Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Isale ijabhile imindeni yisigwebo

$
0
0

Idumele imindeni yabantu abangu-15 abashona engozini yetekisi eMgungundlovu ngesinqumo seNkantolo eNkulu.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

IDUMELE imindeni yabantu abangu-15 abashona engozini yetekisi eMgungundlovu ngesinqumo sayizolo seNkantolo eNkulu yalapha egwebe iminyaka engu-10 umshayeli waleli tekisi ngamacala okubulala engahlosile.

UKhulekani Gwala (24) obonakale ekhululekile emuva kwesigwebo ukhumule ijakhethi emhlophe abeyigqokile wasala neshethi elimnyama abesifake ngaphansi wase ehlela emgodini eseyoqala isigwebo sakhe.

Ngaleso sikhathi imindeni yabashonelwa ibonakale imnyonkoloza ikhombisa ukunengeka kubonakala ukuthi ayanekisekile ngesinqumo senkantolo

UNkk Thembelihle Shangase, owashonelwa ngumamezala wakhe uNkk Khisimuzi Shangase, uthe kufana nokuthi lo mshayeli ugwetshelwe ukufa komuntu oyedwa.

“Sishaqekile ngesigwebo esikhishwe yinkantolo. Bengilindele ukuba kukhishwe isigwebo esiqinile kakhulu noma udilikajele ngoba baningi abantu abashona kule ngozi,” kusho uNkk Shangase.

Unina kaThabile Lushozi, uNkk Eunice Lushozi, uthe ukushona kwendodakazi yakhe kwamshiya engumama wengane enezinyanga eziyisishiyagalombili.

“Ngiphelelwa ngamazwi ngendlela enginganelisekile ngayo ngesigwebo. Angikholwa ukuthi umuntu okwafa abantu abangu-15 ngezandla zakhe angagwetshwa iminyaka engu-10 kuphela. Kumanje ngiphenduke umama wengane encane eyashiywa yindodakazi yami. Ngineminyaka engu-75 manje kodwa kumele nginakekele ingane. Kusamele leli cala liqale phansi, kwenziwe ubulungiswa,”kusho uNkk Lushozi.

Kule ngozi umgibeli omncane kunabo bonke owashona wayena-13, omdala ena-72. UGwala kuvele ukuthi ‘wasika’ emgwaqweni oyijika, wahamba ngasohlangothini lomgwaqo wezimoto eziza nganeno nokuyilapho ashayi-sana neloli elithwala impahla.

Kwakunabagibeli abangu-19 okuyisibalo eseqile ku-14 osemthethweni.

Likhipha isigwebo ijaji lithe lesi sigwebo kumele sibe yisibonelo nakwabanye abashayeli ababudedengu nabaphatha umphakathi.

“Abagibeli basuke bethembe umshayeli ngempilo yabo. Kusuke kungumsebenzi wakhe ukuba ashayele ngokucophelela. Ubudedengu bakhe baholela ekushoneni kwabantu abangu-15. Kumele nakanjani nabanye abashayeli befunde kuwe ukuthi uma beqhubeka nokubeka izimpilo zabantu engcupheni bazojeza,” kusho iJaji uPiet Bezuidenout.

Ijaji liphinde laveza ukuthi likuqonda kahle ukuhlukumezeka kwemindeni ngalolu daba nathe uzibheke zonke nezimo zomshayeli njengoba enengane enonyaka ayondla-yo neminyaka yakhe isephansi. Umshayeli kuvele ukuthi izincwadi nemvume yokuthwala umphakathi wazithola ngo-2010, esikhathini esingunyaka wabe senza le ngozi.

Umshushisi kuleli cala, uNkk Candy Kander, uthe okubuhlungu kakhulu ngukuthi selokhu laqala ukuqulwa leli cala umshayeli akakaze akhombise ukuzisola ngalolu daba.

“Kuze kube manje umsolwa akakaze akhombise ukudabuka ngalesi sigameko esenzeka ezandleni zakhe. Kuyiqiniso elingeke laphiki-swa ukuthi bonke abantu abangu-15 bashona ngenxa yakhe umshayeli,”kusho uNkk Kander.

UNgqongqoshe wezokuPhepha kulesi sifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, uthe uyasamukela isigwebo sejaji wagcizelela nokuthi abashayeli KwaZulu-Natal kumele befunde ngalesi sigwebo ukuze kuzogwemeka izingozi ezifuze lezi ngelinye ilanga.


Bancome umfana (15) oshone evikela umndeni

$
0
0

Umndeni womfana odutshulwe wafa ngumuntu ogulukudele kubo ebusuku uthe umufi umthatha njengeqhawe.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI womfana (15) waseMbali eMgungundlovu odutshulwe wafa ngumuntu ogulukudele kubo ebusuku uthe umufi umthatha njengeqhawe ngoba uvikele udadewabo nonina kumhlaseli.

UNjabulo Ngcobo obefunda eMaritzburg Boys College udutshulwe ngumuntu ongene kubo ehlomile. Namuhla isikole sihlele inkonzo yesikhumbuzo sakhe.

Ngokwamaphoyisa, uNjabulo uvuswe wumsindo we-alamu waphuthuma eyobheka kanti uzozithela phezu komuntu esengaphakathi endlini.

UNjabulo kuthiwa uzame ukulwa nalo muntu engakamdubuli kabili.

Umalume wakhe uMnuz Nkululeko Biyase uthe bafuna umbulali aboshwe ngesenzo sakhe ukuze baduduzeke.

“Sisadidekile ngoku-dutshulwa komfana omncane kangaka obenekusasa eliqhakazile esekhaya ngesihluku esingaka. Sifisa ukuba umbulali abanjwe aboshwe. Ngeke siphumule engakaboshwa,” kusho uBiyase.

Lo mndeni uthe uhlela ukuba amalungu omndeni ayothola ukwelulekwa ngokwengqondo ngenxa yalesi sigameko esiwapha-zamisile emoyeni.

Umndeni wakhe uthe bamthatha njengeqhawe ngoba uvikele udadewabo nonina abebesendlini ngesikhathi kungena owesilisa omdubulile.

Umndeni uthe ufisa ukukhumbula impilo yakhe ngenkonzo yanamuhla yize ibe mfushane.

“Sifuna ukumkhumbula ngezinto ezinhle nezimangalisayo abezenza esikhathini esincane asiphilile. Ubelungile ehlonipha. Ubeyikho konke. Uzogcwatshwa ngoMgqibelo kwaNxamalala Hall eSweetwaters,” kusho uBiyase.

Kwesinye isigameko umfundi waseDunveria Secondary eMgungundlovu, uMlondi Sithole, ugwazwe ngabanye abafundi eNorthdale Stadium.

Ungeniswe esibhedlela emuva kwalesi sigameko. Kuthintwa isikole, owesifazane owalile negama lakhe usiqinisekisile isigameko wathi umfundi usalulama esibhedlela.

“Umfundi ugwazwe beyohlangana nezinye izikole eNorthdale Stadium. Kuxatshanwe nabafana bakwesinye isikole bamgwaza. Uyiswe esibhedlela kanti uyalulama.

Isikole sinqabile nezinombolo zabazali bakhe sathi lokho kuphambene nomthetho wesikole. Lesi sigameko besingakabikwa emaphoyiseni.

UBayede ugubhe usuku lokuzalwa nabafundi

$
0
0

Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini kaseneme ngokuzinikela kwabafundi otshwaleni nasezidakamizweni.

|||

CELANI SIKHAKHANE

ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini kaseneme ngokuzinikela kwabafundi otshwaleni nasezidakamizweni njengoba sikhala ngokuthi lokhu kwenza imfundo ibukeke kabi futhi kujabulisa nalabo ababecindezele leli lizwe ababona izingane ziphenduka isizwe esiyinhlekisa.

Lokhu sikusho ngesikhathi sigubha usuku lwaso lokuzalwa nabafundi bezikole ezahlukene emcimbini obuseKing Bhekuzulu High, KwaNongoma, ngoMgqibelo nalapho besihlanganisa khona iminyaka engu-65 sazalwa.

Sithe kusiphethe kabi ukuthi intsha ka-1976 yalwela imfundo engcono kuleli kodwa iningi labantu abasha bamanje asebethole inkululeko, babonakala becwile otshwaleni nasezidakamizweni ezibaphendula inhlekisa kubantu.

“Ngisho labo ababesicindezele bayabuka nje izingane zethu zibhuqwa izidakamizwa nokuyinto ebenza basihleke. Okunye okubi kakhulu yilabo asebefundile bagqoka namajazi kodwa asebephenduke omadakeni ngenxa yotshwala. Lokhu abakwenzayo kubi futhi kuyenyanyeka ngoba kwenza ezinye izingane ezisalangazelele ukufunda zibone imfundo ingelutho ngenxa yalaba asebeyitholile kodwa abadlala ngayo otshwaleni,” kusho iSilo.

