ukuphawula kwejaji kokuthi umbiko woMvikeli woMphakathi awukwazi ukulinganiswa nezinqumo zenkantolo, yize izinhlaka zikahulumeni kufanele ziyilandele le miyalelo ngaphandle uma kunezizathu ezicacile zokuthi zingalandelwa.

IDA isamukele lesi sinqumo sayizolo njengokunqoba kwenkolelo yale nhlangano ukuthi izinqumo zoMvikeli woMphakathi zingujuqu.

“Kusanelisile kakhulu lokhu. Lesi sinqumo, sigcizelela ukuthi kufanele nakanjani ilandelwe imiyalelo eyakhishwa wuMvikeli woMphakathi,” kusho uMnuz James Selfe, usihlalo weFederal Executive yeDA.

Kodwa, uSelfe uvumile ukuthi uma sekufakwe isicelo sokudluliswa kwesinqumo senkantolo kukaMotsoeneng, lowo mbuzo uzophinde uvele futhi phambi kweNkantolo yokuDluliswa kwamacala.

“Ingakwenza impela lokho kodwa okwamanje isinqumo sesikhashana soMvikeli woMphakathi kuzodingeka ukuthi silandelwe.”

Uthe uma kwenzeka uMotsoeneng engasilaleli isinqumo sejaji uSchippers abuyele emsebenzini uyobe ephula umyalelo wenkantolo.

Kodwa uMajavu uthe uMotsoeneng unelungelo lokufaka isicelo sokuthi isinqumo sidluliswe futhi uma sesifakiwe isicelo isinqumo sesikhashana asibe sisasebenza kusalindwe umphumela.

“Sizowafaka ngokushesha amaphepha esicelo sokudluliswa kwesinqumo. Akuzosithatha isikhathi eside. Ngakho-ke asithi siyawafaka namuhla, umphumela uyoba ngukuthi uzokwazi ukuya emsebenzini kusasa (namuhla).”

Okwamanje, uMotsoeneng akazoya etohweni ukuze angaphuli umyalelo wejaji uSchippers, usho kanje.

Ikhiphe isidumbu impi yabakhelene

$
0
0

Impi yeminyaka ephakathi komakhelwane basePlangweni ngaKwaMakhutha igcine ngokukhipha isidumbu.

|||

BONISWA MOHALE

IMPI yeminyaka ephakathi komakhelwane basePlangweni ngaKwaMakhutha igcine ngokukhipha isidumbu sendodana yakwaMseleku.

Ngokuthola kweSolezwe kubantu bendawo kuthiwa abakwaMseleku nomakhelwane babo bakwaNzama kade baqala ukungaboni ngaso linye bevulelana amacala emaphoyiseni kubangwa ukuthi kukhona ababhinqa abanye. Kuthiwa izinto ziqale ukushuba ngo-2013 nangonyaka odlule ngesikhathi abakwaNzama beqala ukushaya izingane zakwamakhelwane.

Isolezwe liye kwaMseleku izolo lafica uNkk Ntombifuthi Mseleku othe uzizwa engaphephile njengoba ababulale indodana yakhe besazicanasela ngokukhululeka endaweni.

“Kuyiqiniso ukuthi kade sabhekana ngeziqu zamehlo nomakhelwane bethu bakwaNzama kodwa ngeSonto lePhasika isimo sishintshe kakhulu njengoba bagwaza ingane yami uLindelani (Mseleku 30) bambulala. Ubaba wakhona onguMbhishobhi webandla laseZayoni wamgenca ngembazo noma eseshonile ngathi noma sengiyomhudula emgwaqweni wangigenca nami,” kusho uNkk Mseleku.

Uthe indodana yakhe igwazwa nje kwakusanda kugwaza umngani wayo owayeyivakashele. Uthi ngesikhathi iyobuza ukuthi ugwazelwani umngani wayo bajikela kuyona bayigwaza yashona.

“Ngabizwa ngomakhelwane bethi angizobona umhlola ngafica uLindelani exhonxwa ngezintshumentshu ngumfana wakwaNzama kwagcina kumenele. Ngaya komsusa emgwaqweni ngambeka eceleni kodwa ngathi ngiphenduka uNzama wangishayisa ngemoto, wangiklabha ngobhushu esinqeni. Ngisamangazwe yilokho wangenela ingane yami wayiklabha ekhanda. Umyeni wami wayeyobiza amaphoyisa ngoba kudala sasiwafonela amaphoyisa aKwaMakhutha engafiki kwaze kwafika awaseManzimtoti,” kusho uNkk Mseleku.

Ngemibiko yabantu basePlangweni ethi kudala baqala ukungezwani nabakwaNzama uvumile wathi sekukathathu amaphoyisa ebacela ukuthi baxoxe uma bevulelene amacala ngempela kuxoxwe kodwa baphinde basukele izingane zakhe abakwaNzama.

Uveze ukuthi bafika ngo-1988 KwaMakhutha behambe beqasha baze bagcina sebethenge indawo ePlangweni ngo-1997 bakha ngo-1999. Uthi badabuka eMzumbe kanti abakwaNzama uthi badabuka eNdwedwe ngakho akazi ukuthi babangani.

Izinkinga uthi zaqala ngo-2012 emuva kokushona komuntu owayebadayisele indawo. Kusukela lapho uthi abakaze bahlale ngokuthula.

UMajor Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kukaMseleku (30) owagwazwa washona. Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-17 noMnuz Ruphas Nzama (53) abavele enkantolo ngo-Ephreli 14.

Uvalo kwaDukuza kubulawa usomatekisi

$
0
0

Banovalo osomatekisi baKwaDukuza ngokuthi kungaphinde kuqubuke olunye udlame kulandela ukubulawa komunye usomatekisi.

|||

BONISWA MOHALE

BANOVALO osomatekisi baKwaDukuza ngokuthi kungaphinde kuqubuke olunye udlame kulandela ukubulawa komunye usomatekisi odutshulwe esemzini wakhe oseShayamoya, eShakaskraal.

UMnuz Marandi Mthethwa (35), uchazwe njengomuntu ubeyisilomo embonini yamatekisi futhi aziwa njengendoda elimelayo iqiniso.

Abakhulume neSolezwe bathe bayesaba ukuthi ukubulawa kukaMthethwa kungase kuvuse udlame lwamatekisi KwaZulu-Natal yize bengazi ukuthi bazokhomba bani ngokubulawa kwakhe.

Amatekisi kaMthethwa ebekusoseshini iDolphin Coast oseBallito kanti phambilini wayesebenza kusoseshini waseMandeni.

UMnuz Mdu Tony okhulumela iDolphin Coast Taxi Association uchaze ukudlula emhlabeni kukaMthethwa njengento ebuhlungu.

“Kubuhlungu ukulahlekelwa ngumuntu ngesikhathi lapho sizama ukubuyisana embonini. Asazi ukuthi udutshulwe ngobani futhi akekho esizwe kuthiwa uboshiwe. Siphatheka kabi ngokulahlekelwa ngumfowethu,” kusho u-Tony.

Ukubulawa kukaMthethwa kulandela isigameko sokubulawa komngani wakhe omkhulu uMnuz Dalisu Sangweni.

USangweni oke wasebenza kusoseshini wakwaDukuza kodwa obulawe esesebenza ePinetown, wadutshulwa esekhaya lakhe ngabantu abangaziwa. Bekungakaboshwa muntu ngokubulawa kwakhe ngokusho kwamaphoyisa.

UMthethwa noSangweni bebaziwa ngokuhlale begxeka uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal oholwa uMnuz Willies Mchunu ngokuhluleka ukuxazulula izinkinga ezikhungethe imboni yamatekisi.

