Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kugxekwa uhulumeni ngolwabokufika

$
0
0

Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu zisola uhulumeni ngokuthatha kancane izigameko zokuhlaselwa kwabokufika.

|||

LUNGI LANGA

IZINHLANGANO ezilwela amalungelo abantu zisola uhulumeni ngokuthatha kancane izigameko zokuhlaselwa kwabokufika.

UMnuz Mthembiseni Thusi woBunye bamahostela uthe bakhathazekile ngendlela ezibukwa ngayo izigameko zokuhlaselwa kwabantu bangaphandle.

“Akukuhle ukuthi lezi zigameko zithathwe njengobugebengu nje ngoba bakhona abanye osomabhizinisi kodwa kuhlaselwa laba abaqhamuka ngaphandle kwakuleli,” kusho uThusi.

Uthe akufanele engabe zibizwa ngobugebengu kepha kufanele zithathwe njengodlame olubhekiswe kwabokufika.

Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwamabhizinisi abavela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika okudlange kakhulu eSoweto, eGoli. Lezi zigameko zisabalale emuva kokubulawa komfana eSnake Park okusolwa omunye umnikazi wesitolo wokufika.

Kuthiwa uMthetheleli Siphiwe Mahori (14) ubulawe ngomunye wabokufika ongumnikazi wesitolo ngoba emsola ngokubamba inkunzi esitolo sakhe.

Ngaphambi kokuvela kwalezi zigameko Isolezwe like labika ukuthi bahleli ngesinqe esisodwa abokufika KwaMashu emuva kokuhlaselwa kwezitolo zabo.

Esinye sezitolo kuthiwa sishaywe ngebhomu kaphethroli emasontweni amathathu adlule.

UThusi uthe uma zingakhuzwa lezi zigameko zizobuyisela elakuleli esikhathini lapho abokufika babehlukunyezwa khona.

“Laba bantu bafike la ngenxa yezinkinga ezahlukene abahlangabezane nazo emazweni abo. Lapha bavule izitolo nosekuvulele abantu bakuleli amathuba emisebenzi,” kusho uThusi.

Uhlabe umkhuba wokuzijezisela izigilamkhuba wathi lokhu kuba nomthelela ongemuhle.

Uthe umkhuba wokuzenzela kulabo abasolwa ngobugebengu owenziwa osomabhizinisi nabantu bakuleli kufanele uhlatshwe.

“Kokunye abantu basuke bazitshele ukuthi bazoshaya lowo abamsola ngobugebengu bese bemshaya endaweni embi kokunye ashone bese besala bona benenkinga,” kusho uThusi.

Abenhlangano i-African Diaspora Forum (ADF) bagxeke uhulumeni ngokuphika ukuthi lezi zigameko ezihambisana nokuhlukunyezwa kwabokufika.

Encwadini ebhalelwe umengameli Jacob Zuma usihlalo we-ADF, uMnuz Marc Gbaffou, uthe kuyakhathaza ukuthi uhulumeni uthatha lezi zigameko njengobugebengu.

Uthe bafuna uhulumeni wakuleli uzigxeke izigameko zodlame olubhekiswe kwabokufika.

UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uzwakalise ukukhathazeka ngokusabalala kwezigameko zokuhlaselwa kwezitolo zabokufika.

Ubale nokubulawa kukasomabhizinisi waseSomalia okuthiwa ubesebenzela eNanda eNhlungwane ngaseNewtown C ngempelasonto.

UMchunu uthe ngokuthola kwabo lo somabhizinisi ubulawe wumlisa ongaziwa okuthiwa ungene esitolo wavulela inhlamvu wabulala lo somabhizinisi

Uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko futhi amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.

Amathimba omnyango asetshaliwe asebenzisana namaphoyisa nabo bonke abathintekayo ezingxoxweni ezizoletha isisombululo kulezi zigameko,” kusho uMchunu.

Izigameko zokuhlaselwa kosomabhizinisi bokufika sezibikwe kaningi elokishini laKwaMashu la sekuphume khona nezidumbu behlaselwa.


UPhiyega ududuze umndeni kaSelebi

$
0
0

UGeneral Riah Phiyega udlulise amazwi enduduzo emndenini wowabe engukhomishana wamaphoyisa uMnuz Jackie Selebi.

|||

UKHOMISHANA wamaPhoyisa uGeneral Riah Phiyega udlulise amazwi enduduzo izolo emndenini wowabe engukhomishana wamaphoyisa uMnuz Jackie Selebi.

“Egameli labasebenzi beSouth African Police Service, ngidlulisa amazwi enduduzo kuNkk Anne Selebi nezingane ngokudlula emhlabeni komyeni wakhe,” usho kanje esitatimendeni.

Njengoba ayengukhomishana wamaphoyisa, abaningi kuSAPS bebesambona uSelebi njengozakwabo nomngani, usho kanje.

UPhiyega uthe bazoninga kakhulu ngemisebenzi emihle kaSelebi neqhaza alibamba ekutheni kube nentando yabantu eNingizimu Afrika.

Umsebenzi wakhe wokuthi kuqedwe nya ukusetshenziwa kweziqhumane ezigqitshwayo emhlabathini nokubuyela ekhaya kwamalungu e-African National Congress ayesekudingisweni yizinto okungafanele sizilibale, usho kanje.

UPhiyega ubezohola ithimba ebelizoya kobhonga emswaneni emzini wakwaSelebi izolo.

USelebi ushone ngoLwesihlanu eneminyaka engu- 64. Ubephethwe wushukela futhi enenkinga yezinso. USelebi wagwetshwa iminyaka engu-15 ejele ngo-Agasti 3, 2010, ngokugwazelwa yisigelekeqe sezidakamizwa u-Glenn Agliotti.

USelebi owake waba yinhloko ye-Interpol waqala isigwebo ngo-2011, emuva kokutholakala enecala lenkohlakalo ngo-2010. Wakhululwa ePretoria Central Prison emuva kokuthola ushwele wokugula.–Sapa

Ushe washona nabazukulu ababili

$
0
0

Owesifazane nabazukulu bakhe ababili bashe bashona ngesikhathi kusha endlini abebelele kuyo eMnqobokazi.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

Owesifazane nabazukulu bakhe ababili bashe bashona ngesikhathi kusha endlini abebelele kuyo eMnqobokazi, eHluhluwe, ngoMgqibelo.

Abazukulu bakwaBukhosini kuthiwa bashe baze bafa endlini belele kwasinda oyedwa okuthiwa kwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela.

Abashonile uNkk Bongekile Bukhosini (62), Lubanzi noNathi Bukhosini, bobabili abaneminyaka emibili.

Kuthiwa osindile yingane eyiwele, uVusiwe Mtshali (4) kodwa kuthiwa ushe kakhulu usabambeke esibhedlela.

Abomndeni banqabile ukuphawula kodwa ikhansela lendawo, uMnuz Solomon Msane, usiqinisekisile isigameko athe senzeke ngehora lesine ngoMgqibelo ekuseni. Uthe abakazi nabo abakayazi imbangela yomlilo kodwa kushe imibhede nezipontshi ebebelele kuzo kodwa indlu kayishanga.

“Ngesikhathi sifika simangazwe wukuthi ikhandlela obekusolwa ukuthi yilo elidale umlilo belikhona lingashanga kodwa lihleli esitsheni salo. Isidumbu sikaNkk Bukhosini besiyamele odongeni enqunu ebeke isandla esihlathini. Izingane zona zishe zangqongqa zingasabonakali. Kube sekubuthwa umlotha wezidumbu zabo,” kusho uMsane.

Uthe ngokuthola ngabomndeni nabo bezwe ngengane esesibhedlela ekwaze ukuphulukundlela.

“Bathe uVusiwe ubone kusha umlilo ngaphakathi wazama ukuphuma noma ubeseshile kodwa wakwazi ukuyongqongqoza kwenye indlu lapho bekulele khoba abanye bomndeni. Kuthiwa kube sekuphuma ngokushesha enye ingane engangabo yazoshaya iwindi izama ukuvula nayo yalimala esandleni. Umndeni uphumile uyozama ukucisha lo mlilo kodwa bese beshile futhi sebeshonile,” kusho uMsane.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuphawula ngokwenzekile.

Imeya kaMasipala waseBig 5, uNkk Cathrine Gumede, uthe naye ufikile ekhaya okulimalele abantu kulo wathola ukuthi isimo somndeni siyadabukisa kakhulu.