Izingane zeSilo zisinikeze isipho semoto kanokusho i-Lexus LS 460 entsha ceke ebiza-uR1.2million ebibhalwe ZK 2 (Zulu King 2) kanti ifike ithwelwe ngeloli.

Ngaphandle kwalokho umcimbi weSilo ubuhlukile kulo nyaka njengoba kuhlonyuliswe abafundi abaningi ngawo nabantu abasha baKwaNongoma abebewuhambele ngenxa yezinhlelo ebezikhona.

Kulo mcimbi bekutshalwe ongoti bemikhakha eyahlukene kwezemfundo abebesiza intsha ngolwazi oluhambisana nemikhakha yemisebenzi kusuka emkhakheni okubalwa iMaritime, Arts and Culture, Technical Skills, Energy and Water nokunye.

Konke lokhu bekwenzeka emagunjini okufunda aseKing Bhekuzulu kanti abanye abafundi bebethola nethuba lokufaka izicelo zemifundaze belekelelwa ukugcwalisa amaphepha adingekayo.

Lolu hlelo belwenziwe ngunkosikazi weSilo samabandla, uNompumelelo maMchiza wasesigodlweni eNyokeni kanti kuvele ukuthi sekunenqwaba yabafundi asebehlomulile ngemifundaze selokhu aqala ukugxila entuthukweni yabantu abasha.

Ngesikhathi echaza uthe lolu hlelo alugxilile kubafundi baMatric kuphela kodwa nalabo abasemazingeni aphansi bafakiwe kulo ukuze bafike kwaMatric sebazi ukuthi bafunani kanti nalabo asebaqeda noma abangaphumelelanga nabo bebesizakala.

Lolu hlelo luqalwe ngo-2010 eMkhosini woMhlanga kanti kunezintombi ezinhlanu ezahlomula kulo esezithathwe yi-Air Force.

Ngaphandle kwalokho iSilo sithe sinethemba lokuthi lezi zinhlelo ziyoba neqhaza elibalulekile kubafundi ikakhulukazi abasemakhaya abangenawo amathuba okuthola ulwazi olugcwele ngaphambi kokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Lo mcimbi ubuhanjelwe izingane zesikole, amakhosikazi eSilo okubalwa uKaMathe, uMaNdlovu, uKaMafu nezikhulu ezahlukene nabantwana baseNdlunkulu.

Izingane zababoshelwe ngaphandle zilandiwe

$
0
0

Umnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke usulande izingane ezizalwa ngabesifazane abasemajele kwamanye amazwe.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke oholwa nguNgqongqoshe uNksz Bathabile Dlamini (osesithombeni) usulande izingane eziwu-16 ezizalwa ngabesifazane abasemajele kwamanye amazwe.

Usho kanje ungqongqoshe izolo esithangamini sabezindaba ePitoli ethula ngokusemthethweni uhlelo lokusiza abazali bezingane ababoshwe phesheya.

Ungqongoshe uthe onina bezingane eziyisishiyagalolunye baboshwe eBrazil. Kulezi zingane kubalwa nezisanda kulandwa eRio naseSao Paolo.

Uthe kwezimbili ezisanda kulandwa eBrazil kukhona enonyaka nenye enezinyanga eziwu-10.

Utshele abezindaba ukuthi zisagcinwe esikhungweni sikahulumeni okwesikhashana ngaphambi kokuthi zinikezwe abangazikhulisa.

Kunezinye ezine okuthiwa zisazolandwa yizikhulu zomnyango eBolivia, Hong Kong, Mozambique naseTanzania.

Kwezingakalandwa kukhona lezo onina abasazikhulelwe okulindeleke ukuthi babelethe maduze.

Abazali bezingane ezilandwe phesheya bangabanye besifazane abawu-337 ababoshelwe ukushushumbisa izidakamizwa emazweni angaphandle.

Kuthiwa balinganiselwa eminyakeni ephakathi kuka-29 no-62 ubudala.

Ungqongqoshe uthe usekhulume namazwe athathwa njengayintuba yokushushumbisa izidakamizwa ukuthi aqinise umthetho.

Uthe ukhathazekile ngokwenyuka kwezibalo zabesifazane bakuleli ababoshelwa izidakamizwa eBrazil.

“Bawu-28 abesifazane bakuleli asebeboshwe eBrazil kusukela kuqale lo nyaka. Kungenzeka ukuthi nokuba khona kwe-Confederations Cup ebiseBrazil kunomthethela,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe izibalo zizonyuka kakhulu ngonyaka ozayo njengoba kuzoba neNdebe yoMhlaba eBrazil uma kungaqiniswa umthetho.

Umphenyi woklebe uBrigadier Ebrahim Kadwa uthe kusukela ngoJanuwari 2012 kuboshwe abawu-281 esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International, eGoli. Kukhona abakuleli nabavela kwamanye amazwe abebeshushumbisa izidakamizwa.

Inkonzo yesikhumbuzo kaHadebe

$
0
0

Osomatekisi baKwaZulu-Natal bahlela inkonzo yesikhumbuzo yobeyisishoshovu ematekisini.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

OSOMATEKISI baKwaZulu-Natal bahlela inkonzo yesikhumbuzo yobeyisishoshovu ematekisini uMnuz Eugene Hadebe (44) oshone ngoLwesithathu olwedlule esibhedlela iKing Dinizulu (King George) ngemuva kokugula isikhathi eside.

UHadebe ubaziwa ngokungashoni ezintangeni uma elwela amalungelo osomatekisi.

Yize ingakaqinisekiswa indawo nesikhathi sale nkonzo kodwa uMnuz Bafana Mhlongo, uNobhala weKZN Transport Alliance, uthe izoba ngoLwesithathu.

Uthe basazokhipha isitatimende bazise umphakathi ukuthi kuzohlanganelwa kuphi.

“Okwamanje besisalinde umndeni ukuthi usazise ukuthi umfowethu uHadebe uzofihlwa nini futhi kuphi. Le nkonzo ihlelwe yithina osomatekisi,” kusho uMhlongo othe bafe olwembiza embonini yamatekisi ngokuhamba kukaHadebe emhlabeni.

Angena engenile amazwi enduduzo abhekiswe emndenini kaHadebe ngokudlula kwakhe emhlabeni njengoba iqembu elibusayo i-ANC likhalisane nomndeni nosomatekisi ngokufa kwakhe.

Imchaze njengomuntu obekade elwela amalungelo osomatekisi eletha uguquko njengoba ebekhuculula imboni.

Umalume kaHadebe, uMnuz Nkosibongwa Hadebe, uthe umufi uzongcwatshwa ngoMgqibelo emathuneni ase-Ottawa, eVerulam.

Uchaze umufi njengomuntu obenothando, enakekela futhi enamancoko okuyizinto abayohlala njalo bemkhumbulela zona.

“Ubewuthanda umndeni wakhe nezingane zakhe eziyisishiyagalombili. Silahlekelwe kakhulu siwumndeni wakwaHadebe ngokufa kukamshana wami,” kusho umalume kamufi.

Izindaba zokushona kukaHadebe zasabalalisa okomlilo wequbula njengoba osomatekisi, osopolitiki, abangani nezihlobo zikamufi zafanisa ukudlula kwakhe emhlabeni njengokuwa komthangala.

Kume ukufunda ngenxa yamathoyilethi

$
0
0

Abafundi baseNilgri High, eThekwini badube amakilasi bekhala ngamathoyilethi angasebenzi.

|||

ZANELE MSOMI

ABAFUNDI baseNilgri High, KwaMamdekazi ngaseMariannhill, eThekwini badube amakilasi kusukela ngoLwesine bekhala ngamathoyilethi angasebenzi, okuthiwa asegcwele ayaphuphuma.

Isolezwe lithintwe ngomunye umzali wengane efunda kulesi sikole, othe ukhathazekile ngalesi simo, kulula nokuthi izingane zithole izifo ngendlela isimo samathoyilethi esiyiyo.

Kuvela ukuthi sekunesikhathi eside abafundi bekhala ngokungahlanzeki kwezindlu zangasese kodwa batshelwe ukuthi mabazisebenzise zinjalo.

NgoLwesine ekuseni bamise ukufunda bagcwala amagceke bebhikisha.

Ngesikhathi abafundi beduba amakilasi uthishanhloko onesikhundla enyunyaneni yothisha iNational Teachers Union (Natu), ubelungiselela ukuya komunye umhlangano.