Indaba yokubulawa kukaMthethwa noSangweni obekungosomatekisi abadumile kubukeka kungathi ibifihliwe ngoba asikho nesisodwa isikhulu seSantaco noma soMnyango wezokuThutha esike sakhuluma ngabo njengoba kujwayeleke ukuthi kugxekwe ukubulawa kosomatekisi.

UMnuz Kwanele Ncalane wezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal uthe uNgqongqoshe uMnuz Willies Mchunu udumele kakhulu ukuthi kusekhona izigameko zokuhlaselwa kosomatekisi kososeshini abangaphansi kweLembe. Ucele amaphoyisa aluphenyisise udaba lokubulawa kukaMthethwa.

Ubuye wacela abantu ukuba behlise umoya kunikezwe abomthetho isikhathi sokwenza umsebenzi wabo.

Uthe uNgqongqoshe uzojuba ithimba elizosebenza nososeshini ukuze usho uma unezingqinamba odinga ukuxazululelwa zona.

UMajor Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe okwamanje ayaziwa imbangela yokudutshulwa kukaMthethwa wathi kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMhlali kwase kudluliselwa amadokodo ophikweni lobugebengu obuhleliwe eThekwini okuyilona oluqhubeka nophenyo njengoba kungakaboshwa muntu.

Okusha ngomfundi owadatshulwa isisu

$
0
0

Usuvele wazithela ngabandayo umndeni kaPhiliswa Ngidi owabulawa wadatshulwa isisu.

|||

ZANELE MTHETHWA

USUVELE wazithela ngabandayo umndeni kaPhiliswa Ngidi (7) waseMandlakazi oZwathini, owabulawa ngoMashi wadatshulwa isisu njengoba ungayanga enkantolo kuvela umsolwa ngoLwesithathu.

Kucacile izolo ukuthi umndeni wale ngane ebifunda uGrade 2 eSiyoni Primay School, awusenawo umdlandla wokuthamela icala njengoba ngisho unina uNksz Mbali Zungu ebengazi lutho.

Bekungokwesibili icala likamsolwa onguyise kaPhiliswa, uMnuz Vincent Ngidi (30) liphindela enkantolo ngaleli sonto.

Isolezwe likhulume namalungu amathathu omndeni okubalwa nonina wengane, wonke engazi lutho ngecala. Elinye ilungu elingathandanga ukudalulwa lithe bebehlele ukuya enkantolo kodwa kwakhona okwenze bathathe isinqumo sokuyeka. Linqabile ukudalula isizathu sokuthatha isinqumo sokungayi ecaleni.

“Ngeke ngikwazi ukudalula isizathu kodwa kukhona nje okwenzekile, esibone njengomndeni ukuthi singabe sisaya ecaleni. Besingakacacelwa nokuthi icala lisazothethelwa eNsuze yini njengoba kuke kwathiwa selizoya eMgungundlovu,” kusho ilungu lalo mndeni.

Unina kaPhiliswa ongakaze alubhade enkantolo selokhu kwaboshwa uyise wengane yakhe, naye uthe akazi lutho ngecala.

“Kukhona ebengicabanga ukuthi bazoya ekhaya kodwa bangaya. Engathi nabo bebengenaso isiqiniseko ngemininingwane yecala ngoba akekho osibikelayo,” usho kanje.

Uthe bayaxhumana nodadewabo bakamsolwa uma bebuzana impilo kodwa nabo abakhulumi ngecala. Odadewabo bakaNgidi ababekhona emngcwabeni kaPhiliswa, baziqhelelanisa nesenzo asolwa ngaso. Selokhu aboshwa uNgidi abakaze babonakale ngisho enkantolo.

Kusanda kwenzeka isigameko sokubulawa kukaPhiliswa umndeni wakuveza ukuthi uyamesaba umsolwa okuthiwa ubeyiphoyisa eNdwedwe. Ngisho kukhulunywa namalungu abengafuni kudalulwe amagama, esaba ukuthi umsolwa uzowenza isilo sengubo.

Kuthiwa uNgidi ubevele engezwani nonina wengane kubangwa yona. Ingane yaqala ukuhlala nonina ngoDisemba emuva kokuba isike yagwazwa ihlala noyise. Nalapho umndeni wasola uyise njengoba namanje kungacaci ukuthi ingane yalimala kanjani yize icala lavulwa.

UNgidi useke wabanjwa ezama ukuzibulala esitokisini muva nje.

UPhiliswa wabulawa egcekeni kubo ebusuku, emuva kokugasela kwamadoda ayehlome ngemimese, amthatha endlini ayomnquma intamo amdabula nesisu.

Kuthiwa icala liyaqhubeka kanti umsolwa akakayitholi ibheyili.

Bashise amathayi befuna isinxephezelo kwa-Apollo

$
0
0

Iqulu labantu ababesebenza e-Apollo Tyres Pty abadilizwa ngonyaka odlule izolo bagasele enkampanini yabo bafika bashisa amathayi ngaphandle kwamasango.

|||

MLUNGISI GUMEDE

IQULU labantu ababesebenza e-Apollo Tyres Pty (LTD) abadilizwa ngonyaka odlule izolo bagasele enkampanini yabo bafika bashisa amathayi ngaphandle kwamasango befuna u-R20 million abathenjiswa wona wesinxephezelo kulandela ukuxoshwa.

Baqale ngokuba nomhlangano abavumelane kuwona ngokuthi bayoshisa amathayi ngaphandle kwesango le nkampani. Kuze kwabizwa amaphoyisa ngoba bese bephazamisa nokuhamba kwezimoto emgwaqweni.

Bathi bezwe ngandlebenye ukuthi inkampani iyathutha njengoba isivaliwe base bebona ukuthi izohamba ingabanikile imali yabo.

Omele laba basebenzi abadilizwa uMnuz Simiso Mkhize uthe into ebakhathazayo wukuthi inkampani izothutha manje kodwa imali yabo kayiphumile.

“Ngesikhathi sidilizwa emsebenzini kwavunyelwana ngokuthi kukhona uR20 million esizonxeshezelwa ngawo manje sizwa kuthiwa imali izofakwa kwi-trust akhawunti ezosingathwa yinyunyana yethu iNumsa. Thina singabasebenzi asihambisani nalokho sifuna ukuthi imali ifakwe kuma-akhawunti ethu ngqo,” usho kanje.

UMkhize uthe abakaze bezwe kuthiwa inyunyana ikhokhela abasebenzi. Uthe inkampani yabanxephezela ngokuba xosha kodwa kwaba nalo R20 million osele okumele bahlukaniselane wona.

“Abasebenzi okumela bahlukaniselane lemali bangaphezu kuka 400, umsebenzi ngamunye kulindeleke ukuba athola imali elinganiselwa ku-R45 000 kuya phezulu,” usho kanje.

Omunye umholi wabo uMnuz Mbuso Gumede uthe abazi ukuthi yini ebambe imali ukuthi iphume.

“Sitshelwa izinto eziningi kanti nenkampani iyahamba siyabona ukuthi singase sigcine singayitholanga le mali uma singasukumi,” usho kanje.

Uthe bazophinde babambe omunye omhlangano ngesonto elizayo lapho bezothatha khona isinqumo sokuthi yisiphi esinyathelo esizolandela.

Esinye sezikhulu kwa-Apollo Tyres Africa Pty Ltd uMnuz Manish Bhatia sithe abasebenzi banikwa isexwayiso sokuthi inkampani izovalwa ngokwesigaba somthetho wabasebenzi u-section 189A weLabour Relations Act 66 yango-1995 ngo-Sephthemba nyakenye.