Uthe basazohlangana bewumkhandlu bathole ukuthi bangawusiza kanjani umndeni.

Abazali bachithe umphathi wesikole

$
0
0

Kuphazamisekile ukufunda eMamfene Primary School eJozini, abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bevuka umbhejazane bexosha uthishanhloko omusha.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

KUPHAZAMISEKILE ukufunda eMamfene Primary School eJozini, abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bevuka umbhejazane bexosha uthishanhloko omusha. Bathi azikho izingane ezizofunda kulesi sikole kuze kube uyakhishwa kuqhubeke obevele ephethe.

UMnuz Mthandeni Shezi (osesithombeni) uqashwe uMnyango wezeMfundo ukuba azokwengamela lesi sikole. Kuthiwa waqashwa ngemuva kokuphasa inhlolokhono ehlula uMnuz Wilson Mabika obebambile kulesi sikhundla. Isolezwe lizifikele mathupha emhlanganweni wabazali ebebe-mbhozomela umhloli wesiyingi kuwo uMnuz Sipho Mthembu bemsola ngokuthi ubalethele uthisha abangamazi. Isimo besishubile kwabizwa namaphoyisa ukuze ubakhuze. Basole umhloli uMthembu ngokuthi uqashe uShezi maqede isigungu esengamele isikole sangaziswa ngokuqashwa kwakhe. Bathi bafuna ukwazi ukuthi kungani engaphumelelanga uMabika ekubeni kweyokuqala wayiphasa uMabika kwakhononda abeSadtu bamkhipha. Ilungu lomphakathi uMnuz Khethaliphi Zondo uthe abamfuni omunye uthishanhloko.

“UMabika uneminyaka engu-27 kulesi sikole, selokhu wafika amakilasi esewu-4. Uyasisiza noma ngabe sifuna luphi usizo ngezingane zethu uyasilekelela, lo (uShezi) asimazi,” kubhoka uZondo.

UMthembu ugcine engakhulumanga kulo mhlangano abethukwa kuwo wumphakathi ngoba ikhansela le ndawo uMnuz John Siyaya lisukume lawuvala.

“Ngiyawuvala lo mhlangano ngoba awulawuleki. Wena Mthembu lalela abantu ukuthi bathini. Iya kotshela umnyango ukuthi umphakathi awumfuni lo thisha wakho uwuchazele ukuthi uthi awuqondi waqashwa kanjani,” kusho uSiyaya enanelwa ihlombe.

“Bengilindele ukuthi sizosebenzisana njengabaholi sitshele umphakathi okuliqiniso. Wonke umsebenzi wanikwa isigungu sesikole. Futhi sinekomidi elibhekelele izikhalo. Leli komidi lathi akukho okusolisayo ekuqashweni kukaShezi,” kusho uMthembu ethi uShezi uzosiphatha isikole kumnyama kubomvu.

Usihlalo wesigungu esengamele isikole, uNkk Qokozile Gama, uthe akaqondi ukuthi uShezi waqashwa kanjani.

“Inhlolokhono yokuqala wayiphasa uMabika. Owayethunywe wumnyango wabala amaphuzu wathi nguMabika ophumelele. Sekufane sisayine kwavela oweSadtu owathi ngeke asayine ngoba kukhona angakuzwanga ekusho uMabika kwase kuqalwa phansi. Kwalandela ukuthi singakhonjiswa amaphuzu sabona sekufika uthisha omkhulu esingazi uphase kanjani,” kusho uNkk Gama.

Kubhuntshe umcimbi kudonsisana izinhlaka

$
0
0

Kubhuntshe umcimbi wokuhlonipha udokotela wokuqala omnyama wase-Adams Mission.

|||

ZANELE MSOMI

KUBHUNTSHE umcimbi wokuhlonipha udokotela wokuqala omnyama wase-Adams Mission obekumele ube ngeSonto ngenxa yokungaziswa kwezinye izinhlaka ezithintekayo.

Bese kumi ngomumo ngomcimbi kaDkt John Mavuma Nembula obuhlelwa ngokuhlanganyela nehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu.

Bekuzokwembulwa itshe elinomlando oyisikhumbuzo ngoDkt Nembula, elifakwe emagcekeni esonto i-United Congregational Church of SA (UCCSA), e-Adams Mission.

Inhlangano ebhekene nokuvikela amagugu i-Amanzimtoti Mission Reserve Trust Board kuthiwa ibe nesandla ekutheni kubhuntshe umcimbi ngenxa yokunganeliseki.

UMnuz Majoka Msane onguSihlalo webhodi usola ukubukelwa phansi yihhovisi likaNdunankulu emnyangweni wezamagugu. Ukhala nangokufakwa kwetshe lesikhumbuzo emagcekeni esonto ngaphandle kokuthinta bona nezinye izinhlaka zomphakathi eziyingxenye yomlando namagugu.

“Bekuwuhlelo lwabathize lokuzihlomulela kusetshenziswa igama likaNembula. Umcimbi sicele ukuthi umiswe ngoba asibizwanga njengenhlangano yomphakathi eyaba yingxenye ekutheni kuhlelwe lo mcimbi omkhulu kangaka,” kusho yena.

UMajoka othi uyilungu elidala kulo mphakathi, uthi nguye owasukumela ukuthi kuhlonishwe uNembula wazikhandla ecwaninga ngomlando wakhe. Uthi waziyela ehhovisi likaNdunankulu eyonxenxa ukuthi kuhlonishwe leli qhawe.

Umndeni kaNembula nawo uyakhala ngokungathintwa ngezinhlelo zalo mcimbi. NgoSepthemba Isolezwe labika ngokunganeliseki komndeni okubalwa uNksz Ziningi Nembula ongumzukulwana. Wakhala ngokushiywa ngaphandle ezinhlelweni zokuhlonipha uNembula, athe sekufike kaningi abathi bathunywe uhulumeni belungiselela umcimbi.

“Siyazijabulela izinhlelo zokukhunjulwa kukakhokho ngoba waba ngudokotela wokuqala omnyama ukuyofunda phesheya wabuya wazosebenza lapha. Okusiphatha kabi wukuthi ezinhlelweni ezenziwayo asikho ndawo,” kusho uNksz Nembula.

UMnuz Sibusiso Magwaza okhulumela ihhovisi likaNdunankulu uvumile ukuthi ngoLwesihlanu bathola umbiko wokuthi kunabafuna kumiswe umcimbi.

“Sithole ukuthi kunokungezwani phakathi kwesonto nomndeni okwenze sanquma ukuthi kungaqhutshekwa nomcimbi. Sinqume ukuthi izinhlaka ezinenkinga mazizame ukuhlangana ziyixazulule bese ziyasithinta,” usho kanje.

UDkt Nembula ngelinye lamaqhawe okukhalwa ngokuthi awahlonishwa ngokwanele. Wafundela ubudokotela eChicago University, eMelika wabuya wazofundisa e-Adams College ngo-1988. Wabuye wayosebenza njengodokotela eMsinga. Kunesikole esiqanjwe ngaye eManzimtoti.

Kukhalwa ngesomiso esihlasele e-KZN

$
0
0

Uhulumeni usufake imali engaphezulu kuka-R350m ozobhekana nezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal.

|||

KAMCILLA PILLAY

UHULUMENI usufake imali engaphezulu kuka-R350 million ozobhekana nezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal njengoba kuhlasele isomiso esibhubhisile emfuyweni nasemasimini.

Uma isimo siqhubeka kuzogcina sekuphazamiseke nezinhlelo zokulethwa kwamanzi emakhaya okungaholelela ekutheni nezingane zesikole ziphazamiseke ngenxa yokuntuleka kwamanzi.

Njengoba kuhlasele isomiso nje, kusekhona izindawo kuMasipala weTheku ezisaxhaxhaza amanzi usuku lonke ikakhulukazi emalokishini nompompi abashiywa bevuliwe.

Abalimi nabafuyi KwaZulu-Natal yibo okwamanje abashayeke kakhulu ngoba bafelwa yimfuyo yabo ngenxa yokusha kwamadlelo.

UMnyango wezaManzi noKukhuculula ophethwe wuNkk Nomvula Mokonyane ngempelasonto umemezele ukuthi uzofaka isandla ekusizeni izindawo ezishayeke kakhulu esifundazweni ngenxa yesomiso. Lezi zindawo ezingaphansi kweLembe kanye nakumasipala wasoGwini.