Kuthiwa uhambe vele isimo sesiqalile ukushuba kodwa abafundi bamsola ngokungazinaki izikhalo zabo.

NgoLwesihlanu kuze kwafika amaphoyisa kushube isimo abafundi bevuke umbhejazane nabanye abazali bese befikile ukuzozibonela ukuthi kwenzekani.

Kuthiwa kubikelwe nomhloli wesiyingi wazama ukuzodambisa isimo.

Isolezwe lithole nokuthi ngoNovemba nyakenye kwaba nomhlangano wokudingida ngalolu daba, uMnyango wezeMfundo wathembisa ukulusukumela.

“Amapayipi aseyabhajwa ngoba seziningi kakhulu izingane ezifunda kulesi zikole okwenza namathoyilethi agcwale,” kusho umzali.

Ukushuba kwesimo ngoLwesihlanu kuholele ekutheni kubizwe umhlangano ophuthumayo izolo.

NgoLwesihlanu umhloli uMnuz Mchunu elingatholakalanga igama lakhe, uthukile ebuzwa ngesiteleka sezingane.

Uvumile ukuthi kade ikhona inkinga esikoleni kodwa wathi isixazululekile.

Ebuzwa ngomhlangano uthe akanalwazi ngokuthi uzoba khona yini.

Izolo abazali baphume ngobuningi bezozizwela emhlanganweni, batshelwe ukuthi uma izingane ziqhubeka nesiteleka zizobizelwa amaphoyisa ziboshwe.

Bathenjiswe nokuthi umnyango uzoqala ukwakha amathoyilethi ngoLwesithathu.

Kuthiwa kubuye kwavela ukuthi akulula ukulungisa amathoyilethi ngoba ayakhelwe ukumumatha izingane eziwu-700 kusavulwa isikole.

Ngaleso sikhathi kuthiwa isikole kwakungesamaNdiya futhi ingakabikhona nemizi yemixhaso kahulumeni eduze kwesikole.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal awutholakalanga ukuphawula.

Abaneme ngesigwebo sowabulala u‘Ben 10’

$
0
0

Amalungu omndeni kaSiphesihle Kheswa adinwe ayaveva ngoba athi alibanga bikho iqiniso kuleli cala.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

AWENEME ngesigwebo esinikwe umbulali umndeni womfana owayefunda eHlanganani High, eLovu, owadutshulwa wafa ngumyeni kathisha wakhe wakulesi sikole owayejola nalo umfundi.

Amalungu omndeni kaSiphesihle Kheswa (osesithombeni esincane), isidumbu sakhe esatholwa sinqunu embhedeni kathisha wakhe emajalidini aseManzinzimtoti, udinwe uyaveva ngoba uthi alibanga bikho iqiniso kuleli cala.

USiphesihle (20) wadutshulwa ngumyeni kathisha wakhe, uSimon Thusi, ogwetshiwe.

UThusi, onguthisha kwesinye sezikole ePort Shepstone, ngoLwesihlanu ugwetshwe iminyaka ewu-10 ngecala lokubulala uSiphesihle wathola eminye emihlanu ngecala lokuzama ukubulala umkakhe amfica nomufi ekamelweni.

Imantshi uFarida Mohamed iphinde yathi uThusi angaphinde aphathe isibhamu.

Ummeli kaThusi ufundele inkantolo yeMantshi yaseThekwini isitatimende ebesimncengela ukuthi anikwe isigwebo esincane ngamacala akhe awenza ngoSepthemba 2012 ngoba ukhombise ukuzisola futhi ubuye alule isandla esiza abahlwempu emphakathini.

Okunye obekubhalwe kulesi sitatimende wukuthi uThusi uthe wabulala uSiphesihle ngemuva kokuthi emfice endlini abevamise ukulala kuyo nomkakhe nokwathi uma embuza ukuthi ufunani kuyo waphendula ngokuthi naye ulele endlini yentombi yakhe.

Kungalesi sikhathi-ke lapho kwasuka khona uthuli lwezichwe uThusi athe lasuswa wukuthi uSiphesihle agadle kuqala yena wase ebuyisela ngezulu lezandla.

Uvumile uThusi ukuthi wadubula umkakhe noSiphesihle phambi kwezingane zakhe ezincane ezimbili.

UMnuz David Daniels, umzala kamufi, ukhale ngokushaywa ngoswazi oluncane kukaThusi nabakholwa wukuthi yingoba enguthisha.

Uthe kabayizwa kahle indaba yokuthi uThusi wayengakuhlelile ukubulala uSiphesihle njengoba amdubula ephindelela.

“Siphatheke kabi siwumndeni ngesigwebo ngoba umufi uzohlala iminyaka emihlanu ejele bese eyaphuma.

Uqamba amanga umbulali uma ethi wayengakuhlelile akwenza kwaba yinto eyenzeka ngaleso sikhathi,” kusho uDaniels ethi akukho abasengakwenza ukuguqulula okushiwo yimantshi.

Phambilini kwavela ukuthi uSiphesihle wayesenezinyanga ethandana nothisha futhi ehlala kwakhe njengoba wayesethuthile kubo watshela abakubo ukuthi uyohlala nabangani.

Uthisha obeyintombi ubekade ekhona naye enkantolo ngoLwesihlanu. kuthiwa wayethengela uSiphesihle izimpahla zokugqoka nokudla futhi emenzela nazo zonke izidingo zesikole.

UThusi ubengumuntu obuya ngezimpelasonto ekhaya ngenxa yokubanjwa wumsebenzi ePort Shepstone.

Ukhiphe isidumbu ugesi wokwebiwa

$
0
0

Ugesi wezinyokanyoka ubulale owesifazane.

|||

NKULULEKO NENE

UGESI wezinyokanyoka ubulale owesifazane okuthiwa uphazamisekile emqondweni emijondolo yase- Foreman eSydenham ngeSonto.

UNksz Zanele Smbelembele (20) ongowaseFlagstaff, e-Eastern Cape, kuthiwa ubevakashele umzala wakhe ohlala kule ndawo ngesikhathi ebanjwa wugesi oxhunywe ngokungemthetho.

Izintambo zikagesi ezisebenzayo zigcwele kuyo yonke le mijondolo futhi azimboziwe. Obevakashelwe wumufi, uNksz Nokubonga Nyango (30), uthe ushaqekile ngokwenzekile kangangokuba bekunzima ngisho ukufonela abakubo kamzala wakhe ngalesi sigameko.

Uthe bese kuphele inyanga behlala nomzala wakhe kanti ubezobuyela ekhaya kuleli sonto. “Ngiphatheke kabuhlungu, angazi ukuthi ekhaya bazocabangani ngami. Ngesikhathi sithola sidumbu sakhe izintambo zikagesi ubesazibambe ngezandla. Ngiphelelwe amandla umakhelwane esengitshela ukuthi useshonile,” kusho uNokubonga.

Bese kuphele ihora uZanele enyamalele emuva kwalokho umakhelwane wathola isidumbu sakhe. Esinye isihlobo sikamufi, uNksz Fikile Nokhayingana, sithe sekungokwesibili kulo nyaka kuphuma isidumbu ngenxa kagesi wezinyokanyoka.

Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Thabo Mofokeng uthe abantu kumele bazi ukuthi ukuxhuma ugesi ngokungemthetho akugcini nje ngokuthi kube yicala kodwa kuyabulala. “Sihlala siwunqamula ugesi okokoteliwe kodwa umphakathi uqhubeke uphule umthetho ngokuthi uphinde uwuxhume. Kunemikhankaso esinayo exwayisa ngengozi yokwenza lokho,” kuphetha uMofokeng


Sichithiwe isicelo sezikaMadiba

$
0
0

Sichithiwe isicelo sokuthi kukhishwe abengamele isikhwama samafa kaMnuz Nelson Mandela.

|||

SICHITHIWE isicelo sokuthi kukhishwe abengamele isikhwama samafa kaMnuz Nelson Mandela. Lokhu kushiwo yinkampani yabameli, iNorton Rose Fulbright izolo.

Umbango obulokhu uqhubeka lapho izingane zikaMandela bezifuna khona ukuthi kususwe uMnuz George Bizos, Mnuz Tokyo Sexwale noMnuz Bally Chuene njengabaQondisi beHarmonieux Investment Holdings neMagnifique Investment Holdings.

“Isicelo sokuthi kususwe laba besifakwe nguNksz Makaziwe Mandela noNkk Zenani Mandela-Dlamini. Lesi sicelo sichithiwe emqulwini osenkantolo,” kusho uNkk Norton Rose Fulbright okhulumela abameli benkampani.