“Izingxoxo zenziwa phakathi kwabaqashi nenyunyana yabasebenzi iNumsa, izingxoxo zize zafinyelela ekutheni kunqunywe inani labasebenzi abazodilizwa ngoNovemba 30, 2014,” usho kanje.

UBhatia uthe kwavunyelwana ngokuthi abasebenzi bazoyithola kanjani imali yabo njengoba bonke bekutholile okungokwabo.

“Kwavunyelwana ngokuthi kunoR20 million ozofakwa kwi-trust esazosungulwa ilawulwe yiNumsa,” usho kanje.

Uthe abasebenzi baphakamise ukuthi imali ifakwe kubona ngqo, wengeza ngokuthi bayavumelana nalokho.

“Njengoba sekumele kushintshwe okuthile kulokhu esasivumelene ngakho, inkampani kumele ixoxisane nenyunyana, kumanje inkampani isesigabeni sokuyiphothula indaba yale mali yabasebenzi,” usho kanje.

‘Akusolwe uhulumeni ngolwabokufika’

$
0
0

UMnuz Moeletsi Mbek uthi besingekho isidingo sokuthi kugxekwe abantu abampofu bakuleli abathinteka ezigamekweni zokushaywa kwabokufika.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMFOWABO wowayengumengameli wakuleli uMnuz Thabo Mbeki uthi besingekho isidingo sokuthi kugxekwe abantu abampofu bakuleli abathinteka ezigamekweni zokushaywa kwabokufika ngoba konke lokhu kube yiphutha likahulumeni ngokungayivikeli imisebenzi yabantu abangenamakhono ethathwa abangaphandle.

UMnuz Moeletsi Mbeki ukusho lokhu ekhuluma ohlelweni lwezingxoxo ekuseni izolo ku-SAFM, lapho ebephawula ngokuhlaselwa kwabokufika.

“Okokuqala abantu ikakhulukazi baseZimbabwe yibona abaqashwe ezindaweni okwenziwa kuzo imisebenzi engadingi amakhono kuleli okufanele engabe ithathwa ngabantu balapha abangafundile abahluphekayo.Yilesi sizathu esidale ukuthi abantu bagcine bethukuthela belwa.

“Ngaphandle kwalokho ngesikhathi uMengameli waseZimbabwe uMnuz Robert Mugabe ewisa umnotho wezwe lakhe ngo-2000 kwathi ngo-2002 uhulumeni waseNingizimu Afrika waqoka ukuthi ahoxise wonke amasosha ayesemingceleni ngenhloso yokuthi abantu baseZimbabwe ababebalekela indlala ezweni labo bangene kalula kuleli.

“Waphinde wabavumela ekutheni bazoncintisana nabakuleli abahluphekayo emisebenzini engadingi amakhono. Kumanje sinabantu baseZimbabwe abangaphezulu kuka-1 million kuleli.

“Laba bantu bahlala ezindaweni zabantu abampofu okuyimijondolo kodwa futhi yibona abaqashwe kule misebenzi okufanele ngabe kusebenza kuyo abalapha abangenawo amakhono nokuthi bona bafundile uma beqhathaniswa nabaseNingizimu Afrika,” kusho uMbeki.

Uthe yingakho kube yiphutha ukuthi kugxekwe abantu emazingeni aphansi ngodlame ngoba bekumele kugxekwe abaholi abahluleke bancama ukubhekana nalesi simo kusuka ngo-2002 njengoba abantu bakwamanye amazwe bezingenela ngendlela abafisa ngayo kuleli bathathe nemisebenzi yabampofu.

Lokhu uthe umphumela wakho wudlame, abantu bakuleli iningi labo elingafundile ligcina lizithola lingasebenzi, bese libona ukuthi amathuba engabe liyawathola athathwa yilaba bantu bakoZimbabwe.

Ubesho lokhu ebeka nesibonelo sokuthi eZimbabwe akulula ukuthola umuntu wakwelinye izwe ohluphekayo edayisa emigwaqweni yakhona ngoba uMugabe wakubeka kwacaca ukuthi akukho noyedwa umuntu wangaphandle okumele athathe amathuba abantu baseZimbabwe azodayisa emigwaqweni yakhona.

UMbeki uthe kwaba yiphutha elikhulu ukuthi kuhoxiswe amasosha emingceleni ngoba kusho ukuthi izwe alivikelekile ngokwanele ngakho kudingeka kufakwe ingcindezi ukuthi uhulumeni alungise lesi simo.

Ukusho lokhu nje eMlazi abantu bakhona abasebenza kwaJeena Super Market bashaya abantu bangaphandle becasulwa ukuthi betelekile baxoshwa kwaqashwa abokufika.


Usukumela olwezintuthane umasipala

$
0
0

Umasipala weTheku usulusukumele udaba lokuhlushwa yizintuthane ezixakile ezihlalise kabi izakhamizi zaKwaMakhutha.

|||

BONISWA MOHALE

UMASIPALA weTheku usulusukumele udaba lokuhlushwa yizintuthane ezixakile ezihlalise kabi izakhamizi zaKwaMakhutha okuthiwa sekuphele izinyanga ziphila ngaphansi kwalesi simo.

Ukungenelela kukaMasipala kulandela umbiko weSolezwe elibhale ngalolu daba emuva kokuthintwa wumphakathi wakuleli lokishi obukhathazekile.

Abantu kwezinye izingxenye zelokishi bathi abasakwazi nokulala ngenxa yezintuthwane ezingena nabo embhedeni, zihlala emakamelweni nasezindaweni zokuphumula. Bathi baze basizwe okokufutha izinambuzane.

UMnuz Mbambazeni Lova Ncanana oyisikhamuzi esidala esigcemeni ko-6 uthe emuva kokuphuma kodaba lwabo kwiSolezwe, kufike abasebenzi bakaMasipala weTheku bezohlola isimo.

“Bafikile abakwaMasipala bezobona le nkinga esibhekene nayo ngoba asisakwazi nokuhlala kosofa ngenxa yezintuthane. Uma sizihlalele nje sibona ngazo sezisihamba. Siba namahloni noma sivakashelwe ngabantu ngoba zivele ziqhamuke esikhaleni abantu babe bomvu sezibanakashele. AbakwaMasipala bahlole isimo bathatha nemininingwane yemizi enale nkinga base bethi bazodlulisela kwabangaphezu kwabo,” kusho uNcanana.

Ukhale ngokuthi selokhu kwaphuma udaba ephepheni zihlasele ngamandla, zingena zonke izindlu.

UNkk Nomathemba Doncabe uthi sebephila ngokuvuvuzela impushana ebulala izinambuzane endlini yonke.

“Sengilinde ilanga lokuhola ngithenge omunye uphawuda ngoba zikhona ngisho efrijini manje. Azisagcini ngokunamathela uma uhleli phansi seziyacanasa. Sesizofa yizona zisincinza lapha ekhaya njengoba sesiphelelwe wuphawuda. Singajabula uma abakwaMasipala bengasisiza ngoba akuyona inkinga yemizi embalwa kodwa zisihlalise sonke lapha ko-6. Ziyaxaka ukuthi azipheli ngani njengoba sekubanda,” kusho uNkk Doncabe.

Esitatimendeni esikhishwe wuMasipala weTheku bathi bathumele ithimba lakwa-Vector Control ukuba liyohlola isimo KwaMakhutha yilona elizohlahla indlela eya phambili ngalolu daba.