UMnuz Siyabonga Madlala, womfelandawonye iMasomini Co-operative otshala umoba eGlendale, eStanger, uthe ngenxa yesomiso umkhiqizo wabo wehle ngo-R6 million kulokho okujwayelekile.

Abe-National African Farmers’ Union of SA bathe amalungu abo aselahlekelwe yizigidi ngenxa yokufa kwemfuyo nezitshalo. USihlalo wayo, uMnuz Mandla Buthelezi, uthe nabamadele balahlekelwa kakhulu ngenxa yesomiso.

“Amadolobha amaningi oThungulu okuhlanganisa uMtubathuba, St Lucia kanye neRichards Bay asethule izinhlelo zokongiwa kwamanzi ukuze kubhekwane nesimo esihlasele.

“Amadolobha akumasipala waseMzinyathi njengeNquthu, Tugela Ferry, eMsinga, kuze kuyoshaya eDundee nawo asethule izinhlelo zokongiwa kwamanzi.”

Ngokusho kwesikhulu soMnyango, uMnuz Ashley Starkey, lokhu kungenelela kwabo okwesikhashana bakwenzela ukusiza labo masipala asebenazo izinhlelo zokongiwa kwamanzi.

Uthe bazosiza ngokuthunyelwa kwamathangi amanzi kulungiswe nezindawo eziyizimpophoma zamanzi kumasipala waseMzinyathi.

“Izinhlelo zesikhathi eside zihlanganisa ukulungiswa kwepayipi iSouth Coast Pipeline kumasipala Ugu, kuphinde kusheshiswe ukulungiswa kwedamu lamanzi KwaBani Dam kanti kuzophinde kwenziwe ngcono nohlelo lokuphakelwa kwamanzi ezindaweni zasoThukela,” kusho uStarkey.

Uthe wonke amadamu akwaMngeni Water ashile okwenza isikalo samanzi sibe ngaphansi kakhulu kunaleso esasiyiso ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

UMnyango wezaManzi noKukhuculula usebenzisana nowokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usungule ikomiti elizobhekelela izinhlekelele ukuze kulethwe usizo ezindaweni ezidingayo. Idamu elikhulukazi eThekwini iHazelmere Dam emasontweni amabili edlule belimumethe amanzi angu-37% kodwa manje selehlile laba ku-34%.

Okhulumela Umngeni Water, uShami Harichunder, uthe isimo namanje asikakabi ngcono njengoba nemvula ingabonwa.

Izangoma zezulu zihlayimbisela ukuthi lingase lize liyidlive ngoMashi. Ezindaweni ezisoGwini lesifundazwe akukabi khona ushintsho ngendlela abantu abalulekwa ukuthi basebenzise amanzi ngayo kodwa kumasipala waseHibiscus Coast kunezinhlelo zokuba baqale ukonga amanzi noma isimo khona siya ngokuba ngcono.

Ngo-Okthoba isomiso bese sivele sihlasele kwezinye izindawo, njengedamu Umzinto EJ Smith, neNungwane ephakela izindawo ezifana no-Adams Mission, KwaMakhutha kuze kuyoshaya eManzimtoti. Amanzi abesevele eseqalile ukusha kulezi zindawo.

UHarichunder uthe isimo sibi kakhulu ngoba namanzi asele abakwazi ukuwenza lutho ngoba mancane kakhulu.

Kuboshwe ‘owaka abantu emakethe’

$
0
0

Kuboshwe owesifazane okuthiwa ungowokudabuka e-Eastern Cape osolwa ngokuwaka abantu imali ebathembisa umsebenzi.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE owesifazane okuthiwa ungowokudabuka e-Eastern Cape osolwa ngokuwaka abantu imali ebathembisa umsebenzi.

Owesifazane kuthiwa uboshwe ngoMsombuluko ntambama emakethe kuWarwick Avenue emuva kokuthi ebanjwe ngabantu abebawaka bamqhuba bamyisa emaphoyiseni.

Kuthiwa utholwe namakhathakhatha, isilwane ongathi yinyoni namakhophi omazisi abantu okusolwa ukuthi ubewathatha uma esebathembisa umsebenzi.

Kuthiwa ubethatha imali engu-R300 noma u-R350 kubantu ethi bazowuthola nakanjani umsebenzi.

Imisebenzi abebathembisa wona kuthiwa ubethi isemkhunjini kanti kunezingane zakhe ezisebenza khona ezizobafaka.

Abanye kuthiwa ubebagcoba okusamafutha abethi awesilwane thizeni futhi azobasiza ukuthola umsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa eThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe owesifazane ubekwe icala lokweba esebenzisa amanga.

Kulindeleke ukuthi umsolwa avele namuhla eNkantolo yeMantshi, eThekwini.

UNdlovu uthe abantu bahlale bexwayiswa ngemisebenzi ekhokhelwayo.

“Namanje siyawuxwayisa umphakathi ukuthi awuyeke ukukhokhela abantu abathembisa umsebenzi behlangana nabo endleleni bengakaze babone kunesikhangiso salowo msebenzi,” kusho uNdlovu.

Uthe njengoba kunguJanuwari kuyaziwa ukuthi abantu abaningi bamatasa baphuma bayangena bafuna imisebenzi, nabantu abanezinhloso zabo basebenzisa lona leli thuba ukuwaka abantu ababheka umsebenzi nabahluphekile.

Basinde ngokulambisa abokufika bedutshulwa

$
0
0

Zibhebhethekisa okomlilo wequbula izehlakalo zokuhlaselwa kwamabhizinisi abokufika kuleli eziqale ukushuba eSoweto.

|||

MLUNGISI GUMEDE

ZIBHEBHETHEKISA okomlilo wequbula izehlakalo zokuhlaselwa kwamabhizinisi abokufika kuleli eziqale ukushuba eSoweto eGoli ngeSonto eledlule.

EHammarsdale, abesilisa ababili baseSomalia basinde ngokulambisa ngesikhathi bedutshulwa ngamadoda amane ngoMsombuluko ebusuku.

UMnuz Farah Mahamud (31) noMnuz Hasan Nuuryyo (34) bebezihlalele emotweni ngaphandle kwesitolo sikamfowabo ngesikhathi kuqhamuka la madoda, amabili kuwo ephethe izibhamu.

“Athe asiphume emotweni sikhiphe omakhalekhukhwini bethu nemali sanqaba, enye yawo yaqala yadubula ibhekise kithina ngesikhathi abanye begijima beyongena esitolo beyophanga imali,” kusho uMahamud.

Uthe lona obebadubula udubule amahlandla amaningi kodwa ebageja.

“Sibonga u-Allah ngoba kumele ngabe kukhulunywa ukuthi sifile kodwa sasinda ngenxa yomusa wakhe,” usho kanje.

Uthe la madoda abebadubula abawazi kodwa wengeza ngokuthi bayasola ukuthi kukhona umuntu obewathumile.

“Ziningi izitolo ezingomakhelwane bethu, thina sivule emasontweni amathathu edlule, sisanda kuthola ukuthi omakhelwane abanezitolo bayakhala ngokuthi amanani ethu ezimpahla aphansi, bathi sibulala ibhizinisi labo,” usho kanje.

Uthe bafike eMpumalanga ezinyangeni ezithathu ezedlule base bakha isitolo.

“Besisuka eWitbank eMpumalanga nakhona sibaleke ngoba kade sihlukunyezwa ngabanikazi bezitolo balapha eNingizimu Afrika abebeyizimbangi zethu,” usho kanje.

UMahamud uthe isizathu esenza bahlaselwe ngamanani aphansi ezimpahla zabo.

“Sisithusile lesi sigameko kodwa ngeke size siyeke ukudayisa ngoba siphila ngakho. Thina izimpahla zethu sizibiza kancane ngoba asijahile ukwenza inzuzo eningi inhloso yethu enkulu ukusiza abantu abahlwempu,” usho kanje.

Uthe isinkwa sabo esinsundu sibiza u-R10, esimhlophe basibiza u-R11, kanti abanikazi bezitolo balapha eNingizimu Afrika bona izinkwa zabo zibiza ngo-R1, uma kuqhathaniswa nalezi zabokufika.

Abokufika i-1.5 litre ye-cold drink bayidayisa u-R10, abalapha eMzansi bayibizisa u-R12.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker uthe amaphoyisa aseMpumalanga aphenya icala lokuzama ukubulala okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Kuhlaselwa la madoda aseSomalia nje eMpumalanga, vele kunochungechunge lwezigameko zokuhlaselwa kwabo koKagiso nakoSoweto eGoli, lapho kucekelwa phansi izitolo zabo kuphinde kuntshontshwe nezimpahla zabo.