Inkampani yabameli emele uBizos, Sexwale noChuene, ithe ngemuva kokuba uMnuz Ismail Ayob ehoxile njengommeli wezingane zikaMandela, inkantolo ibayalele ukuba balethe ikheli labameli abasha lungakapheli usuku lwangoLwesihlanu, bese bengeza obunye ubufakazi ungakashayi u-Agasti 30.

Izolo, umzukulu kaMandela, iNkosi Zwelivelile Mandela, ikuhlabe yakuhlikiza okwenziwe ngobabekazi bakhe wathi kuwukubukela phansi uMandela nezinqumo azithatha ngesikhathi esengumqemane.

“Lesi senzo ngisithatha njengokuxhaphaza amandla okuthi badala. Babelindeni? Yini eyenza basukume manje ngoba nakhu sekugula uMandela ongeke esakwazi ukuzibuzela ngezinqumo abazithathayo? Lesi sinqumo uTata wasithatha kudala, bona bebelindeni ngempela?” kubuza iNkosi Mandela.

INkosi Mandela ithe ikholwa ngukuthi abantu abaqokwa ngumkhulu wakhe ngabantu abaqotho abebeyizethenjwa zakhe.

“Sonke sibheke nje ukuhlomula ngakho kumele sibonge lokho esikunikwayo, sibonge nokuthi iNkosi Dalibhunga Mandela yaba nobuntu yasibhekelela ngesikhathi yaba amafa. Ngakho-ke kumele sikugweme okuyizenzo ezimbukela phansi.’’ – Sapa

Akakaphunyuki uVavi yize lihoxisiwe icala locansi

$
0
0

Izolo uVavi uthe uyajabula ukuthi selidlulile ifu ebelimgubuzele lezinsolo zokuthi wadlwengula owesifazane obesemfuna u-R2 million.

|||

LEBOGANG SEALE ne-SAPA

NAKUBA owesifazane obemangalele unobhala-jikelele weCosatu, uMnuz Zwelinzima Vavi, esihoxisile isikhalazo sokuthi wanukubezwa ngokocansi yilo mholi kodwa lokho akusho ukuthi ukuqulwa kwecala ngalezi zinsolo ngeke kusaqhubeka.

Izolo uVavi uthe uyajabula ukuthi selidlulile ifu ebelimgubuzele lezinsolo zokuthi wadlwengula owesifazane obesemfuna u-R2 million.

Uthe usezokwazi ukubhekana nale nto nomndeni nomkakhe, wanxusa ukuthi anikwe ithuba lokuthi ayilungise.

“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu oweseke umndeni wami, nami esikhathini esinzima. Lesi siwombe sesidlulile sesingakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zokulwela abasebenzi nabantu bakuleli.”

Ukusho lokhu izolo ntambama ngemuva kokuba uNkk Jacquline Phooko (26) owayesebenza kwa-SAA kodwa wamqasha eCosatu House ehoxise isikhalo abenaso ngaye.

“Ngiyajabula ukuthi lesi sikhalo sihoxisiwe. Ngethemba ukuthi sonke lesi simo sesidlulile bese sigxila ezintweni ezibalulekile zokuqinisekisa ukuthi sinenyunyana ezolwela abasebenzi nabantu bakuleli,” kusho uVavi esitatimendeni.

Kodwa ibamba lo mkhulumeli weCosatu, uMnuz Vusimuzi Bhengu lixwayise ngokuthi kusangenzeka liqhubeke liqulwe leli cala.

"Asazi kwenzakaleni. Abaphathi bethu (isigungu esiphezulu seCosatu) bazothola umbiko kuqala, bawucubungule bese beyanquma ukuthi yisiphi isinyathelo esilandelayo abazosithatha," kusho uBhengu.

Lokhu kuqinisekiswe nanguMengameli weCosatu, uMnuz S'dumo Dlamini othe umbiko wayizolo yiwona ozobalekelela ukuze banqume ukuthi bazokwenzenjani.

Ukulalelwa kwecala izolo bekukomkhulu beCosatu, eBraamfontein nokuyilapho kuthiwa isigameko sokudlwengula senzeka khona. Bekuholwa ngusihlalo ozimele

UVavi uvumile ukuthi walala noNkk Phooko ngoJanuwari nonyaka kodwa waphika ukuthi umdlwengulile, ethi bavumelana.

UNkk Phooko nomyeni wakhe babhalela uVavi incwadi befuna ukuthi akhokhelwe u-R2 million ngokumdlwengula.

Kulo R2 million ubefuna iholo lonyaka lika-R215 000 iminyaka emihlanu, imali yokukhokhela izindleko zokugula iminyaka emihlanu nemali yokuthutha bayohlala kwenye indawo nomnyeni wakhe.

UVavi uthe uzoxhumana nabameli bakhe athole ukuthi azikho yini izinyathelo angazithatha.

“Ngizoxhumana nabameli bami ukuthola ukuthi azikho yini izinyathelo esingazithatha ngendlela igama lami elidicilelwe phansi ngayo.”

Uthe ulivulile icala lokuqolwa njengoba lo wesifazane ebefuna le mali wathi amaphoyisa asingethe lolu daba.

“Kumele ngilungise le ndaba nonkosikazi nomndeni wami, nginethemba lokuthi nizonginika ithuba lokuthi ngikwenze lokhu ngasese.”

Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Susan Booysen waseNyuvesi iWits, uthe uVavi bekumele aqaphele njengoba ebegxeka kakhulu uhulumeni okhona ngesikhathi kubhekwe engqungqutheleni ye-ANC eMangaung.

Uthe ngalokho ubebonakala ukuthi weseke olunye uhlangothi ngokugxeka angahlonizi wathi ngomuso kuyomele agawule abheke. I-ANC ithe ngeke ize igxambukele kulolu daba, izoyekela iCosatu ukuthi ilusebenze ngaphakathi njengoba yenzile.

Imizamo yokuthola uNkk Phooko izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Khonamanjalo, i-ANC Women's League (ANCWL) izwakalise ukukhathazeka ngokuthi uNkk Phooko ubuye wasihoxisa isikhalo sakhe.

Ithe lokhu kuhlehlisela emuva imizamo yokulwa nesihlava sokudlwengulwa kwabesifazane nokuhlukunyezwa kwabo emsebenzini.

Kufe 5 emndenini ngombango wesoka

$
0
0

Kuqothwe amalungu omndeni amahlanu nemfuyo ngenxa yengxabano esuswe wumbango wesoka.

|||

LUNGI LANGA

KUQOTHWE amalungu omndeni amahlanu nemfuyo eMbongolwane eduze kwaseShowe ngenxa yengxabano esuswe wumbango wesoka.

Amalungu amahlanu omndeni wakwaMnyango abulawe ngesihluku kulandela ingxabano okusolwa ukuthi beyiphakathi kwendodakazi yakhona uLungelo Mnyango (17) okuthiwa ubebanga isoka noNkk Gcinekile Nsibande obulewe ngokudutshulwa emasontweni amabili edlule. UNkk Nsibande kuthiwa ubese ngumfelokazi.

UNkk Thulisile Mnyango (58), abantwana bakhe abane, uCebile (22), Lungelo (owaziwa ngoLungi) (17), Mlamuli (10), Qiniso (2) bashone ngempelasonto emuva kokuhlaselwa ngabantu okuthiwa bangamalungu omphakathi wakuleya ndawo. Badutshuliwe abanye bagencwa base beshiswa kusetshenziswa ibhomu likaphethiloli. Kuze kwabulawa ngisho izinkomo ezimbili ezitholwe zidindilize esibayeni zinamanxeba okudutshulwa.

Indodakazi kaNkk Mnyango, uNksz Thobile Mnyango (24), ebikhala iqandula ngesikhathi ifika kubo izolandisa abezindaba ngokwenzeke emndenini, ibilokhu ikhala ngonya nesihluku sabantu baseMbongolwane.

Ithe unina nezingane zakubo babulawe ngoba kusolwa ukuthi nguye owathenga abantu ababulale uNkk Nsibande obeyimbangi kadadewabo owadutshulelwa kwakhe ekhanda.

“Umama ungifonele ngesikhathi kusanda kubulawa uGcinekile wangitshela ukuthi kusolwa yena. Ngibe sengithi kungcono sikhuleke singene nasebhandeni ngalolu daba. Kuthe uma efihlwa uGcinekile ngoMgqibelo waphinde wafona umama wangicela ukuthi sibambe ibhande ngoba ethi usethola izinsongo kwamanye amalungu omphakathi. Bengingazi ukuthi ngingezwa sekuthiwa yena nezingane zakithi sebebulewe ngesihluku esingaka,” kusho uThobile.

Ngalobo busuku kufike iqulu labantu ladedela inhlamvu lase libulala uNkk Mnyango nezingane zakhe ezine nezinkomo.