Umphakathi uthi namanje awukayazi imbangela yalezi zintuthane kodwa abanye bathi ziqhamuka epayipini likawoyela elinqamula kuleli lokishi kodwa uNcanana uthe abanabo ubufakazi balokhu ngoba lapho kuhamba khona leli payipi izintuthane azikho.

Injabulo izalukazi ziphiwa izipho

$
0
0

Kukikize izalukazi zaseZamaZulu Nkosi Centre KwaMashu zilethelwa izipho abeqembu lwamabhayisikili.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

Kukikize izalukazi zaseZamaZulu Nkosi Centre KwaMashu zilethelwa izipho abeqembu lwamabhayisikili njengengxenye yokugubha uSuku lweNkululeko ngoMsombuluko.

Ogogo bathe inkululeko bayibone ngamehlo bevakashelwa iqembu elibaphe izipho, oswidi laphinde lenza imisebenzi yasendlini libaphekela ukudla.

Umqondisi wakule ndawo uNkk Linda Ngcobo uthe bebeqala ngqa ukwenzelwa lomcimbi ngoSuku lweNkululeko bazizwa nabo bebalulekile.

“Sikikize saqhuma phezulu ngenxa yenjabulo sibona iqembu lamabhayisikili lisivakashela lizosipha izipho. Laba bafana bangene zonke izindlu besindlulela, benza imisebenzi yasendlini baze basiphekela imbala. Inkululeko sikwazile ukuyibona ngamehlo singezwa nje abantu bethi uSuku lweNkululeko. Sizizwe sikhunjulwa nathi abantu abasha ngelanga lenkululeko,” kusho uNkk Ngcobo.

UMnuz Nhlanhla Dlamini ohola iqembu lamabhayisikili, Obhejane Cyclist Club uthe abafuni abantu abadala besale ngaphandle ekugubheni usuku lwenkululeko.

“Siqale ngonyaka odlule ukuba neqembu labashova amabhayisekili KwaMashu. Lo mdlalo ubujwayeleke kakhulu kwabamhlophe njengoba sesikhululekile nathi siyakwazi ukungena kuwo. Sibone kubalulekile ukuthi ngosuku lwenkululeko sihambela abantu abadala sizobajabulisa, bengazizwa besala ngaphandle ngalolu suku. Sibaphe izipho, oswidi sahlanza nekhaya labo saphinde sapheka. Konke lokhu sifuna ukuba bazizwele bona inkululeko nasebudaleni babo. Isikhathi esiningi uMashu udume ngobugebengu nokunye sifuna ukuba kushintshe njengoba sizohamba ngamabhayisekile simemezela ukuthula,” kusho uNhlanhla.

Laba basebenzisa imali ephuma emaphakatheni abo ukwenza lo mcimbi. Bathe bathemba ukuthi bazoqhubeka nangonyaka ozayo bahambele nezinye izindawo.

Udidekile umzali odukelwe yingane

$
0
0

Uphithene ikhanda unina womfana waseDraaihoek ngaseFolweni oduke ngeledlule.

|||

FANELESIBONGE BENGU

UPHITHENE ikhanda unina womfana waseDraaihoek ngaseFolweni oduke ngeledlule ngemuva kokushaywa esikoleni ngenxa yokulimaza usilingi ophahleni, kwathiwa akalande umzali kodwa wangabuya ekhaya.

Kuthiwa uLetlotlo Mnotho Mofolo (15), waphuma ngoLwesithathu ekuseni eya esikoleni iKhiphulwazi Primary School njengengenjwayelo wangaphinde wabuyela ekhaya.

Unina kaMnotho uRetselisitsoe Mofolo uthe indodana yakhe efunda u-grade 6 yashaywa esikoleni ngenxa yokuthi yalimaza usilingi wagcina ubhoboke imbobo.

“Ngemuva kokushaywa wanikwa incwadi kwathiwa akazongilanda ekhaya kodwa akakaze afike.

“Asimazi ukuthi washona kuphi selokhu anyamalala,” kusho uRetselisitsoe.

Uthe usola ukuthi indodana yakhe, ayichaze njengomfana onamahloni, yasaba ukubuyela ekhaya ngoba izoshaywa.

“Wonke umzali vele kumele ayishaye ingane yakhe uma isiphuma esandleni. Yena wacabanga ukuthi inkulu into ayenzile wangabe esabuya ekhaya,” kusho yena.

Uthe uMnotho wahamba ekhaya egqoke umfaniswano wesikole okuyibhulukwe elimpunga, ihembe elimhlophe, uthayi nejezi elibomvu. Uthe sebethole imibiko yokuthi kukhona lapho ebonakale khona.

“Kunabantu abathi bambone eWorkshop eThekwini egqoke ijini, ikepisi nejezi elibomvu lesikole. Siyacela noma ngubani ombonayo asazise,” kusho unina kaMnotho.

Uthe usekubikile ukuduka kukaMnotho esiteshini samaphoyisa saseFolweni.

Bamashele inkohlakalo eLamontville

$
0
0

Bamashele ehhovisi lekhansela abantu baku-ward 74 eLamontville beyozwakalisa izikhalo ngokuhlukunyezwa kukamama okhishwa ngumakhelwane endlini.

|||

BAWINILE NGCOBO

BAMASHELE ehhovisi lekhansela abantu baku-ward 74 eLamontville KwaGijima beyozwakalisa izikhalo ngokuhlukunyezwa kukamama okhishwa ngumakhelwane endlini exhumene kodwa ehlala imindeni emibili asehlale kuyo iminyaka.

Amalungu alo mphakathi obekugcwele kuwo izaguga asuke eringingi emasha aze aphelela ehhovisi lekhansela lapho kwethulwe khona izikhalo.

Udaba obeluhamba phambili ngolokuhlukunyezwa kukaNkk Jabulile Mfanazana osenikwe incwadi yokuthi aphume aphele endlini asehlale kuyo iminyaka engu-25 ngenxa yokuthi umakhelwane owathenga indlu exhumene neyakhe, esebenzisa ibhange, esethi indawo yonke ngeyakhe.

Kuthiwa kwenzeka iphutha ngesikhathi uMasipala wangaleso sikhathi ufaka izinombolo, lezi zindlu wangazihlukanisa ngezinombolo, wazinika inombolo eyodwa wazihlukanisa ngokuthi ngu- u- A no B.

UNkk Mfanazana kuthiwa uthole ukuhlukumezeka ngesikhathi umakhelwane wakhe edayisela lo mndeni osungumakhelwane wakhe indlu manje osuthi yonke indawo ingeyawo.

Izolo abantu bahambise izikhalo nangezinye izinto okubalwa ukuklanywa ngokusemthethweni kwezindawo nokunikezelwa kwamatayitela kubantu abahlala ezindlini njengeziqashi.

Kuvele ukuthi lezi zindlu zaziphethwe ngabeNingizimu Town Committee zase zidluliselwa kuMasipala weTheku ngo-1996.

Izivumelwano zokuqashwa kulezi zindlu zanikwa abahlala kuzo kodwa basalinde kuklanywe imingcele namatayitela.

Abantu bathi babona ukuthi kunokuhlukunyezwa kwamalungelo emindeni esihlale iminyaka kulezi zindlu ikakhulukazi abadala nabahlwempu asebekhishwa ezindlini kungaxhunyanwanga nabo ngendlela.

Incwadi yezikhalo iveza ukuthi amafayela emindeni eminingi kuthiwa aselahlekile eSizakala Centre yendawo kanti eminye imindeni isikhishiwe ezindlini ngaphandle kokuthi ithintwe.

La mafayela bathi bakholwa ukuthi anomlando ngelokishi labo.

Umphakathi uthi emasontweni amabili edlule uzamile ukuxhumana nekhansela uNksz Nolubabalo Mthembu kodwa bengatholi mpendulo.