Lesi sihlava sijwayele ukuqubuka eNingizimu Afrika. Ngasekupheleni konyaka odlule kuhlaselwe izitolo zabokufika KwaMashu.

Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu sezizwakalise ukukhathazeka kwazo ngalesi sihlava zisola uhulumeni wakuleli ngokuhudula izinyawo.


UMfundisi Xundu uzongcwatshwa ngokukhethekile

$
0
0

UMengameli Jacob Zuma ukhiphe umyalelo wokuthi kuhlonishwe uMfundisi webandla lamaSheshi ngomngcwabo okhethekile kahulumeni.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI Jacob Zuma ukhiphe umyalelo wokuthi kuhlonishwe uMfundisi webandla lamaSheshi ngomngcwabo okhethekile kahulumeni.

Umfu Mcebisi Xundu waba ngomunye babaholi bezenkolo abayibamba ishisa ngezikhathi zomzabalazo, ikakhulukazi KwaZulu-Natal lapho okwakudlange khona ukungezwani kwezepolitiki.

UZuma unxuse ukuthi kumele amafulegi asezakhiweni zombuso ase-Eastern Cape okuyilapho ashone esezinze khona ukuba andizele phansi kulesi sikhathi ukuze kuzilelwe ukudlula emhlabeni kukaXundu ngosuku lwakhe lomngcwabo kusasa.

Ube esedlulisela amazwi enduduzo emndenini kaXundu wadabuka kakhulu ngokushona kwakhe echaza namagalelo awakhombisile emzabalazweni wokukhulula abamnyama ebugqilini bobandlululo.

Umngcwabo wombuso owabakhethekile ababenendima ebonakalayo esizweni njengoba uhlukaniswe izigaba ezintathu.

n Kukhona iState Funeral okungumngcwabo ongaphansi kuka-category 1 lapho kusuke kuhlonishwa khona umengameli osesihlalweni ngaleso sikhathi nalabo abasuke sebathatha umhlalaphansi.

n Kube iState Funeral Category 2 lapho kusuke kungumngcwabo wombuso ohlonipha iphini likamengameli, umengameli usuke ebambe okwesikhashana nalabo abasuke bebekulezi zikhundla kodwa asebathatha umhlalaphansi.

n Officil Funeral Category 1, lona umngcwabo onikezwa oNgqongqoshe, uSomlomo wePhalamende, Inhloko yamaJaji, uSihlalo woMkhandlu weziFundazwe, Ondunankulu bezifundazwe, bese kuba abantu abathize abasuke behlonzwe uMengameli njengababalulekile.

n The Official State Funeral Category 2. Kulesi sigaba somngcwabo kusuke kuhlonishwa unkosikazi kaMengameli obusayo ngaleso sikhathi, uNkosikazi wephini likamengameli, amaphini oNgqongqoshe, iphini likaSomlomo wePhalamende, iphini likaSihlalo woMkhandlu weziFundazwe osuke ehleli ngokugcwele kulesi sikhundla, iphini leNhloko yamaJaji, uMengameli weNkantolo yezokudluliswa kwamacala kuleli.

n I-Provincial Official Funeral ihlukene izigaba ezimbili, okukhona uCategory 1 lapho okungumngcwabo kaSomlomo weSishayamthetho nesigungu sekhabhinethi .

n U-Category 2 owephini likaSomlomo wesiShayamthetho bese kuthi umngcwabo kahulumeni okhethekile wesifundazwe kuya ngokuthi uNdunankulu unaso yini isifiso sokuthi umholi othile noma isakhamizi esithile sithole lowo mngcwabo osezingeni likahulumeni.

Kunqobe abazali kolothisha eThabela

$
0
0

Ugobe uphondo okwesikhashana uMnyango wezeMfundo ngodaba lothisha abangafunwa esikoleni sakwaNyuswa.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UGOBE uphondo okwesikhashana uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngodaba lothisha abangafunwa esikoleni sakwaNyuswa eThekwini njengoba ugcine uvume isicelo sabazali sokuthi kuqhubeke othisha ababebambe okwesikhashana kusamiswe ababasola ngokuhlupha eThabela High School.

Kusuka ngoLwesine isimo sibuyele kwesejwayelekile okokuqala selokhu kwavulwa izikole ngemuva kokuphazamiseka okudalwe abazali abebevuka bayoqhinqa ekuseni ngaphakathi begade ukuthi bangangeni othisha abayisikhombisa abamiswa ngonyaka odlule ngezinsolo zokuthengela abafundi utshwala ngoba befuna bahluphe.

NgoLwesithathu abazali bavalela isikhulu sezemfundo esikoleni besho ukusiqeda befuna sibachazele ukuthi babuyiswa nini othisha abebebambele abamisiwe.

USihlalo wesigungu sabazali uMnuz Sbusiso Shangase uthe nakuba uMnyango ubatshele ukuthi usadinga ukuxoxa nabo ngalolu daba kodwa bakujabulele ukuthi ukuzwile abebekhala ngakho.

“Kusijabulisile ukuthi uMnyango usizwile wasibuyisela labo thisha abalethwe ukuzovala izikhala zalaba esingabafuni. Sisamile thina ekutheni asibadingi labaya abahamba ngenxa yezigemegeme zabo,” kusho uShangase.

Uthe selokhu uMnyango ubuyise laba abebebadinga babona kwehle umthwalo ngoba selokhu befike ngonyaka odlule bezovala izikhala zalaba ababesolwa ngokuhlupha kuguquke izinto kwenyuka nesibalo sokuphumelela kwabafundi bakamatric.

Lesi sikole selokhu savulwa bekunezinkinga kwaze kwajutshwa amaphoyisa ukuthi asiqaphe.

IThabela ingene ehlazweni lokutholakala kwezitifiketi zikamatric zabafundi abebehlulwa ukukhokha imali yesikole ebezibalelwa ku-200 okuyinto ethuse abaningi njengoba kuvele ukuthi abanye abafundi balahlekelwe ithuba lemifundaze ngenxa yalesi senzo sokugodla imiphumela yabo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe bathathe isinqumo sokuthi babhekelele ilungelo lezingane lokufunda ngaphandle kokuphazamiseka okwenze babona kungcono ukuthi babuyise labo thisha abebedingwa ngabazali ngesikhathi kusaxoxwa udaba lwalaba abanye .

“Sinqume ukuthi labo thisha sibanikeze isikhathi esiyinyanga setoho besebenza kulesi sikole ukuze kuzothi sisaxoxa nabazali ukulungisa isimo kodwa izingane zingaphazamiseki.

“Baqale ukusebenza ngoLwesihlanu kanti konke kuhamba kahle nokufunda kuqhubeka ngohlelo lwakhona okwamanje,” kusho uMahlambi.

Kufunwa abesifazane abadlwengule owesilisa

$
0
0

Amaphoyisa athungatha abesifazane abathathu abasolwa ngokudlwengula ibhungu elineminyaka engu-21 laseDiepsloot.

|||

SHAIN GERMANER

AMAPHOYISA athungatha abesifazane abathathu abasolwa ngokudlwengula ibhungu elineminyaka engu-21 laseDiepsloot ngeSonto ebusuku.

Ngokokhulumela amaphoyisa aseDiepsloot, uWarrant Officer Daniel Mavimbela, abasolwa bebehamba ngeToyota Tazz emhlophe ngesikhathi behlangana nebhungu e-Extension 12.

“Bazenze abantu abalahlekile base bebuza ibhungu ukuthi libayalele indawo. Esikhaleni omunye wabo uvele wakhomba ibhungu ngesibhamu,” kusho uMavimbela.

Ibhungu liphoqwe ukuthi lingene emotweni lihlale esihlalweni esingemuva ngesikhathi ishaya ichitha.

Bafike emgwaqweni u-R114 nokuthe uma bephuma emotweni omunye walaba besifazane wavele wakhumula.

“Ibhungu liphoqiwe ukuthi liye ocansini naye likhonjwe ngesibhamu. Emuva kwalokhu, ibhungu lishiywe eceleni komgwaqo,” kusho uMavimbela.

Wengeze ngokuthi yize inhloso yesenzo ingakaziwa, amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi uhlale uqaphile uma uhlangana nabantu ongabazi, amadoda nabesifazane.