Amalungu omphakathi acele ukuba amagama awo angadalulwa athe uGcinekile noLungi bebebanga isoka eliyinkosi.

Baphinde baveza ukuthi ngaphambi kokushona kukaNkk Nsibande, uNkk Mnyango nezingane zakhe okubalwa kuzo uLungi bazama ukushaya uNkk Nsibande. Kuthiwa uthe uma evikelwa ngelinye ilungu lomphakathi base bemsongela bethi akalibheke agcine. Ngokusho kwawo akuphelanga zinsuku kwahlaselwa kwabulawa uNkk Nsibande.

Ngosuku lomngcwabo kaNkk Nsibande kube sekuqothwa kwasani ebisemagcekeni emzini wakwaMnyango. Umyeni kaNkk Mnyango, uMnuz Madoda Mnyango (65), indodana yabo uMpendulo (19) nendodakazi uZodwa (14) yibo abasindile.

UThobile uziphikile izinsolo zokuthi bebebanga inkosi wathi bekuyindoda nje. Uthe okunye obekwenzeka ubengazi ngakho ngoba uhlala eStanger emsebenzini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe sekuboshwe abayisikhombisa ngalesi sigameko. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi eShowe namuhla.

Zigezwa ‘isinyama’ izintombi zabaThembu

$
0
0

Abesizwe sabaThembu sebezwakalise ukukhathazeka ngamantombazane alesi sibongo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

ABESIZWE sabaThembu sebezwakalise ukukhathazeka ngamantombazane alesi sibongo abathi abhekene nebhadi lokungawutholi umshado nosekuholele ekutheni bahlele umcimbi omkhulu ozoba seMsinga wokuwageza isinyama.

Lokhu kuvezwe nguSihlalo wekomiti labaThembu, uMnuz Vusi Mvelase, othe lesi sinqumo basithathe ngemuva kokubona ukuthi maningi amantombazane asebaThenjini aphumelele empilweni, amanye awaswele lutho kodwa angenayo inhlanhla yokuthola umshado.

“Esikutholayo wukuthi inkosi uNgoza wabaThembu owayelwa izimpi zikaShaka waze waya e-Eastern Cape, wayesebenzisa amantombazane alesi sibongo ezimpini nokwenza sibone ukuthi konke lokhu kwadala isinyama esesehlele esizukulwaneni.Yingakho sesinqume ukwenza umcimbi ozoba seMsinga ngeSonto ngo-Agasti 4, lapho sizobe sihlabe khona izinkomo nezimbuzi sigeza wonke umuntu wesifazane wakwaMthembu okungaba oyisihlobo noma ongowasekhaya,” kusho uMvelase.

Uthe kulo mcimbi bazoqale bayolanda umoya kaNgoza e-Eastern Cape njengoba sebelitholile ithuna lakhe lapho angxwatshwa khona.

Eqhuba uthe lo mcimbi uzoqala kusasa ebukhosini bakwaSigcawu lapho abazobe beye ethuneni likaNgoza bese bebuya bonke ngamabhasi balibhekise eMsinga.

Uthe uNgoza walwa izimpi eziningi noShaka nokwathi ngemuva kwalokho wafudukela e-Eastern Cape lapho afike wabulawa khona ngamaMpondo.

UNgoza bese kuphele iminyaka lingaziwa ithuna lakhe kanti kuthe ngokuhamba kwesikhathi abaThembu balithola ithuna lakhe ensimini eseduze komuzi wenkosi uSigcawu .

UMvelase uthe ngesikhathi bethola kwadingeka ukuba uSigcawu bamnike inkomo ukuze abakhombise ngoba kwase kuhluleke abantu abaningi abadala bezama ukucela ukuba bakhonjiswe kodwa uSigcawu engavumi.

Kulo mcimbi ozoba seMsinga kubhekwe amakhosi ehlukene abaThembu azobe evela ezindaweni ezahlukene okubalwa ne-Eastern Cape lapho kusabalele khona lesi sizwe.

UMvelase uthe bameme neSilo sabo uBuyelekhaya Dalindyebo osanda kuba sematheni ngokujoyina i-DA ukuba abe ngomunye wabazoza kulo mcimbi.

Libafuna bephumile endlini iphoyisa

$
0
0

Usuphila kanzima umndeni wakwaPhali KwaMakhutha okhala ngephoyisa elifuna ukuwukhipha ngoshova emzini wawo.

|||

MNCEDISI GOGE

USUPHILA kanzima umndeni wakwaPhali KwaMakhutha okhala ngephoyisa elifuna ukuwukhipha ngoshova emzini wawo kuleli lokishi ngoba lithi lawuthenga kwabomndeni abadala.

Ngokusho kwendodana yakulo muzi uMnuz Langelihle Phali (27), unina ongasekho wathenga umuzi ngokuhlanganyela nodadewabo ngo-1982. Uthe ngemuva kokudlula emhlabeni kukanina ngo-2006, udadewabo kanina abawuthenga naye umuzi ube eseqala ethi umuzi awudayiswe ngoba kuzoqubuka umbango uma sekufanele kuhlukaniswe imali.

“Sihlale nomamkhulu kwaze kwaba ngu-2012 kusukela umama eshonile. Ube esethenga umuzi wakhe kwenye indawo. Ngemuva kwalokho ube esesitshela ukuthi kuzomele siwudayise umuzi ngoba sizosuke sibange imali,” kulanda uPhali.

Uqhube wathi babe sebemtshela umamkhulu wabo ukuthi ngeke bakwazi ukudayisa umuzi ngoba abanayo enye indawo yokuhlala futhi abasebenzi.

“Umamkhulu ube eseqala ukusizonda. Sithe sisahleli sabona kufika umuntu lapha ethi usewuthengile umuzi. Ngimtshelile ukuthi ngeke yenzeke leyo nto ngoba mina akukho la ngisayine khona ukuthi umuzi siyawudayisa njengomuntu obhekele ingxenye kamama,” usho kanje.

Uthe iphoyisa Isolezwe elinalo igama lalo, libe selisonga lithi lo muzi ngowalo. Uqhube wathi libe selifika nabantu bafike babhidliza umuzi wakubo onamagumbi amathathu obusegcekeni walo obangwayo.

“Ubungabona udlame abebenalo. Bafike nezando namashizolo babhidliza umuzi bathi bayabuya ukuzokhipha ama-tiles bese beyawudayisa umuzi ngoba seliwuthengile iphoyisa,” kusho uPhali.

Eqhuba uthe: “Into edidayo ngukuthi izincwadi zikhomba ukuthi umuzi ngowakhe kodwa mina angikaze ngisayine lutho. Ngibe senginikela kubameli ngiyobuza ukuthi indlu ingaba kanjani egameni lakhe kodwa bafike bathi abameli angikhululeke ngeke akwazi ukungikhipha,” usho kanje.

Isolezwe lizibonile izincwadi ezikhombisa ukuthi umuzi usegameni lakwaPhali. Liphinde labona nenye ekhomba ukuthi umuzi usuwadayiswa kuvela ukuthi ungaphansi kwaleli phoyisa.

“Sihlala sibathathu lapha futhi asisebenzi sonke. Yingakho sithi umuzi asiwudayisi,” kusho uPhali.

Uqhube wathi ufuna ukuthi abantu abadayiselana indlu bakhokhelane bodwa ngoba bona abayi ndawo futhi abanayo enye indawo yokuhlala.

Ethintwa uNksz Nowase Phali, okusolakala ukuthi wadayisa umuzi ngesinyenyela ehlangene nomfowabo kaLangelihle omdala, uvele wabhoka ngolaka.

“Ngicela ningazingeni izindaba zabantu. Nitshele uLango lowo ukuthi umuzi angiwuthenganga nabamaphepha njengoba esegijima etshela wena nje,” esho egaklaza phansi ucingo.

Imizamo yokuthola iphoyisa ukuba liziphendulele iphunzile ngoba lithintwe izikhathi eziningi ucingo lwalo belungaphendulwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Vincent Mdunge, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokukhwabanisa elivuliwe wathi amaphoyisa asaphenya kodwa akekho osaboshiwe.

‘Yonile iCosatu ngokuveza igama lobesola uVavi’

$
0
0

ICosatu bekungafanele idalule igama lowesifazane obesola uMnuz Zwelinzima Vavi ngokumdlwengula.

|||

umfelandawonye wezinyunyana, iCosatu, bekungafanele udalule igama lowesifazane obesola uNobhala-jikelele womfelandawonye, uMnuz Zwelinzima Vavi (osesithombeni) ngokumdlwengula. Lokhu kushiwo yiSonke Gender Justice Network izolo.

“Sinxusa ukuba inyunyana ilikhiphe igama lakhe kwi-website yayo,” kusho isitatimende seSonke Gender Justice Network.