Umphakathi uthe ufuna ukuthi kube nokuxhumana okucacile noMasipala. Bathe abafuni ukuthi kuqhutshekwe nokukhishwa kwabantu ezindlini ikakhulukazi bafuna uMasipala uhlukane nokuhlukumeza uNkk Mfanazane.

Uhlu lwezikhalo zomphakathi zithathwe ngobemele uMasipala othembisile ukuthi uzobuyisa izimpendulo emuva kwezinsuku eziyisikhombisa.

Isigwebo kowadla inhliziyo yomuntu

$
0
0

Ukungakhombisi ukuzisola ku-Andrew Chimboza owabulala isoka lowayeyintombi yakhe, kube nomthelela ngesigwebo asithole izolo.

|||

Francesca Villette

UKUNGAKHOMBISI ukuzisola ku-Andrew Chimboza owabulala isoka lowayeyintombi yakhe wadla nenhliziyo yakhe, kube nomthelela ngesigwebo asithole izolo eNkantolo eNkulu eWestern Cape. UChimboza (35) ugwetshwe iminyaka engu-18 ngokubulala uMnuz Mbuyiselo Manona ngoJuni wonyaka odlule. Ngokujwayelekile isigwebo sokubulala siba iminyaka ewu-15 kodwa inkantolo inqume ukusinyusa kuChimboza ngenxa yesihluku asenza.

UChimboza kuthiwa wagwaza uManona wamhlinza wakhipha inhliziyo yakhe wayidla.

Ngokwamaphepha asenkantolo kuthiwa uChimboza wagwaza umufi ngommese esifubeni ngenhloso yokumkhipha inhliziyo.

UChimboza walivuma icala lokubulala uManona (62). Nokho ngokwamaphepha asenkantolo akukho lapho ephawula khona ngokukhipha inhliziyo futhi abukho nobufakazi obuphikisa lesi senzo.

Umphumela wokuhlolwa kwesidumbu awukuqinisekisanga ukuthi umufi wabulawa wukukhishwa kwenhliziyo.

Ufakazi uNksz Lelethu Femele watshela inkantolo ukuthi wambona uChimboza esika inhliziyo kamufi ngommese. Iphoyisa elafika kuqala endaweni yesigameko lakuqinisekisa ukuthi lafica uChimboza ephethe isicubu somuntu esidla.

IJaji u-Ashley Binnsward lithe uChimboza wakhombisa isihluku nokungabi nazwelo kulesi sigameko. Lithe yilesi sizathu esenze ukuthi inkantolo yeqe esigwebeni seminyaka ewu-15 esijwayele ukutholwa ngobulele.

UChimboza waveza ukuthi ngosuku lwesigameko wayekade evakashela uNomonde Tshabalala emzini wakhe ambiza ngomngani kodwa okuthiwa wayeyintombi yakhe. Uthe wafica uManona wambuza ukuthi ufunani kuNomonde. Wathi watshela umufi ukuthi akahambe kodwa waphendula ngokumthuka.

Uthe umufi wanikeza uNomonde uR50 ukuthi ayothenga utshwala yena wasala nomufi kwaqhubeka ingxabano. Udadewabo kamufi uNksz Thembela Manona uthe isigwebo asitholile uChimboza ngeke simvuse umfowabo.

“Angimfiseli lutho kodwa uNkulunkulu uzombona. UNomonde wayethandana noChimboza ngaphambi kokuthandana nomfowethu. UNomonde owenza konke lokhu futhi kwakuhleliwe. Wayengamshiya kanjani ubhuti wami noChimboza. Asinandaba noChimboza futhi asifuni nokumbona,” kusho yena.

Bangiya ngethambo leSilo bekhangisa

$
0
0

Bagiye ngethambo leSilo samaBandla ngenkulumo yaso eyasusa udlame olubhekiswe kwabokufika abenkampani ekhucululayo ezinze eThekwini.

|||

ZANELE MTHETHWA

BAGIYE ngethambo leSilo samaBandla ngenkulumo yaso eyasusa udlame olubhekiswe kwabokufika abenkampani ekhucululayo ezinze eThekwini abasebenzise isithombe seSilo namazwi asibhuqayo esikhangisweni sayo esishicilelwe izolo ephephandabeni lesiNgisi lansukuzonke.

USihlalo weRoyal Household Trust obuye abhekelele nezindaba ezithinta iNdlunkulu uJaji Jerome Ngwenya uthi bazosicubungula isikhangiso sale nkampani ekhucululayo esebenzise isithombe seSilo, namazwi akhomba ukusibhuqa mayelana nenkulumo yaso nodaba lwabantu bokufika.

Enkulumeni esayethula oPhongolo ngenyanga edlule iSilo kuthiwa sagxeka ukuba khona kwabokufika kuleli kodwa sathi sacashunwa ngendlela engeyiyo.

UNgwenya utshele Isolezwe ukuthi ngeke aphawule engakakhulumi neSilo mayelana nesikhangiso. Inkampani yaseThekwini iDrizit Environmental ekhuculula amakhemikhali nowoyela, ithi ayinanxa neSilo kodwa ibikhombisa ubuciko nobuchule.

Lesi sikhangiso esiyikhasi lonke, sinesithombe seSilo sivunulile. Ngenhla kwekhanda laso kunombhalo wesiNgisi ohumusheka ngokuthi: “Ukube nje uvele wabiza uDrizit azokhuculula wonke lo monakalo.”

Isikhangiso sibhalwe nokuthi inkampani yasungulwa ngo-1975 futhi inethimba eliqeqeshiwe ukukhuculula ezimweni ezingcolisa indalo. AbakwaDrizit Environmental bavumile ukuthi isikhangiso simataniswa nenkulumo yeSilo ngodaba lokuxoshwa kwabokufika olube sematheni kusukela kuqale izigameko zokuhlaselwa kwabo.

ISilo sisanda kubiza imbizo eMoses Mabhida Stadium sikhuza ukuhlaselwa kwabokufika. Kule nkulumo sithe asishongo ukuthi kumele bahambe abokufika kodwa sasisho abakuleli ngokungemthetho.

UMnuz Greg Parton onguMqondisi ophethe kwaDrizit Environmental, uthe abazange basithinte iSilo neNdlunkulu ngaphambi kokusebenzisa isithombe saso kulesi sikhangisi. Uvumile nokuthi bafake isithombe seSilo ukusimatanisa nondabuzekwayo wenkulumo yaso ngabantu bokufika.

“Ngalesi sikhangiso asihlosile ukuhlasela iSilo esisihlonipha kakhulu. Inkampani yethu iDrizit Environmental igxile ekukhucululeni umonakalo kanti inhloso yesikhangiso bekuwukudlala ngolimi, siyimatanisa nenselelo ebhekene neSilo nenkulumo yaso ethinta abokufika. Nami angihambisani nokuhlaselwa kwabokufika futhi ngiyakuncoma ukuthi iSilo sibakhuzile abenza lo mkhuba,” kusho yena.

UParton uthe yize bengazange bayithinte iNdlunkulu ngaphambi kokushicilela lesi sikhangiso kodwa bazimisele ukusihoxisa uma silumela.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu ethintwa izolo, uthe ubengakasiboni lesi sikhangiso futhi noma ngabe usibonile udaba ubezoludingida neNdlunkulu neSilo. Uthe basazolukhuluma njengomndeni.