Noma ngabe ngubani onolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa kufanele axhumane noLieutenant-Colonel Lucia Madinginye ku-082 568 4589, afonele iCrime Stop ku-08600 10111 noma athumele iSMS kuCrime Line ku-32211.

Ekuqaleni kwale nyanga, owesifazane uboshelwe ukudlwengula indoda eBolobedu, eLimpopo.

Kuthiwa owesifazane (46) udlwengule owesilisa omncane kunaye emuva kokumcela ukuthi amenzele imisebenzi ethize. Owesilisa ubedlula ngendlela emzini walo wesifazane wabe esembiza.

Ngokwemibiko yemithombo yabezindaba, owesifazane ubizele endlini le ndoda, wabe esekhiya isicabha wamdlwengula ubusuku bonke.

shain.germaner@inl.co.za

Iyinkinga eyengqungquthela ye-ANC

$
0
0

Kuze kube manje alukadalulwa usuku lokuhlala kwengqungquthela ye-ANC eThekwini.

|||

LEE RONDGANGER

KUZE kube manje alukadalulwa usuku lokuhlala kwengqungquthela ye-ANC eThekwini njengoba kusanenkinga yokulwa kwamalungu emagatsheni aleli qembu.

Abaholi be-ANC bathe kusenemigudu okusafanele iphothulwe kuqala ngaphambi kokuthi kukhishwe usuku lokuhlala kwengqungquthela.

Imithombo engaphakathi iveza ukuthi kubekwe usuku lwangoFebhuwari 13 lokuhlala kwengqungquthela kodwa akekho ofuna ukuqinisekisa lolu suku.

Okwamanje kuvela ukuthi uMnuz James Nxumalo nguyena ohamba phambili ngezibalo zamagatsha njengoba esephakanyiswe emagatsheni angu-47 kwathi imbangi yakhe uNkk Zandile Gumede waphakanyiswa ngamagatsha angu-29.

“Sekuvele kucacile ukuthi amagatsha afuna uNxumalo ukuthi athathe izintambo zokuhola uKhongolose eThekwini kodwa uhlelo lonke lokuphakanyiswa kwamagama luphazanyiswa yilaba ababonayo ukuthi izinto azibahambeli kahle,” kusho umthombo.

NgoMsombuluko kuvele enkantolo yaseMlazi unobhala wegatsha lakhona uMnuz Sihle Chiliza, ngezinsolo zokuzama ukubulala elinye ilungu lenhlangano nokusolakala ukuthi uligwaze emhlanganweni obungeSonto .

Icala lakhe lihlehliselwe uFebhuwari 23, kanti yena usazoqhubeka agqunywe esitokisini.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthe udaba lodlame emagatsheni yilona olubaphethe kabi.

“Ikhona inkinga yokungezwani emagatsheni nokulwa kwamalungu kodwa siyalusebenza udaba lwakhona ukuze isimo silawuleke njengoba konke sikwenza ngokulandela imigudu yangaphakathi kuKhongolose,” kusho uZikalala.

Okwamanje angu-67 amagatsha asehlalile kanti okungenani kudingeka abe ngu-73 kwangu-103 azokwazi ukumelana nosuku olugujuqu ukuze kuhlale ingqungquthela.

Le ngqungquthela isihlehliswe izikhathi eziningana njengoba kwakufanele ibe sekuqaleni kukaDisemba yaphinde yahlehliselwa isonto elalilandelayo lapho nakhona kwaphuma isinqumo sokuthi isiyabhuntsha.

Umsindo abamatekisi bekhokhisa ‘omalume’

$
0
0

Bathwele kanzima “omalume” abathutha izingane ezifunda ezikoleni zaseSydenham eThekwini.

|||

BONISWA MOHALE

BATHWELE kanzima “omalume” abathutha izingane ezifunda ezikoleni zaseSydenham eThekwini njengoba usoseshini wamatekisi kuleya ndawo ushaye umthetho wokuthi izimoto ezivela kwamanye amalokishi kumele zikhokhe u-R1 000 njalo ngenyanga.

Ngokusho komalume abathe bavela KwaMashu, eClermont, Ntuzuma, eNanda, Chesterville naseMlazi, izikhulu zamatekisi aseSydenham zithe azibafuni endaweni yazo futhi bazokhokhiswa njengoba bezosebenza kuyo.

UMnuz Sthembiso Zondo waKwaMashu, utshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi kuvulwa izikole izikhulu zamatekisi aseSydenham zicele ukuhlangana nabo.

“Siye emhlanganweni ngoMsombuluko lapho sifike satshelwa khona ukuthi asidingeki eSydenham ngoba yindawo yamakhaladi. Uma sifuna ukusebenza khona siqhubeke nokupaka izimoto zethu kumele sikhokhe u-R1 000 njalo ngenyanga. Uma sibuza ukuthi ngowani lo-R1 000 sitshelwe ukuthi ngowokusebenza eSydenham okuyindawo okungesiyo eyethu ngoba thina sivela emalokishini bese siletha izingane la emagcekeni kasoseshini waseSydenham. Bathe esikwenzayo akukho emthethweni ngakho kumele sikhokhele ukusebenzisa indawo yabo. Kusixakile lokhu kodwa siye sabona ukuthi bazimisele ngabakushoyo ngoba besikhonjwe ngezibhamu,” kusho uZondo.

Izolo omalume babuthelane esiteshini samaphoyisa eSydenham beyobika inkinga ababhekene nayo.

Omunye umalume uMnuz Lindelani Mabaso, othutha izingane ezisuka eNtuzuma, uthe okubenza basukume wukuthi umhlangano ubungoMsombuluko kanti imali ifuneka namhlanje futhi kuthiwe ongayikhokhi imali uzoshaywa phambi kwezingane azithuthayo.

UMnuz Mfanafuthi Nyembe waseNanda ukhale ngokuthi uma behlukunyezwa kusho ukuthi izingane ngeke ziye ezikoleni wacela ukuthi udaba lwabo lungenelelwe nguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu.

“NgoMsombuluko izikhulu zaseSydenham zisitshele ukuthi akukho esizokwenza sizowukhokha u-R1 000 ngoba ziphethe ebhodini yoMnyango wezokuThutha futhi namaphoyisa ziwaphethe. Sicela uNgqongqoshe uMchunu angenelele ngoba asisazi ukuthi sibike kubani futhi wawuzwaphi nje ukuthi izimoto kumele zikhokhele ukuhamba endaweni ethile.

“Sithutha izingane ezifunda enkulisa nasezikoleni zamabanga aphansi ngoba esezifunda amazinga aphezulu ziyazigibelela, imali edingekayo inkulu kakhulu ngeke sikwazi ukuyikhokha,” kusho uNyembe.

UMnuz Kwanele Ncalane okhulumela uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe akekho umuntu onelungelo lokukhokhisa abanye imali ngokusebenza endaweni ngoba ngamaphoyisa omgwaqo kuphela analelo lungelo.

“Sizolusukumela siluphenye lolu daba ngoba akekho umuntu onelungelo lokukhokhisa omunye imali ngokuthi usebenza endaweni yangakubo. Sinxusa bonke abathintekayo ukuba baxoxisane kutholwe isisombululo nathi sizoluphenya. Abahlukumezekayo kufanele basibikele noma baye emaphoyiseni ngoba yithina esinelungelo lokukhokhisa abantu imali uma bephula imithetho yezokuthutha hhayi ukuthi bavele bakhokhele ukusebenza endaweni,” kusho uNcalane.

Imizamo yokuthola abakhulumela usoseshini waseSydenham ayiphumelelanga njengoba ucingo lomkhulumeli kasoseshini uMnuz Santosh Syd belukhala lungabanjwa.

Inkosi imuhluze umfundi ngenxa ka-R50

$
0
0

Uphazamiseke esikoleni umfundi waseNdwedwe othi ugqenywe ingozi yinkosi yakwaHlophe eMkhukhuze.

|||

BAWINILE NGCOBO

UPHAZAMISEKE esikoleni umfundi waseNdwedwe othi ugqenywe ingozi yinkosi yakwaHlophe eMkhukhuze, wavaleka amehlo waze wayotishwa isiphongo ebesilimele ngempelasonto.

UMnuz Khulekani Msomi (24) ofunda uMatric eSfisosethu Secondary eNdwedwe usale emabokoboko ebusweni emuva kwesibhaxu athi usinikwe yiNkosi uBongani Hlophe ngoMgqibelo ebusuku.