Siqhube sathi: “Phezu kokuba igama lobesolwa ngokudlwengula belisemphakathini, sicabanga ukuthi kungaba yinto enhle ukulisusa igama lowesifazane, ikhombise ukuthi iyahambisana nemikhankaso yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.”

I-Sonke Gender Justice Network ithe iphatheke kabi nangokuthi eminye imithombo yabezindaba imdalulile lona wesifazane phezu kokuba umthetho wemigomo yabezindaba weSouth African National Editors’ Forum ungakuvumeli lokho.

“Thina njengenhlangano ebhekelele amalungelo abantu besifazane sifuna ukuba udaba luxazululwe ngokushesha, iCosatu, abezindaba namaphoyisa balusingathe ngenye indlela.

UVavi uvumile ukuthi baya ocansini nowesifazane oshadile obesebenza emahhovisi eCosatu kodwa babevumelene.

Uthe owesifazane uzame ukumkhokhisa u-R2 million. Ulihoxisile icala abelibeke uVavi. – Intatheli yeSolezwe

Kunuka amanye amacala ‘kumalugaju’

$
0
0

Angase abekwe elinye icala lokubulala nelokweba osolwa ngokuba umalugaju wasoThongathi.

|||

BAWINILE NGCOBO

ANGASE abekwe elinye icala lokubulala nelokweba osolwa ngokuba umalugaju wasoThongathi obhekene namacala amathathu okubulala, amane okweba nelilodwa lokubamba inkunzi.

UMnuz Simphiwe Patrick Khoza (36) uvele enkantolo yeMantshi eVerulam izolo wahoxisa ukufaka isicelo sebheyili.

Kuvele ukuthi umbuso kukhona amacala amabili owaphenyayo, elokubulala nelokweba, okungase kuphele leli sonto esethweswe wona phezu kwasevele ebhekene nawo.

UKhoza ubhekene namacala okubulala oNksz Phindile Ndlovu waseHillcrest, Philisiwe Hlatshwayo waseNewcastle (44) noBongiwe Majozi (40) waseMgungundlovu. Ubekwe necala lokubamba inkunzi uNksz Hlatshwayo namane okweba.

UKhoza ungene enkantolo eboshwe ngamaketango ezinyaweni, ezifihle ngesigqoko sejakethi abeyigqokile ebalekela ukushuthwa nokubonwa ngabantu abebegcwele bethe phama.

Ungene abanye bezwakala bebiza igama likaJesu, abanye bethi akambulwe ubuso bafuna ukumbona. Imindeni yabesifazane ababulawa ebisuka eMgungundlovu, eHillcrest naseNewcastle ibikhona nayo enkantolo.

Abanye babo bezwakale sebekhala ngesikhathi umsolwa esemi ebhokisini esalindele ukungena kweMantshi.

Umshushisi u-Advocate Sagra Subrayan utshele inkantolo ukuthi bayaphikisana nebheyili futhi kungenzeka bengeze amanye amacala kulawa abekwe umsolwa.

Ummeli kaKhoza, uNksz Zanele Ndaba, utshele inkantolo ukuthi bayakuhoxisa ukufaka isicelo sebheyili, utshele inkantolo ukuthi umsolwa uthi akafundelwanga amalungelo akhe okuthula uma ethanda ngaphambi kokuthi enziswe isitatimende sokuvuma elinye lamacala abekwe wona.

“Ngo-Julayi 25 sithole ucingo kumsolwa ecela ukuthi sifike ngoba uzoyiswa kokhomba ezinye izinto ezingubufakazi. Siyile kuye nomunye engisebenza naye wasitshela ukuthi akaziswanga ngelungelo lakhe lokuthula,” kusho uNksz Ndaba.

Uthe uyashaywa futhi uphethwe ngesihluku esiteshini samaphoyisa oThongathi.

“Usitshele ukuthi ulala eboshwe ngamaketango, akavunyelwe ukuba nezivakashi, unqatshelwa nokugeza yize esecelile,” kusho uNksz Ndaba.

UNksz Ndaba uthe uKhoza uyesaba ukuthi uma engakwenzi okushiwo amaphoyisa uzoshaywa njengoba sekuke kwenzeka.

Uthe umsolwa usebhale incwadi eyodwa yokuvuma icala kodwa uthe okunye azokwenza uzobe ekwenza ngoba esaba hhayi ngoba ethanda ngoba abameli basuke bengekho uma sekuqhutshekwa nophenyo.

UNksz Ndaba uthe uKhoza ucela ukuyogcinwa ejele eWestville asuswe esiteshini samaphoyisa oThongathi ngoba uyasatshiswa.

UNksz Ndaba utshele inkantolo ukuthi uKhoza ngeke alivuma noma aliphike icala.

IMantshi uMnuz KG Chetty ithe uKhoza akumele enziswe noma yini eqondene nophenyo bengathintiwe abameli bakhe.

Leli cala lihlehliselwe u-Agasti 29 nonyaka ukuze kuqhutshekwe nophenyo lolibofuzo nokuphenywa kwalawa amanye amacala angase abekwe wona nokunye.


Umunyu kuvela ‘abaqothe abahlanu’

$
0
0

Kuvuke iminjunju nomunyu emalungwini omndeni wakwaMnyango ngesikhathi kuvela abasolwa ecaleni lokuqotha amalungu amahlanu alo mndeni ngempelasonto.

|||

SANDILE GUMEDE

KUVUKE iminjunju nomunyu emalungwini omndeni wakwaMnyango eMbongolwane ngesikhathi kuvela abasolwa ecaleni lokuqotha amalungu amahlanu alo mndeni ngempelasonto.

Omunye wabasolwa abayisikhombisa kuleli cala kuvele ukuthi ungaphansi ngeminyaka kwaphoqeleka ukuthi angaveli nabanye izolo enkantolo yeMantshi eNkanyezini, eShowe.

Lo msolwa oneminyaka engu-17 okungacaci noma usengumfundi yini akazange avele izolo kule nkantolo.

Abasolwa okunguMnuz Khishwa Nzuza (33), uMnuz Nkanyiso Magwaza (28), uMnuz Samkelo Mhlongo (25), uMnuz Njiniyela Shandu (25), uMnuz Sibusiso Nkwanyana (36) noMnuz Lucky Nzuza (30), banqatshelwe ibheyili yiMantshi uMnuz Pat Naicker njengoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa.

Laba bazogqunywa esitokisini kuze kube babuyela enkantolo ngo-Agasti 12.

Laba abayisikhombisa babhekene namacala amahlanu okubulala, amane okuzama ukubulala, elokucekela impahla kanye nokuthungela ngomlilo, umuntu ngamunye. Bonke laba basolwa becele ukusizwa ngommeli kahulumeni uNksz Nozipho Msane nothe usadinga isikhathi ukuxhumana nabantu abamele.

Ngesikhathi kungena abamangalelwa ilungu lomndeni uNksz Nobuhle Mnyango uvukwe umunyu ebona amadoda asolwa ngokuqotha umndeni wakhe. Kugcine kuphoqelekile ukuthi aphume ngaphandle kwenkantolo ekhihla isililo wagcina ngokuquleka.

Ubehamba nomfowabo uMpendulo owasinda ngokulambisa njengoba wayekhona kuhlaselwa umndeni wakhe, nowabona ababulala abantu bakubo.

UMpendulo obekuzwakala ukuthi ukhushukelwa wumoya ngenkathi kungena abasolwa ebhokisini, wakwazi ukupulukutsheka ngenkathi kuqothwa umndeni wakhe. Uyise uMnuz Madoda Mnyango, noZodwa (14) basinda ngokulambisa kulesi sibhicongo.

UNobuhle osebenza eGoli, nowayengekho ngenkathi kuhlaselwa uthi njengoba uyise esindile nje kodwa ulimele kanzima futhi kuzophoqeleka ukuthi alaxaze umsebenzi ukuze azomnakekela. Ngaphandle kwenkantolo kube nokujikijelana ngamazwi phakathi kukaMpendulo nomunye wesifazane okukholelwa ukuthi uyisihlobo somunye wabasolwa.

Lokhu kuhlasela, okubulawe ngisho ingane eneminyaka emibili kusolwa ukuthi bekuyisenzo sokuziphindisela njengoba kuthiwa kubangwa isoka, kodwa umndeni uyakuchitha lokhu.

UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi, uMnuz Willies Mchunu, uthi sibashaqisile lesi sehlo wathi likhona ithimba elijutshiwe ukuyolekelelana namaphoyisa njengoba kuqhubeka uphenyo.