Ugwetshiwe owabulala intombi isizocelwa

$
0
0

Ubonge uNkulunkulu unina wowesifazane owabulawa yisoka lakhe ngesikhathi ligwetshwa iminyaka engu-15.

|||

BAWINILE NGCOBO

UBONGE uNkulunkulu unina wowesifazane waKwaMakhutha owabulawa yisoka lakhe ngesikhathi ligwetshwa iminyaka engu-15 izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

UNksz Rejoice Motsamai uzwakale ephimisa amagama ebonga uNkulunkulu emuva kokuthi iJaji elibambile, uMnuz Burt Laing liguqise inkantolo likade ligweba uZazi Goodman Mvubu (30).

UMvubu wase-Adams Mission ulahlwe yicala lokubulala uNksz Bongekile Helen Motsamai owayesebenza eVirgin Active eManzimtoti isidumbu sakhe esatholakala emotweni yakhe eyayishisiwe emathuneni eSeventini eMlazi ngoFebruary 21, nyakenye.

Isolezwe labika ngalolu daba ngoFebhuwari 28, 2014 lapho kwavela khona ukuthi laba base behlukene futhi umufi esezolotsholwa.

Nayizolo enkantolo kuphinde kwavela ukuthi laba babehlukene ngesikhathi sesigameko kanti uMvubu wayekade ebize uNksz Motsamai ethi makalande imali yowesifazane owayemsiza.

Esikhundleni sokumnika imali wambuza ukuthi wayekuphi ngoFebhuwari 14 emuva kwalokho wamshaya waze washona wabe eseyoshiya imoto enesidumbu sakhe emathuneni. Imoto ukuthi yacishwa yini yangasha yonke kodwa isidumbu satholwa ngamaphoyisa ngakusasa emotweni.

Unina kamufi uthe yize isigwebo singamenelisi kodwa egameni lokuthi ubulungiswa benzekile uyabonga.

Uthe impilo izoqhubeka. Ukhale ngomzukulo ojwayele ukumbuza unina.

Ngesikhathi uLaing egweba uMvubu uthe kuyabonakala ukuthi yize agcina ebangeni lesithupha kodwa ubengumuntu ozimisele ngempilo ngoba ubesebenza ehola uR4 500 enakekela izingane zakhe ezine nomfowabo ongaphilile ikakhulukazi ngoba washonelwa ngabazali esemcane.

Uthe yize ake alahlwa yicala lokweba phambilini kodwa ngeke aze alibheke uma esemgweba. ULaing uthe sisengalungiseka isimo sikaMvubu.

“Abantu obubanakekela bazosala dengwane ngenxa yokuthi uhlulekile ukulawula imizwa yakho,” kusho uLaing.

Uthe icala lokubulala libucayi kakhulu. Wabulala owesifazane osemncane obesenempilo yonke angayiphila.

“Unqamule impilo yakhe ngenxa yesikhwele. Ukube bekunobufakazi bokuthi leli cala ulenze uhlelile bewuzonikwa isigwebo esinzima ngempela. Amacala afana nalawa asejwayelekile emphakathini. Wawuyisoka nje, lokho akusho ukuthi wayeseyinto yakho. Noma ngabe nanishadile lokho kwakungeke kwenze umehluko, akukuniki ilungelo lokumhlukumeza,” kusho uLaing.

Uthe ngenxa yesikhwele nokuthukuthela kukaMvubu wathi uma embuza uNksz Motsamai ukuthi wayekuphi ngosuku lwezithandani wangathola izimpendulo ayezilindele wabe esemshaya ngesibhakela emkhahlela waze wakhihliza amagwebu wadlikiza waze washona.

ULaing uthe yize wayengenamanxeba avulekile futhi engasebenzisanga sikhali kodwa lokho akwenza kwambulala umufi.

“Wayelusizo emphakathini ngisho kuwe ngoba wakwazi ukukutholela umuntu owayekuwashela ahlanze indlu yakho. Ububele bakhe bubonakala ngoba wayedlule kubo waya kwakho ukuyolanda imali yowayekusiza endlini bese eyihambisa,” kusho uLaing.

Inkantolo iveze ukuthi yize abantu benikwa izigwebo ezinzima ngamacala afana nalawa kodwa abakwazi ukuzilawula.

Ithe uMvubu akakhombisanga ukuzisola kodwa ngoba wavuma icala emaphoyiseni esanda kuboshwa lokho kwasiza yize engavumanga kwaze kwaba sekugcineni. Ithe wayezama ukuzivikela, esebona ukuthi uNksz Motshamai useshonile, ethatha isidumbu sakhe ngemoto eyosishisa emathuneni kanti izocisha ungakenzeki umonakalo kakhulu.


Isililo izingane zifela ethoyilethi

$
0
0

Kuqhume isililo kuminza izingane ezintathu emgodini wethoyilethi ebezidlala.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUQHUME isililo kuminza izingane ezintathu ezingaphansi kweminyaka emihlanu emgodini wethoyilethi ebezidlala kuwo endaweni yakwaMcibilindini KwaNongoma ngoLwesibili.

Namanje umndeni nomakhelwane basababaza ngabakubonile kushona abangomakhelwane u-Thandolwakhe Madela (2), Fezile Ngqulunga (4) noZipho Khumalo (3).

Lezi zingane bezivakashele emzini wakwaMadela ngoLwesibili, zibe seziyodlala emnyango kanti zizogcina ngokukhalakatheka emgodini wethoyilethi zatholwa sezintanta zishonile.

Umbiko uthi lezingane bezidlala zizine kodwa eneminyaka emibili esinde ngokulambisa kulesi sigameko iphuthunyiwe esibhedlela.

Ngesikhathi Isolezwe lithinta imindeni izolo bekusazwakala isililo siqhuma phezulu.

UMnuz Mza Madela walapho kushonele khona izingane uthe namanje basakhungathekile ngokwenzekile.

“Lolu daba lusisanganisile sonke endaweni. Izingane besihlezi nazo endlini zivakashelene, sibone sezingasekho. Unina kaThandolwakhe uqale ukukhathazeka ngoba engayiboni ingane yakhe njengoba engathandi ukuthi idlale ngasemgwaqweni ngoba isencane kakhulu. Uphumele emnyango eyozibheka izingane. Uhlangane nomunye umfana oyisihlobo omtshele ukuthi ubone zibhukuda emgodini. Ngizwe unina kaThandolwakhe esekhala.

“Ngiphume ngiqhasha endlini safica izingane ezintathu sezintanta emgodini wethoyilethi, sezishonile,” kusho uMadela.

UMadela uthe lo mgodi wambiwa uyise omncane ngoba efuna ukubakhela ithoyilethi.

“Umgodi ubungamboziwe. Ugcwale amanzi ngoba belina ngayizolo (ngoMsombuluko), izingane bezidlala kuwo ngoba sithole izigubhu phakathi emgodini. Izidumbu zezingane zikhishwe kukhona nonina bazo, kuvele kwaqhuma isililo kuwo wonke umuntu. Ngeke sikhohlwe esikubonile,” kusho yena uMadela.

Ugogo wenye yezingane ezishonile kule nhlekelele uZipho, uNkk Ntombenye Khumalo uthe indodakazi yakhe isalokhu ikhihla isililo ngenxa yobuhlungu besigameko.

“Sife olwembiza sonke kule ndawo. Izingane bezithi ziyadlala kanti zizogcina ngokushona. Kwenzeka lokhu nje asinawo amathoyilethe kule ndawo. Ukube abekhona lenhlekelele ibizogwemeka,” kusho uNkk Khumalo.

Nomunye umakhelwane uphawule wathi: “Amathoyilethe asinawo endaweni, sisebenzisa imihosha, namahlathi ukuzikhulula.”

