UMnuz Julius Malema uzidele amathambo ePhalamende.
|||INTATHELI YESOLEZWE
UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uzidele amathambo ePhalamende izolo wabuza uMengameli Jacob Zuma ukuthi kungani engakhulumi neSilo nendodana yakhe uMnuz Edward Zuma ekutheni bakhuze udlame olubhekiswe kwabokufika.
UMalema ukusho lokhu ngemuva kwesikhashana kuhleli iPhalamende kodwa kungekho nelilodwa ilungu ebelibonakala liphatha igama leSilo njengoba bekugxilwe odabeni lokuzwakalisa ukukhathazeka ngokuhlukunyezwa kwabokufika.
“Mengameli ubonakala ngisho ebusweni ukuthi ukukhuza kwakho udlame olubhekiswe kwabokufika akusuki kuwe ngoba uphethe nenkulumo oyifunda phansi. Njengoba iSilo sishilo ukuthi inkulumo yaso yahlanekezelwa kungani ungaxoxi naso ngalolu daba ukuze sibize abantu sikhuze ngalokhu okwenzekayo.
“Uhlulwa ngisho ukuxoxisana nendodana yakho u-Edward ekhombise ukungabinandaba ebigqugquzela ukungezwani kwabakuleli nabokufika.
“Ngosuku owawuvikela ngalo ukwakhiwa komuzi wakho eNkandla wawubonakala ngisho ebusweni ukuthi awuyithandi le nto ekhulunywayo kodwa kulokhu awukhombisi lutho,” kusho uMalema.
Uqhube wathi uZuma angakwazi kanjani ukuphatha izwe uma esahlulwa yindodana yakhe ukuthi ayikhuze uma isinhlanhlatha.
Ukusho lokhu ngemuva kokuthi uZuma ekhulume ngodlame ekhuza ukuhlukunyezwa kwabokufika kuleli ekhala ngokuthi abantu kumele bakhumbule ukuthi ngesikhathi kukubi kuleli babebakhoselisile emazweni abo.
UMalema kufane nokuthi uyiphakile ngoba nomholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa uphonsele uZuma inselelo ethi nabo bakhona bakhululekile ukuthi bangamphelezela uZuma aye eSilweni bayokhuluma ngalolu daba.
UHolomisa uthe konke lokhu kudalwa wukuthi izwe liphethwe ngabaholi abangenandaba nendlala nokuhlupheka kwabantu kodwa abazicabangela ukuzicebisa bona.
“Sinxusa amalungu ephalamende ukuthi asebenzisane nathi ezinhlakeni zawo ezingaphandle kwalesi sakhiwo ukuze sikwazi ukunqanda lesi sihlava kudalwe ukubekezelelana emphakathini,” kusho uZuma.
Uthe abantu bokufika bayasiza ngoba bafika kuleli namakhono angekho eNingizimu Afrika asiza ekuthuthukisweni komnotho wezwe.
UZuma unxuse abezenkolo nosomabhizinisi ukuthi nabo basondele ukuze kuliwe nokuhlaselwa kwabokufika.
UMnuz Mmusi Maimane we-DA, uthe inkinga okumele kubhekwane nayo kulolu daba eyokuntuleka kwamathuba emisebenzi .
Umholi we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi, uthe kwenziwa yini ukuthi uma kuqubuka lezi zigameko amaphoyisa athathe isikhathi eside ukuthi abophe abenzi bobubi.
Izolo kuke kwabonakala kuphakama imimoya njengento esijwayelekile phakathi kukaMalema noSomlomo uNksz Baleka Mbete kubangwa ukuthi uZuma akadedelwe aphendule indaba yaseNkandla.
UMalema ugcine esekhala ngokuthi uma kusukuma umlungu uMnuz John Steehuisen unakwa ngokushesha kodwa uma kunguye ngoba emnyama ushaywa ngesithende wabe esesola uNksz Mbete ngokusaba abelungu.
Kuthe uma uNksz Mbete esabisa uMalema ngokumxosha kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba ethe akayi ndawo ngoba akezile ephalamende ngoba emenywe nguye wathi sebekhathele imiyalelo yakhe ehlale ichithwa yinkantolo ngoba iphambene nomthetho.
Ubekusho lokhu ngemuva kokuthi ngoLwesithathu iNkantolo yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo sokuthi alikho iphutha ngenkulumo kaMalema yokusola i-ANC ngokuthi yabulala abantu eMarikana.
Ilungu lePhalamende le-FF Plus, uMnuz Corne Mulder, lithe akufanele ngabe kunezenzo ezinje ezenzeka kuleli.
“Kubukeka sengathi kunomoya omubi ojikeleza eNingizimu Afrika. Ishonephi inhlonipho, iqiniso nokuziphatha ngendlela? Esikhundleni salokho sibona umhobholo, ukungahloniphi nenkohlakalo.’’