“Ngishaqeke kakhulu ngesehlo esivelele umndeni wakwaMnyango kodwa sikushayela ihlombe ukuthi kukhona abasolwa asebebanjiwe nesethemba ukuthi kuzovela konke uma sebebuyela enkantolo. Sicela ukuthi abantu behlise umoya, badedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo. Likhona ithimba esilijubile ukuthi liyolekelela amaphoyisa,” kusho uMnuz Mchunu.

Uthe wethemba ukuthi lesi sehlo ngeke sidale impethu endaweni nokungagcina kwenze kwabanzima ukusebenza kwengalo yomthetho.

Yini ebenza bahluleke ukuvala uziphu?

$
0
0

Amakholwa ayathanda ukwenza umzekeliso ngoSamsoni owagundwa ikhanda nguDelilah owamcamelisa emathangeni maqede wadalula ukuthi imfihlo yamandla akhe isezinweleni.

|||

ZANELE MSOMI

AMAKHOLWA ayathanda ukwenza umzekeliso ngoSamsoni owagundwa ikhanda nguDelilah owamcamelisa emathangeni maqede wadalula ukuthi imfihlo yamandla akhe isezinweleni.

Abuye alinganise ngo-Eva owakhohliswa yinyoka wadukisa nendoda yakhe u-Adam baxabana noNkulunkulu.

Abanye bathi le mizekeliso ifakazela ukuba ntekenteke kwendoda uma ibhekene nowesifazane ngoba izisola emuva kwendaba sekonakele.

Yize le mizekelo ithathelwa eBhayibhelini, ibukeka ifana nokwenzeka emkhakheni wezepolitiki lapho amadoda ahlonishwayo engena emahlazweni, aphelelwe nayisithunzi ngenxa yokuhluleka wukulawula imizwa yawo uma kuya ocansini.

Abakuleli bashaqekile ngempelasonto kuvumbuka imibiko ethi uNobhala-Jikelele weCosatu, uMnuz Zwelinzima Vavi, usolwa ngokudlwengula owesifazane osebenza ehhovisi lakhe.

UVavi uziphikile izinsolo zokudlwengula wathi bebethandana, waxolisa emndenini nasesizweni.

Usole ukuthi lena yindlela yokumkhipha esikhundleni wathi lo wesifazane ubefuna amvale umlomo ngo-R2 million.

UVavi oshade noNoluthando ngo-2007 emuva kokudivosa noNikiwe, uvule icala lokukhwahlwa nelokwehliswa isithunzi ngokubhecwa ngezinsolo zokudlwengula. NgoMsombuluko ummangali usihoxisile isikhalo sakhe abesifake kwiCosatu. Akaze alivule icala emaphoyiseni.

UNksz Kubi Rama onguMqondisi enhlanganweni elwela amalungelo abesifazane iGender Links, uthe baphoxekile ngokwanda kwezigameko zabaholi abangawahloniphi amalungelo abesifazane.

Nokho akuqali ngoVavi ukuthi osesikhundleni esiphezulu kuleli atholakale ehlazweni lezocansi.

UMnuz Narend Singh owayenguNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezokuVakasha KwaZulu-Natal, washiya esikhundleni emuva kokusabalala kwe-video esocansini nowesifazane oshadile waseThekwini kwelinye lamahhotela.

UMnuz Jacob Zuma eseyisekela likamengameli wezwe wagqigqa enkantolo ngo-2006 ngezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-31 onegciwane lengculazi.

Lesi sigameko kwakuthiwa sizomqumba phansi kwezepolitiki njengoba kwakulindeleke athathe esobumengameli emuva kukaMnuz Thabo Mbeki.

Wavuma ukuthi walala nowesifazane kodwa waphika eyokudlwengula.

Kunokuba abe nesigcwagcwa uZuma wabonakala esekwa kakhulu, wanqoba nasokhethweni lobumengameli engqungqutheleni ye-ANC eLimpopo. Waphuma phambili ecaleni lokudlwengula.

Ngo-2011 kube wunyaka wezigameko zocansi emadodeni ahlonishwayo kuleli.

UNgqongqoshe wezeMidlalo uMnuz Fikile Mbalula wanekwa emaphepheni yisiphalaphala uNksz Joyce Molamu.

UNksz Molamu omodelayo, wageqa amagula ngobudlelwano babo nezocansi, wathi uMbalula wamkhulelisa wamnika no-R10 000 wokukhipha isisu.

UMbalula wavuma ukuthi wathandana noNksz Molamu kodwa wayiphika eyokumkhulelisa, kunalokho wasola itulo lokumqumba phansi.

Kwenzeke okufanayo kuNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Malusi Gigaba okwathiwa wayethandana nomngani wesinqandamathe sakhe, uGugu Nkosi.

Umyeni kaGugu wafuna amademeshe ka-R1.7 million kuGigaba ngokubhidliza umshado wakhe.

UGigaba walivuma iphutha waxolisa nakulona athandana naye uNksz Noma Mngoma.

Waba ngundabuzekwayo noMnuz Sicelo Shiceka owayenguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana ongasekho, esolwa ngokuba noxhaxha lwabesifazane ajola nalo komasipala.

Kwavela nokuthi wamosha imali yabakhokhi bentela etetemuka emahhotela abizayo evakashela isinqandamathe ebesiboshwe eSwitzerland.

Umhlaziyi wezepolitiki kuleli, uDkt Somadoda Fikeni, uthi kunzima ukuqinisekisa itulo kulezi zigameko kodwa ngeke uchithwe lowo mcabango ngoba osopolitiki bangenza noma yini ukuqumbana phansi.

Uthi yize abaningi beqhubeka ezikhundleni zabo emuva kwalezi zigameko, asisuki isihlava futhi kuyaphela ukwethembeka.

Uyakuphawula nokuthi kusuke kungelona ucansi kuphela kodwa kuhambisana nezinye izinsolo ezibucayi.

“Osopolitiki vele abakuphili lokhu abakukhulumayo. Okubi ngukuthi asinazo izinhlangano ezilwela abesifazane ezinamandla. Ezikhona zinake ukuthola izikhundla eziphezulu hhayi ukuvikela abesifazane,” kusho uFikeni.

Zibanethile nabaholi baphesheya njengoba noMnuz Bill Clinton waba sematheni ngezocansi esengumengameli eMelika ngo-1998.

Kwavela ukuthi wayethandana nentokazi uMonica Lewinsky (22) eyayisebenza ePhalamende neyathi bathandane iminyaka emithathu noClinton kodwa yena waphika nomkakhe uHillary wameseka.

Wangena ehlazweni noNgqongqoshe wezokuVikela eBritain uMnuz John Profumo owalala nomahosha.

NgoJuni nonyaka obenguNdunankulu wase-Italy uMnuz Silvio Berlusconi (76), ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ngokuthenga ucansi kowesifazane osemncane.

Ebhala kwi-Politicsweb, uSolwazi Bonke Dumisa, uthe amadoda awafuni ukufunda emaphutheni awo amadala nasemaphutheni enziwa ngamanye amadoda.

Uthe ucansi seluwise amadoda amaningi asezikhundleni eziphezulu okukhona kuwo ababhishobhi bamabandla, abefundisi, omengameli, othishomkhulu, amajaji, othisha, abameli, abasebenza emkhakheni wezimali nabezemidlalo.

Uthe cishe sisodwa kuphela isikhundla esingakaze sithelwe yileli hlazo – yileso sikaPhapha.

URama ukuchithile ukuthi izinhlangano zabesifazane kazenzi lutho.

“Ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane akumele kubhekiswe ezinhlanganweni zabesifazane kuphela. Umphakathi wonke uyathinteka, kumele sibambisane,” usho kanje.

Kudingidwa eyokufa komama

$
0
0

Kulindeleke ukuthi iqale namuhla ingqungquthela yomhlaba wonke ezobheka ukunakekelwa kwezingane ezincane nomama abakhulelwe.

|||

LUNGI LANGA

KULINDELEKE ukuthi iqale namuhla ingqungquthela yomhlaba wonke ezobheka ukunakekelwa kwezingane ezincane nomama abakhulelwe.

Le ngqungquthela ehlelwe yinhlangano yamazwe ase-Africa, i-African Union (AU) ngokubambisana nohulumeni izokuba eBirchwood Hotel, eGoli.

Izohanjelwa abaholi bezinhlangano ezahlukene okubalwa kuzo usihlalo weKhomishini ye-African Union, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma (osesithombeni), uMnuz Michel Sedibe ongumqondisi wenhlangano ebhekele ukulwa nokwanda kwegciwane lengculazi, i-UNAIDS. Ingqungquthela izobheka izindlela zokufinyelela emigomeni yomhlaba yokuqinisa ezempilo. Ngokwezibalo zenhlangano yezempilo umhlaba wonke, iWorld Health Organisation, usuku nosuku babalelwa ku-800 abantu besifazane abashona ngezizathu ezihambisana nokukhulelwa noma bashone bebeletha.