IMeya yaKwaNongoma uMnuz Jeremiah Mavundla ithe udaba lwamathoyilethi kule ndawo luyalungiswa.

“Ngizwakalisa ukukhalisana nemindeni yabashonile. Ngiyile endaweni yesigameko ngayibona inhlekelele edalwe umgodi wethoyilethi. Empeleni udaba olulungiswayo lolu njengalokhu eseqaliwe ukwakhiwa ngaphesheya kwalesiya sigodi. Kulindeleke ukuba kuqalwe maduze kwakhiwe kule ndawo,” kusho uMavundla.

Kuthintwa unina kaFezeka, uNksz Zama Ngqulunga naye uhlulekile ukuzibamba wakhala ocingweni kwaze kwaphoqeleka ukuba asizwe umakhelwane obezokhalisana nomndeni.

“Abantu abadala bakulomuzi abekho ekhaya, baye KwaNongoma edolobheni ukuyolungisa udaba oluthinta lesi sifo,” kusho umakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker usiqinisekisile isigameko wathi kuvulwe idokodo ngokushona kwezingane.

“Izingane ezine ziminzile emgodini wethoyilethe ebeligcwele amanzi ngoLwesibili emini. Ezintathu zishone endaweni yesigameko eyodwa yaphuthunyiswa esibhedlela lapho ilashwa khona. Amaphoyisa akwaNongoma asaphenya,” kusho uNaicker.

Babuyele ezitolo zabo abokufika

$
0
0

Sebebuyele abokufika ezitolo abebexoshwe kuzona emalokishini.

|||

ZANELE MTHETHWA

SEBEBUYELE abokufika ezitolo abebexoshwe kuzona emalokishini ngemuva kokubheduka kodlame olwabenza bazivala besaba.

KwaMashu, ilokishi ebelishisa kakhulu ngezigameko zokuhlaselwa kuphinde kutatshwe nempahla abayidayisayo, isimo sesibuyele kwesejwayelekile.

Kuke kwashuba kuleli lokishi umphakathi ungena ezitolo zabo utapa impahla ezinye zashiswa. Abanikazi bazo babaleka bayobhaca kubangani nasezihlotsheni ePhoyinti abanye bacashiswa ezinkanjini.

Isolezwe livakashele KwaMashu kwa-B eduze kwehostela lapho izigameko bezidlange khona. Esitolo sikaMnuz Girma Eromo wase-Ethiopia bekugcwele lonke uhlobo lwempahla. Abathengayo bebephuma bengena kubonakala ukuthi impilo ibuyele esimweni.

Yize uGirma nabafowabo adayisa nabo bethi isimo sesibuyele kwesijwayelekile kuyabonakala ukuthi basathuka izanya. Bebezivalele ngaphakathi bevele ngobuso efasiteleni elifakwe izinsimbi. Othengayo uveza isandla kuphela entubeni evuliwe yokuthenga. Baqale bakhuluma bodwa ngolimi lwabo ngaphambi kokuvuma ukushuthwa nokuxoxa nephephandaba.

“Siqale ukuvula ngesonto eledlule ngoba sibona isimo sesidambile. Kube nzima ngoba siqale phansi sathenga yonke impahla. Impahla eyayikhona yathathwa yonke ngesikhathi kuhlaselwa,” kusho uGirma.

Uthe bebesaba ukuvula kodwa bathola isibindi ngoba umphakathi ububafuna, ukhala ngosizi lokuyothenga ezitolo ezikude ezibizayo.

UMnuz Meiese Tesfaye, naye odayisa kulesi sitolo nomfowabo, uthe njengoba sebebuyile bacela ukwesekwa nokuphathwa kahle njengakuqala.

“Sengineminyaka emithathu ngafika kuleli futhi angikaze ngilimaze noma ngihluphe muntu. Kuphela siyazidayisela ukuze siphile. Sivula ngo-6 ekuseni sivale ngo-6 ntambama okwamanje ngoba sisanda kubuyela,” echaza.

UMnuz Nathi Langa obezothenga uthe bese befile ukuhamba amabanga amade beyothenga ngisho impahla encane. Uthe izitolo zabokufika ziwusizo ngoba ngisho abempesheni bayakweletelwa futhi zishibile. Usola iqeqebana elinomona elaqala lolu dweshu.

Kukhona nezinye izitolo esezivuliwe KwaMashu okubalwa nasesigcemeni kwa-J.

Ngesonto eledlule uMasipala weTheku umemezele ukuthi isivaliwe inkambi yasePhoenix abokufika babuyela emiphakathini ngenxa yokudamba kwesimo. Namaphoyisa akuqinisekisile ukuthi akunazigameko zokuhlaselwa kwabo ezibikwayo.

Ngempelasonto kube nesixakaxaka umasipala ufuna ukuyovala inkambi eseSiphingo osekusele kuyo abawu-283 abebezoyiswa eChatsworth. IMeya uMnuz James Nxumalo ithe bazophuma nesixazululo kuleli sonto.

Isexwayiso ngentsha engasebenzi

$
0
0

UMnuz Sdumo Dlamini usexwayise uhulumeni ukuthi akasukumele indaba yokungasebenzi kwentsha.

|||

MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini, usexwayise uhulumeni ukuthi akasukumele indaba yokungasebenzi kwentsha ngoba izwe lisengcupheni yokuthi ivukele uhulumeni ifuna imisebenzi.

UDlamini uthe lesi sihlava siyamthinta kwayena ngqo njengoba enye ingane yakhe ifunde yagogoda kodwa ayiwutholi umsebenzi.

“Seliqalile liyaqhuma ibhomu mayelana nokungasebenzi kwentsha kuleli. Enye yezingane lapha ekhaya lami sekuphele iminyaka emithathu ingasebenzi ekubeni ifundile impela. Ayiqondi ukuthi kungani ingawutholi umsebenzi ekubeni uyise engumholi weCosatu. Lokhu kutshengisa khona ukuthi indaba yokungasebenzi kwentsha iyinkinga kangakanani ngoba noma kungathiwa uwumholi kodwa iyakuthinta,” usho kanje.

Uthe uhulumeni ngenye yezinto okumele uyisukumele ngokushesha ngoba isimo sizokonakala.

“Singabona maduze nje, hhayi ngisho eminyakeni eminingi ezayo intsha isisukuma ithi sekwanele. Sibonile muva nje izinto ebezenzeka kuhlukunyezwa abokufika. Akobe kube yisikhumbuzo kuhulumeni ngezinto umphakathi ongazenza. Ukungasebenzi yisihlava esibhekene nentsha yethu okungabantu okungamele singabanaki ngoba u-70% wabantu bakuleli yintsha,” usho kanje.

UDlamini ukusho lokhu eThekwini engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe ngaphambi kwengqungquthela yeCosatu yokugubha iminyaka engu-30. Ebuzwa mayelana nokungenela umbango wesikhundla sobumengameli engqungqutheleni eyisipesheli ezoba ngoJulayi, uthe lowo mbuzo uyowuphendula kuyona ingqungquthela.

Uthe basabheka indawo ezoba kuyo ngoJulayi 13 no-14 eGoli.

“Ikhona indawo yethu esifana nekhaya iGallagher Estate eMidrand kodwa sisabheka enye. Uma sigcina ngokungayitholi siyoqhubeka nayo. Indaba yokuthi ngiyawungenela umbango wezikhundla ngizowuphendula kule ngqungquthela,” usho kanje.

Uthe ziningi izinto ezizuzwe ngabasebenzi wathi kusanezikhalo kumalungu ezinyunyana mayelana nokungabhekelwa kwezikhalo zawo.