Uthe washaywa emuva kokuhilizisana nenkosikazi yenkosi ifuna ngenkani u-R50 wayo ayewuboleke evakashela unina eWaterloo ngoNovemba.

UMsomi obehamba nonina, uNkk Gugu Mnyandu ngesikhathi efike emahhovisi eSolezwe uthe wayeyolanda ilambu lakhe lokutadisha emzini wenkosi ngesikhathi ethola isibhaxu.

“Ngijwayele ukuyoshaja ifoni noma leli lambu lami lokutadisha emzini wenkosi ngoba kukhona ugesi khona,” kusho uMsomi.

Uthe wafika wangena endlini yomshana wenkosi abajwayelene naye omsiza ngokushaja, wabingelela wase ecela ilambu.

“Banginika ilambu ngoplastiki, ngahlala. Kwaqhamuka inkosikazi yenkosi yathi icela uMehlo. Sabukana sonke endlini ngoba asimazi lowo kanti ugcona mina. Wangibiza saphuma. Wangihlwitha ilambu engangiligodlile walijikikela kuNdabezitha,” kusho uMsomi.

Uthe waphindela endlini wayohlala.

“Ngathi ngisahlala yayingena inkosikazi yenkosi yangihlwitha ophaqa beNike engangibagqokile, ngabahlwitha nami. Yathi ifuna imali yayo, yangiphuthaza emaphaketheni yakhipha ukhiye wendlu sawubanga sidudulana saze saphumela emnyango,” kusho uMsomi.

Uthe sebesemnyango inkosi ayibange isabuza yagadla kuye ngesikhuni onyaweni, yamshaya.

“Wangishaya ngesikhuni ekhanda wangijikijela ngetshe esiphongweni ngaphophoza igazi. Ngagcina ngisizwe yikhansela lendawo elangiyisa ekilinikhi lapho ngithungwe khona,” kusho uMsomi.

Uthe imali ubethi uzoyikhokha uma eseholile lapho ebambe khona itoho ngoba nakubo akashongo ukuthi kukhona amkweletayo.

UNkk Mnyandu ongahlali nendodana yakhe uthe ubengazi ukuthi indodana yakhe iyakweleta ngoba ngabe wayinika imali.

“Ngithole ucingo ekuseni ngeSonto sekuthiwa ulimele.

“Sizamile ukuxoxa nenkosi sicela ukuthi ikhiphe imali yasesibhedlela kodwa yala ukhasha,” kusho uNkk Mnyandu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Inkosi ivele kafushane enkantolo izolo, icala lakhe lahlehliselwa uFebhuwari 27.

Injabulo kutholwa intombazane ebidukile

$
0
0

Itholakale eFolweni seyizitholele isoka ingane obesekuphele amasonto angaphezu kwamathathu inyamalele.

|||

LUNGI LANGA

ITHOLAKALE eFolweni seyizitholele isoka ingane (16) yaseMlazi kwaV obesekuphele amasonto angaphezu kwamathathu inyamalele.

UNomfundo Happiness Madlala waseMalandeni kwa-V okuthiwa uthatha kancane esikoleni utholakale ngoLwesibili emini emuva kokubonwa amalungu omphakathi kwiSolezwe.

Leli phephandaba like labika ngokuduka kwakhe.

Unina, uNksz Bonisile Madlala obekhathazekile ngendodakazi yakhe uthe kumjabulisile ukuyithola kodwa ukhathazekile ngesimo etholakale kusona. Uthe itholwe ihlala nowesilisa oneminyaka engu-22 owusicabha.

“Utholakale eFolweni la ebesehlala khona nomfana athe uyisoka lakhe. Sithe uma sithi sizama ukuvula icala kwasho yena ukuthi yisoka lakhe lo mfana sabona nathi ukuthi uma silivula icala kusho ukuthi siyobe sidlala ngesikhathi ngoba kusho ukuthi liyophelela emoyeni ngoba kuzothi uma kufuneka yena avele angezi,” kusho uNksz Madlala.

UNomfundo unyamalale ngoJanuwari 2 kulo nyaka bekade behleli naye emnyango.

UNksz Madlala uthe wayeyothula izingubo kulayini ngesikhathi ebuya engasekho uNomfundo.

“Uma ngimbuza uthi wayevele azi ukuthi uzohamba kodwa uthi wayengazi ukuthi uzoya kuphi. Uthi lo mfana yisoka lakhe akade azana nalo kodwa umfana yena uthi umthole emasontweni amabili adlule eSiphingo.

“Uthe umbuzile ngokuya ekhaya wathi uyesaba ngoba uzoshaywa,” kuchaza uNksz Madlala.


Kuxabane abaholi eqenjini likaVZ

$
0
0

Kusuke isidumo ehhovisi eliyikomkhulu leNFP eThekwini ngesikhathi kuhlasela amalungu alo abefuna ukungena ngo dli.

|||

CELANI SIKHAKHANE noMLUNGISI GUMEDE

KUSUKE isidumo izolo ehhovisi eliyikomkhulu leNFP eThekwini ngesikhathi kuhlasela amalungu alo abefuna ukungena ngo dli azame nokuwisa isango efuna ukuzifikela mathupha kuSihlalo uMnuz Vikizitha Mlotshwa ngoba emsola ngokubulala iqembu.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kwemizuzwana kuphele isithangami sabezindaba lapho abaholi abaqavile baleli qembu okubalwa kubo uMnuz Mzonjani Zulu bexoshe uMlotshwa kulo mhlangano maqede batshela abezindaba ukuthi usebahlukumeze kanjani ephazamisa ngisho ukusebenza kwabo emagatsheni.

Akugcinanga lapho kuthe angaphuma uMlotshwa kwaba nabaholi ababili okunguNobhala wesifundazwe uMnuz Muziwamandla Mzobe noMnuz Nyamela Dlamini obengumxhumanisi weqembu nezinhlaka zalo, bamemezela ukuthi sebeyesula ezikhundleni abebekuzo ngenxa yokuhlukumezeka abakuthole kuMlotshwa.

“Ngithole ukuhlukumezeka okuyisimanga ekubeni benginguNobhala. Bengizithola ngiyisichuse ngenxa yokuthi umsebenzi wami ubungenzeki kunokugxambukela kukaSihlalo uMlotshwa nabaholi abathile abasePhalamende. Kumanje bazama ukuthi kubizwe ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ngoJanuwari 31 ekubeni umengameli Zanele Magwaza-Msibi egula.

Sizamile ukubuza ukuthi ingabizwa kanjani ingqungquthela ekubeni umnikazi wekhaya engaphilile. Besisho nokuthi kungani kungalindwa alulame bese kudlula nengqungquthela yokubuyekezwa kwemigomo ngoJuni ngaphambi kokuhlalisa eyokukhetha ubuholi besifundazwe kodwa basishaye indiva,” kusho uMzobe.

UZulu uthe bamxoshe ngamabomu emhlanganweni uMlotshwa ngoba akalungile uyaxova kunokuthi kukhuliswe iqembu.

Uthe abeneme neze ngaye ngoba selokhu akhethwa abantu basula ubuthaphuthaphu ezikhundleni.

Ubebala noMnuz Vusi Khoza osehola i-EFF KwaZulu-Natal wathi wahamba ngenxa yakhe uMlotshwa.

Ngesikhathi abezindaba bezama ukumlandela uMlotshwa ukuze aphawule ngezinsolo abebekwa zona ngozakwabo uthe akazimisele ngokuphendula lutho futhi kwawona lo mhlangano akawazi ukuthi ubizwe ubani nokuthi ungowani.

Usho kanje maqede wayozivalela ehhovisi .

Iqulu labantu ebelimemeza ngaphandle lisho ukuliqumba phansi isango lithi lifuna akahambe noNkk Dudu Mhlongo osehhovisi ngoba limsola ngokuthi uhlangene noMlotshwa noMnuz Bonga Nzuza noMnuz Bhungu Gwala nabanye ukuze kuxovwe iqembu.

UNkk Ntombi Mkhize obehola ithimba lamalungu abethuthwe ngezimoto esuka oThukela uthe bakhathele yilaba baholi, babafuna bephumile ku-NFP ngoba uma beqhubeka nokuhlala izogcina ishabalele.

“Okokuqala bebenza inkohlakalo bedla izimali zeqembu bekhwabanisa namavoti ezingqungqutheleni. Ngakho sibafuna behambile ikakhulukazi uMlotshwa ngoba basihluphile enhlanganweni,” kusho uNkk Mkhize obevutha ngolaka.