Cishe u-99% wezigameko zokufa komama zenzeka kumazwe asathuthuka kanti ukufa komama kuphezulu kakhulu ezindaweni zasemakhaya nakwezinye izindawo ezidla imbuya ngothi. Kulo mhlangano wezinsuku ezintathu kulindeleke ukuthi kuvele amasu okulwa nokwanda kwalezi zigameko zokushona komama abakhulelwe nezingane ezisanda kuzalwa.

Ngesikhathi ethula uhlelo lokulwa nokwanda kokushona komama abakhulelwe nezingane ezisanda kuzalwa, iCampaing to Accelerate the Reduction of Maternal Mortality in Africa (Carmma), uNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi wathi kubuhlungu ukuthi abesifazane bashona bezama ukuba nabantwana.

Ufihlele umkakhe eyolobola

$
0
0

Uyavutha owesifazane waseMgababa umyeni wakhe olobole isinyenyela entombini aseyikhulelisile.

|||

ZANELE MSOMI

UYAVUTHA owesifazane waseMgababa umyeni wakhe olobole isinyenyela entombini aseyikhulelisile njengoba ezwe ngomakhelwane sekuphothulwe namalungiselelo.

UNkk Thabile Ngwabe (27), usababaza isibindi kumyeni aseshade naye iminyaka eyisithupha, athi ubengakaze asole ukuthi kukhona akuhlela isinyenyela.

UNkk Ngwabe onezingane ezimbili noMnuz Sibonelo Ngwabe (31), uthi ubengazitsheli ukuthi umyeni angakhulelisa ngaphandle aze alobole.

Uzifikele kwiSolezwe ephelezelwa ngabanakwabo uNkk Pinky Ngwabe noNkk Nonjabulo abebekhona ngeSonto bezama ukuvimba uMnuz Ngwabe ukuthi ayolobola ekhweni elisha.

UNkk Ngwabe uthi bekuhamba kahle emshadweni nendoda ingakaze ilale ngaphandle. Uthuke woma ngoLwesine imtshela ukuthi isiyenze umonakalo ngaphandle.

“Ngiqale ngathi ngeke ngiyamukele leyo ngane yangaphandle. Ngibuye ngathi ngizoyamukela kodwa izimpahla zokuhlawula kumele zithengwe yimi,” kusho yena.

Umyeni umtshele ukuthi ekhweni akhulelise kulo bayamshusha bafuna azohlawula futhi basabisa nokuxosha intombi (20), ayikhulelisile.

Uthe uzwe ngomakhelwane ukuthi ngoLwesine abikelwe ngalo, umyeni ubethumele abafana beyohambisa inkomo yehlawulo ekhweni. Bamtshele nokuthi akayi ukuyohlawula ngeSonto kodwa uyolobola.

UNkk Ngwabe uvukele emzini ngeSonto efuna ukuyozibonela ngoba izimpahla bezizophumela khona, wahlangatshezwa yimbuzi ikhulekwe egcekeni.

Uthi umyeni akatshelanga ngisho abafowabo. Kusuke esinamathambo ngeSonto uNkk Ngwabe nabanakwabo bezama ukuvimba ukuthi kuyolotsholwa. Amaphoyisa abizwe nguye nomyeni obefuna amphelezele ayolobola, athe ayingangawo kungcono indaba ilungiswe wumndeni.

“Bengifuna ukugibela ngenkani emotweni ngifuna ukuyozibonela ehambisa izimpahla. Ngize ngalimala ngihudulwa yimoto.”

Kuthiwa izimpahla zomembeso zihambe sekuhlwile zingasaphelele ezinye sezidabukile kudonsiswana ngazo.

NgeSonto uNgwabe kuthiwa akalalanga ekhaya uze wabuya ngakusasa esecela uxolo.

UNkk Ngwabe uthi ngeke ahlukane nomyeni kodwa ucikwa ukwenziwa inhlekisa.

Izolo uthe kumanje balala ngokuhlukana nomyeni wakhe futhi nomndeni awukaze ubize umhlangano ukuzobhunga lolu daba.

Umyeni wakhe uvale ucingo ngesikhathi ethintwa yintatheli. UMnuz F Ngwabe onguyise kamkhwenyana, onqabile negama, uphikile ukuthi ubehlela nendodana amalobolo.

“Uma leyo ndaba izofaka mina ephepheni ngizobopha omakoti neSolezwe, sizoyisana kude kabi. Omakoti abalotsholwa ngemali yami ngeke bayongifaka ephepheni ngingazi, kusho ukuthi akubona abakwami labo,” usho kanje.

Ichitha imibiko ngesibhicongo inkosi

$
0
0

Inkosi yesizwe sakwaNtuli iyakuchitha ukuthi ibinobudlelwano nowesifazane wakwaMnyango, nokuthi lokho kube yimbangela yesibhicongo sokubulawa kwamalungu amahlanu alo mndeni.

|||

SANDILE GUMEDE

INKOSI yesizwe sakwaNtuli, eMbongolwane, eShowe, uSithembiso Ntuli iyakuchitha ukuthi ibinobudlelwano nowesifazane wakwaMnyango, nokuthi lokho kube yimbangela yesibhicongo sokubulawa kwamalungu amahlanu alo mndeni kwashiswa nomuzi kubangwa yona.

Inkosi uNtuli (39) ikusho lokhu izolo ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuThutha, ezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ehambele le ndawo eyohlanganisa amehlo namalungu omndeni wakwaMnyango asinda kulokhu kuhlasela. Isimo besishubile ngesikhathi uNgqongqoshe ekule ndawo.

Ngesikhathi uMchunu nethimba lakhe bekulo muzi behlola umonakalo, inkosi uNtuli ibingaphandle kwamagceke njengoba ngokwesikhundla sayo sokuba ngumholi wendabuko ibingeke ingene kulo muzi njengoba kusehle ifu elimnyama. UMchunu ubephelezelwa yizinduna zenkosi nazo ebezisababaza umhlola. Kamuva uMchunu ube nomhlangano namalungu omphakathi esikoleni sendawo.

Inkosi ithe okuvele emaphepheni ngayo akusilo iqiniso, yathi nayo iyayibabaza le nhlekelele eyehle esizweni sayo nokuyinto ethi ayikaze yenzeke ngisho kusabusa omkhulu bayo.

“Le mibiko yokuthi mina benginobudlelwano nentombazana yalapha ekhaya ayisilo iqiniso. Mina umuntu engijwayelene naye ubaba wekhaya, nokuyinto endala njengoba nobaba wami wayejwayelene naye,” kusho inkosi uNtuli.

Ithe le mibiko evelile iyibeka kabi njengoba ithi akekho oke weza kuyona ezobuza mayelana namahemuhemu agcwele izwe lonke.

“Okuthinta mina nengane yalapho angikwazi ngakho ngiyakuphika njengoba sengipendwa nje,” isho kanje.

Njengoba kuthiwa kukhona abantu asebephenduke izinyamazane, babaleka emakhaya, ngenxa yokusaba ukuthi bazokwenziwa isilo sengubo, nenkosi ithe kwayona ayiphephile uma kunje.

“Nami angiphephile uma kunje. Anginabo onogada futhi nasemzini wami abekho abaqaphi sengithembe uNkulunkulu,” ibeke kanje.

Inkosi uNtuli ayiganiwe.

UMchunu uthe lokhu kuhlaselwa kuyizinkomba zokulahleka kobuntu kubantu baKwaZulu-Natal njengoba esanda kuya kwaNongoma eyokhuza udlame obese luqede abantu.

“Ngisho ngabe bekwenzekeni kodwa lokhu akwamukelekile. Inkinga esibhekene nayo wukuthi abantu bakithi baqeqesheke ngendlela embi. Umuntu onjani ongenza into enje?” kusho uMchunu.

“Njengoba sibona izindonga ezishile nje, azisho lutho, kunemiphefumulo eminingi kangaka elahleke emzini owodwa, okubalwa nengane encane,” kuqhuba uMchunu.

Uphethe ngokuthi enye yezimbangela zodlame wukwanda kwabantu abanezibhamu njengoba izolo kade kucekelwa phansi izibhamu ezingu-19 000 zaseKZN nase-Eastern Cape.

Ngokusho kukaNksz Nobuhle Mnyango, ongomunye wabasele kuleli khaya, uyise uMnuz Madoda Mnyango uyelulama esibhedlela emva kokusinda kulesi sibhicongo. Inkonzo yokufihla amalungu omndeni izoba ngempelasonto.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live