“Maduzane sizomemezela inombolo ezoba sehhovisi likaMengameli weCosatu lapho amalungu angeneme angasithinta kuyona ngqo. Siyawagqugquzela ukuthi aqale ezinyunyaneni kodwa uma engeneme adlulele kwiCosatu ngqo ukuze sibone ukuthi singangenelela kanjani. Asizami ukuthatha umsebenzi wazo kodwa sifuna ukuqinisa ekusizeni amalungu ethu,” kusho uDlamini.

Bafuna incazelo ngoMcBride

$
0
0

Ikomiti elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa lizocela uMnuz Nathi Nhleko ukuthi echaza ngokumiswa kukaMnuz Robert McBride.

|||

Siyabonga Mkhwanazi

KULEKI sonto ikomiti elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa lizocela uNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Nathi Nhleko ukuthi avele phambili kwalo bese echaza ngokumiswa kukaMnuz Robert McBride oyiNhloko ye-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) nangemibiko ethi kumele aboshwe ngokubuyiselwa ngokungemthetho kwabaseZimbabwe ezweni labo.

Yize izolo ihhovisi likaNhleko likuqinisekisile ukuthi uzokhipha umbiko ngokubuyiselwa kwabaseZimbabwe ngokungemthetho, nokwaholela ekutheni umphathi woKlebe uMnuz Anwa Dramat alahlekelwe wumsebenzi wakhe ngoMashi kodwa ikomiti lifuna ukuthola izimpendulo eziningi kuNhleko.

USihlalo waleli komiti uMnuz Francois Beukman, omele i-ANC ePhalamende, naye ukuqinisekisile ukuthi sebemcelile uNhleko ukuthi avele ePhalamende ukuze kuxoxwe ngalolu daba.

Emhlanganweni waleli komiti obusezinsukwini ezimbalwa ezedlule, sase sivele sithathiwe isinqumo sokuthi uNhleko kumele avele phambi kwalo ngezinsolo zokumiswa kukaMcBride emsebenzini. Lokhu kulandela isicelo sikaMcBride sokuzikhulumela phambi kwekomiti ngaphambi kokuthi amiswe emsebenzini ngoMashi.

Kulo lokho kwanqatshwa yilona ikomiti ngenxa yokuthi kwakusakhulunywa ngendaba kaDramat.

Kodwa ke ukuhamba kukaDramat akumniki ithuba uMcBride lokuthi azithethelele phambi kwekomiti ngoba naye usemisiwe emsebenzini.

UBeukman uthe bafuna uNhleko afike ePhalamende ukuze azoziphendulela.

“Sasho emhlanganweni obungesonto eledlule ukuthi ngeke kuzwakale kahle ukuthi kube yibamba leNhloko ye-Ipid uMnuz Israel Kgamanyane elizosibikela,’’ kusho uBeukman. Uthe uKgamanyane ngeke abe nolwazi ngokumiswa kukaMcBride.

“Sibona kufanele ukuthi kube wuNgqongqoshe okumele asichazele ngophenyo nokuthi seluhambe lwafika kuphi,’’ usho kanje.

Umbiko wakamuva okhishwe yifemu yabameli ezimele ngokuboshwa kukaMcBride uzodingidwa emhlanganweni.

Izolo kubikwe ukuthi le femu yabameli isiphakamise ukuthi uMcBride aboshwe ngeqhaza abanalo ekuhanjisweni kwabaseZimbabwe ngokungemthetho.

Kukhonjwa uMcBride ngokushintsha umbiko othinta uDramat ngalesi sigameko sango- 2010.

Kuze kube yimanje uMcBride usamisiwe emsebenzini, uDramat wasula esikhundleni sakhe.

UBeukman uthe bakubheke ngabomvu ukuthola izimpendulo kuNhleko njengoba ikomiti lingakaze lithole imibiko eqondile ngokumiswa kukaMcBride emsebenzini.

Indida ngowe-NFP ‘oshiyile’

$
0
0

Ziyaqhubeka izinkinga kuNFP kulandela ukwesula esikhundleni kukamgqugquzeli kazwelonke, uMnuz Sipho Mbatha.

|||

MLUNGISI GUMEDE

ZIYAQHUBEKA izinkinga kuNFP eholwa uNkk Zanele Magwaza-Msibi kulandela ukwesula esikhundleni kukamgqugquzeli kazwelonke, uMnuz Sipho Mbatha okuthiwa ukhale ngabaholi abathile athi yibona abamphoqe ukuthi ashenxe.

Yize kungacaci ukuthi uMbatha ushiyile noma uxoshiwe yini kodwa kuthiwa seluyakhulunywa udaba lwakhe ezinhlakeni zale nhlangano.

Udaba lwalo mholi kuthiwa luvelile nasemhlanganweni wesigungu esiphezulu sale nhlangano i-National Working Committee (NWC) obusehhotela iGarden Court, eMhlanga ngoMgqibelo.

Imizamo yokuthola uMbatha izolo ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uNobhala-jikelele wale nhlangano uSolwazi Nhlanhla Khubisa, uthe isigungu sabo asizange sixoshe muntu kodwa samukele incwadi ebivela kuMbatha ebazisa ukuthi useyashiya njengomgqugquzeli kazwelonke.

Umthombo weSolezwe ohlala emihlanganweni ye-NWC uthe bayibonile incwadi ebikhuluma ngokushiya kukaMbatha ebisayinwe abantu abathathu, uSihlalo kazwelonke uMnuz Maliyakhe Shelembe, uKhubisa nePhini likaMengameli uMnuz Alex Kekana.

“Ngokwe-NWC uMbatha usengumgqugquzeli kazwelonke wenhlangano akukho okushintshile,” kusho umthombo.

Sebebaningi abaholi abebesezigungwini eziphezulu zeqembu asebeshiye izikhundla zabo bekhala ngabaholi abathile bethi babamise kabi.

Emhlanganweni we-NWC obuhlose ukuvikela iqembu njengoba libonakala likhungethwe yizinkinga futhi lisengcupheni yokuqumbeke phansi kusukela uNkk Magwaza-Msibi exinwe ukugula nyakenye, kuthathwe isinqumo sokuthi kwenziwe uphenyo ngabasolwa ngokuba amazambane abolile, okuzothi uma izinsolo ababhekene nazo kutholakala ukuthi ziyiqiniso bathathelwe izinyathelo.

Ilungu le-NWC uMnuz Wiseman Mcoyi lithe zikhona izinkinga eqenjini wengeza ngokuthi benza konke okusemandleni ukulungisa isimo.

“Kumanje sibheke ukhetho lokuchibiyela oluzoba seMtubatuba, ngaphandle kwalokho kuza nokhetho lohulumeni basekhaya. Kumele silungise izinkinga esinazo ngoba abantu babhekile ukuthi sizokwenzenjani okhethweni lohulumeni basekhaya,” usho kanje.

UMcoyi uthe ukwenza kahle nokwenza kabi okhethweni lwangonyaka ozayo kuncike kubona njengabaholi beqembu.

UKhubisa uthe abazi lutho ngomhlangano we-NWC obuseMhlanga wathi abebehlangene khona bebezixoxela izindaba zasemakhaya abo hhayi ezeqembu.

“Umthethosisekelo weqembu uyakucacisa ukuthi ngaphambi kokuthi kube nomhlangano we-NWC kumele kuxhumane uSihlalo kazwelonke noMengameli kanti njengoba uMengameli engekho kungaxhumana uSihlalo nePhini likaMengameli. Kodwa lokho akuzange kwenzeke ngaleyo ndlela lowo mhlangano obuseMhlanga bekungesiwo owe-NWC,” usho kanje.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>