Bebesho lokhu becula ingoma ethi isondo seliyajika ngakho abahambe laba baholi eqenjini.

UMnuz Mzonjani Zulu yena ukhale ngokuthi kube nomhlangano abejutshwe kuwo yiqembu ukuthi ayowusingatha eVulamehlo naseMdoni kodwa ufike wathukwa amanye amalungu eqembu aphazamisa lonke uhlelo ethi athunywe ubuholi baseKZN.

‘Kubangwa umcebo weTheku’

$
0
0

Abahlaziyi bathi alwethusi ulaka olungaka embangweni wesikhundla sikaSihlalo weTheku ku-ANC.

|||

CELANI SIKHAKHANE

ABAHLAZIYI bathi alwethusi ulaka olungaka embangweni wesikhundla sikaSihlalo weTheku ku-ANC ngoba siza nezinto ezinkulu kosuke esiphethe kusuka ekulawulweni kokuphuma kwemisebenzi kamasipala nasekusetshenzisweni kwesabelo mali sakhona sika-R39 billion sonyaka.

Bakusho lokhu becacisa ngokubaluleka kokuba uSihlalo we-ANC eThekwini njengoba bethi yisifunda esikhulu kunazo zonke kuKhongolose eNingizimu Afrika ngakho izwi laso lisheshe lizwakale kangcono kunezinye uma siphakamisa igama lomholi elifuna ahole kuzwelonke nasesifundazweni.

Umhlaziyi ozimele wase-University of KwaZulu-Natal uMnuz Zakhele Ndlovu uthe akungabazeki ukuthi uma ungusihlalo weTheku uba namandla ukwedlula ngisho iMeya yakhona ngoba konke okwenzeka emkhandlwini kuqala enhlanganweni kubhungwe khona.

“Isibonelo engingasenza ngalesi sikhundla ukubheka owayesiphethe phambilini uMnuz John Mchunu. Kuyaziwa ukuthi iMeya yangesikhathi sakhe uMnuz Obed Mlaba yayizwa ngaye ngezinto okwakumele zenzeke kumasipala. Ubufakazi balokhu ukuceba kwakhe nokunikezwa kwamathenda abantu ababesondelene naye enhlanganweni.Yingakho kunombango ongaka ngoba umuntu onganqoba isikhundla sokuba uSihlalo abantu abebemeseka bazoceba ngoba uma kukhishwa imisebenzi izotholwa yibo kuqala bese naye ehlomula ngaleyo ndlela,” kusho uNdlovu.

Uthe njengoba kuliwa kangaka akusikhona nje ukuthi abantu balwela ubulungiswa kodwa bayazi ukuthi uma kunqoba umuntu abamfunayo bazoceba njengoba iTheku linemali engaka.

Omunye umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe iTheku akulula ukuthi ungalifanisa nezinye izifunda ezingacebile kodwa lona lihlukile ngoba ubuholi bakhona buza namandla okulawula ukusatshalaliswa komnotho womkhandlu.

“Kumanje uma ubheka ngisho izithunywa emagatsheni ufica zikhuluma olunye ulimi bese ngakusasa zikhulume olunye ngoba kusebenza imali nokubheka ukuthi iliphi ihhashi elinqobayo kulo mjaho okhona. Isibonelo nje uma uyisithunywa engqungqutheleni ye-ANC eThekwini lokho kwabanye sekufana nokuthi uthole itoho ngoba kuyakhokhwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi lo muntu ofunekayo uyanqoba ngoba uma engathathi kusho ukuthi kukhona abazobulawa yindlala,” kusho uKhumalo.

Uthe ngisho izinhlelo zentuthuko uma zikhishwa emkhandlwini yilabo abasuke bejutshwe wumbutho kumasipala baqala kuye uSihlalo wenhlangano bese enquma ukuthi izinto zizoma kanjani ukuze konke kuhambisane nezinqumo zenhlangano ekuhanjisweni kwentuthuko kubantu.

Abahlaziyi bathi ukube awukho lo mnotho ongaka ngabe akukho ukwehlukana kanjena okukhona ngomuntu okufanele ahole i-ANC eThekwini.

Lokhu kwenzeka nje kube nezikhalo ngosihlalo okhona uDkt Sbongiseni Dhlomo zokuthi uhlulekile ukubhekelela abantu bakhe ababemeseka ekutheni athathe lesi sikhundla ngokuthi bahlomule ngemisebenzi yamathenda akhishwa umasipala.

Iningi lalaba bantu abangosomabhizinisi abanye lihlukene phakathi njengoba kukhona abahamba noMnuz James Nxumalo bese kuba nabakaNkk Zandile Gumede.

Abeseki balaba baholi bobabili bangakubulala uma ukhuluma ngomunye wabamesekayo kabi ngenxa yokushuba kwesimo.

Ngisho udaba lwezinombolo zamagatsha ukuthi zimi kanjani kuyinto ebucayi kangangokuthi nabanye bafuna kuthiwe lowo mholi abamesekayo uyena onezinombolo eziningi.

Okunye okuke kwavela kodwa i-ANC eThekwini yakuchitha uthi ibisibangwa indaba yokuthi ubani phakathi kukaSihlalo noNobhala okufanele abe namandla.

Kunabathi uma kunqoba uNkk Gumede, uzokweseka uMnuz Sihle Zikalala ekutheni abe nguSihlalo olandelayo we-ANC KwaZulu-Natal bese kuzwelonke kuphakanyiswa uDkt Zweli Mkhize abe yiphini likaMengameli uma kufika ingqungquthela kazwelonke.

UNxumalo kuthiwa uma enqoba, ezakhe zifuna iTheku leseka uMnuz Senzo Mchunu kwesikasihlalo wesifundazwe.

Kuzocaca kusasa ngolo’malume’ eSydenham

$
0
0

Luzodingidwa emhlanganweni oyisipesheli udaba lokukhokhiswa u-R1 000 komalume.

|||

BONISWA MOHALE

LUZODINGIDWA emhlanganweni oyisipesheli kusasa udaba lokukhokhiswa u-R1 000 komalume abathutha izingane ezifunda ezikoleni zaseSydenham, eThekwini okwenziwa osomatekisi.

Kusuke umsindo ngesikhathi usoseshini wamatekisi aseSydenham, utshela omalume abathutha izingane zaKwaMashu, iNanda, Ntuzuma, Clermont, Chesterville naseMlazi ezifunda ezikoleni zakuleya ndawo ukuthi kumele bakhokhe u-R1 000 ngokusebenzela khona.

Ngokusho kukaMnuz Mbuso Zwane omunye womalume, sebeneminyaka bepaka epaki eku-Randles Road, eSydenham lapho belinda khona izingane kodwa kulo nyaka batshelwe ukuthi kumele bakhokhe u-R1 000 ngoba basebenzisa indawo yase-Sydenham futhi benza amabhizinisi angekho emthethweni.

Uzakwabo uMnuz Senzo Ngidi uthe kuyabaxaka ukuthi bazokhokhiswa endaweni abathulula kuyo ekubeni ososeshini basemalokishini abavela kuwo bengabakhokhisi.

“Emhlanganweni obungoMsombuluko sitshelwe ukuthi sizokhokha u-R1 000 bese sinikezwa i-sticker saseSydenham ngoba sisebenzisa indawo yamatekisi akhona. Okungixakayo wukuthi sipake endaweni kaMasipala futhi abantu abakaze bathi abasifuni. Sizokhokha kanjani imali yokuba ngamalungu kasoseshini waseSydenham sibe singayikhokhiswa kososeshini bangakithi. Ngeke sikwazi ukwenza lokho,” kusho uNgidi.

UMnuz Santosh Singh, okhulumela usoseshini waseSydenham, uthe kumele bakhokhe omalume ngoba basebenzisa izinsiza ezihlelelwe amatekisi aseSydenham.

Ukuphikile ukuthi bafuna o-R1 000 kodwa uthe bafuna u-R500 ozosiza omalume ukuthi bahlale erenki ehlelekile ezoba nazo zonke izinsiza abazidingayo ngoba njengamanje bapake ngokungemthetho epaki eseduze kwemizi yabantu.

“Okokuqala nje laba bantu okhuluma ngabo inkantolo ibayalele ukuthi mabayeke ukusebenza ngoba abanazo izimvume zokusebenza. Abanayo irenki futhi bapaka eduze kwemizi yabantu abakhalela thina ngobugebengu obuqhutshwa lapha epaki. Sibe nomhlangano nabo savumelana ukuthi bazokhokha u-R500 ngenyanga ukuze bezokwazi ukusebenza kahle endaweni yethu. Basebenzisa izinsiza zase-Sydenham nawe ngeke ubuke nje umuntu ezothatha amaphepha lapho ehhovisi lenu,” kusho uSingh.

Uthe emhlanganweni bavumile omalume ukukhokha u-R500 kodwa bathole ukuthi abanye abahambisani nokukhokha.

Uphethe ngokuthi kusasa kuzoba nomhlangano athemba ukuthi wonke amaqiniso azovela kuwo.

UMnuz Kwanele Ncalane woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uthe bazoluphenya lolu daba ngoba akekho umuntu okumele akhokhiswe imali ngokuhamba emgwaqweni wakwenye indawo.

Ubalekele umphakathi ‘odlwengulile’

$
0
0

Ugcwele izinkalo owesilisa wakwaL eMlazi ohlaselwe umphakathi umsola ngokudlwengula ingane eneminyaka eyisithupha.

|||

LUNGI LANGA

UGCWELE izinkalo owesilisa (48) wakwaL eMlazi ohlaselwe umphakathi umsola ngokudlwengula ingane eneminyaka eyisithupha abehlala nayo nogogo wayo.

Kuthiwa lo mlisa ingane embiza ngomkhulu ubaleke ngoLwesibili emuva kokuthi amalungu omphakathi ethe akakhiphe iqiniso ngokudlwengula “umzukulu” wakhe.

Umzala kanina wengane, igama lakhe eligodliwe ukuvikela ingane, uthe ubesemtholampilo nengane ngesikhathi ebuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi ingane iyadlwengulwa.

“Ngiqale ngamangala ngoba lolu daba bengingazi ngalo. Kodwa kuthe uma ingane seyingitshela kwayima ngizwa kahle. Angihlali nabo ngakho angizange ngimbuze ugogo wayo ngalolu daba. Kuthe ngeSonto elilandelayo ingane yaphinde yatshela omunye umakhelwane ukuthi umkhulu uyayidlwengula. Ngakusasa sivukele kuyena umkhulu sambuza ngalolu daba,” kusho isihlobo sale ngane.

Uthe ngoMsombuluko baye nengane esibhedlela ePrince Mshiyeni udokotela waqinisekisa ukuthi ingane ike yadlwengulwa.

“Udokotela uthe ingane ike yadlwengulwa futhi ugogo wayo unalo ulwazi ngalolu daba. Okubuhlungu ukuthi ayisakwazi nokubamba umchamo ngenxa yokulimala esithweni sangasese,” kusho umzala kanina wengane.

Amalungu omphakathi kuthiwa ahlasele lona wesilisa ngawo uMsombuluko amthela ngesibhaxu ngoba efuna achaze ngokudlwengulwa kwengane.

“Sifonele amaphoyisa siwabikela ngalokhu kodwa angafika. Kuthe uma esefonelwa wumsolwa ethi uyashaywa afika. Nengane ikhulume phambi kwawo iwatshela ukuthi umkhulu uyayidlwengula aze afake necondom,” kusho umzala kanina wengane.

Kuthiwa amalungu omphakathi aphinde amhlasela ngoLwesibili ebusuku ethi afuna ukumqhuba amyise emaphoyiseni okuyilapho ebaleke khona.

Izolo ekuseni amalungu omphakathi anikele esikoleni sengane efuna ukuvimba ugogo wengane abesola ukuthi uzojika ingane umqondo njengoba isusiwe kuye yayohlaliswa ezihlotsheni.

UNksz Sinegugu Cele oyilungu lomphakathi uthe balusukumele udaba lwengane ngoba bebona nezingane zabo zingaphephile.

“Nami ngehlakalelwa yinto efanayo ngisakhula kodwa ekhaya bathula bangasho lutho.

“Ngaze ngasizwa ukufunda kwesinye isikole okuyiso esabika ngokuhlukunyezwa kwami waboshwa owayengihlukumeza,” kusho uNksz Cele.

Elinye ilungu lomphakathi, uNksz Ayanda Ngema uthe bakhathazekile ngalesi sigameko futhi abazimisele ngokuyekela lo mlisa ahlale nabo njengoba nabo benezingane zamantombazane.

UNksz Ladyfair Sibiya wenhlangano esiza izingane ezihlukumezekile, i-Bobbi Bear, uthe babikeliwe ngalolu daba isikole sengane.

“Sifonelwe womunye uthisha wesikole okufunda kusona ingane wasichazela ngalolu daba. Siyile esikoleni. Uzakwethu esisebenza naye uhambe uye nengane esibhedlela watshelwa wudokotela ukuthi ingane beyilethiwe kuye ngoMsombuluko esho nokuthi wakuqinisekisa ukuthi iyadlwengulwa. Uveze nokuthi ike yafika kuye nangonyaka odlule ngoSepthemba.”

Isolezwe lithole ukuthi alikho icala elivuliwe emaphoyiseni ngalesi sigameko.

Livulelwe icala iphoyisa elimuhluze ingane

$
0
0

Uyazisola owesifazane waKwaMashu ocele amaphoyisa akule ndawo ukuthi ayomphosela imibuzo abafana abebenomfana wakhe kulahleka iselula yakhe.

|||

BAWINILE NGCOBO

UYAZISOLA owesifazane waKwaMashu ocele amaphoyisa akule ndawo ukuthi ayomphosela imibuzo abafana abebenomfana wakhe kulahleka iselula yakhe emuva kokuthi elinye lawo limuhluze ngezimpama indodana yakhe eneminyaka engu-12, ngoLwesibili.

Lona wesifazane ongeke adalulwe ukuvikela indodana, uthe useyazisola ukuthi ubeyelani emaphoyiseni njengoba ingane yakhe isale ithuka izanya emuva kokuthi iphoyisa lijikele yona layishaya ngezimpama kubuka omakhelwane ngoLwesibili.

Uthe ngoMsombuluko uye emsebenzini wakhohlwa yifoni yakhe iNokia Usher ekhaya. Uthe indodana yakhe yabuya esikoleni yayithatha ngoba ijwayele ukudlala kuyo ama-game.

“Lo mfana uthe ifoni uyithole ekamelweni likagogo wayithatha waya nayo kwabanye bakamakhelwane.

“Uthe ifoni wayifaka ephaketheni yawa enganakile. Uthe ubone esekubo ukuthi ifoni ayikho wabe esephindela lapho bebedlala khona wayoyibheka esizwa ngomunye umfana.

“Angiyitholanga ngabe sengiphindela ekhaya,” kusho umfana.

Unina uthe esebuya emsebenzini umbuzile ngefoni, wachaza ukuthi kwenzekeni ngayo.

“Ngiye kubazali bezingane ezintathu kwezine abedlala nazo ngiyobatshela ukuthi ngizocela amaphoyisa azongiphenyela ukuthi ifoni yami ikuphi.

“Anginandaba nefoni kodwa into engikhathazayo yizinombolo zami ezibalulekile ezikuyona,” kusho umama womfana.

“Uthe ekuseni uye emsebenzini wabuya waqhuba ingane yakhe waya nayo emaphoyiseni. Ufike wawacela ukuthi ahambe nabo aye kubo kwalaba bafana bayobuzwa ngefoni.

“Umfana wami uhlale ngaphambili namaphoyisa ukuze akhombe indlela, mina ngahlala ngemuva.

“Siye emzini wokuqala. Basivulela ngoba vele bebesilindele. Umfana wakhona uthe akayazi ifoni,” kusho unina womfana.

Uthe leli phoyisa ebelibuza libe selidumela umfana wakhe lambamba lamqinisa lamhlaba ngolabhabha wempama lathi akakhiphe ifoni.

“Bengizitshela ukuthi seliqedile. Libe selimphinda ngezinye izimpama eziningi ebusweni zilandelana ingane yakhala ubumayemaye, kwaphuma abantu bebuka,” kusho unina womfana.

Uthe yena ubethi ucela usizo emaphoyiseni ubengazi ukuthi asezoshaya ingane yakhe kanje.

“Ngiye kovula icala ngoba leli phoyisa alinalo ilungelo lokushaya ingane ngale ndlela kubuka abantu,” kusho unina.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane uthe iphoyisa livulelwe icala lokushaya. Uphenyo lusaqhubeka kodwa akukaboshwa muntu.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>